Izifundo Ezivela EmiBhalweni: Nahume 1:1–3:19
Insindiso Ingatholakala Lapho UNkulunkulu Eziphindiselela
“KUSENGUMZUZWANA, omubi engabe esabakho.” (IHubo 37:10) Ukuthi lamazwi ayogcwaliseka kuboniswa ngokunamandla ezincwadini zeBhayibheli ezalotshwa uNahume noHabakuki. Lamadoda anesibindi aqeda ukubhala iziprofetho zawo embusweni wakwaJuda phakathi nengxenye yokugcina yekhulu leminyaka lesikhombisa B.C.E.
Okokuqala, cabangela isiprofetho sikaNkulunkulu esamenyezelwa uNahume. Siqukethe ziphi izifundo?
Ukuziphindiselela KukaNkulunkulu Kuqinisekile
UJehova ufuna ukuzinikela okukhethekile. (Eksodusi 20:5) Esimemezelweni sokulahlwa kwenhloko-dolobha yaseAsiriya, iNineve, uNahume ubonisa ukuthi ukuziphindiselela kukaNkulunkulu kuyokwenziwa phezu kwezitha ezingamnikezi ukuzinikela okunjalo. Ingani phambi kwakhe izintaba ziyathuthumela, amagquma ayancibilika, umhlaba uyazanyazanyiswa! Ubani ongamelana nokuvutha kwentukuthelo yakhe?—1:1-6.
Singathembela kuJehova njengesiphephelo. Yebo, uNkulunkulu uyabalondoloza labo abafuna ukuphephela kuye. Lapho esezibulele izitha zakhe, ukucindezela ngeke kusaba khona okwesibili. Kunezindaba ezinhle zokuthula kukaJuda, ngoba ukukhulekela kweqiniso ngeke kuvinjelwe.—1:7–2:2.
Abantu ababi ngeke baphumelele. Lokhu kubonakala kulokho okwenzeka eNineve. Ukuphatha kwalo ngonya abathunjwa kwalenza ‘umuzi wokuchitha igazi [NW].’ Njengomphandu wezingonyama, lomuzi oqiniswe kakhulu wawubonakala ulondekile ngalé kwezindonga zawo eziwugqinsi. Kodwa ngokwesahlulelo sikaNkulunkulu, iNineve lalizobhekana nenhlekelele efanayo elaliyenze eNo-Amoni yasendulo, noma iThebes, eMfuleni iNayile. Ngenxa yezono zayo, inhloko-dolobha yaseAsiriya yayizokwenziwa incithakalo. Lesiprofetho sagcwaliseka lapho amabutho ahlangane enkosi yaseBabiloni uNabopolassar noCyaxares umMede bethumba iNineve ngo-632 B.C.E.—2:3–3:19.
Izifundo Ezivela EmiBhalweni: Habakuki 1:1–3:19
UHABAKUKI wafunda ukuthi uJehova ngesikhathi saKhe esifanele wayezothatha isinyathelo ngokumelene nabacindezeli abanonya. Kodwa ‘ngokuthembeka kwakhe olungileyo uyakuqhubeka ephila.’ (2:4, NW) Nokho, yiziphi ezinye izifundo esingazifunda kulesiprofetho?
Ukusinda Kwalabo Abanokholo
UJehova uyakulalela ukunxusa kwezinceku zakhe. UHabakuki uyabuza: “Ngiyakukuncenga kuze kube-nini, Jehova, ungezwa”? Yebo, akukho ukulunga, futhi omubi uzungeze olungileyo. Kodwa uNkulunkulu uyezwa, futhi njengethuluzi lakhe lokujezisa, ‘uvusa amaKaledi.’ Nokho, angawusebenzisa kanjani umbuso onochuku? Lomprofethi ulindela impendulo kaNkulunkulu, ecabanga ukuthi uzosolwa.—1:1–2:1.
Abalungileyo nabathembekile kuphela abayoqhubeka bephila. UJehova uqinisekisa uHabakuki ngalokhu. Nakuba kungase kubonakale kunokulibala, ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe umbono ongokwesiprofetho “uyakufika nokufika.” Isitha esizidlayo esiphanga izizwe ngeke siwufinyelele umgomo waso. Ngempela, amaKaledi ngeke angajeziswa.—2:2-5.
Maye Kwababi!
Gwema inzuzo engalungile, ubudlova, nokukhonza izithombe. Ngani? Ngoba umaye uqinisekile ngomuntu owandisa okungekhona okwakhe, owenza inzuzo embi, owakha umuzi ngokuchitha igazi, obangela ngobudlova abanye ukuba baphuze isitsha sokunqoba okuyihlazo, nothembela ezithombeni ezingaphili. UNkulunkulu uyowenza ize umsebenzi wabanjalo. Wonke umhlaba uyokwenziwa ukuba wazi inkazimulo kaJehova, lowo okumelwe bonke bame ngokuthula kwenhlonipho phambi kwakhe.—2:6-20.
