Ingabe Uyosilingisa Isihe SikaNkulunkulu?
“Yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.”—EFESU 5:1.
1. Kungani sonke kufanele sikukhathalele ukulingisa abanye?
NGOKUHLE noma ngokubi, abantu abaningi balingisa abanye. Abantu abasizungezile, nalabo esingabalingisa, bangasithonya kakhulu. Umlobi ophefumlelwe wezAga 13:20 waxwayisa: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” Khona-ke, kungesizathu esihle iZwi likaNkulunkulu lithi: “Ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu.”—3 Johane 11.
2. Ubani okumelwe simlingise, futhi ngaziphi izindlela?
2 Sinezibonelo ezinhle kakhulu zeBhayibheli zamadoda nabesifazane esingabalingisa. (1 Korinte 4:16; 11:1; Filipi 3:17) Nokho, uNkulunkulu ungovelele kakhulu okumelwe simlingise. Kwabase-Efesu 4:31–5:2, ngemva kokuphawula izici nemikhuba okufanele siyigweme, umphostoli uPawulu wanxusa ukuba ‘sihawukelane, sithethelelane.’ Lokhu kwaholela ekunxuseni okuyisihluthulelo: “Ngakho yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni.”
3, 4. Iyiphi incazelo yakhe siqu uJehova ayinikeza, futhi kungani kufanele sicabangele ukuba kwakhe uNkulunkulu olungile?
3 Yiziphi izindlela nezimfanelo zikaNkulunkulu okufanele sizilingise? Kunezici eziningi zobuntu bakhe nezenzo, njengoba kubonakala endleleni azichaza ngayo kuMose: “NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana.”—Eksodusi 34:6, 7.
4 Njengoba uJehova ‘ethanda ukulunga nokwahlulela ngokulunga,’ ngokuqinisekile kufanele sisazi futhi sisilingise lesisici sobuntu bakhe. (IHubo 33:5; 37:28) UnguMdali, kanye noMahluleli wesintu ophakeme noMniki-Mthetho, ngakho ubonisa ukwahlulela ngokulunga kubo bonke. (Isaya 33:22) Lokhu kuboniswe ngokucacile endleleni afuna ngayo ukuba kube nokwahlulela ngokulunga futhi wabangela ukuba kwenziwe phakathi kwabantu bakhe uIsrayeli futhi kamuva phakathi kwebandla lobuKristu.
Ukwahlulela Kwaphezulu Ngokulunga Kuyenziwa
5, 6. Ukwahlulela ngokulunga kwabonakaliswa kanjani ekusebenzelaneni kukaNkulunkulu noIsrayeli?
5 Lapho ekhetha uIsrayeli njengabantu bakhe, uNkulunkulu wabuza ukuthi ‘babeyolilalela nokulilalela yini izwi lakhe, bagcine isivumelwano sakhe.’ Behlangene phansi kweNtaba yaseSinayi, baphendula: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” (Eksodusi 19:3-8) Yeka ukuzibopha okungathi sína! Ngezingelosi, uNkulunkulu wanikeza amaIsrayeli imithetho engaba ngu-600, leyo wona, njengabantu abazinikezele kuye, ayenomthwalo wemfanelo wokuyigcina. Kuthiwani uma othile wayengakwenzi lokho? Isazi soMthetho kaNkulunkulu sachaza: “Izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo [“ngokuvumelana nokwahlulela ngokulunga,” NW].”—Heberu 2:2.
