Hlala Ulungele Usuku LukaJehova!
Amaphuzu Avelele avela Encwadini Yokuqala KwabaseThesalonika
USUKU lukaJehova! AmaKristu eThesalonika yasendulo ayecabanga ukuthi lusondele kakhulu. Ingabe ayeqinisile? Lwaluzofika nini? Leyo kwakungenye indaba ebalulekile okwabhekiselwa kuyo encwadini yokuqala yomphostoli uPawulu kwabaseThesalonika, ayithumela eseKorinte cishe ngonyaka ka-50 weSikhathi sethu Esivamile.
UPawulu noSila bamisa ibandla eThesalonika, ikomkhulu lesifunda samaRoma saseMakedoniya. (IzEnzo 17:1-4) Kamuva, encwadini yakhe yokuqala kwabaseThesalonika, uPawulu watusa, wanikeza iseluleko, futhi waxoxa ngosuku lukaJehova. Nathi singazuza kulencwadi, ikakhulukazi lapho usuku lukaJehova selusondele kangaka manje.
Tusa Futhi Ukhuthaze
Okokuqala uPawulu watusa abaseThesalonika. (1:1-10) Ukutusa kwakufanele ngenxa yomsebenzi wabo wokwethembeka nokukhuthazela. Kwakutuseka, futhi, ukuthi ‘balamukela izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza komoya ongcwele.’ Ingabe uyabatusa abanye, njengoba kwenza uPawulu?
Umphostoli wayebeke isibonelo esihle. (2:1-12) Naphezu kokuphathwa kabi eFilipi, ‘wayebe nesibindi kuNkulunkulu sokushumayela ivangeli’ kwabaseThesalonika. Wayekugwemile ukuthopha, ukufisa, nokufuna udumo. UPawulu wayengazange abe umthwalo kodwa wayemnene njengomdlezane kumntanakhe. Yeka isibonelo esihle sabadala namuhla!
Amazwi alandelayo kaPawulu akhuthaza abaseThesalonika ukuba bahlale beqinile lapho beshushiswa. (2:13–3:13) Babebekezelele ukushushiswa abesizwe sakubo, futhi uThimothewu wayelethele uPawulu umbiko omuhle ngesimo sabo esingokomoya. Umphostoli wathandazela ukuba bachichime othandweni nokuba izinhliziyo zabo ziqiniswe. Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova manje bathandazela abakholwa nabo abashushiswayo, babakhuthaze uma kungenzeka, futhi bajabule ngemibiko yokwethembeka kwabo.
Hlala Uphapheme Ngokomoya!
AbaseThesalonika ngokulandelayo bathola iseluleko. (4:1-18) Kwakumelwe bahambe ngokugcwele enkambweni ethokozisa uNkulunkulu, babonise uthando olwengeziwe lobuzalwane futhi basebenze ngezandla zabo ukuze bahlangabezane nezidingo zabo. Ngaphezu kwalokho, kwakumelwe baduduzane ngethemba lokuthi ekufikeni kukaKristu amakholwa azelwe ngomoya ayefile ayezovuswa kuqala futhi abe kanye naye. Ngemva kwalokho, abagcotshiwe ababesaphila kwakuzothi ekufeni nasekuvukeni kwabo bahlangane noKristu kanye nalabo abase bevuselwe ekuphileni kwasezulwini kakade.
Ngokulandelayo uPawulu waxoxa ngosuku lukaJehova futhi wanikeza iseluleko esiqhubekayo. (5:1-28) Usuku lukaJehova lwaluza njengesela, nokubhujiswa okuzumayo okuqinisekile ngemva kwesimemezelo: “Ngukuthula nokuhlala kahle.” Ngakho-ke abaseThesalonika kwakumelwe bahlale bephapheme ngokomoya, bevikelwe isivikelo sesifuba sokukholwa nothando nayithemba lokusindiswa njengesigqoko. Kwakumelwe babe nokukhathalela okujulile ngalabo abaholayo ebandleni futhi badede kokubi, njengoba kumelwe senze nathi.
Incwadi yokuqala kaPawulu kwabaseThesalonika kufanele isishukumisele ukuba situse futhi sikhuthaze esikholwa nabo. Futhi kufanele isishukumisele ukuba sibe yisibonelo ekuziphatheni nasesimweni sethu sengqondo. Futhi ngokuqinisekile iseluleko sayo singasisiza ukuba sihlale silungele usuku lukaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 22]
Isivikelo Sesifuba Nesigqoko: Ekhuthaza ukuphaphama ngokomoya, uPawulu wabhala: “Masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe-yithemba lokusindiswa.” (1 Thesalonika 5:8) Isivikelo sesifuba sasiyisivikelo seqhawe esihlonyisiwe, sinamazenga, amaketanga, noma insimbi eqinile. Ngokufanayo, isivikelo sesifuba sokukholwa siyasivikela ngokomoya. Kuthiwani ngesigqoko sasendulo? Ngokuvamile esasenziwa ngensimbi, sasiyisigqoko sempi esasiklanyelwe ukuvikela olwayo ngesikhathi sempi. Njengoba isigqoko sasivikela ikhanda leqhawe, kanjalo ithemba lokusindiswa livikela amandla engqondo, kanjalo lenza umKristu alondoloze ubuqotho. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba abantu bakaJehova bagqoke izikhali zomoya ezinjalo!—Efesu 6:11-17.