Fundisa Obala Nasendlini Ngendlu
“Angesabanga . . . ukunifundisa obala nasendlini ngendlu.”—IZENZO 20:20, “Byington.”
1. Umfundisi ongumKatolika wathini ngokuphumelela kwenkonzo yendlu ngendlu yoFakazi BakaJehova?
“AMAKATOLIKA Ahambisa Ivangeli Eminyango.” Sasifundeka kanjalo isihloko esikhulu kuyiProvidence Sunday Journal kaOctober 4, 1987. Leliphephandaba labika ukuthi umgomo oyinhloko walomsebenzi kwakuwukuba “kumenywe amanye amalungu awo esonto angasahlanganyeli ukuba abuyele ekuphileni kwasesontweni kwenkuthalo.” Umfundisi uJohn Allard, umqondisi weHhovisi Lokushumayela Esifundeni Sombhishobhi SaseProvidence, wacashunwa ethi: “Ngokuqinisekile, kuzoba nokugxeka okuningi. Abantu bazothi, ‘Nabo sebehamba, njengoFakazi BakaJehova.’ Kodwa oFakazi BakaJehova bayaphumelela, akunjalo? Ngiyakuqinisekisa ungaya kunoma yiliphi iHholo LoMbuso ezweni [laseRhode Island, eU.S.A.,] futhi uzothola amabandla egcwele abantu ababengamaKatolika.”
2. Yimuphi umbuzo ophakanyiswa ngokufanelekile?
2 Yebo, oFakazi BakaJehova baziwa kahle ngenkonzo yabo ephumelelayo yendlu ngendlu. Kodwa kungani bengena endlini ngendlu?
Indlela Yabaphostoli
3. (a) Yikuphi ukuthunywa uJesu Kristu akunika abafundi bakhe? (b) Iyiphi indlela eyinhloko abalandeli bakaKristu bokuqala abakufeza ngayo ukuthunywa kwabo?
3 UJesu Kristu wanikeza abalandeli bakhe lokhu kuthunywa okunenjongo: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:19, 20) Indlela eyinhloko lowomsebenzi owawuzokwenziwa ngayo yaba sobala ngokushesha ngemva kosuku lwePentekoste lika-33 C.E. “Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya [nasendlini ngendlu, NW.]” (IzEnzo 5:42) Eminyakeni ecishe ibe ngu-20 kamuva, umphostoli uPawulu wayehlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu, ngoba wakhumbuza abadala abangamaKristu basemzini wase-Efesu: “Angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.”—IzEnzo 20:20.
4. Singasho kanjani ukuthi izEnzo 5:42 nezEnzo 20:20 zisho ukuthi ukushumayela kwabalandeli bakaJesu kwakusakazwa endlini ngendlu?
4 KuzEnzo 5:42 amazwi athi “endlini ngendlu” ahunyushwe kwathi kat’ oiʹkon. Lapha elithi ka·taʹ lisetshenziswa ngomqondo “wokusakaza.” Ngakho, ukushumayela kwabafundi kwakusakazwa kusuka kwenye indlu kuya kwenye. Ephawula ngezEnzo 20:20, uRandolph O. Yeager wabhala ukuthi uPawulu wafundisa “kokubili emihlanganweni yasobala [de·mo·siʹa] nasendlini ngendlu (igama elisesimweni sokusakaza [ka·taʹ] elinomenziwa). UPawulu wayehlale iminyaka emithathu e-Efesu. Wahamba zonke izindlu, noma okungenani washumayela kubo bonke abantu (ivesi 26). Lokhu ukugunyazwa okungokomBhalo kobuvangeli basendlini ngendlu nobasemihlanganweni yasobala.”
5. KuzEnzo 20:20, kungani uPawulu ayengabhekiseli ekuhambeleni kobungane emakhaya abadala noma ekuhambeleni kokwalusa?
5 Ukusetshenziswa okufanayo kwelithi ka·taʹ kuyavela kuLuka 8:1, okhuluma ngoJesu eshumayela “imizi nemizana.” UPawulu wasebenzisa isimo esisebuningini esithi kat’ oiʹkous kuzEnzo 20:20. Lapha ezinye izinguqulo zeBhayibheli zifundeka ngokuthi “emakhaya enu.” Kodwa umphostoli wayengabhekiseli kuphela ekuhambeleni kobungane emakhaya abadala noma ekuhambeleni kokwalusa emakhaya abakholwa kanye nabo. Amazwi akhe alandelayo abonisa ukuthi wayekhuluma ngenkonzo yendlu ngendlu phakathi kwabangakholwa, ngoba wathi: ‘Ngafakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.’ (IzEnzo 20:21) Abakholwa kanye naye base bephendukile kakade futhi babonisa ukholo kuJesu. Ngakho, kokubili izEnzo 5:42 nezEnzo 20:20 ziphathelene nokushumayela kwabangakholwa ‘endlini ngendlu,’ noma eminyango.
