Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukushintsha Kwesicebi NoLazaru
UJESU ulandisa umfanekiso ngesicebi nesinxibi esimpofu esithiwa uLazaru. Isicebi simelela abaholi benkolo abanikwa amalungelo namathuba angokomoya, futhi uLazaru ufanekisela abantu abavamile abalambele ukondliwa okungokomoya. UJesu uyaqhubeka nendaba yakhe, echaza ushintsho oluphawulekayo ezimweni zalamadoda.
“Kwase kufa ompofu,” kusho uJesu, “wathathwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa. SesiseHayidese saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona uAbrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.”
Njengoba isicebi noLazaru bengebona abantu abangokoqobo kodwa befanekisela izigaba zabantu, ngokunengqondo nokufa kwabo kungokomfanekiso. Yini efanekiselwa noma imelelwe ukufa kwabo?
UJesu usanda kuqeda nje ukuphawula ushintsho ezimweni ngokuthi ‘uMthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane uMbhapathizi, kodwa kusukela kulesosikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa.’ Ngakho-ke, kungokushumayela kukaJohane noJesu ukuthi kokubili isicebi noLazaru bafe ezimweni zabo zakuqala.
Labo besigaba sikaLazaru esimnene, nesiphendukayo bayafa esimweni sabo sangaphambili sokugodlelwa okungokomoya futhi beze esimweni somusa waphezulu. Nakuba ekuqaleni babebheke leyomvuthuluka eyayiwa etafuleni elingokomoya labaholi benkolo, manje amaqiniso angokomBhalo afundiswa uJesu enelisa izidingo zabo. Ngaleyondlela bayiswa esifubeni, noma esimweni sokwamukelwa, sika-Abrahama Omkhulu uJehova uNkulunkulu.
Ngakolunye uhlangothi, labo abakha isigaba sesicebi baba sekungamukelekini kwaphezulu ngenxa yokuphikelela benqaba ukwamukela isigijimi soMbuso esifundiswa uJesu. Ngaleyondlela bayafa esimweni sabo sokubonakala benokuvunyelwa. Eqinisweni, bakhulunyelwa njengabasebuhlungwini obungokomfanekiso. Lalela njengoba isicebi sikhuluma:
“Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kulelilangabi.” Izigijimi zesahlulelo esishisayo sikaNkulunkulu ezashunyayelwa abafundi bakaJesu yizo ezihlupha abantu besigaba sesicebi. Bafuna ukuthi abafundi bayeke ukushumayela lezi zigijimi, ngaleyondlela babanikeze isilinganiso esithile sokukhululeka ebuhlungwini babo.
“Kepha uAbrahama wathi: Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa. Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nabalapho bangaweleli kithi.”
Yeka ukuthi kungokulunge nokufaneleke kanjani ukuthi inguquko enjalo ephawulekayo yenzeke phakathi kwesigaba sikaLazaru nesigaba sesicebi! Ushintsho ezimweni lugcwaliseka ezinyangeni ezimbalwa ngemva kwePentekoste lika-33 C.E., lapho isivumelwano soMthetho esidala sithathelwa indawo isivumelwano esisha. Ngakho kuba ngokucace ngokungenaphutha ukuthi abafundi abamukelwa nguNkulunkulu, hhayi abaFarisi nabanye abaholi benkolo. Ngakho-ke, “umhosha omkhulu” lowo ohlukanisa isicebi esingokomfanekiso nabafundi bakaJesu umelela isahlulelo sikaNkulunkulu esingaguquki nesilungile.
Ngokulandelayo isicebi sicela ‘ubaba uAbrahama’ ukuba athumele uLazaru “endlini kababa, ngokuba nginabafowethu abayisihlanu.” Ngakho isicebi siyavuma ukuthi sinobuhlobo obuseduze nomunye ubaba, lowo eqinisweni okunguSathane uDeveli. Isicebi sicela uLazaru ukuba aconsisele izigijimi zesahlulelo sikaNkulunkulu ukuze ‘abafowabo abayisihlanu’ abangane baso bezenkolo bangayiswa nabo “kulendawo yobuhlungu.”
“Kepha uAbrahama wathi: BanoMose nabaprofethi; mabezwe bona.” Yebo, ukuze ‘abafowabo abayisihlanu’ baphephe ukuhlushwa, okumelwe bakwenze ukulalela imibhalo kaMose nabaprofethi leyo ebonakalisa uJesu njengoMesiya bese beba ngabafundi bakhe. Kodwa isicebi siyala: ‘Qha, baba Abrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo, aye kubo, bayokuphenduka. Kepha wathi kuso: Uma bengalaleli uMose nabaprofethi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.” UNkulunkulu ngeke anikeze izibonakaliso ezikhethekile noma izimangaliso ukuze aqinisekise abanjalo. Abantu kumelwe bafunde futhi basebenzise imiBhalo ukuze bathole umusa wakhe. Luka 16:16, 22-31; Johane 8:44.
◆ Kungani ukufa kwesicebi noLazaru kumelwe kube ngokomfanekiso, futhi ukufa kwabo kufanekiselani?
◆ Yibuphi ubuhlungu obuzwiwa isicebi, futhi sicela ukuba budanjiswe kanjani?
◆ Umelelani “umhosha omkhulu”?
◆ Ngubani ngempela onguyise wesicebi, futhi bangobani abafowabo abahlanu?