6 Yebo, umIsrayeli owayengalaleli wayebhekana ‘nempindiselo evumelana nokwahlulela ngokulunga,’ hhayi ukwahlulela komuntu okunamaphutha, kodwa ukwahlulela ngokulunga okuvela kuMdali wethu. UNkulunkulu wabeka izijeziso ezihlukahlukene zokwaphulwa komthetho. Isijeziso esinzima kunazo zonke ‘kwakungesokunqunywa,’ noma ukubulawa. Leso sasisebenza ekwaphulweni komthetho okubi kakhulu, njengokukhonza izithombe, ukuphinga, ukulala nesihlobo, ukulala nesilwane, ubungqingili, ukunikela ngomntwana njengomhlatshelo, ukubulala, nokusetshenziswa kabi kwegazi. (Levitikusi 17:14; 18:6-17, 21-29) Ngaphezu kwalokho, noma yimuphi umIsrayeli owayephula ngamabomu, ngokungaphenduki, noma yimuphi umthetho waphezulu ‘wayenganqunywa.’ (Numeri 4:15, 18; 15:30, 31) Lapho kwenziwa lokhu kwahlulela ngokulunga kwaphezulu, inzalo yomenzi wobubi yayiyizwa imiphumela.
7. Yayiba yini eminye yemiphumela yokukhishwa kokwahlulela ngokulunga phakathi kwabantu bakaNkulunkulu basendulo?
7 Izijeziso ezinjalo zagcizelela ukungathi sína kokwaphula umthetho waphezulu. Ngokwesibonelo, uma indodana yayibe isidakwa nesiminzi, kwakumelwe ilethwe phambi kwabahluleli abavuthiwe. Uma bethola ukuthi iwumenzi wobubi wangamabomu, ongaphenduki, abazali babehlanganyela ekukhipheni isahlulelo sokulunga. (Duteronomi 21:18-21) Labo kithi abangabazali bangacabanga ukuthi kwakungelula ukwenza lokho. Nokho uNkulunkulu wayazi ukuthi kwakudingekile ukuze ububi bungasakazeki phakathi kwabakhulekeli beqiniso. (Hezekeli 33:17-19) Lokhu kwakuhlelwe yiLowo okwakungathiwa ngaye: “Zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.”—Duteronomi 32:4.
8. Ukwahlulela ngokulunga kwakuphawula kanjani ukusebenzelana kukaNkulunkulu nebandla lobuKristu?
8 Ngemva kwamakhulu amaningi eminyaka uNkulunkulu wasenqaba isizwe sakwaIsrayeli futhi wakhetha ibandla lobuKristu. Kodwa uJehova akazange aguquke. Wayesalokhu ahlulela ngokulunga futhi wayengachazwa ngokuthi “ungumlilo oqothulayo.” (Heberu 12:29; Luka 18:7, 8) Ngakho-ke waqhubeka eba nelungiselelo lokufaka ukwesaba uNkulunkulu kulo lonke ibandla ngokuxosha abenzi bobubi. AmaKristu azinikezele ayeba abenzi bobubi abangaphenduki kwakumelwe asuswe ekuhlanganyeleni.
9. Kuyini ukususa ekuhlanganyeleni, futhi kufezani?
9 Yini ehilelekile ekususeni ekuhlanganyeleni? Isifundo esiyisibonelo sisithola endleleni inkinga eyayisingathwa ngayo ekhulwini lokuqala leminyaka. UmKristu othile eKorinte wahlanganyela ekuziphatheni okubi nomkayise futhi wangaphenduka, ngakho uPawulu wayala ukuba axoshwe kulelobandla. Lokhu kwakumelwe kwenziwe ukuze kuvikelwe ukuhlanzeka kwabantu bakaNkulunkulu, ngoba “imvubelo encane ibilisa inhlama yonke.” Ukumxosha kwakuyovimbela ububi bakhe ekuhlaziseni kokubili uNkulunkulu nabantu baKhe. Isiyalo esinzima sokususwa ekuhlanganyeleni sasingase futhi simsangulukise futhi sifake kuye nasebandleni ukwesaba uNkulunkulu okufanelekile.—1 Korinte 5:1-13; qhathanisa noDuteronomi 17:2, 12, 13.
10. Izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zisabele kanjani uma othile esuswa ekuhlanganyeleni?
10 Umyalo waphezulu uwukuthi uma umuntu omubi exoshwa, amaKristu kumelwe ‘angahlangani naye . . . , angaze adla nokudla nonjalo.’a Ngaleyondlela uyanqunywa ebudlelwaneni, kuhlanganise nokuzihlobanisa, nabathembekile abahlonipha nabafuna ukuhamba ngokomthetho kaNkulunkulu. Abanye babo bangase babe izihlobo ezingaphandle komkhaya walowomuntu, bengeyona ingxenye yaleyondlu. Kungase kube nzima ngalezozihlobo ukusebenzisa lesiqondiso saphezulu, njengoba nje kwakungelula ngabazali abangamaHeberu ngaphansi koMthetho kaMose ukuhlanganyela ekubulaleni indodana embi. Noma kunjalo, umyalo kaNkulunkulu ucacile; ngakho singaqiniseka ukuthi ukususa ekuhlanganyeleni kufanelekile.—1 Korinte 5:1, 6-8, 11; Thithu 3:10, 11; 2 Johane 9-11; bheka INqabayokulinda kaMarch 1, 1982, amakhasi 26-31; April 15, 1988, amakhasi 28-31.
11. Izici ezihlukahlukene zobuntu bukaNkulunkulu zaziyobonakala kanjani ngokuphathelene nokususa ekuhlanganyeleni?
11 Nokho, khumbula ukuthi akukhona nje kuphela ukuthi uNkulunkulu wethu ulungile; kodwa futhi “uvamé umusa, uthethelela ububi neziphambeko.” (Numeri 14:18) IZwi lakhe likwenza kucace ukuthi umuntu osuswe ekuhlanganyeleni angaphenduka, afune ukuthethelelwa kwaphezulu. Ngemva kwalokho? Ababonisi abanokuhlangenwe nakho bangahlangana naye ukuze bathole ngomthandazo nangokucophelela ukuthi uyabunikeza yini ubufakazi bokuphenduka ebubini obaholela ekususweni kwakhe ekuhlanganyeleni. (Qhathanisa nezEnzo 26:20.) Uma kunjalo, angabuyiselwa ebandleni, njengoba eyesi-2 Korinte 2:6-11 ibonisa ukuthi kwenzeka ngendoda yaseKorinte. Nokho, abanye abaxoshwa sebeneminyaka eminingi bengekho ebandleni likaNkulunkulu, ngakho ingabe kukhona okungenziwa ukuze basizwe babone indlela ebuyayo?
Ukwahlulela Ngokulunga Kulinganiswa Nesihe
12, 13. Kungani ukulingisa kwethu uNkulunkulu kufanele kuhlanganise okungaphezu kokubonakalisa ukwahlulela kwakhe ngokulunga?
12 Ngenhla bekuxoxwa ngokuyinhloko ngesici esisodwa sezimfanelo zikaNkulunkulu, njengoba kukhulunywa ngaso kuEksodusi 34:6, 7. Nokho, lawomavesi aveza okungaphezu kokwahlulela ngokulunga kukaNkulunkulu, futhi labo abafuna ukumlingisa abagxili kuphela ekugcizeleleni ukwahlulela ngokulunga. Uma bewakha umfanekiso wethempeli elakhiwa uSolomoni, ingabe ubuyohlola eyodwa kuphela yezinsika zalo? (1 AmaKhosi 7:15-22) Cha, ngoba lokho bekungeke neze kukunikeze wonke umfanekiso wesimo sethempeli nengxenye eyalifeza. Ngokufanayo, uma sifisa ukulingisa uNkulunkulu, sidinga futhi ukukopisha ezinye zezindlela zakhe nezimfanelo, njengokuba kwakhe ‘onesihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi.’
13 Isihe nokuthethelela yizimfanelo zikaNkulunkulu eziyisisekelo, njengoba sibona endleleni asebenzelana ngayo noIsrayeli. UNkulunkulu wokwahlulela ngokulunga akazange abakhulule ekujeziselweni isono esiphindwaphindwayo, nokho wabonisa isihe nokuthethelela okwanele. “Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwaIsrayeli izenzo zakhe. UJehova unobubele nesihawu [“unesihe nomusa,” NW]; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube-phakade.” (IHubo 103:7-9; 106:43-46) Yebo, ukubheka emuva ezenzweni zakhe phakathi namakhulu amaningi eminyaka kubonisa lawomazwi eyiqiniso.—IHubo 86:15; 145:8, 9; Mika 7:18, 19.
14. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayelingisa ukuba nesihe kukaNkulunkulu?
14 Njengoba uJesu Kristu ‘engukubengezela kwenkazimulo kaNkulunkulu, efuzé yena uqobo,’ kufanele silindele ukuba abonise isihe esifanayo nokuzimisela ukuthethelela. (Heberu 1:3) Wakwenza lokho, njengoba izenzo zakhe kwabanye zibonisa. (Mathewu 20:30-34) Futhi wagcizelela isihe ngamazwi akhe esiwafunda kuLuka isahluko 15. Imifanekiso emithathu lapho ibonisa ukuthi uJesu walingisa uJehova, futhi isinikeza izifundo ezibalulekile.
Ukukhathalela Lokho Okwakulahlekile
15, 16. Yini eyashukumisa uJesu ukuba anikeze imifanekiso ekuLuka 15?
15 Leyomifanekiso ifakazela isithakazelo sikaNkulunkulu sesihe ezonini, isivezela umfanekiso ovumelanayo ukuba siwulingise. Ake ucabangele ukuhlelwa kwalemifanekiso: “Kwase kusondela [kuJesu] bonke abathelisi nezoni ukumuzwa. AbaFarisi nababhali base bekhonona bethi: Lomuntu wamukela izoni, adle nazo.”—Luka 15:1, 2.
16 Bonke labantu ababehilelekile babengamaJuda. AbaFarisi nababhali babeqhosha ngalokho ababethi ukunamathela kwabo okucusumbulayo eMthethweni kaMose, uhlobo oluthile lokulunga ngokwezici zomthetho. Nokho, uNkulunkulu akazange avumelane nokulunga okunjalo kokuzisholo. (Luka 16:15) Ngokusobala, abathelisi okukhulunywa ngabo babengamaJuda ayeqoqela iRoma izintela. Ngenxa yokuthi abaningi babefuna izimali ezingaphezu kwezidingekayo kumaJuda akubo, abathelisi babeyiqembu elidelelwayo. (Luka 19:2, 8) Babehlanganiswa “nezoni,” ezazihlanganisa abantu abaziphethe kabi, ngisho nezifebe. (Luka 5:27-32; Mathewu 21:32) Kodwa uJesu wabuza abaholi benkolo ababekhononda:
17. Wawuthini umfanekiso kaJesu wokuqala kuLuka 15?
17 “Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. Esefiké ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile. Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba-khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.” Abaholi benkolo babengawuqonda lomfanekiso, ngoba izimvu nabelusi babegcwele yonke indawo. Ngenxa yokukhathalela, umalusi wayeshiya izimvu ezingu-99 ukuba ziklabe emadlelweni ajwayelekile lapho yena ehamba eyofuna edukile. Ephikelela aze ayithole, wayethwala ngothando imvu ethukile ayibuyisele emhlanjini.—Luka 15:4-7.
18. Njengoba kuqokonyiswe emfanekisweni kaJesu wesibili kuLuka 15, yini eyabangela ukuthokoza?
18 UJesu wanezela umfanekiso wesibili: “Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba-lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole? Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele. Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.” (Luka 15:8-10) Uhlamvu olulodwa lwalucishe lulingane nomholo wosuku wesisebenzi esivamile. Kungenzeka ukuthi uhlamvu lowesifazane lwaluyigugu elalizuzwe njengefa, noma lwaluyingxenye yeziningi ezazenziwe izinto zokuhloba eziyigugu. Lapho uhlamvu lulahlekile, walufunisisa ukuze aluthole, khona-ke yena nabangane bakhe besifazane bathokoza. Lokhu kusitshelani ngoNkulunkulu?