Akukho Okungakuthathela Indawo
6. Yini eye yashiwo ngohlobo lomsebenzi wokushumayela kukaPawulu e-Efesu?
6 Ephawula ngamazwi kaPawulu akuzEnzo 20:20, ngo-1844 uAbiel Abbot Livermore wabhala: “Wayenganeliswa nje ukunikeza izinkulumo emhlanganweni weningi, nawukusakaza ngezinye izindlela, kodwa wawuphishekela ngentshiseko umsebenzi wakhe omkhulu ngasese, endlini ngendlu, futhi waliyisa ngokoqobo emakhaya iqiniso lasezulwini emizini nasezinhliziyweni zabase-Efesu.” Muva nje, kuye kwaphawulwa: “Ukusakazwa kwevangeli endlini ngendlu kwaba uphawu lwamaKristu ekhulu lokuqala leminyaka kusukela ekuqaleni (qhathanisa nezEnzo 2:46; 5:42). . . . [UPawulu] wawufeza ngokugcwele umthwalo wakhe wemfanelo kokubili kumaJuda nakwabeZizwe e-Efesu, futhi babengenakuzithethelela uma befela ezonweni zabo.”—The Wesleyan Bible Commentary, uMqulu 4, amakhasi 642-3.
7. Kungani kungathiwa uNkulunkulu uyayamukela inkonzo yendlu ngendlu yoFakazi BakaJehova?
7 Nakuba ukukhuluma obala kunendawo yakho ekumemezeleni izindaba ezinhle, akunakukuthathela indawo ukubonana nomuntu siqu endlini yakhe. Ngalokhu, isazi uJoseph Addison Alexander sathi: “Isonto alikavezi lutho lokugcwalisa indawo yokushumayela kwesonto nokwemikhaya noma olulingana nomphumela wakho.” Njengoba isazi uO. A. Hills sakubeka: “Ukufundisa obala nokufundisa endlini ngendlu kumelwe kuhambisane.” OFakazi BakaJehova banikeza imfundo ngezinkulumo eMihlanganweni yabo Yasobala yamasonto onke. Futhi banobufakazi obucacile bokuthi indlela yabaphostoli yokusakaza iqiniso leBhayibheli endlini ngendlu iyaphumelela. Futhi ngokuqinisekile uJehova uyayamukela, ngoba ngenxa yenkonzo enjalo, ubangela izinkulungwane ukuba zigobhozele ekukhulekelweni kwakhe okuphakeme unyaka ngamunye.—Isaya 2:1-4; 60:8, 22.
8. (a) Yini eye yashiwo ngesizathu esibangela ukuba ukushumayela endlini ngendlu kuphumelele? (b) OFakazi BakaJehova bangafaniswa kanjani noPawulu ekushumayeleni eminyango nakokunye ukufakaza?
8 Esinye isikhulu siye sathi: “Abantu bakuthola kulula kakhulu ukukhumbula abakufundiswe eminyango yabo kunasemasontweni.” Nokho, uPawulu wayeba seminyango ngaso sonke isikhathi, ebeka isibonelo esihle njengesikhonzi. “Wayenganeliswa ukufundisa nokunikeza izinkulumo esinagogeni nasesigcawini,” kubhala isazi seBhayibheli uEdwin W. Rice. “Njalo ‘wayefundisa’ ‘endlini ngendlu’ ngenkuthalo. E-Efesu waphikisana nobubi endlini ngendlu, wabambana nabo, wabhekana nabo, ukuze azuzele abantu kuKristu.” OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi ukuxoxa nomuntu ubuso nobuso emnyango kuyaphumelela. Ngaphezu kwalokho, benza izimpindelo futhi bayakujabulela ukuxoxa ngisho nanabaphikisi uma labantu bezovuma ukuba kube nezingxoxo ezinengqondo. Yeka indlela abafana ngayo noPawulu! Ngaye, uF. N. Peloubet wabhala: “Umsebenzi kaPawulu wawungagcini emihlanganweni. Ngokungangabazeki wavakashela abantu abaningi yena ngokwakhe emakhaya abo nomaphi lapho ezwe khona ngothile owayenemibuzo, noma onesithakazelo esikhulu noma ngisho nanophikisayo kangangokuba athande ukuxoxa ngenkolo.”
