Ukubheka Ngalé ‘Kokuthula Nokulondeka’ Okwenziwe Umuntu
Iqiniso liwukuthi, abantu ngeke bakulethe ukuthula kwangempela, nokuhlala njalo. Ngani? Ngoba abantu akubona ngempela abaqeda ukuthula, nakuba benengxenye ecaleni lomlando wabo ogcwele igazi. Okuwuyena muntu oqeda ukuthula unamandla ngaphezu komuntu. Akekho omunye ngaphandle kukaSathane uDeveli, ochazwa eBhayibhelini ‘njengodukisa izwe lonke.’—IsAmbulo 12:9.
IBHAYIBHELI lithi: “Izwe lonke lisemandleni omubi, [uSathane].” (1 Johane 5:19, qhathanisa neNW.) Ngakho, ukufinyelela ukuthula kwangempela nokulondeka okuhlala njalo kumelwe kuhilele ukususa uSathane angabe esaba khona kanye nesimiso sezwe aye wasakha futhi okuyinto esobala ukuthi uyasilawula. (Qhathanisa noIsaya 48:22; Roma 16:20.) Abantu abanakukwenza lokhu.
Khona-ke, ukuthula nokulondeka kungafinyelelwa kanjani? Ngamandla aLowo onamandla ngokungenamkhawulo kunoSathane. UNkulunkulu uMninimandla onke uye wamisa isikhathi esinqunyiwe ekusebenzeni kukaSathane phakathi kwesintu. Lapho lesosikhathi esinqunyiwe sifika, ‘imbubhiso ezumayo’ iyofika phezu kwalo lonke izwe elisemandleni kaSathane. (1 Thesalonika 5:3-7) Bonke ubufakazi buholela esiphethweni sokuthi lokhu kuzokwenzeka ngokushesha.
Ukuthula Nokulondeka Manje!
Nokho, kuthiwani ngesikhathi samanje? Isilinganiso esithile sokuthula kweqiniso nokulondeka kungenzeka sibe khona ngisho nanamuhla. Kanjani? Hhayi ngendlela abaholi abaningi benkolo abaye bazama ngayo, ngokuhileleka kwezombangazwe zalelizwe, kodwa, kunalokho, ngokulalela imiyalo neseluleko sikaNkulunkulu.
Ingabe inkambo enjalo iyakubangela ngempela ukuthula? Yebo, iyakubangela. Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova baye bayizama futhi bathola ukuthi kungenzeka ngempela ukujabulela ukuthula kwangempela kanye nesilinganiso esithile sokulondeka. Ukulalela imiyalo kaNkulunkulu njengoba yembulwe eBhayibhelini kuye kwabenza bakwazi ukuba bahlangane njengenhlangano yezizwe zonke ekuthuleni kweqiniso, kungakhathaliseki uhlanga lwabo, ubuzwe, noma ulimi.—IHubo 133:1.
Njengoba belalela umthetho waphezulu, ngokomfanekiso baye ‘bakhanda izinkemba zabo zaba ngamakhuba futhi abasayifundi impi.’ (Isaya 2:2-4) Bazizwa belondekile othandweni lukaNkulunkulu futhi bayaqiniseka ngokuthi abafowabo abangokomoya bayabakhathalela. (Roma 8:28, 35-39; Filipi 4:7) Uma ukungabaza ukuthi lokhu kuyiqiniso, sikumema ukuba ubavakashele kwelinye lamaHholo abo oMbuso futhi uzibonele ngawakho.
Ukuthula Nokulondeka Emhlabeni Wonke
Nokho, lokhu akukhona ukugcwaliseka kokugcina kwesithembiso seBhayibheli sokuthula kweqiniso nokulondeka. Lutho neze! Kumane nje kuwukubonakaliswa kokuthi lelizwe laliyoba njani ukuba bonke abantu bebelalela imithetho kaNkulunkulu. Ngokushesha lokho kubonakaliswa kuzoba yisimo esingokoqobo.
Umphostoli uPawulu wathi: “Nxa [labo abangamkhonzi uNkulunkulu] bethi: Ngukuthula [nokulondeka, NW], [becabanga ukuthi ekugcineni bakulethile ukuthula nokulondeka ngendlela yabo] khona ukubhujiswa kuyabazuma.” (1 Thesalonika 5:3) UNkulunkulu uyonquma ukuthi uSathane usesidukise kwenela isintu. Khona-ke kuyoba isikhathi sokumsusa angabe esaba khona, kanye nesimiso sezwe esonakele esisemandleni akhe. Khona-ke kuyobe sekuyisikhathi sokugcwaliseka kwesiprofetho sikaDaniyeli: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
Ingabe lokhu kuyoba isinyathelo esingafanele uNkulunkulu ayosithatha? Lutho neze. Imbubhiso ezumayo iyofika phezu kwalabo kuphela abayifanelekelayo ngokwesahlulelo sikaNkulunkulu, izindinganiso zikaNkulunkulu. Ingabe uyethemba ukuthi uMdali uyonquma ngokulunga kulendaba? Ngokuqinisekile singashiyela lendaba ezandleni zakhe ngethemba! Uyoba yini-ke umphumela wokukhishwa kwesahlulelo sakhe? Isaga sithi: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni.” (IzAga 2:21, 22) Ingabe ukhona oyodabuka ngokubhujiswa kwababi?
Lapho abantu abaqeda ukuthula sebesusiwe, isintu emhlabeni wonke siyoba nokuthula nokulondeka kwangempela ngaphansi kokubusa okuzuzisayo koMbuso kaNkulunkulu. “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) Ingabe uyasikholelwa lesithembiso seBhayibheli? Ingabe uyaqiniseka ngokuthi lezizinto zizokwenzeka ngokushesha? Uma unokungabaza okuthile, sikukhuthaza ukuba uhlole lendaba ngokwengeziwe. Eqinisweni, indlela kaNkulunkulu iwukuphela kwendlela umuntu ayoke akwazi ngayo ukufinyelela umgomo olangazelelwayo wokuthula nokulondeka kwangempela.
[Izithombe ekhasini 8]
Abantu bakaJehova bajabulela ukuthula kweqiniso nesilinganiso esikahle sokulondeka namuhla