Imibuzo Evela Kubafundi
▪ Ingabe isivumelwano soMthetho saphela lapho uJesu efa esigxotsheni, futhi sathathelwa nini indawo yisivumelwano esisha?
Abaningi baye babuza lemibuzo, becabanga ngezenzakalo ezintathu: Ukufa kukaJesu esigxotsheni sokuhlushwa ntambama ngoNisan 14, 33 C.E., ukuletha kwakhe inani legazi lokuphila kwakhe ezulwini, nokuthulula kwakhe umoya ongcwele ngosuku lwePentekoste ngo-33 C.E. NgokomBhalo, isivumelwano soMthetho saphela futhi sathathelwa indawo yisivumelwano esisha ngePentekoste. Masibone ukuthi kungani lokhu kunjalo.
UJehova wabikezela ukuthi, ngesikhathi esifanele, wayezokwenza ukuba isivumelwano soMthetho sithathelwe indawo ‘yisivumelwano esisha’ esasiyokwenza ukuba isono sithethelelwe ngokuphelele, okwakuyinto eyayingenakwenzeka ngaphansi koMthetho. (Jeremiya 31:31-34) Lokho kuthathelwa indawo kwakuyokwenzeka nini?
Isivumelwano esidala, isivumelwano soMthetho, kwakudingeka okokuqala sisuswe endleleni njengesesiyifezile injongo yaso. (Galathiya 3:19, 24, 25) Umphostoli uPawulu wabhala: [UNkulunkulu] esithethelela zonke izono zethu: esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela [esigxotsheni sokuhlushwa, NW].” (Kolose 2:13, 14) Ingabe lokho kusho ukuthi ngesikhathi uJesu efa, isivumelwano soMthetho sathathelwa indawo isivumelwano esisha?
Cha, ngoba isivumelwano esisha kwakufanele siqaliswe ngegazi lomhlatshelo ofanelekile nangesizwe esisha, uIsrayeli ongokomoya. (Heberu 8:5, 6; 9:15-22) UJesu wavuswa ngoNisan 16, futhi izinsuku ezingama-40 kamuva wenyukela ezulwini. (IzEnzo 1:3-9) Ezinsukwini eziyishumi ngemva kokunyuka kwakhe, noma ngosuku lwePentekoste, uJesu wathululela phezu kwabafundi bakhe ‘uMoya oNgcwele othenjisiwe’ ayewuthole kuYise, kwase kuqala ukuba kube khona uIsrayeli ongokomoya. (IzEnzo 2:33) Esebenzisa uMlamuleli, onguJesu Kristu, uNkulunkulu wenza isivumelwano esisha noIsrayeli ongokomoya.
Ngenxa yalezinto ezihlangene, kungasiphi isikhathi lapho isivumelwano soMthetho sathathelwa khona indawo yisivumelwano esisha?
Umuntu ngeke athi uMthetho waphela ngokufa kukaJesu. Phakathi nezinsuku ezingama-40 ngemva kokuba uJesu evuselwe ekuphileni komoya kodwa esesemhlabeni, abafundi bakhe babesawugcina uMthetho. Ngaphezu kwalokho, isici esibalulekile soMthetho sasiwukuya kompristi omkhulu eNgcwelengcwele kanye unyaka ngamunye. Lokho kwakufanekisela ukuvuselwa kukaJesu emazulwini. Lapho, phambi kukaNkulunkulu, yena njengoMlamuleli wesivumelwano esisha, wayenganikela ngenani lomhlatshelo wakhe wesihlengo. (Heberu 9:23, 24) Lokhu kwavulela isivumelwano esisha indlela yokuba siqaliswe ngokomthetho ekugcwalisekeni kukaJeremiya 31:31-34.
Isivumelwano esisha saqala ukusebenza lapho uJehova ethatha isinyathelo ngokuvumelana nokwamukela kwakhe umhlatshelo wesihlengo. Wathululela umoya wakhe ongcwele phezu kwabafundi abathembekile bakaJesu ukuze akhe isizwe esisha, uIsrayeli ongokomoya, esakhiwa yilabo abasesivumelwaneni soMbuso. (Luka 22:29; IzEnzo 2:1-4) Lokhu kwabonisa ukuthi uNkulunkulu wayesisulile isivumelwano soMthetho, ngokomfanekiso esibethela esigxotsheni uJesu afa kuso. Ngakho isivumelwano soMthetho saphela lapho ukusebenza, noma ukuqalisa, ngokomthetho kwesivumelwano esisha kwenzeka ekuzalweni kwesizwe esisha, uIsrayeli ongokomoya, ngePentekoste lika33 C.E.—Heberu 7:12; 8:1, 2.
Ngale kwaleyompendulo eyinhloko yombuzo, singaphawula ukuthi uNkulunkulu akazange amfulathele ngokuphelele uIsrayeli ongokwemvelo ekupheleni kwesivumelwano soMthetho nasekuqaleni okusobala kwesivumelwano esisha ngePentekoste lika-33 C.E. Ngokwesibonelo, ngokuvumelana nesivumelwano sika-Abrahama, uJehova wabonisa umusa okhethekile kumaJuda, amaProselithe, namaSamariya phakathi ‘nesonto’ lama-70 elaphela ngo-36 C.E. (Genesise 12:1-3; 15:18; 22:18; Daniyeli 9:27; IzEnzo 10:9-28, 44-48) Kwathatha isikhathi ngisho nangamanye amaKristu agcotshiwe angamaJuda ukuba ajwayelane neqiniso lokuthi ngemva kuka-33 C.E. kwakungasadingekile ukuba agcine uMthetho; singakubona lokhu embuzweni owalethwa endikimbeni ebusayo ngo-49 C.E. (IzEnzo 15:1, 2) Ukushiywa ngokuphelele koMthetho kwabonakaliswa ngokungenakuphikwa ngo-70 C.E., lapho ithempeli nemibhalo egciniwe yozalo ephathelene noMthetho kunyamalala, kubhujiswa amaRoma.—Mathewu 23:38.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.