Abadala Kumelwe Bahole
9. Yisiphi isibonelo uPawulu asibekela abadala ayekanye nabo?
9 Isiphi isibonelo uPawulu asibekela abadala ayekanye nabo? Wabonisa ukuthi kumelwe babe abamemezeli bezindaba ezinhle abanesibindi nabangakhathali endlini ngendlu. Ngo-1879, uJ. Glentworth Butler wabhala: “[Abadala base-Efesu] babazi ukuthi ekushumayeleni [kukaPawulu] wayengathonyiwe nakancane umqondo wokuthi angehlelwa ingozi noma wokufuna ukuthandwa; ukuthi wayengagodlanga lutho olungolweqiniso elidingekayo; ukuthi akazange, ngokukhetha, agxile ezicini zeqiniso ezikhethekile noma eziyingqayizivele, kodwa wamemezela konke okwakunenzuzo ‘ekuyaleni,’ noma ekwakheni kuphela: lonke icebo likaNkulunkulu elimsulwa neliphelele! Futhi lokhu ‘kubonisa’ ngokuthembeka, lokhu ‘kufundisa’ ngentshiseko iqiniso lobuKristu kwakulokhu kungumkhuba wakhe, hhayi nje esikoleni sikaTiranu kanye nakwezinye izindawo zokuhlangana zabafundi, kodwa kuyo yonke imindeni ayengayifinyelela. Endlini ngendlu, nasemphefumulweni ngamunye, usuku nosuku wayesakaza izindaba ezijabulisayo ngesifiso nangokulangazelela okunjengokukaKristu. Kuzo zonke izigaba nezinhlanga, kumaJuda anobutha nakumaGreki aklolodayo, isihloko sakhe esisodwa—leso, lapho sichazwa ngokugcwele, esihlanganisa wonke amanye amaqiniso abalulekile asindisayo—sasiwukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa iNkosi yethu uJesu Kristu.”
10, 11. (a) Ngokuphathelene nenkonzo yobuKristu, yini uPawulu ayeyilindele kubadala base-Efesu? (b) NjengoPawulu, yiluphi uhlobo lokushumayela oFakazi BakaJehova, kuhlanganise nabadala, abahlanganyela kulo?
10 Khona-ke ngokuyisisekelo, yini uPawulu ayilindela kubadala base-Efesu? Isazi uE. S. Young sabeka amazwi kaPawulu ngenye indlela kanjena: “Angizange ngikhulume obala kuphela, kodwa ngasebenza kanzima ezindlini ngezindlu, ezazinazo zonke izigaba zabantu, kokubili amaJuda nabeZizwe. Isihloko senkonzo yami engangiyenzela zonke izigaba ‘sasiwukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa iNkosi yethu uJesu Kristu.’” Ebeka amazwi kaPawulu ngenye indlela, uW. B. Riley wabhala: “Incazelo esobala yayiwukuthi: ‘Ngilindele ukuba niqhubeke nalokho engakuqala, kokubili ukuba nikwenze futhi nikufundise futhi ngilindele ukuba nizabalaze njengoba ngazabalaza; nifundise kokubili ngasese nasobala njengoba ngenza emigwaqweni nasendlini ngendlu, nifakaze ngokufanayo kumaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa iNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba lezi yizinto eziyisisekelo!’”
11 Ngokucacile, kuzEnzo isahluko 20, uPawulu wayebonisa abadala akanye nabo ukuthi babelindeleke ukuba babe oFakazi BakaJehova endlini ngendlu. Ngokuphathelene nalokhu, abadala bekhulu lokuqala leminyaka kwakumelwe bahole, bebekela amanye amalungu ebandla isibonelo esifanele. (Qhathanisa namaHeberu 13:17.) Khona-ke, njengoPawulu oFakazi BakaJehova bashumayela endlini ngendlu, betshela abantu bazo zonke izizwe ngoMbuso kaNkulunkulu, ukuphendukela kuYe, nokukholwa uJesu Kristu. (Marku 13:10; Luka 24:45-48) Futhi emsebenzini onjalo wendlu ngendlu, abadala abamisiwe phakathi koFakazi bosuku lwanamuhla balindeleke ukuba bahole.—IzEnzo 20:28.
