Amathemba Amahle Esintu Epharadesi Lenjabulo
“UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlazi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”—GENESISE 1:28.
1, 2. UJehova ngothando usebenzela yiphi injongo ngokuqondene nesintu, futhi iziphi izabelo zomsebenzi azinika uAdamu?
“UNKULUNKULU uluthando,” sitshelwa kanjalo eBhayibhelini eliNgcwele. Unesithakazelo ngothando nangokungenabugovu esintwini futhi usebenza ngokungaphezi ukuze sijabulele ukuphila okunempilo, kokuthula epharadesi lasemhlabeni lenjabulo. (1 Johane 4:16; qhathanisa neHubo 16:11.) Umuntu wokuqala, uAdamu ophelele, wayenokuphila kokuthula nomsebenzi othakazelisayo nojabulisayo. UMdali womuntu wamabela ukuba alime insimu ejabulisayo yase-Edene. Manje uMdali womuntu wamnika omunye umsebenzi, okhethekile, isabelo esibeka inselele, njengoba umlando walokho okwenzeka wembula:
2 “UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube-ngamagama azo. Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle.”—Genesise 2:19, 20.
3. Kungani kwakungekho kwesaba ngoAdamu nangendalo eyizilwane?
3 Umuntu wabiza ihhashi ngokuthi isus, inkunzi ngokuthi ishohr, imvu ngokuthi iseh, imbuzi ngokuthi iʽez, inyoni ngokuthi iʽohph, ijuba ngokuthi iyoh·nahʹ, ipikoko ngokuthi ituk·kiʹ, ibhubesi ngokuthi i’ar·yehʹ noma i’ariʹ, ibhere ngokuthi idov, imfene ngokuthi iqohph, inja ngokuthi ikeʹlev, inyoka ngokuthi ina·chashʹ, njalonjalo.a Lapho eya emfuleni owawugeleza usuka ensimini yase-Edene, wabona izinhlanzi. Waqamba izinhlanzi ngokuthi da·gahʹ. Umuntu owayengahlomile wayengazesabi lezilwane, ezasekhaya nezasendle, noma izinyoni, futhi nazo azimesabanga, njengoba zazimqaphela ngemizwa ukuthi mkhulu kunazo, ungowohlobo lokuphila oluphakeme. Zaziyizidalwa zikaNkulunkulu, ziphiwé nguYe ukuphila, futhi umuntu wayengenasifiso noma ukuthambekela kokuzilimaza noma ukuziphuca ukuphila kwazo.
4. Yini esingaphetha ngayo ngokuqondene nokuqamba kuka-Adamu zonke izilwane nezinyoni, futhi kumelwe ukuba lokhu kwaba luhlobo luni lokuhlangenwe nakho?
4 Ukuthi umuntu waboniswa isikhathi eside kangakanani izilwane zasekhaya nezasendle nezidalwa zamazulu ezindizayo, ukulandisa akusitsheli. Konke kwakuqondiswa futhi kuhlelwe ngokwaphezulu. Ngokunokwenzeka uAdamu wathatha isikhathi ehlola isilwane ngasinye esihlukile, eqaphela imikhuba yaso esahlukanisayo nokwakheka; khona-ke wayekhetha igama elalizosifanela ngokukhethekile. Lokhu kwakungasho ukudlula kwesikhathi esiningi ngokuphawulekayo. Kwakungokuhlangenwe nakho okuthakazelisa kakhulu ngoAdamu ukuba ngaleyondlela ajwayelane nezidalwa eziphilayo zalomhlaba ngezinhlobo zazo eziningi, futhi kwadinga ikhono elikhulu lokucabanga namandla okukhuluma ngaye ukuba ahlukanise ngasinye salezidalwa eziphilayo eziyizinhlobonhlobo ngegama elifanelekile.
5-7. (a) Imiphi imibuzo okwakungenzeka iphakeme? (b) Hlobo luni lwezimpendulo ezanikezwa ekulandiseni ngendalo kuGenesise 1:1-25?