Ukuthokoza Kwasezulwini—Ngani?
19, 20. Yayiphathelene nobani ngokuyinhloko imifanekiso kaJesu emibili yokuqala kuLuka 15, futhi yiliphi iphuzu elimqoka eyaliveza?
19 Lemifanekiso emibili yayiphendula ukugxekwa kukaJesu, lowo ezinyangeni ezithile ngaphambili owayezibize ngokuthi ‘ungumalusi omuhle’ owayezodela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu zakhe. (Johane 10:11-15) Noma kunjalo, lemifanekiso yayingaphathelene noJesu ngokuyinhloko. Izifundo ababhali nabaFarisi okwakudingeka bazifunde zazigxile esimweni sengqondo sikaNkulunkulu nasezindleleni zakhe. Ngakho, uJesu wathi kuyathokozwa ezulwini ngesoni esiphendukayo. Labo bathandi benkolo babethi bakhonza uJehova, nokho babengamlingisi. Ngakolunye uhlangothi, izindlela zikaJesu zesihe zazimelela intando kaYise.—Luka 18:10-14; Johane 8:28, 29; 12:47-50; 14:7-11.
20 Uma eyodwa kweziyikhulu yayiyisizathu sokuthokoza, kwakungokungaphezulu ngohlamvu olulodwa kweziyishumi. Ngisho nanamuhla, singaba nawo umuzwa wemizwelo yalabo besifazane bethokozela ukuthola uhlamvu! Nalapha, futhi, isifundo sigxile ezulwini, ngokuthi ‘izingelosi zikaNkulunkulu’ zithokoza noJehova ‘ngesoni sinye esiphendukayo.’ Phawula lelogama lokugcina, “esiphendukayo.” Ngempela lemifanekiso yayiphathelene nezoni eziphendukayo. Futhi ungabona ukuthi yomibili yayigcizelela ukufaneleka kokuthokoza ngokuphenduka kwazo.
21. Yisiphi isifundo okufanele sisifunde emifanekisweni kaJesu kuLuka 15?
21 Labo baholi benkolo abaqondiswe kabi ababezizwa banelisekile ngokuzivumelanisa noMthetho kokugcina icala abakunakanga ukuba kukaNkulunkulu ‘onesihe, onomusa, . . . othethelela ububi neziphambeko nezono.’ (Eksodusi 34:6, 7) Ukuba babesilingisa lesisici sezindlela nobuntu bukaNkulunkulu, babeyosazisa isihe sikaJesu ezonini eziphendukayo. Kuthiwani ngathi? Ingabe sisithatha ngokungathi sína lesifundo futhi sisisebenzise? Nokho, phawula umfanekiso kaJesu wesithathu.
Ukusetshenziswa Kokuphenduka Nesihe
22. Kafushane, yini uJesu ayinikeza njengomfanekiso wesithathu kuLuka 15?
22 Lona ubulokhu ubizwa ngokuvamile ngokuthi umfanekiso wendodana yolahleko. Nokho, lapho uwufunda ungabona ukuthi kungani abanye bewubheka njengomfanekiso wothando lukababa. Ukhuluma ngendodana encane emkhayeni, ethola ifa layo kuyise. (Qhathanisa noDuteronomi 21:17.) Lendodana iyahamba iye ezweni elikude, lapho isaphaza khona konke ekukhohlakaleni, kudingeka yenze umsebenzi wokwalusa izingulube, futhi ize ilambela ngisho nokudla kwezingulube. Ekugcineni iyasanguluka futhi inquma ukubuyela ekhaya, uma nje okungenani ingasebenza noyise njengesisebenzi esiqashiwe. Njengoba isondela ekhaya, uyise uthatha isinyathelo esiqondile sokuyamukela, aze enze ngisho nedili. Umfowabo omdala, owayesele ekhaya esebenza, uyasicasukela isihe esiboniswayo. Kodwa ubaba uthi kufanele bathokoze ngoba indodana eyayifile manje isiyaphila.—Luka 15:11-32.
