Thola Iqiniso Eliphelele!
“ANGIKAZE ngilibone lelogama eBhayibhelini lami,” kuphawula uFrancisco. Igama elithi Jehova lalisanda kuvela engxoxweni nomunye woFakazi BakaJehova. Yiqiniso, wayengeke alibone igama laphezulu eBhayibhelini lakhe, uhlelo luka-1969 lwenguqulo yesiPutukezi ka-Almeida. Igama elithi Jehova aliveli kuyo. NjengomKatolika waseBrazil, uFrancisco uba khona njalo eMiseni ngamaSonto futhi ujabulela ukufunda iBhayibheli ekhaya lakhe. Kodwa igama elithi Jehova lamdida.
Ungubani UNkulunkulu?
Ngesonto elilandelayo, uFakazi wamphathela olunye uhlelo lwenguqulo ka-Almeida. Baqhathanisa lezinhlelo ezimbili kumaHubo 83:18. Futhi batholani? Phela, kulolohlelo luka-1966, lombhalo ufundeka kanje: “Wena ogama elithi JEHOVA lingelakho kuphela, ungoPhezukonke phezu komhlaba”! Nokho, ohlelweni luka-1969, esikhundleni selithi “JEHOVA” kusetshenziswa igama elithi “NKOSI.” “Uyabona, bashintshe okuthile lapha,” kusho uFakazi, futhi wayesebuza: “Elithi ‘Nkosi’ akulona nakancane igama lomuntu, akunjalo?” “Cha,” kusho uFrancisco. Ethukuthela, wanezela: “Babengakwenza kanjani lokho?”
Lokhu kwavula indlela yokwenza ukucwaninga okuncane ngegama likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uFrancisco wathola ukuthi ngokweCatholic Encyclopedia (ka-1910), elithi Jehova “yigama lakhe siqu uNkulunkulu eTestamenteni Elidala.” Futhi wathola ukuthi “iTestamente Elidala”, ingxenye yalo enkulu eyalotshwa ngolimi lwesiHeberu, lelogama livela cishe izikhathi ezingu-7 000. Akekho umhumushi onelungelo lokushintsha igama elithi Jehova libe isiqu esingacacile esithi Nkosi. UFrancisco wafuna iqiniso ngegama elithi Jehova, futhi walithola eBhayibhelini ngokwalo nangokucwaninga okuqondiswe kahle.
Siyini Isikhundla SikaJesu?
Njengoba kuphawulwe esihlokweni esingaphambili, izinkolo zezwe ziye zonakalisa amaqiniso amaningi. Ngezinye izikhathi, enkonzweni yabo yendlu ngendlu, oFakazi BakaJehova baba nethuba lokuthola lokho abantu abakukholelwayo. Yebo, lokhu kungase kuhluke kuye ngezindawo, kodwa eminye imiqondo iyafana. Ngokwesibonelo, lapho bebuzwa, ‘Ungubani uNkulunkulu?’ abanye abaninikhaya bathi, ‘uJesu.’ Ngalokhu basho ukuthi uJesu unguNkulunkulu uMninimandla onke. Kodwa ingabe lomqondo umelela iqiniso?
Cabangela lamaphuzu alandelayo. UJesu wathandaza kuYise: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3, NW) Ingabe uphawulile ukuthi uJesu akabhekiselanga kuye ngokwakhe kodwa kuYise wasezulwini ‘njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso’? Ngakho-ke, abafundi bakaJesu bakuqala babeqinisile lapho bethi kuye: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.” UJesu ngokwakhe wathi: “NgiyiNdodana kaNkulunkulu.” Ngakho-ke, iqiniso liwukuthi uJesu akasiye uNkulunkulu uMninimandla onke, kodwa uyiNdodana kaJehova uNkulunkulu.—Mathewu 14:33; Johane 10:36.
Siyini Isiphetho Somhlaba?
Kuthiwani ngesiphetho salesizukulwane nesomhlaba? UJohn F. Kennedy, umongameli ongasekho waseUnited States, wathi ekhuluma kuSishaya-mthetho seUN: “Sinamandla okwenza lesizukulwane sesintu sibe esingcono kakhulu emlandweni wezwe—noma ukusenza sibe esokugcina.” Ngokusobala abaholi bezwe bosuku lwanamuhla bazizwa ngendlela efanayo. Lokho oFakazi BakaJehova abavame ukukuzwa enkonzweni yabo ukuthi ekupheleni kwezwe, iplanethi enguMhlaba iyobhujiswa ngomlilo noma ngempi yenuzi. Ukuze basekele lenkolelo, abanye bakhomba kusAmbulo 21:1, othi: ‘Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.’
Ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “umhlaba” ngomqondo ongokomfanekiso, lapho libhekisela esintwini. Isibonelo sitholakala kuGenesise 11:1, othi: “Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye.” (Bheka futhi awoku-1 AmaKhosi 2:1, 2; IHubo 96:1.) KusAmbulo 21:1, “umhlaba wokuqala,” awubhekiseli kuleplanethi, kodwa emphakathini omubi wabantu ozobhujiswa. Lokhu kuzovula indlela yokubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni. (Luka 23:43; 2 Thesalonika 1:6-9; IsAmbulo 21:4) Futhi lokhu kuvumelana nalo lonke iBhayibheli, elibonisa ukuthi umhlaba ongokoqobo ngeke uze ubhujiswe. Ngokwesibonelo, iHubo 104:5 lithi uNkulunkulu “umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube-phakade naphakade.” (Qhathanisa nomShumayeli 1:4.) Ngempela, uJehova ‘wawubumba umhlaba ukuba kuhlalwe kuwo’ kuze kube-phakade.—Isaya 45:18.
Kungani Kumelwe Uthole Iqiniso Eliphelele?
Lokhu okungenhla kumane nje kuyizibonelo zemiqondo eyiphutha evame kakhulu namuhla. Nokho, uma umninikhaya ezimisele ukubonisana, njengoba kwakunjalo ngoFrancisco, oFakazi BakaJehova bayajabula ngokuthi ivulekile indlela yengxoxo ekhanyisayo yamaqiniso angokomBhalo.
Ukungatholi iqiniso eliphelele kungaholela emiphumeleni edabukisayo. Ngokwesibonelo: Lapho uJesu esemhlabeni, abaningi baphoqelelwa ukuba bakholelwe ukuthi wayemane nje engenye indodana kaMariya noJosefa, eyayikade ingumbazi nje waseNazaretha. Ngakho, abazange bamnake kangako. Ngezinga elithile, babeqinisile. UJesu wayeyindodana kaMariya, unina amkhulelwa ngomoya ongcwele. Wayeyindodana etholiwe kaJosefa, futhi ngempela wayesebenzé njengombazi. (Marku 6:3) Nokho, ingabe lelo kwakuyiqiniso eliphelele ngaye? Cha! Nguye owayenguMesiya futhi owayezoba “uMbusi wababusi”! (IsAmbulo 17:14; Luka 1:32-35; IzEnzo 2:36) Ukungatholi iqiniso eliphelele ngoJesu kwaholela abantu abaningi ukuba balahlekelwe ilungelo elingasoze laphindwa—ukujabulela ubuhlobo bomuntu siqu noJesu emhlabeni.
Phenyisisa Iqiniso Eliphelele
Umuzi waseBereya (manje obizwa ngokuthi iVéroia) eMakedoniya lasendulo udume kakhulu kubafundi beBhayibheli ngenxa yesimo sengqondo esincomekayo sezakhamuzi zawo zekhulu lokuqala leminyaka. Sasiyini lesosimo sengqondo? Ukulandisa kuthi: “Balamukela izwi [elashunyayelwa umphostoli uPawulu] ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezozinto.” Waba yini umphumela? “Abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.”—IzEnzo 17:11, 12.
Sasifanele ukutuswa okufanayo isimo sengqondo sabaprofethi bakaNkulunkulu basendulo. “Babefunisisa bephenyisisa” ngokuphathelene nensindiso eyayizokuza ngoMesiya. (1 Petru 1:10) UNkulunkulu wabusisa imizamo yabo. Khona-ke, ngokusobala, ayikho indlela enqamulelayo. Ukuphenyisisa ngokuphikelelayo nokuhlolisisa ngokucophelela izimfundiso—lena yindlela yokuthola iqiniso eliphelele eBhayibhelini.
Ungase uzibuze, ‘Kumelwe ngiqalephi?’ Ngemva kokufunda izincwadi ezithile zobuKristu, enye inkosikazi ehlala eBrazil yabhala: “Saqaphela [yona nomyeni wayo] ngokushesha ukuthi sasidinga ulwazi olwengeziwe olunjalo, ukuze sithole izimpendulo emibuzweni eminingi esasinayo. . . . Sizani, ngingalithola kanjani iBhayibheli nezinye izincwadi ezizongisiza ukuba ngazi okwengeziwe ngoBaba wethu wasezulwini?” Yayisendleleni efanele: ukufunda iBhayibheli kanye nezincwadi ezineqiniso ezisekelwe eBhayibhelini. Uma nawe ufuna iqiniso eliphelele, thulula isifuba sakho kuJehova uNkulunkulu futhi ucele usizo lwakhe. Futhi siza uphawule lamazwi akhuthazayo: “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho.”—Jakobe 1:5, 6.
Izigidi zabantu zixoxa ngeBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngaleyondlela ziyafunisisa futhi ziphenyisise iqiniso. Ukungenisa nokusebenzisa ulwazi oluqondile olunjalo ngoNkulunkulu weqiniso nangoJesu Kristu kusho ukuphila okuphakade. (Johane 17:3) Lokho kungaba isibusiso sakho esihle uma uphenya ngenkuthalo futhi uthole iqiniso eliphelele.
[Izithombe ekhasini 7]
Iqiniso eliphelele ngoJesu laliwukuthi wayenguMesiya, hhayi nje umbazi