5 Kodwa zazidalwe zalandelana kanjani zonke lezidalwa eziphilayo? Ingabe izidalwa zasezweni zadalwa kuqala kunezinyoni noma cha, futhi umuntu wayekuphi ngokwesikhathi nohlelo ngokuqondene nazo zonke lezidalwa eziphilayo zohlobo oluphansi? UNkulunkulu wazilungisela kanjani umhlaba izinhlobo eziningi kangaka ezihlukahlukene zezidalwa eziphilayo, wawulungiselela kanjani umoya izinyoni ezazingandizela phezulu kangaka kuwo, wawalungiselela kanjani amanzi okuphuza nemifino ukuba isebenze njengokudla, wayenza kanjani inkanyiso enkulu ukuba ikhanyise usuku futhi yenze ukuba umuntu abone, futhi wayenza kanjani inkanyiso encane ukuba ihlobise ubusuku? Kungani isimo sezulu sasisihle kangaka futhi sifudumele kangangokuthi umuntu aze ahambahambe asebenze futhi alale engembethe futhi enqunu?
6 Umuntu akashiywanga ukuba aqagele izimpendulo. Ingqondo yakhe efuna ukwazi yayidinga izimpendulo ezihlakaniphile ezivela emthonjeni onegunya owawazi ngokuqondile. Akashiywanga eyindodana kaNkulunkulu engazi lutho, kodwa ngokunokwenzeka izinga lakhe eliphakeme lokuhlakanipha lamenza wafaneleka ukuba anikezwe umlando omangalisayo wendalo njengoba ulandiswe kuGenesise 1:1-25.
7 UAdamu wayengabonga kakhulu ngalowomlando wendalo ovusa amadlingozi. Wachaza izinto eziningi. Ngokwamagama asetshenzisiwe, waqonda ukuthi kwakunezinkathi zesikhathi ezinde ezintathu uNkulunkulu azibiza ngokuthi izinsuku ngokwendlela yaKhe yokukala isikhathi, ngaphambi kwenkathi yesine yokudala uNkulunkulu enza ngayo izinkanyiso ezimbili ezinkulu ukuba zivele emkhathini wamazulu ukuze ziphawule usuku lomuntu olufushane kakhulu olungamahora angama-24. Lolusuku lomuntu olufushane emhlabeni lwaluyisikhathi esisukela ekushoneni kwenkanyiso enkulu kuya ekushoneni kwayo okulandelayo. UAdamu waqaphela futhi ukuthi kwakuyoba khona isikhathi esiyiminyaka kuye, futhi ngokungangabazeki ngokushesha waqala ukubala iminyaka yakhe yokuphila. Inkanyiso enkulu emkhathini wamazulu wayiyomenza akwazi ukwenza lokhu. Kodwa ngokuqondene nezinsuku ezinde zikaNkulunkulu zokudala, umuntu wokuqala waqaphela ukuthi ngalesikhathi wayephila osukwini lwesithupha lomsebenzi kaNkulunkulu wokudala wasemhlabeni. Ngalesosikhathi kwakungakashiwo lutho kuye ngokuphela kwalolosuku lwesithupha lokudala zonke lezozilwane zasezweni nolokudala umuntu yedwa. Manje wayengaluqonda uhlelo lokudalwa kwemifino, okuphila emanzini, izinyoni, nezilwane zasezweni. Kodwa njengoba ayeyedwa ensimini yase-Edene, uAdamu wayengekhona ukubonakaliswa okugcwele, okuphelele kwenjongo kaNkulunkulu yothando ngomuntu ePharadesi lakhe lasemhlabeni.
Ukudala Owesifazane Wokuqala
8, 9. (a) Yini umuntu ophelele ayiqaphela ngokuqondene nendalo eyizilwane, kodwa waphetha ngokuthini ngokuqondene naye siqu? (b) Kungani kwakufaneleka ukuthi umuntu ophelele angamceli umngane kuNkulunkulu? (c) Ukulandisa kweBhayibheli kukuchaza kanjani ukudalwa komfazi wokuqala ongumuntu?
