Lapho UJehova Efundisa Amakhosi Izifundo
“Yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.”—DANIYELI 4:37.
1. Kukusiphi isici sikaJehova uElihu adonsela kuso ukunakekela?
“BHEKA, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?” Lawomazwi kaElihu ayeqondiswe kuJobe ohluphekayo adonsela ukunakekela kwesinye sezici eziyingqayizivele zoMdali, uJehova uNkulunkulu. Akekho ongaqhathaniswa naye uma kuziwa ekufundiseni abanye.—Jobe 36:22.
2, 3. (a) Isiphi esinye sezifundo uJehova akuthole kudingekile ukusifundisa abantu? (b) Ubani esikhathini sikaMose ongumbusi uJehova okwadingeka amfundise lesifundo, futhi wasebenzisani? (c) UJehova uyiphawula kaningi kangakanani eZwini lakhe injongo yakhe yokufundisa abantu lesifundo?
2 Phakathi kwezinto okuye kwadingeka ukuba uNkulunkulu azifundise abantu nezizwe ubuhlobo babo obufanele naye. Lokhu kuqokonyiswa amazwi omhubi uDavide kumaHubo 9:19, 20: “Vuka, Jehova! Mawungavumi ukuba abantu bahlule; abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho. Mabashaywe luvalo, Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje.”
3 UFaro wesikhathi sikaMose wayephakathi kwababusi bomhlaba uJehova uNkulunkulu akuthola kudingekile ukubafundisa lesifundo. UNkulunkulu wenza kanjalo ngokusebenzisa izinhlupho azithumelela abaseGibithe. Ngaphezu kwalokho, uJehova watshela lowoFaro ozidlayo: “Kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.” (Eksodusi 9:16) Ngaphezu kwalokho, ngezikhathi ezingaphezu kwezingama-70, kusukela kuEksodusi 6:7 kuya kuJoweli 3:17, uJehova uthi eZwini lakhe uyokwenza imisebenzi efanayo yamandla ukuze amakhosi, abantu, nezizwe bamazi ukuthi unguJehova, oPhezukonke emhlabeni wonke.
4. Esikhathini sikaDaniyeli, yibaphi ababusi abathathu abafundiswa uJehova, futhi wasebenzisani?
4 Izibonelo eziningi eziphawulekayo ezibonisa indlela uJehova afundisa ngayo amakhosi zilotshwe encwadini kaDaniyeli. Lababusi babengoNebukadinesari, uBelishasari, noDariyu. Wabafundisa nini? Cishe kuphakathi kuka-617 B.C.E. no-535 B.C.E. Futhi kanjani? Ngokusebenzisa amaphupho nezincazelo zawo nangokubonisa amandla akhe. UJehova wabafundisa lababusi abangabantu ukuthi uyiNkosi ePhakeme yendawo yonke nokuthi babemane nje bengabantu abangelutho—izifundo lezo ababusi bezwe banamuhla okuyodingeka bazifunde.
5. Kungabuphi ubufakazi labo abangabaza ubuqiniso bencwadi kaDaniyeli abangaboniswa ngabo ukuthi banamanga?
5 Kodwa ingabe ubuqiniso bencwadi kaDaniyeli abungatshazwa yini abagxeki abaningi bosuku lwanamuhla? Ekuphenduleni labagxeki, esinye isazi seBhayibheli saphawula kahle: “Isikisela ukuthi izimangaliso, igomele ukuthi iziprofetho, zalotshwa uDaniyeli umuntu onjengathi. Khona-ke kungaba ukuthi sinezimangaliso eziyiqiniso nesiprofetho esiyiqiniso, noma kufanele singabi nalutho ngaphandle kwamanga.” (Daniel the Prophet, ebhalwe nguE. B. Pusey, ikhasi 75) Ingani ngokuphindaphindiwe umlobi walencwadi uyazichaza, njengokuthi, “mina-Daniyeli”! (Daniyeli 8:15; 9:2; 10:2) Ingabe konke lokhu kwakuwubuqili bokuphamba? Iqiniso liwukuthi ngaphambi kwengxenye yokuqala yekhulu le-18 leminyaka, amaJuda noma amaKristu awazange akungabaze ukuthi ubani owaloba incwadi kaDaniyeli. Nokho, okunesisindo esengeziwe kunombono wanoma yisiphi isazi seBhayibheli sanamuhla ubufakazi obungokomBhalo ngokuphathelene nencwadi kaDaniyeli. Ngakho, sithola uDaniyeli ephawulwa izikhathi ezintathu encwadini kaHezekeli. (Hezekeli 14:14, 20; 28:3) Ubufakazi obuwujuqu kunabo bonke ngamazwi kaJesu, iNdodana kaNkulunkulu, njengoba elotshwe kuMathewu 24:15, 16: “Nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele—ofundayo makaqaphele—khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni.”a
