Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu Ufundisa EJeriko
NGOKUSHESHA uJesu nezixuku ezihamba naye bafika eJeriko, umuzi oqhele ngohambo olungathatha usuku ukusuka eJerusalema. Ngokusobala iJeriko iwumuzi okabili, njengoba umuzi omdala wamaJuda uqhele ngekhilomitha nengxenye ukusuka emzini omusha wamaRoma. Njengoba izixuku ziphuma emzini omdala futhi zisondela komusha, izinxibi ezimbili eziyizimpumputhe ziyakuzwa ukuxokozela. Esinye sazo sibizwa ngokuthi uBartimewu.
Lapho zizwa ukuthi uJesu odlulayo, uBartimewu nomngane wakhe baqala ukumemeza: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” Lapho isixuku sizitshela ngokuthukuthela ukuba zithule, zimemeza ngisho nangokwengeziwe nangamazwi aphakeme: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawuleke!”
Ezwa lokhu kuphazanyiswa, uJesu uyama. Ucela anabo ukuba babize labo abamemezayo. Laba baya ezinxibini eziyizimpumputhe bathi kwesinye sazo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.” Ngenjabulo enkulu, lendoda eyimpumputhe ilahla ingubo yayo yangaphandle, igxume ime ngezinyawo, bese iya kuJesu.
“Nifuna ukuba nginenzeleni na?” uJesu ubuza lamadoda amabili.
“Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke,” ayanxusa.
Eshukunyiswa isihawu, uJesu uthinta amehlo awo. Ngokulandisa kukaMarku, uJesu uthi kwenye yawo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Ngokushesha lezinxibi eziyizimpumputhe ziyaqala ukubona, futhi ngokungangabazeki zombili ziqala ukudumisa uNkulunkulu. Lapho bonke abantu bebona okwenzekile, nabo badumisa uNkulunkulu. Ngaphandle kokulibala, uBartimewu nomngane wakhe baqala ukulandela uJesu.
Njengoba uJesu edlula eJeriko, izixuku ziningi. Wonke umuntu ufuna ukubona lowo ophulukise amadoda ayizimpumputhe. Abantu baminyana kuJesu nhlangothi zonke, futhi ngenxa yalokho, abanye abasakwazi ngisho nokumuthi shazi. Phakathi kwalaba uZakewu, induna yabathelisi baseJeriko nasezindaweni ezizungezile. Mfushane kakhulu ukuba abone lokho okuqhubekayo.
Ngakho uZakewu ugijimela phambili futhi ugibela esihlahleni somthombe ngasendleleni uJesu ahamba kuyo. Ekulendawo ekahle, angabona kahle yonke into. Njengoba izixuku zisondela, uJesu umemeza ebheke phezulu emthini: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.”
UZakewu uyehla ejabula futhi uphuthuma ekhaya ukuze alungiselele lesivakashi sakhe esikhethekile. Kodwa lapho abantu bebona okwenzekayo, bonke baqala ukukhononda. Bakubheka njengokungafanele ngoJesu ukuba abe isivakashi sendoda enjalo. Uyabona, uZakewu waceba ngokuphanga imali ngokungathembeki ebhizinisi lakhe lokuthelisa.
Abantu abaningi bayalandela, futhi lapho uJesu engena endlini kaZakewu, bayakhononda: “Uyé kungenisa kwandoda eyisoni.” Kodwa uJesu ubona ithuba lokuphenduka kuZakewu. Futhi uJesu akadumali, ngoba uZakewu uyasukuma abese ethi: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”
UZakewu ubonisa ukuthi ukuphenduka kwakhe kungokoqobo ngokuba athathe ingxenye yempahla yakhe ayinike abampofu nangokuba asebenzise enye ingxenye ukuze akhokhele labo abaphangile. Ngokusobala angabala emabhukwini akhe okuthelisa ukuthi imalini ngempela ayikweleta labantu. Ngakho wenza isifungo sokuba aphindisele ngokuphindwe kane, ngokuvumelana nomthetho kaNkulunkulu othi: ‘Uma umuntu eba imvu, uyakukhokha ngezimvu ezine.’
UJesu uyathokoza ngendlela uZakewu athembisa ngayo ukuhlukanisa impahla yakhe, ngoba uyachaza: “Namuhla insindiso ifikile kulendlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.”
Muva nje, uJesu wayesanda kufanekisa isimo ‘sabalahlekileyo’ ngendaba yakhe ephathelene nendodana yolahleko. Manje sinesibonelo esingokoqobo somuntu olahlekile oye watholwa. Ngisho nakuba abaholi benkolo nalabo ababalandelayo bevungama futhi bekhononda ngokunaka kukaJesu abantu abanjengoZakewu, uJesu uyaqhubeka efuna futhi ebuyisela lamadodana ka-Abrahama alahlekileyo. Mathewu 20:29-34; Marku 10:46-52; Luka 18:35–19:10; Eksodusi 22:1.
◆ Ngokusobala, kukuphi lapho uJesu ehlangana khona nezinxibi eziyizimpumputhe, futhi uzenzelani?
◆ Ungubani uZakewu, futhi kungani egibela emthini?
◆ UZakewu ukubonisa kanjani ukuphenduka kwakhe?
◆ Singafunda siphi isifundo endeleni uJesu aphatha ngayo uZakewu?