8 Umuntu wokuqala, enomqondo ophelele namandla okuqaphela, wabona ukuthi emkhakheni wezinyoni nezilwane, kwakukhona ezesilisa nezesifazane nokuthi phakathi kwazo zazizala izinhlobo zazo. Kodwa ngomuntu ngokwakhe, kwakungakabi njalo. Uma lokhu ayekubona kwamenza wacabanga ngokujabulela ubungane, akatholanga mngane ofanelekayo phakathi kwanoma iziphi izilwane emkhakheni wezilwane, hhayi ngisho naphakathi kwezimfene. UAdamu wayengaphetha ngokuthi wayengenamngane ngoba uma wayekhona, uNkulunkulu wayengeke yini amlethe kuye lowomngane? Umuntu wayedalwe ehlukile kuzo zonke lezozinhlobo zezilwane, futhi wayenzelwe ukuba abe ngohlukile! Akazange athambekele ekuzinqumeleni izindaba ngokwakhe futhi abe ithatha acele umngane kuNkulunkulu uMdali wakhe. Kwakufaneleka ukuba umuntu ophelele ayishiyele kuNkulunkulu yonke indaba, ngoba ngokushesha ngemva kwalokho wathola ukuthi uNkulunkulu wayesefinyelele kwezaKhe iziphetho ngalesimo. Ngokuqondene nalokhu kanye nalokho manje okwenzeka, ukulandisa kuyasitshela:
9 “Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Wayesethi umuntu: Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwé endodeni. Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba-nyamanye. Babehamba-ze bobabili, uAdamu nomkakhe, bengenamahloni.”—Genesise 2:20-25.
10. Indoda ephelele yasabela kanjani lapho inikezwa owesifazane ophelele, futhi kungenzeka ukuthi amazwi akhe abonisani?
10 Kwezwakala ukwaneliseka okuphelele emazwini akhe lapho owesifazane ophelele elethwa kuye njengomsizi nomphelelisi: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” Uma kubhekwa lamazwi lapho ekugcineni ebona umfazi wakhe osanda kudalwa, kungenzeka ukuthi wayelinde isikhathi esithile ukuze amukele umngane wakhe ongumuntu ojabulisayo. Echaza umphelelisi wakhe, uAdamu wabiza umkakhe ngokuthi “indodakazi” (’ish·shahʹ noma, ngokwezwi nezwi, “indoda yesifazane”), “ngokuba uthathwe endodeni.” (Genesise 2:23, New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi) UAdamu akezwanga buhlobo benyama nezilwane ezindizayo nezidalwa zasezweni lezo ngaphambili uNkulunkulu ayezilethe kuye ukuba aziqambe. Inyama yakhe yayihlukile kweyazo. Kodwa lowesifazane ngempela wayengowohlobo lwenyama yakhe. Ubambo olwaluthathwe ohlangothini lwakhe lwalwakha uhlobo lwegazi elifana nalelo elalisemzimbeni wakhe siqu. (Bheka uMathewu 19:4-6.) Manje wayesethole othile ayengasebenza kuye njengomprofethi kaNkulunkulu futhi ayengahlanganyela naye indaba emangalisayo yendalo.
11-13. (a) Ngokwamukela kuka-Adamu umfazi, imiphi imibuzo engaphakama? (b) Yayiyini injongo kaNkulunkulu ngombhangqwana wokuqala ongabantu? (c) Yini eyayizoba ukudla komkhaya ophelele wesintu?
11 Nokho, yayiyini injongo yoMdali womuntu ekumnikezeni umfazi? Ingabe yayimanje nje iwukumnikeza umsizi nomphelelisi, umngane wohlobo lwakhe owayeyomgcina engenasizungu? Umlando uchaza injongo kaNkulunkulu njengoba usilandisa ngesibusiso sikaNkulunkulu esashiwo emshadweni wabo:
12 “UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlazi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni. UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
13 “UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube-ngukudla kwenu. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginiké yonke imifino eluhlaza ibe-ngukudla; kwaba-njalo.”—Genesise 1:26-30.
Amathemba Ayephambi Kombhangqwana Wokuqala Ongabantu
14. Linesibusiso sikaNkulunkulu, iliphi ikusasa elaliphambi kwendoda nowesifazane abaphelele, futhi yini ababengayicabanga ngokufanelekile?
