Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Isiyalo Sokuvalelisa
ISIDLO sesikhumbuzo sesidlulile, kodwa uJesu nabaphostoli bakhe basesekamelweni eliphezulu. Nakuba uJesu ezohamba ngokushesha usenokuningi okumelwe akusho. Uyabaduduza: “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, kholwani nguNkulunkulu.” Kodwa kudingeka okwengeziwe. Uyanezela: “Kholwani nayimi.”
“Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi,” kuqhubeka uJesu. “Ngiya ukunilungisela indawo . . . ukuba lapho ngikhona nibe-khona nani. Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.” Abaphostoli abaqondi ukuthi uJesu ukhuluma ngokuya ezulwini, ngakho uThomase uyabuza: “Nkosi asazi lapho uya khona, siyazi kanjani indlela na?”
UJesu uyaphendula: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.” Yebo, noma ubani angangena endlini kaBaba yasezulwini kuphela ngokumamukela yena nokulingisa indlela yakhe yokuphila, ngoba njengoba uJesu esho: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kwami.”
UFiliphu uyacela: “Nkosi sikhombise uYihlo, kusanele.” Ngokusobala uFiliphu ufuna ukuba uJesu anikeze isibonakaliso esisobala sikaNkulunkulu, njengoba sanikezwa ngemibono kuMose, kuElija nakuIsaya ezikhathini zasendulo. Kodwa, ngempela abaphostoli banokuthile okungcono kakhulu kunemibono enjalo, njengoba uJesu esho: “Isikhathi eside kangaka nginani, Filiphu, awukangazi na? Ongibonile mina ubonile uBaba.”
UJesu ubonisa ubuntu bukaYise ngendlela enhle kakhulu ukuze ohlala naye nombonayo kufane nokuthi ubona uYise. Nokho, uBaba mkhulu kuneNdodana njengoba uJesu esho: “Amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami.” UJesu unika uYise wasezulwini lonke udumo ngezimfundiso zakhe.
Yeka ukuthi kumelwe ukuba kukhuthaza kanjani ngabaphostoli manje ukuzwa uJesu ebatshela: “Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale”! UJesu akasho ukuthi abalandeli bakhe bayoba namandla amangalisayo amakhulu kunayenawo. Cha, kodwa usho ukuthi bayoqhubeka nenkonzo isikhathi eside, endaweni enkulu, nakubantu abaningi kakhulu.
UJesu ngeke abalahle abafundi bakhe uma esehambile. Uyabathembisa: “Noma yini eniyicela egameni lami, ngiyakuyenza.” Ngaphezu kwalokho, uthi: “Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi [umsizi, NW] wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso.” Kamuva, ngemva kokuba esenyukele ezulwini, uJesu wathululela umoya ongcwele kubafundi bakhe, lona okuthiwa omunye umduduzi.
Ukuhamba kukaJesu sekusondele, njengoba ethi: “Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni.” UJesu uzoba isidalwa somoya okungekho muntu ongasibona. Kodwa futhi uJesu uthembisa abaphostoli bakhe abathembekile: “Nizongibona, ngoba ngiyaphila nani nizakuphila.” Yebo akusikho kuphela ukuthi uJesu uzobonakala kubo ngesimo somuntu ngemuva kokuvuka kwakhe kodwa ngesikhathi esifanele uyobavusela ekuphileni kwasezulwini kanye naye njengezidalwa zomoya.
Manje uJesu usho umthetho olula: “Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda ngizibonakalise kuye.”
Kulokhu umphostoli uJuda, othiwa uThadasi, uthi: “Kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithi ungazibonakalisi kulo izwe na?”
UJesu uyaphendula: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami, noBaba uyakumthanda. Ongangithandi akawagcini amazwi ami.” Ngokungafani nabalandeli bakhe abathembekile, izwe alizinaki izimfundiso zikaKristu. Ngakho akazibonakalisi kulo.
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wayefundise abaphostoli bakhe izinto eziningi. Bayozikhumbula kanjani zonke, ikakhulukazi ngoba, ngisho namanje, kunokuningi abahluleka ukukuqonda. Ngokujabulisayo, uJesu uyabathembisa: “UMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, unikhumbuze konke enginitshelé khona.”
Ephinda futhi ebaduduza, uJesu uthi: “Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. . . . Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.” Yiqiniso, uJesu uyahamba, kodwa uyachaza: “Uma beningithanda, beniyakujabula ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.”
Isikhathi esisele uJesu enabo sifushane. Uthi: “Angisayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walelizwe, kepha akanalutho kimi.” USathane uDeveli, owakwazi ukungena kuJuda futhi wamthonya, ungumbusi wezwe. Kodwa uJesu akanabo ubuthakathaka besono uSathane angabusebenzisa ukuze amyekise ukukhonza uNkulunkulu. Johane 14:1-31; 13:27; Luka 22:3, 4; Eksodusi 24:10; 1 AmaKhosi 19:9-13; Isaya 6:1-5.
◆ Uyaphi uJesu, futhi uThomase uthola yiphi impendulo ngokuqondene nendlela eya lapho?
◆ Ngesicelo sakhe, yini ngokusobala uFiliphu afuna ukuba uJesu ayinikeze?
◆ Kungani obone uJesu ebone noYise?
◆ Abalandeli bakaJesu bayenza kanjani imisebenzi emikhulu kunayenza?
◆ Kungamuphi umqondo uSathane engenalutho kuJesu?