UNebukadinesari Ufunda Ukuthi Ngubani OnguNkulunkulu Weqiniso
6. Yini okungenzeka yabangela ukuzidla kwenkosi yaseBabiloni, futhi yini eyayisho ngokwayo ezincwadini zayo?
6 Njengoba umprofethi uIsaya ebonisa, amakhosi aseBabiloni ayengamadoda azidla kakhulu. (Isaya 14:4-23) UNebukadinesari futhi wayengumuntu owayethanda inkolo kakhulu. Ezincwadini zakhe wakhuluma ‘ngemisebenzi yakhe yokwakha nokunakekela kwakhe onkulunkulu baseBabiloni.’ Akungabazeki ukuthi kwamenza waqhosha ukuthi wayephumelele ekunqobeni iJerusalema nalo lonke iJudiya ngemva kokuba uSaneheribi ehluleke ngendlela edabukisayo emzamweni wakhe wokwenza lokhu.
7. Yikuphi okuhlangenwe nakho okulandiswe kuDaniyeli isahluko 1 okwakufanele kufundise uNebukadinesari ukuba ahloniphe uNkulunkulu wamaHeberu?
7 Ngemva kokuba uDaniyeli nabangane bakhe abathathu abangamaHeberu bevele phambi kukaNebukadinesari, ngokuqinisekile wayenesizathu sokuhlonipha uNkulunkulu wabo, ngoba “ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.” Yebo, amadoda ahlakaniphile ayenoJehova njengoNkulunkulu wawo abadlula kakhulu bonke labo ababekhulekela abanye onkulunkulu. Akunakwenzeka ukuthi uNebukadinesari wahluleka ukuphawula leloqiniso.—Daniyeli 1:20.
8. UJehova wasebenzisani ekudaluleni izihlakaniphi zaseBabiloni njengezingenalo ulwazi olukhethekile?
8 UJehova wayenokuningi kokukufundisa iNkosi uNebukadinesari. Isifundo esilandelayo silotshwe kuDaniyeli isahluko 2. UNkulunkulu wabangela inkosi ukuba iphuphe iphupho elisabisayo wabe esenza ukuba ilikhohlwe. Leliphupho layithusa kakhulu inkosi yaseBabiloni, futhi yabiza zonke izihlakaniphi zayo ukuba ziyitshele iphupho nencazelo yalo. Yebo, azizange zikwazi ukwembula iphupho, kungasaphathwa ukunikeza incazelo yalo, ngaleyondlela zivuma buthule ukuthi zazingenalo ulwazi olukhethekile. Lokhu kwenza inkosi yathukuthela kangangokuba yayaleza ukuba zibulawe zonke. Lapho uDaniyeli nabangane bakhe betshelwa ngalesimemezelo senkosi, uDaniyeli wacela isikhathi esithile, anikezwa sona. Khona-ke yena nabangane bakhe abathathu bakwenza kwaba yindaba yomthandazo oqotho, umphumela waba ukuthi uJehova walembula iphupho nencazelo yalo kuDaniyeli.—Daniyeli 2:16-20.
9. (a) Ubani kuphela owakwazi ukuchaza iphupho likaNebukadinesari, futhi iyiphi incazelo yalo Lowo ayinikeza? (b) Ngenxa yalokho, inkosi yafinyelela siphi isiphetho?
