Imibuzo Evela Kubafundi
▪ Kungani INqabayokulinda kaSeptember 15, 1988, ibonisa ukuthi ubuProthestani buye bazingcolisa ngisho nangaphezu kobuRoma-Katolika?
Lokhu kwashiwo ngoba kufanelana nesiprofetho namaqiniso. Encwadini kaHezekeli isahluko 23, uOhola no-Oholiba abangokomfanekiso bachazwa njengamantombazane andawonye aziphethe kabi. UMbuso wakwaIsrayeli wezizwe eziyishumi wamelelwa nguOhola, kuyilapho uOholiba ayebonisa umbuso wakwaJuda wezizwe ezimbili. Ekukhulumeni ngalaba besifazane abangokomfanekiso, INqabayokulinda kaSeptember 15, 1988, yathi ekhasini 21:
“Ngenxa yokulandela inkambo yesono ngaphezu kukadadewabo [uOhola, noma uIsrayeli], uOholiba (uJuda) wabhekana nenhlekelele yesizwe ezandleni zabaseBabiloni ngo-607 B.C.E. Abantwana bakhe bawa ngenkemba noma bayiswa ekuthunjweni, futhi wahlaziswa phakathi kwezizwe. Njengo-Ohola no-Oholiba, eLobukholwa liyaphinga ngokomoya, okuyisono emehlweni kaNkulunkulu elithi liyamkhulekela. UbuProthestani, namahlelo abo amaningi buye bazingcolisa ngemibuso yezentengiselwano nezombangazwe yalelizwe ngisho nangaphezu kukadadewabo omdala, ubuRoma Katolika. Ngakho, uJehova uyoqiniseka ukuthi lonke eLobukholwa liyabhujiswa.”
Eqala ngeSigungu saseNicaea ngo-325 C.E., uMbusi uConstantine wahlanganisa inkolo yombuso wamaRoma yobuqaba kanye nobuKristu bezihlubuki futhi waba yinhloko yeSonto lamaKatolika elisha. Ngakho iSonto lamaRoma Katolika lingalandelela ubukhona balo kuhlehle kuze kufike ekhulwini lesine leminyaka leSikhathi Sethu Esivamile. UbuProthestani baqala ngeNkathi yeNguquko yekhulu le-16 leminyaka. Ngakho, njengoba uOhola (uIsrayeli) ayemdala kunoOholiba (uJuda), ngokufanelekile INqabayokulinda yabiza ubuRoma Katolika njengodade omdala wobuProthestani.
Nokho, kungani kungathiwa “ubuProthestani . . . buye bazingcolisa ngemibuso yezentengiselwano nezombangazwe yalelizwe ngisho nangaphezu kukadadewabo omdala, ubuRoma Katolika”? Ngenxa yokuthi amaqiniso ayavumelana nesiprofetho, esithi: “Udadewabo uOholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo.”—Hezekeli 23:11.
Njengezingxenye zeBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, kokubili ubuKatolika nobuProthestani buye bangena shí emibusweni yezentengiselwano nezombangazwe yalelizwe. (IsAmbulo 17:1-6; 18:1-19) Yiqiniso, ihlelo lobuProthestani ngalinye lingaba nethonya elincane kuneSonto lamaRoma Katolika elinamandla. Kodwa amasonto amaningi obuProthestani ehlangene ayeledlula isonto elilodwa lamaKatolika ngamandla nangethonya. Ngokwesibonelo, ubuProthestani bunethonya elikhulu emazweni athile avelele ngezezimboni, nabefundisi abathile bobuProthestani befuna izikhundla eziphakeme kwezombangazwe. Ngakho lena enye indlela ubuProthestani, kanye namahlelo abo amaningi, obuye bazingcolisa ngayo ngisho nangaphezu kobuKatolika.
Nokho, ngenye futhi indlela, ubuProthestani buye ‘bonakala ekukhanukeni kwabo’ futhi bufanele ukusolwa ngaphezulu kobuKatolika. Kanjani? Nokho, iNkathi Yenguquko yanika ubuProthestani okungenani ithemba lokukhanyiselwa okungokomoya okuthe xaxa. Eqinisweni, abanye abagqugquzeli benguquko bathatha izinyathelo eziqotho neziphawulekayo mayelana nalokhu. Kodwa lapho konke sekukhulunyiwe futhi kwenziwa, izimfundiso ezinjalo ezingekho ngokombhalo ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo womuntu, nesihogo somlilo zaqhubeka zingashintshiwe phakathi kwamaProthestani. NjengamaKatolika, nawo aye aba necala lokuhileleka ekukhulekeleni okudaliweyo nelokubeka amasiko abantu endaweni yeqiniso leBhayibheli.—Mathewu 15:1-9; 28:9, 10.
Okuthakazelisayo ngalendaba yilokho okwashiwo eNcwadini Yokuqala iVindication, emuva onyakeni ka-1931. Ekhasini 309, lencwadi yeWatch Tower (manje engasekho esitokweni) yathi ngokuphathelene noHezekeli 23:11-13: “‘Inkolo ehleliwe’ yobuProthestani yabona indlela ubuRoma Katolika obabuzingcolise ngayo ngemibuso yezentengiselwano neyezombangazwe yalelizwe, futhi yawagxeka kakhulu amaKatolika ngenxa yalokho; ngaso lesosikhathi ubuProthestani baqhubeka futhi benza ngokufana nsé, futhi ngisho nangokweqile. . . . Kokubili kuye kwathatha inkambo efanayo; kodwa ubuProthestani babuye baba nokukhanyiselwa okwengeziwe kunobuRoma, futhi ngaleyondlela bufanele ukusolwa ngokungaphezulu.”
[Isithombe ekhasini 30]
UConstantine wahlanganisa ubuKristu bezihlubuki kanye nenkolo yombuso wamaRoma yamaqaba, kanjalo waba yinhloko yeSonto LamaKatolika elisha
[Umthombo]
The Metropolitan Museum of Art, Bequest of Mrs. F. F. Thompson, 1928. (26.229)