14 Yeka ukuthi kwakuyinto enhle kanjani ngalomuntu ophelele nomfazi wakhe ophelele ukuzwa izwi likaNkulunkulu likhuluma nabo, libatshela ukuthi benzeni futhi libabusisa! Benesibusiso sikaNkulunkulu, ukuphila kwakungeke kube ize, kodwa babeyonikezwa amandla okwenza lokho ababekutsheliwe. Yeka ikusasa elaliphambi kwabo! Njengoba lombhangqwana onomshado ojabulisayo wawumi lapho ekhaya lawo, insimu yase-Edene, ngokunokwenzeka wazindla ngalokho okwakuyokwenzeka njengoba wawenza lokho okuyintando kaNkulunkulu ngawo. Njengoba iso lawo lengqondo lalibheka phambili ekusaseni elikude, awubonanga nje kuphela ‘insimu yase-Edene, engasempumalanga,’ kodwa wabona umhlaba wonke ugcwele amadoda nabesifazane abanobuso obujabulayo. (Genesise 2:8) Izinhliziyo zalendoda nalomfazi zaziyojabula lapho becabanga ukuthi bonke laba kwakungabantwana babo, inzalo yabo. Bonke babephelele, bengenaphutha esimweni nasekwakhekeni komzimba, benobusha obungapheli obuchichima impilo enhle nenjabulo yokuphila, bonke bebonisa uthando oluphelele omunye komunye, bonke bemkhulekela ngobunye uMdali wabo omkhulu, uYise wasezulwini, bekwenza lokhu kanye noyise nonina bokuqala abangabantu. Yeka indlela izinhliziyo zendoda nowesifazane bokuqala abangabantu okumelwe ukuba zachichima ngayo injabulo ngokucabanga ngokuba nomkhaya onjalo!
15, 16. (a) Kungani kwakuyoba nokudla okuningi komkhaya wesintu? (b) Njengoba umkhaya ojabulayo wawuzokwanda ngenani, wawuzoba namuphi umsebenzi ngaphandle kwasensimini yase-Edene?
15 Kwakuyoba nokudla okuningi ngawo wonke amalungu alomkhaya ongabantu owawuyobe ugcwele umhlaba wonke. Okokuqala, kwakunokudla okuningi lapho ensimini yase-Edene. UNkulunkulu wayebalungiselele futhi wabanikeza zonke izitshalo ezithela imbewu ukuba zibe ukudla okunempilo, okusekela ukuphila, kanye nemithi ethela izithelo.—Qhathanisa neHubo 104:24.
16 Njengoba umkhaya wabo ojabulayo wanda ngenani, wawuyokwandisela insimu emazweni angalé kwemingcele ye-Edene, ngoba amazwi kaNkulunkulu abonisa ukuthi ngaphandle kwasensimini yase-Edene, umhlaba wawusesimweni esingalungisiwe. Okungenani, wawunganakekelwe futhi wawungakalethwa esimweni esiphakeme sokulinywa esasiwuphawu lwensimu yase-Edene. Yingakho uMdali wabo ayebatshele ukuba ‘bawunqobe’ umhlaba njengoba bewugcwalisa.—Genesise 1:28.
17. Kungani kwakuyoba nokudla okuningi ngesintu esandayo, futhi yini ekugcineni eyayiyovama njengoba insimu yayikhuliswa?
17 Njengoba insimu yayandiswa abalimi nabanakekeli abaphelele, umhlaba onqotshiwe wawuyosikhiqizela inala isintu esandayo. Ekugcineni, lensimu eyanda kancane kancane yayiyokwemboza wonke umhlaba, futhi kwakuyoba khona ipharadesi lomhlaba wonke, yayiyochuma njengekhaya lesintu laphakade. Yayiyoba indawo enhle yokubukwa ezulwini, futhi uMdali wasezulwini wayengasho athi yinhle kakhulu.—Qhathanisa noJobe 38:7.