9 Lapho uDaniyeli elethwa phambi kwenkosi, uNebukadinesari wambuza: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?” Ngemva kokukhumbuza inkosi ezidlayo ukuthi izihlakaniphi zayo azikwazanga ukuyitshela imfihlo yephupho layo nencazo yalo, uDaniyeli wathi: “Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakubakhona ngezinsuku ezizayo.” Eqhubeka, uDaniyeli watshela inkosi ngesithombe esikhulu eyayiphuphe ngaso nokuthi sasisho ukuthini. Inkosi yahlatshwa umxhwele kakhulu kangangokuba yamemezela: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa lemfihlakalo.” Ngakho uJehova wafundisa iNkosi uNebukadinesari ukuthi nguYe yedwa onguNkulunkulu weqiniso.—Daniyeli 2:26, 28, 47.
10, 11. (a) Ekuzidleni kwayo okukhulu, yenzani iNkosi uNebukadinesari, okwalandelwa yimuphi umyalo? (b) Ngokwenqaba ukulalela umyalo wenkosi, iyiphi inselele eyaphakanyiswa amaHeberu amathathu, futhi kwaba namuphi umphumela?
10 Nakuba iNkosi uNebukadinesari ngokungangabazeki yahlatshwa umxhwele ulwazi nenhlakanipho kaNkulunkulu wamaHeberu, yayisenokuningi kokukufunda. Ngokuzidla kwayo, yayaleza ukuba kumiswe isithombe esikhulu segolide ethafeni laseDura. Isithombe sasiyizingalo ezingama-60 ukuphakama nezingalo eziyi-6 ububanzi, okusikhumbuza ngesibalo u-666 esiwuphawu ‘lwesilo sasendle’ sikaSathane esiphawulwe kusAmbulo 13:18. (Ingalo cishe ingu-0,5 wemitha, isithombe sasicishe sibe ngamamitha angama-27 ukuphakama nangama-2,7 ububanzi.) INkosi yayaleza ukuba zonke izikhulu zombuso wayo ‘zize ekwahlukaniselweni kwesithombe’ futhi yayaleza ukuthi lapho kukhala izinsimbi zomculo, zonke kwakumelwe ziwe phansi zikhulekele isithombe. Ezinye izikhulu zamaKaledi ezinomhawu, ziphawula ukuthi amaHeberu amathathu ayekhona ngalesosikhathi awazange ahlanganyele kulomkhosi, zawaceba enkosini.—Daniyeli 3:1, 2.
11 Lokhu kwakuyindaba engathi sína ukudlula zonke kuNebukadinesari, ngoba wayeke waqhosha ngokuthi yena “nguye owabeka emlonyeni wabantu inhlonipho ngonkulunkulu abakhulu.” Ngakho, kokubili ubukhulu bombuso kaNebukadinesari nentshiseko yakhe ngenkolo kwakoniwe kakhulu. Isabela ngolaka nangentukuthelo, lenkosi ezidlayo yanikeza amaHeberu amathathu elinye ithuba kodwa ngalombandela ongujuqu: “Uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona lesosikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; [yi]muphi lowonkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?” Nokho, uNebukadinesari kwadingeka ukuba abone ukuthi uNkulunkulu wawo wayekwazi ngempela ukophula izinceku zaKhe esandleni senkosi engelutho nokuthi akekho omunye unkulunkulu ongakwazi ukophula njengoNkulunkulu wamaHeberu.—Daniyeli 3:15.
Iphupho Lomuthi
12, 13. (a) Iyiphi incazelo uDaniyeli ayinikeza uNebukadinesari ngokuphathelene nephupho lakhe lomuthi? (b) INkosi uNebukadinesari yabonisa kanjani ukuthi incazelo yephupho ayibanga nethonya elithobisayo kuyo?
12 Kwakuyokuthinta kanjani ukufunda lezozifundo? Ngokusobala, lezifundo ezintathu azizange zanele ukuba zenze iNkosi uNebukadinesari iyazi indawo yayo. Ngakho uJehova kwadingeka ayifundise esinye futhi isifundo. Nakuso futhi, kwakuhileleke iphupho, futhi, akekho noyedwa wezihlakaniphi zaseBabiloni owakwazi ukulichaza. Ekugcineni, kwabizwa uDaniyeli, futhi wakwazi ukutshela inkosi incazelo yephupho, okungukuthi, iminyaka eyisikhombisa yayizophila ‘njengesilwane sasendle,’ bese ingqondo yayo ibuyela kuyo.—Daniyeli 4:1-37.