23. Yini okufanele siyifunde emfanekisweni wendodana yolahleko?
23 Kungenzeka ukuthi abanye ababhali nabaFarisi baba nomuzwa wokuthi babefaniswa nendodana endala, ngokungafani nezoni ezazifana nendodana encane. Nokho, ingabe balithola iphuzu eliyisihluthulelo lomfanekiso, futhi ingabe thina siyalithola? Uqokomisa imfanelo evelele kaBaba wethu wasezulwini onesihe, ukuzimisela kwakhe ukuthethelela ngesisekelo sokuphenduka nokuguquka kwesoni okusuka enhliziyweni. Kwakufanele ushukumisele izilaleli ukuba zisabele ngokuthokoza ekuhlengweni kwezoni eziphendukayo. Yileyo indlela uNkulunkulu abheka ngayo izindaba nendlela enza ngayo, futhi labo abamlingisayo benza okufanayo.—Isaya 1:16, 17; 55:6, 7.
24, 25. Yiziphi izindlela zikaNkulunkulu okufanele sifune ukuzilingisa?
24 Ngokucacile, ukwahlulela ngokulunga kuphawula zonke izindlela zikaNkulunkulu, ngakho labo abafuna ukulingisa uJehova bayakwazisa futhi bayakuphishekela ukwahlulela ngokulunga. Nokho, uNkulunkulu wethu akamane ashukunyiswe ukwahlulela ngokulunga okungasekelwe ndawo noma okungawahloli amaqiniso. Isihe nothando lwakhe kukhulu. Lokhu ukubonisa ngokuzimisela ukuthethelela ngokusekelwe ekuphendukeni kwangempela. Khona-ke, kungokufanelekile ukuthi uPawulu wahlanganisa ukuba kwethu ngabathethelelayo nokulingisa kwethu uNkulunkulu: “Nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu. Ngakho yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni.”—Efesu 4:32–5:2.
25 Sekuyisikhathi eside amaKristu eqiniso ezama ukukopisha ukwahlulela ngokulunga kukaJehova kanye nesihe sakhe nokuzimisela ukuthethelela. Lapho sifinyelela ngokwengeziwe ekumazini, kulapho kufanele kube lula khona ngokwengeziwe ngathi ukumlingisa kulezizici. Nokho, singakusebenzisa kanjani lokhu kumuntu oye wathola ngokufanelekile isiyalo esinzima ngenxa yokuphishekela inkambo yesono? Ake sibone.
[Umbhalo waphansi]
a “Ukunqunywa ebandleni ngomqondo wako obanzi kakhulu kuyisenzo sangamabomu lapho iqembu lenqaba namalungelo obulungu balo kulabo abake baba amalungu anesimo esihle. . . . Enkathini yobuKristu ukunqunywa ebandleni kwakubhekisela esenzweni sokukhishwa inyumbazane okuthi ngaso umphakathi ongokwenkolo wenqabele izoni izidlo ezingcwele, ukukhulekela kwebandla, futhi ngokunokwenzeka nokuhlangana kobudlelwane kwanoma yiluphi uhlobo.”—The International Standard Bible Encyclopedia.
Yini Oyifundile?
◻ Ukwahlulela ngokulunga kukaNkulu-nkulu kwabonakaliswa kanjani ebandleni lakwaIsrayeli nasebandleni lobuKristu?
◻ Kungani kufanele silingise isihe sikaNkulunkulu, naphezu kokwahlulela kwakhe ngokulunga?
◻ Yini eyabangela ukuba kunikezwe imifanekiso emithathu ekuLuka isahluko 15, futhi yiziphi izifundo okufanele isifundise zona?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Ithafa lase er-Raha phambi kweNtaba yaseSinayi (kwesobunxele ngemuva)
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
Garo Nalbandian
[Umthombo Wesithombe ekhasini 18]
Garo Nalbandian