Lindela uJehova ngokubekezela ukuze uthole insindiso. Ngomthandazo, uHabakuki ukhumbula ukubonakaliswa kwesikhathi esidlule kwamandla kaNkulunkulu. Phakathi kokunye, uJehova wadabula emhlabeni, ephula izizwe ngentukuthelo. Futhi waphumela ukusindisa abantu bakhe. Emangele, uHabakuki uzimisele ‘ukulindela usuku lokuhlupheka.’ Kungakhathaliseki izikhathi ezimbi okumelwe kubhekanwe nazo, uyajabula ngoJehova futhi athokoze ngoNkulunkulu wensindiso yakhe.—3:1-19.
[Ibhokisi ekhasini 24]
IZINGCAPHUNO ZEBHAYIBHELI ZIYAHLOLWA
○ 1:4—IBashani, iKarmeli, neLebanoni kwakuyizifunda ezinhle, ezivundile, nezithelayo. Ukubuna kwazo kwakuyosho inhlekelele ngalabo abancike kuzo. Lokhu kugcizelela ubukhulu bokuthululwa kwentukuthelo kaJehova.
○ 1:10—INineve lalizibheka njengelingangeneki njengameva aminyene, futhi lalihlanyiswa izifiso. Kodwa laliyobhujiswa kalula njengomlilo uqothula utshani obomile. Ngokufanayo, izitha zabantu bakaNkulunkulu banamuhla ngeke zimelane nezahlulelo ezibuhlungu zikaJehova.
○ 2:6—Ngenxa yezimvula ezinkulu ngesikhathi sokuhlaselwa kweNineve, uMfula iTigris wagcwala. Lokhu kwasibekela ingxenye yomuzi futhi kwabhidliza ingxenye ethile yodonga. Ngakho-ke, kwaba lula ngabanqobi ukuba bathathe inhloko-dolobha yaseAsiriya.
○ 2:11-13—Njengezilo zasendle, abaseAsiriya baziphatha ngonya futhi baphila ngezinye izizwe. Futhi kubonakala sengathi ibhubesi laliyisifanekiselo sesizwe. Kwatholakala izithombe eziningi zamabhubesi emvuthwini yaseNineve.
○ 3:3, 4—Njengesifebe, iNineve lalikhohlisa izizwe ngezipho ezithobisayo zobungane nangezithembiso zokusiza. Kodwa labo ababesogibeni ngenxa yalokho ngokushesha bezwa ubuhlungu ngaphansi kwejoka layo elicindezelayo, njengoba kuboniswe endabeni yenkosi yakwaJuda uAhazi.—2 IziKronike 28:16, 20, 21.
[Ibhokisi ekhasini 25]
IZINGCAPHUNO ZEBHAYIBHELI ZIYAHLOLWA
○ 1:2-4—Ukholo lukaHabakuki kuJehova njengoNkulunkulu ongabuvumeli ububi lwamenza ukuba abuze ukuthi kungani kwakugcwele ububi. Wayezimisele ukuba ukucabanga kwakhe kulungiswe. (2:1) Lapho sizibuza ukuthi kungani izinto ezithile zivunyelwa, ukuthembela kwethu ekulungeni kukaJehova kumelwe ngokufanayo kusisize ukuba sigcine ukulinganisela kwethu futhi sibheke kuye.—IHubo 42:5, 11.
○ 2:5—AbaseBabiloni babenjengomuntu osebenzisa ibutho lakhe elinamandla ukuze anqobe izizwe. NjengeSheoli nokufa okuhlala ngaso sonke isikhathi kulungele izisulu ezengeziwe, wayefisela ukunqoba okuqhubekayo kwezempi. (Qhathanisa nezAga 30:15, 16.) Njengokungathi udakiwe, wadakwa ukunqoba. Kodwa izimpi zakhe zokunqoba zaphela lapho iBabiloni liwa ngo-539 B.C.E.
○ 3:13—Amandla kaNkulunkulu okusindisa ayebonwa ngokuvamile abantu bakhe abakhethiwe nabagcotshiwe, isizwe sakwaIsrayeli. (IHubo 28:8, 9) Ngesikhathi esifanele, saveza uMesiya, “inzalo yomfazi” kaNkulunkulu ongokwasezulwini. (Genesise 3:15) UJehova uyosindisa namalungu asele ‘aleyonzalo,’ insali yabafundi bakaJesu abagcotshwe ngomoya, ekuhlaselweni uSathane nezizwe.—IsAmbulo 12:17.
[Isithombe ekhasini 24]
Umdwebo udwetshwe umvubukuli uA. H. Layard obonisa isigodlo saseAsiriya
[Umthombo]
Courtesy of the Trustees of the British Museum, London