12. Yini abanye ababengabadala abenqaba ukuyenza, kodwa yini abadala abaholayo kuyo namuhla?
12 Ngo-1879, uCharles Taze Russell waqala ukunyathelisa iZion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence, manje ebizwa ngokuthi INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. URussell nabanye abaFundi BeBhayibheli bamemezela isigijimi soMbuso ngendlela yabaphostoli. Nokho, eminyakeni yakamuva abanye abadala bamabandla abazange benze ngokuvumelana nemithwalo yabo yemfanelo yokufakaza. Ngokwesibonelo, omunye uFakazi wabhala: “Konke kwahamba kahle kwaze kwaba yilapho kwenziwa isimemezelo sokuba bonke bahlanganyele ekufakazeni endlini ngendlu ngezincwadi futhi ikakhulukazi emsebenzini wendlu ngendlu wangeSonto—lokhu kwenzeka ngo-1927. Abadala bethu ababekhethiwe baphikisa futhi bazama ukudumaza lonke iqembu ukuba lingaqalisi noma lingahlanganyeli kunoma iyiphi ingxenye yomsebenzi onjalo.” Ngokuhamba kwesikhathi, amadoda ayengahlanganyeli ekushumayeleni endlini ngendlu awabange esanikwa amalungelo okukhonza njengabadala. Nanamuhla, labo abakhonza njengabadala nezinceku ezikhonzayo balindeleke ukuba bahole ekufakazeni endlini ngendlu nakwezinye izinhlobo zenkonzo yobuKristu.
Wonke Umuntu UnguFakazi
13. (a) Yini okufanele siyenze ngisho nalapho abantu bengasilaleli isigijimi soMbuso? (b) UPawulu uye wafaniswa kanjani noHezekeli?
13 Ngosizo lukaJehova, amaKristu kufanele amemezele isigijimi soMbuso endlini ngendlu, ngisho nakuba singamukelwa ngokwazisa. Njengomlindi kaNkulunkulu, uHezekeli kwakumelwe axwayise abantu kungakhathaliseki ukuthi bayalalela noma cha. (Hezekeli 2:5-7; 3:11, 27; 33:1-6) Ebonisa ukufana phakathi kukaHezekeli noPawulu, uE. M. Blaiklock wabhala: “Ngokwe[nkulumo kaPawulu kuzEnzo isahluko 20] kuvela umfanekiso ocacile wenkonzo e-Efesu. Phawula okulandelayo: Okokuqala, ukuthembeka kukaPawulu okuphikelelayo. Wayengeyena umuntu ofuna ukuthandwa noma ukwamukelwa umphakathi. Emiswe njengoHezekeli emsebenzini wokuba umlindi, wafeza umsebenzi wakhe ngentshiseko yangempela nangezimfanelo zakhe zobuntu ukuze asekele inkulumo yakhe. Okwesibili, isihawu sakhe sothando. Wayengeyena umuntu okhipha amazwi esahlulelo ngomlomo wakhe ngaphandle komzwelo. Okwesithathu, ukushumayela kwakhe ivangeli ngokungakhathali. Obala nasendlini ngendlu, emzini nakuso sonke isifundazwe, washumayela ivangeli.”
14. Kungani ukufakaza kungumthwalo wemfanelo wawo wonke umuntu ozinikezela kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo ngoJesu Kristu?
14 Isibusiso sikaJehova esikhulu ezincekwini zakhe zosuku lwanamuhla asishiyi kungabaza ngokuthi uyajabula ngokuziphathisa igama elithi oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10-12) Ngaphezu kwalokho, bangoFakazi bakaKristu futhi, ngoba uJesu watshela abalandeli bakhe: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya Ongcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) Ngakho ukufakaza kungumthwalo wemfanelo wawo wonke umuntu ozinikezela kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo ngoJesu Kristu.
15. Yini eye yashiwo ngomsebenzi wokufakaza wamaKristu okuqala?
15 Kuye kwathiwa ngokufakaza: “Kwahilela lonke isonto. Umsebenzi wobuthunywa bevangeli wesonto lokuqala wawungewona umthwalo wemfanelo weNhlangano Yabesifazane Yabavangeli noma weBhodi Yokuthumela Abavangeli Kwamanye Amazwe. Umsebenzi wokufakaza wawungashiyelwe futhi kochwepheshe njengabadala, amadikoni noma ngisho nabaphostoli. . . . Ngalezozinsuku zokuqala isonto laliwumsebenzi wobuthunywa bevangeli. Uhlelo lobuthunywa bevangeli lwesonto lokuqala lwalusekelwe emaqinisweni amabili okulindeleke ukuba alandelwe: (1) Umsebenzi oyinhloko wesonto ukushumayela ivangeli emhlabeni wonke. (2) Umthwalo wemfanelo wokwenza lomsebenzi ungowawo wonke umphakathi wamaKristu.”—J. Herbert Kane.
