Hlala Uphilile Okholweni!
Amaphuzu Avelele Avela Encwadini KaThithu
AMABANDLA obuKristu esiqhingini saseMedithera iKrethe ayedinga ukunakekelwa okungokomoya. Ubani owayengawasiza? Phela, isisebenzi esikanye nomphostoli uPawulu uThithu! Wayenesibindi, ekufanelekela ukufundisa, eshisekela imisebenzi emihle, futhi ephilile okholweni.
UPawulu wahambela iKrethe phakathi nokuboshwa kwakhe kokuqala nokwesibili eRoma. Washiya uThithu kulesiqhingi ukuze alungise izinto ezithile futhi amise abadala bebandla. UThithu kwakuyodingeka futhi ukuba asole abafundisi bamanga futhi abeke isibonelo esihle. Konke lokhu kwembulwa encwadini kaPawulu eya kuThithu, ngokunokwenzeka eyathunyelwa isuka eMakedoniya phakathi kuka-61 no-64 C.E. Ukusebenzisa iseluleko salomphostoli kungasiza ababonisi bosuku lwanamuhla kanye namakholwa abakanye nawo ukuba babe nesibindi, bashiseke, futhi baphile ngokomoya.
Yini Efunekayo Kubabonisi?
Kwakudingekile ukuba kumiswe ababonisi futhi kusingathwe izinkinga ezithile ezingathi sína. (1:1-16) Ukuze imiswe njengombonisi, indoda kwakumelwe ibe ngengasoleki, ibe yisibonelo yona ngokwayo nasekuphileni komkhaya wayo, ingenise izihambi, ilinganisele, futhi izithibe. Kwakumelwe ifundise okuyiqiniso, iyale futhi isole labo abazwakalisa imibono ephikisayo. Kwakudingeka isibindi ngoba amadoda angalawuleki emabandleni kwakumelwe athuliswe. Lokhu kwakunjalo ikakhulukazi ngalabo ababebambelele ekusokeni, ngoba base bechithe indlu iphela. Kwakuyodingeka ukusola okunamandla ukuze amabandla ahlale ephilile ngokomoya. Namuhla, ababonisi abangamaKristu nabo badinga isibindi ukuze banikeze ukusola nokuyala, ukuze bakhe ibandla.
Sebenzisa Isifundiso Esinempilo
UThithu kwakumelwe adlulisele isifundiso esinempilo. (2:1-15, qhathanisa neNW.) Amadoda amadala kwakumelwe abe isibonelo ekulinganiseleni, ekubeni nesizotha, ekuhluzekeni kwengqondo, ekubeni nokholo, ekubeni nothando nasekukhuthazeleni. Abesifazane abadala kwakumelwe “baziphathe ngokufanele.” ‘Njengabafundisi bokuhle,’ babengasiza abesifazane abasebasha ukuba babe nombono ofanele ngemisebenzi yabo njengabafazi nomama. Amadoda asemasha kwakumelwe ahluzeke engqondweni, futhi izinceku kwakumelwe zithobele amakhosi azo ngendlela eyayiyohlobisa isifundiso sikaNkulunkulu. Wonke amaKristu kwakumelwe alahle ukungamesabi uNkulunkulu futhi aphile ngokuhluzeka kwengqondo kulesimiso sezinto kuyilapho elindele ukubonakaliswa okukhazimulayo kukaNkulunkulu nokukaJesu Kristu, “owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.” Ngokusebenzisa iseluleko esinjalo esinempilo, nathi ‘masihlobise isifundiso sikaNkulunkulu.’
Iseluleko sikaPawulu sokuphetha sikhuthaza impilo engokomoya. (3:1-15) Kuyadingeka ukubonisa ukuzithoba okufanele kubabusi nokuhlakulela ukuba ngabalinganiselayo. AmaKristu anethemba lokuphila okuphakade, futhi amazwi kaPawulu kwakumelwe agcizelelwe ukuze awakhuthaze ukuba agxilise izingqondo zawo emisebenzini emihle. Kwakumelwe kugwenywe imibuzo ewubuwula nokulwa ngoMthetho, futhi umgqugquzeli wehlelo kwakumelwe enqatshwe ngemva kokuba eyalwe kabili. Njengoba abadala besebenzisa iseluleko esinjalo namuhla, bona kanye nabakholwa kanye nabo bayohlala bephilile okholweni.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 22]
Ukungabi Isigqila Sewayini: Nakuba abesifazane kungamelwe bafundise amadoda ebandleni, odade abadala bangabafundisa abesifazane abasebasha ngasese. Kodwa ukuze baphumelele kulokhu, abesifazane abadala kumelwe balalele amazwi kaPawulu: “Abesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi-ngabahlebi, bangabi-yizigqila zewayini eliningi, babe-ngabafundisi bokuhle.” (Thithu 2:1-5; 1 Thimothewu 2:11-14) Ngenxa yokukhathazeka ngemiphumela yokuphuza, ababonisi, izinceku ezikhonzayo, kanye nabesifazane abadala kumelwe balinganisele, bangazinikeli ewayinini eliningi. (1 Thimothewu 3:2, 3, 8, 11) Wonke amaKristu kumelwe agweme ukudakwa futhi kudingeka agweme ukuphuza uphuzo oludakayo lapho enza “umsebenzi ongcwele” wokushumayela izindaba ezinhle.—Roma 15:16, NW; IzAga 23:20, 21.