13 Kulokho okwalandela, kusobala ukuthi iphupho lahluleka ukuba nethonya elithobisayo kuNebukadinesari. Ngakho, cishe ngemva konyaka, lapho inkosi ihambahamba endlini yayo yobukhosi, yaqhosha ngokuzidla: “Angithi yileliBabele elikhulu engilakhile libeyindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe-ludumo lobukhosi bami, na?” Yeka ukuzidla! Ngakho kwenzeka ukuthi ngaso lesosikhathi kwezwakala izwi livela ezulwini litshela umbusi ozidlayo ukuthi umbuso wakhe wawuzothathwa kuye futhi wayezohlala nezilwane zasendle izikhathi eziyisikhombisa, “uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu.”—Daniyeli 4:30-32.
14. Lagcwaliseka kanjani iphupho lomuthi, futhi kwaba namuphi umphumela kuNebukadinesari?
14 Ngemva kokuba uNebukadinesari ephile njengesilwane lezozikhathi eziyisikhombisa, noma iminyaka, uJehova wabuyisela ingqondo yakhe futhi kwadingeka avume ‘ukuthi akakho ongavimbela isandla soPhezukonke noma athi kuye: Wenzani na?’ Ngaphezu kwalokho, umbusi waseBabiloni wabonisa ngokuqhubekayo ukuthi wayesifundile isifundo sakhe, ngokuba athi: “Mina-Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla”—njengoba inkosi yayenzile—“inamandla okubathobisa.” Ingabe bonke ubufakazi obunjalo mayelana nendlela uJehova ayilungisa ngayo ngokuphindaphindiwe impikiswano yobukhosi bona ngokwabo abubona yini ubufakazi bezimo bokuthi lokhu kulandisa akuyona nje into eqanjwe ukuzicabangela kothile kodwa kungumsebenzi wombhali ophefumlelwe uNkulunkulu ukuba alobe umlando ongokoqobo?—Daniyeli 4:35, 37.
UBelishasari Ubona Umbhalo Wesandla Odongeni
15. UBelishasari wayibonisa kanjani indelelo ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova?
15 Enye inkosi uJehova aba nesikhathi sokuyifundisa kwakunguBelishasari. Wayeyindodana yeNkosi uNabonidasi futhi ebusa kanye nayo, yona ilandela uNebukadinesari. Ngenkathi yedili elikhulu, uBelishasari waba nesibindi sokuyaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide uyisemkhulu ayezithathe ethempelini likaJehova eJerusalema ukuze yena, izinduna zakhe, omkakhe, nezancinza zakhe baphuze ngazo. Ngakho “baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.”—Daniyeli 5:3, 4.
16, 17. (a) UJehova wasebenzisani ukuze agxilise ukwesaba kuBelishasari? (b) Iyiphi incazelo uDaniyeli ayinikeza ngokuphathelene nombhalo wesandla odongeni, futhi yaba kanjani yiqiniso?
16 Isikhathi sikaNkulunkulu sase sifikile sokuba aphelise ukubusa kwaseBabiloni. Ngakho, wenza ukuba kuvele umbhalo wesandla ongaziwa odongeni. Lesimangaliso sayithusa kakhulu inkosi kangangokuba yayaleza ngalesosikhathi ukuba kubizwe zonke izihlakaniphi zayo ukuba zizowuchaza. Asikho nesisodwa esakwazi. Khona unina wayikhumbuza ukuthi uDaniyeli, owayechaze amaphupho kaNebukadinesari, wayengase akwazi ukuchaza umbhalo wesandla. (Daniyeli 5:10-12) Lapho ebizwa futhi ebuzwa ukuthi angakwenza yini lokhu, uDaniyeli wakhumbuza inkosi ngendlela uNkulunkulu ayethobise ngayo uyisemkhulu ozidlayo ukuze azi ukuthi oPhezukonke unguMbusi emibusweni yabantu.—Daniyeli 5:20, 21.
17 UDaniyeli waqhubeka etshela uBelishasari: “UNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.” (Daniyeli 5:23) Ngakho umbhalo wesandla wasebenza njengesixwayiso kulombusi waseBabiloni sokuthi izinsuku zokubusa kwakhe zase zifike ekupheleni kwazo, nokuthi wayelinganisiwe wafunyanwa entula, nokuthi umbuso wakhe wawuzonikezwa amaMede namaPheresiya. Futhi ngalobo busuku, ngemva kokuba uJehova efundise leyonkosi ezidlayo lesifundo esasidingeka kakhulu, uBelishasari, inkosi yamaKaledi, wabulawa.—Daniyeli 5:30.