16. Yini evunywa ngisho nangabalobi kweLobukholwa ngokuphathelene namaKristu nokufakaza?
16 Nakuba abalobi beLobukholwa bosuku lwanamuhla bengavumelani nesigijimi soMbuso, abanye bayakuvuma ukuthi amaKristu anesibopho sokufakaza. Ngokwesibonelo, encwadini ethi Everyone a Minister, uOscar E. Feucht uyaphawula: “Akekho umfundisi ongafeza inkonzo uNkulunkulu ayinikeza ikholwa ngalinye. Ngeshwa amakhulu eminyaka okucabanga okunephutha esontweni aye enza umsebenzi wamalungu esonto angu-500 waba umsebenzi womfundisi oyedwa. Kwakungenjalo esontweni lokuqala. Labo ababekholwa babehamba yonke indawo beshumayela iZwi.”
17. Yini engashiwo ngendawo ukufakaza okwaba nayo ekuphileni kwamaKristu okuqala?
17 Ukufakaza kwakuyinto eyinhloko ekuphileni kwamaKristu okuqala, njengoba kunjalo naphakathi kwabantu bakaJehova namuhla. “Ngokuvamile,” kubhala uEdward Caldwell Moore waseYunivesithi yaseHarvard, “amakhulu amathathu okuqala eminyaka enhlangano yamaKristu ayephawulwa intshiseko enkulu yokusakazwa kokholo. AmaKristu ayezinikele ebuvangelini, ekumemezeleni isigijimi sokuhlengwa. . . . Nokho, ukusakazwa kwethonya nezimfundiso zikaJesu enkathini yokuqala, kwakwenziwa iqembu elincane kuphela labantu okufanele sibabize ngokuthi izithunywa zevangeli. Kwakuwumsebenzi wabantu abenza noma yimiphi imisebenzi nabakunoma yiziphi izikhundla emphakathini. [Ba]yiyisa emingceleni ekude kakhulu yombuso [wamaRoma] leyomfihlo yokuphila kwangaphakathi, lesosimo sengqondo esisha ngezwe, ngokuhlangenwe nakho kwabo esasiletha insindiso. . . . [UbuKristu bokuqala] babukholelwa kakhulu ekupheleni okusondelayo kohlelo lwezwe olukhona. Babukholelwa ekubuyiselweni okusheshayo nokuyisimangaliso kohlelo lwezwe olusha.”
18. Yiliphi ithemba elihle eliwedlula kude amaphupho abaholi bezombangazwe?
18 Ekufakazeni endlini ngendlu nangezinye izindlela zenkonzo yabo, oFakazi BakaJehova ngenjabulo baqondisa labo ababezwayo ezweni elisha uNkulunkulu alithembisile. Izibusiso zalo ezabikezelwa zokuphila okungenasiphelo ziwedlula kude lé amaphupho athandwa kakhulu abantu banamuhla abathi bazoba abakhi bohlelo lwezwe elisha. (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4) Nakuba kubonakala sengathi wonke umuntu angathanda ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu elimangalisayo, akunjalo ngempela. Nokho, ngokulandelayo ake sicabangele ezinye zezindlela eziphumelelayo izinceku zikaJehova ezingafundisa ngazo labo abafuna ukuphila okuphakade.
Ubungaphendula Uthini?
◻ Kungani singathi izEnzo 5:42 nezEnzo 20:20 zisho ukuthi abalandeli bakaJesu kufanele bashumayele endlini ngendlu?
◻ Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyayamukela inkonzo yendlu ngendlu yoFakazi BakaJehova?
◻ Ngokuphathelene nenkonzo, yini efunekayo kubadala nasezincekwini ezikhonzayo?
◻ Ukufakaza kufanele kube nayiphi indawo ekuphileni komKristu?
[Isithombe ekhasini 10]
Ngo-33 C.E., abafundi bakaJesu bafakaza endlini ngendlu bengayeki
[Isithombe ekhasini 13]
UPawulu wafundisa ‘endlini ngendlu.’ Loluhlobo lwenkonzo lwenziwa oFakazi BakaJehova namuhla