18. Kungani insimu yase-Edene yembulunga yonke yayiyokhululeka eziphazamisweni, futhi ikuphi ukuthula okwakuyovama?
18 Konke kwakuyoba nokuthula futhi kukhululeke eziphazamisweni njengaleyonsimu yase-Edene indoda nomfazi ababesanda kushada abazithola bekuyo. Kwakungayikuba khona sidingo sokwesaba ingozi noma ukulinyazwa yizo zonke lezozilwane nezidalwa ezindizayo umuntu wokuqala, uAdamu, azihlola futhi waziqamba. Njengoyise nonina wokuqala, lezozakhamuzi eziphelele zePharadesi lomhlaba wonke zaziyobusa izinhlanzi zolwandle, izidalwa zamazulu ezindizayo, nakho konke okuphilayo okuhambahambayo emhlabeni, ngisho nezilo zasendle. Ngomuzwa wemvelo wokuba ngaphansi komuntu, owayedalwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu,” lezidalwa eziphansi eziphilayo zaziyoba nokuthula naye. Njengoba ebusa lezidalwa eziphilayo eziphansi, lamakhosi azo angabantu abanomusa, abaphelele, ayeyokwakha isimo sokuthula phakathi kwendalo eyizilwane. Ithonya lokuthula lalamakhosi angabantu anjengoNkulunkulu laliyokwenaba ngendlela evikelayo phezu kwalezidalwa eziphilayo eziphansi ezanelisekile. Ngaphezu kwakho konke, isintu esiphelele sasiyoba nokuthula noNkulunkulu, osibusiso sakhe sasingeke sisuswe kuso.—Qhathanisa noIsaya 11:9.
UNkulunkulu Uyaphumula Emisebenzini Yakhe Yokudala
19. (a) Ngokuqondene nenjongo kaNkulunkulu, yini okumelwe ukuba indoda nowesifazane bokuqala bayiqaphela? (b) Yini uNkulunkulu ayibonisa ngokuqondene nesikhathi?
19 Njengoba lombhangqwana ophelele ongabantu wawuyocabanga ngesimo sasemhlabeni esiphelelisiwe ngokwenjongo kaNkulunkulu, wawuyoqaphela okuthile. Ukuze ufeze lokhu kuthunywa okumangalisayo okuvela kuNkulunkulu wawuyodinga isikhathi. Isikhathi esingakanani? UMdali wawo noYise wasezulwini wayazi. Wawubonisa ukuthi uchungechunge olukhulu lwezinsuku zokudala manje lwase lufinyelele esinye isiphetho nokuthi manje base besenkathini ‘yokuhlwa,’ lapho kuqala khona usuku olusha ngokwendlela kaNkulunkulu siqu yokuphawula izinsuku zokudala. Kwakuyoba usuku olubusiselwe nolungcweliselwe injongo kaNkulunkulu emsulwa, yokulunga. Umuntu ophelele, umprofethi kaNkulunkulu, wakuphawula lokhu. Ukulandisa okuphefumlelwe kuyasitshela:
20. Ukulandisa kweBhayibheli kuthini ngokuqondene ‘nosuku lwesikhombisa’?
20 “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa usuku lwesithupha. Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke. UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile. UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolosuku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza. Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.”—Genesise 1:31–2:4.
21. (a) Ingabe iBhayibheli liyasho ukuthi uNkulunkulu waphetha usuku lwakhe lokuphumula nokuthi lwaluluhle kakhulu? Chaza. (b) Imiphi imibuzo ephakamayo?
21 Ukulandisa akusho ukuthi uNkulunkulu waphelisa usuku lwakhe lokuphumula wayesebona ukuthi lwaluluhle kakhulu nokuthi kwaba kungukuhlwa kwaba kungukusa, usuku lwesikhombisa. Ukuze luvumelane nezinsuku eziyisithupha zokudala ezandulelayo, usuku lwesikhombisa kusazoshiwo ukuthi luhle kakhulu, ngoba alukakapheli. Ingabe uJehova uNkulunkulu angasho ukuthi lolusuku luhle kakhulu kuze kube manje? Ingabe kube usuku lokuphumula kokuthula ngaye kuze kube manje? Kuthiwani ngalelothemba elijabulisa inhliziyo indoda nowesifazane bokuqala abalicabanga ngosuku lwabo lomshado ePharadesi? Ake sibone njengoba umbono wembuleka esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Lawa amagama atholakala embhalweni wesiHeberu kaGenesise nezinye izincwadi eziphefumlelwe zemibhalo yesiHeberu.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Imuphi umsebenzi uNkulunkulu awunika uAdamu ngaphezu kokunakekela insimu, futhi lokhu kwakusho ukuthini?
◻ Kwembulani ukulandisa kwendalo okukuGenesise 1:1-25?
◻ Wadalwa kanjani umfazi wokuqala ongumuntu, futhi uAdamu wasabela kanjani ngosuku lwabo lomshado?
◻ Imaphi amathemba ayephambi kombhangqwana wokuqala ongabantu?
◻ UNkulunkulu wabonisa kanjani ukuthi uchungechunge olukhulu lwezinsuku zokudala lwase lufike kwesinye isiphetho?