18. UJehova uyosebenzisani ukuze afundise ababusi bomhlaba banamuhla izifundo ezifanayo ngokuphathelene nobukhosi namandla akhe okusindisa?
18 Njengoba uJehova afundisa amakhosi azidlayo uNebukadinesari noBelishasari izifundo ngobukhosi bakhe nangamandla okusindisa, kanjalo eArmagedoni uNkulunkulu uyokwenza bonke ababusi bomhlaba bazi ukuthi unguMbusi oPhakeme, iNkosi yeNdawo Yonke engumninimandla onke. Ukuphila kwakho kuyothinteka. Kanjani? Ngoba ngalesosikhathi uJehova futhi uyohlenga izinceku zakhe ezithembekile, njengoba akhulula amaHeberu amathathu esithandweni somlilo.—Daniyeli 3:26-30.
UDariyu Ufunda Ngamandla KaJehova Okusindisa
19, 20. Isiphi isenzakalo ekuphileni kukaDaniyeli esafundisa uDariyu ngamandla kaJehova okusindisa?
19 UDaniyeli isahluko 6 usitshela ngesinye isenzakalo lapho uJehova afundisa khona inkosi uDariyu isifundo—samandla kaNkulunkulu okusindisa. Uzungu lwaluphumele ekubeni inkosi iphonse uDaniyeli emphandwini wezingonyama, ngokuphambene kakhulu nentando yaleyonkosi. Yayingeyona eyayiziphakamisa ngokuzidla ngokumelene noNkulunkulu weqiniso. Ngokuthakazelisayo, nakuba uDariyu aqinisekisa uDaniyeli ngokuthi uNkulunkulu wakhe wayezomkhulula, eqinisweni akabonakalanga ekukholelwa lokhu ngokugcwele. Ngaphandle kwalokho, kungani ayengaqwasha ubusuku bonke futhi akhathazeke kuze kube sekuntweleni kokusa, ngesikhathi agijimela ngaso emphandwini wezingonyama? Wabe esememeza: “Daniyeli, wena-nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?”—Daniyeli 6:18-20.
20 Yebo, uNkulunkulu wayekwazile ukumvikela uDaniyeli. INkosi uDariyu yayijabule kakhulu kangangokuba yakhipha lesimemezelo: “Ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube-phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa . . . uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”—Daniyeli 6:26, 27.
21. (a) Izahluko zokuqala eziyisithupha zencwadi kaDaniyeli zinikeza izibonelo zani eziphawulekayo? (b) Yimuphi umphumela umlando ogciniwe walezizinto okufanele ube nawo kithina?
21 Izahluko zokuqala eziyisithupha zencwadi kaDaniyeli ngempela zisinikeza izibonelo eziphawulekayo ezibonisa indlela uJehova, eshiseka—yebo, enomhawu—ngegama lakhe afundisa ngayo amakhosi anamandla alomhlaba ukuthi ngempela unguSomandla, iNkosi yeNdawo Yonke, onamandla okuthobisa ababusi abazidlayo lapho ekhulula izinceku zakhe ezithembekile. Lokhu kulandisa kufanele kugxilise kithina ukwesaba okunempilo ngoNkulunkulu nenhlonipho ngamandla angaphezu kwawo wonke nobukhosi bukaJehova. Ngesikhathi esifanayo, lombhalo ogciniwe ophefumlelwe uqinisa ukholo kakhulu ngoba unikeza izibonelo eziqhamile zezinceku zikaJehova uNkulunkulu ezabonisa ukholo olukhulu nesibindi, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa ngokucacile.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda, kaOctober 1, 1986, amakhasi 3-7.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yisiphi isifundo okuye kwadingeka uJehova asifundise ababusi bomhlaba?
◻ Yini engashiwo ngobuqiniso bencwadi kaDaniyeli?
◻ Yisiphi isifundo esathobisa iNkosi uNebukadinesari ngokuqhubekayo?
◻ Ukufundisa kukaJehova amakhosi izifundo kufanele kube namuphi umphumela kithina?