Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Lapho Kutholakala Indodana Yolahleko
LAPHO indodana yolahleko emfanekisweni kaJesu, ibuyela endlini kayise, yikuphi ukwamukelwa ekutholayo? Lalela njengoba uJesu elandisa:
“Kuthé isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wayisingatha entanyeni, wayanga.” Yeka ubaba onomusa, nonenhliziyo enhle, ommelela kahle uBaba wethu wasezulwini, uJehova!
Kunokwenzeka ukuthi uyise wayezwile ngokuphila okuyihlazo kwendodana yakhe. Kodwa uyayamukela ekhaya ngaphandle kokulindela incazelo eningiliziwe. NoJesu unomoya wokwamukela onjalo, ekhuluma kuqala nezoni kanye nabathelisi, abamelelwa indodana yolahleko emfanekisweni.
Yiqiniso, ubaba ohlakaniphile emfanekisweni kaJesu akungabazeki ukuthi unokuqonda okuthile ngokuphenduka kwendodana yakhe ngokubona ukudabuka kwayo, ukunyukubala kobuso njengoba ibuya. Kodwa isenzo sokuqala sothando sikayise senza kube lula ngendodana ukuba ivume izono zayo, njengoba uJesu elandisa: “Indodana yayisithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho. [Ngenze, ngibe-njengomunye wabaqashwa bakho.]”
Kodwa, indodana ingakaqedi nokuqeda ukukhuluma uyise uthatha isinyathelo, ethuma izinceku zakhe: “Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nihlabe, sidle, sijabule; ngokuba lendodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala; base beqala ukujabula.”
Phakathi nalesosikhathi,‘indodana enkulu kayise yayisensimini.’ Bheka ukuthi ungasho yini ukuthi imelela bani njengoba ulalela ingxenye yendaba. UJesu uthi ngendodana enkulu: “Yathi isiza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze-njani lokho. Wathi kuyo: Kufiké umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuyé wamthola ephilile. Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena.
“Uyise wayesephuma, wayincenga. Kodwa yaphendula, yathi kuyise: Bheka, iminyaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami, kodwa kuthe ukuba ifike leyondodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.”
Ubani, njengendodana enkulu, ophatheke kabi ngomusa nokunakekela okunikezwa izoni? Ingabe akubona ababhali nabaFarisi? Njengoba kuwukugxeka kwabo uJesu ngoba amukela izoni okubangele alandise lomfanekiso, ngokusobala kumelwe kube yibo abamelelwa indodana enkulu.
UJesu uphetha indaba yakhe lapho uyise encenga indodana yakhe enkulu: “Mntanani, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu to wayefile,wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.”
Kanjalo uJesu ukuyeka kungachaziwe lokho okwenziwa indodana enkulu ekugcineni. Ngempela, kamuva, ngemva kokufa nokuvuka kukaJesu, ‘isixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo,’ ngokunokwenzeka kuhlanganise nabanye balaba besigaba ‘sendodana enkulu’ uJesu akhuluma ngabo lapha.
Kodwa esikhathini sanamuhla obani abamelelwa amadodana amabili? Kumelwe kube yilabo abaye bazi okwanele ngezinjongo zikaJehova ukuba babe nesisekelo sokungenela ubuhlobo kanye naye. Indodana enkulu imelela amalungu athile ‘omhlambi omncane’ noma ‘ibandla lamazibulo abhaliwe ezulwini.’ Laba baba nesimo esifana nesendodana enkulu. Abazange babe nesifiso sokwamukela isigaba sasemhlabeni, “ezinye izimvu,” ababenomuzwa wokuthi zintshontsha ukukhanya.
Ngakolunye uhlangothi, indodana yolahleko imelela labo babantu bakaNkulunkulu abahamba bayojabulela izinjabulo ezivezwa yizwe. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi bayabuya ngokuphenduka babe izikhonzi zikaNkulunkulu ezishisekayo. Yebo, yeka indlela uBaba anothando nanomusa ngayo kulabo abasibonayo isidingo sokuthethelelwa kwabo bese bebuye!a kuye! Luka 15:19-32; IzEnzo 6:7; Luka 12:32; Heberu 12:23; Johane 10:16.
◆ UJesu usilingisa kanjani isibonelo sikababa onesihawu emfanekisweni wakhe?
◆ Indodana enkulu inamuphi umbono ngokwamukelwa komfowabo, futhi abaFarisi baziphatha kanjani njengendodana enkulu?
◆ Umfanekiso kaJesu usebenza kanjani osukwini lwethu?