Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Izintombi Ezihlakaniphile Neziyiziwula
UJESU ubephendula umbuzo wabaphostoli bakhe ngesibonakaliso sokuba khona kwakhe emandleni oMbuso. Manje unikeza ezinye izici zesibonakaliso ngemifanekiso emithathu.
Ukugcwaliseka komfanekiso ngamunye kwakuyobonwa yilabo abaphila phakathi nokuba khona kwakhe. Wethula owokuqala ngalamazwi: “Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile.”
Ngamazwi athi “umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi,” uJesu akasho ukuthi ingxenye yalabo abadla ifa IoMbuso wasezulwini ingabantu abayiziwula futhi ingxenye ingabantu abahlakaniphile! Cha, kodwa usho ukuthi ngokuqondene noMbuso wamazulu, kunesici esinjengalesi noma esinjeleso. Noma ukuthi izindaba ezimayelana noMbuso ziyoba into enjengaleyo.
Izintombi eziyishumi zifanekisela wonke amaKristu asohlwini noma athi asohlwini lokuba seMbusweni wasezulwini. KwakungePentekoste lika-33 C.E. lapho ibandla lamaKristu lithenjiswa ukwendiselwa kuMyeni ovusiwe, okhazinyulisiwe, uJesu Kristu. Kodwa umshado wawuyokwenzeka ezulwini ngesikhathi esithile esinganqunyiwe esikhathini esizayo.
Kulomfanekiso, izintombi eziyishumi ziphuma ngenjongo yokwamukela umyeni nokulandela udwendwe lomshado. Lapho efika, ziyokhanyisa indlela ehamba udwendwe ngezibani zazo, ngaleyondlela zimhlonipha njengoba eletha umlobokazi wakhe endlini ayilungiselelwe. Nokho, uJesu uyachaza: “Eziyiziwula z[a]thatha izibani [azangawaphatha] amafutha. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.”
Ukulibala kakhulu komyeni kubonisa ukuthi ukuba khona kukaKristu njengeNkosi ebusayo kuyoba sesikhathini eside esizayo. Ekugcineni ufika esihlalweni sakhe sobukhosi ngonyaka ka-1914. Phakathi nobusuku obude ngaphambi kwalokho, zonke izintombi ziyalala. Kodwa azilahlwa ngenxa yalokhu. Ukulahlwa kwezintombi eziyiziwula kungenxa yokungabi namafutha ezitsheni zazo. UJesu uchaza indlela lezintombi eziphaphama ngayo ngaphambi kokuba umyeni afike:
“Phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza! Khona zavuka lezozintombi zonke, zalungisa izibani zazo. Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima. Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.”
Amafutha afanekisela lokho okugcina amaKristu eqiniso ekhanya njengezinkanyiso, okungukuthi, iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, alibambisisa ngokuqinile, kanye nomoya ongcwele, osiza ekuqondeni leloZwi. Amafutha angokomoya enza izintombi ezihlakaniphile zikwazi ukukhanyisa lapho zamukela umyeni phakathi nohambo lodwendwe lokuya edilini lomshado. Kodwa isigaba sezintombi eziyiziwula asiwaphethe amafutha angokomoya adingekayo ezitsheni zaso. Ngakho uJesu uchaza okwenzekayo:
“[Izintombi eziyiziwula] zisaya kuthenga [amafutha], wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango. Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: Nkosi, nkosi, sivulele. Kepha waphendula wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.”
Ngemva kokuba uKristu efike eMbusweni wakhe wasezulwini, isigaba sezintombi ezihlakaniphile esingamaKristu agcotshiwe eqiniso savukela elungelweni laso lokukhanyisa kulelizwe elimnyama sidumisa uMyeni obuyile. Kodwa labo abafanekiselwa izintombi eziyiziwula babengakulungele ukunikeza loludumo lokwamukela. Ngakho lapho isikhathi sifika, uKristu akabavuleli umnyango wokungena edilini lomshado ezulwini. Ubashiya ngaphandle ebumnyameni basezinzulwini zobusuku balelizwe, ukuba babhubhe kanye nabo bonke abanye abenzi bobubi. UJesu uyaphetha: “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.” Mathewu 25:1-13.
◆ Obani abafanekiselwa izintombi eziyishumi?
◆ Isithembiso sokwendiselwa kumyeni senziwa nini, kodwa ufika nini ukuzothatha umlobokazi wakhe baye edilini lomshado?
◆ Amafutha amelelani, futhi ukuba nawo kwenza izintombi ezihlakaniphile zakwazi ukwenzani?
◆ Idili lomshado lenzelwaphi?
◆ Imuphi umvuzo omuhle ophuthela izintombi eziyiziwula, futhi siyini isigcino sazo?