UJehova Wasinakekela Ngaphansi Kokuvinjelwa—INgxenye 3
KWAKUNGOMARCH 14, 1990. Ngalolosuku olwaqopha umlando, ngangiphakathi kwalabo ababekhona lapho isikhulu esiphakeme sikahulumeni soMnyango Wezindaba Zenkolo eMpumalanga Berlin sisinikeza incwadi eyayinikeza oFakazi BakaJehova ukuqashelwa okungokomthetho endaweni ngalesosikhathi eyayibizwa ngokuthi eGerman Democratic Republic, noma iMpumalanga Jalimane. Phakathi nezenzakalo zalolosuku, ngacabanga ngahlehlela esikhathini engaba ngaso uFakazi futhi ngakhumbula izikhathi ezinzima okwadingeka sibhekane nazo.
Phakathi nawo-1950, lapho uMargarete, engangisebenza naye owayenguFakazi, eqala ukukhuluma nami ngezinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini, ukushushiswa koFakazi BakaJehova eMpumalanga Jalimane kwakukukhulu. Ngokushesha ngemva kwalokho wahamba wayosebenza kwenye indawo, futhi ngaqala ukufunda iBhayibheli nomunye uFakazi. Ngabhapathizwa ngo-1956, futhi mina noMargarete sashada ngawo lowonyaka. Sasihlanganyela eBandleni laseLichtenberg eBerlin. Lalinabamemezeli boMbuso abacishe babe ngu-60 ababehlanganyela emsebenzini wokushumayela.
Eminyakeni emibili ngemva kokubhapathizwa kwami, izikhulu zikahulumeni zaya ekhaya lomunye walabo ababehola ebandleni lethu. Zazihlose ukumbopha, kodwa wayesemsebenzini eNtshonalanga Berlin. Umkhaya wakhe wakwazi ukumxwayisa ukuba angabuyi ekhaya, futhi ezinyangeni ezithile kamuva wathutha wayohlala naye eNtshonalanga. Ngisho nakuba ngangineminyaka engu-24 kuphela ubudala, ngalesosikhathi nganginikezwa imithwalo yemfanelo esindayo ebandleni. Ngiyabonga ngokuthi uJehova unikeza ukuhlakanipha namandla adingekayo ukuze kunakekelwe imisebenzi enjalo.—2 Korinte 4:7.
Ukulungiselela Ukudla Okungokomoya
Lapho kwakhiwa uDonga LwaseBerlin ngoAugust 1961, oFakazi BakaJehova eMpumalanga ngokungazelele bahlukaniswa nabafowabo abaseNtshonalanga. Kanjalo kwaqala inkathi yokwenza amakhophi ezincwadi zethu, kwaqala ngomshini wokubhala, kwase kuba ngochungechunge lwemishini yokwenza amakhophi. Kusukela ngo-1963, ngachitha iminyaka emibili ngakha igumbi elisithekile ekhaya elizosetshenziselwa lokhu kunyathelisa. Ngemva kokusebenza usuku lonke njengomenzi wamathuluzi, ngangichitha ubusuku obuningi nginyathelisa amakhophi eNqabayokulinda ngisizwa abanye abazalwane abambalwa. Iziphathi-mandla zazizimisele ukuthola ukusebenza kwenhlangano yethu enyathelisayo, kodwa uJehova wasisiza ukuze ukudla kwethu, njengoba sasikubiza kanjalo, kube khona ngesikhathi.
Ukuze kwenziwe amakhophi anele omagazini bethu kwakudingeka iphepha eliningi, futhi ukuthola lezilinganiso kwakungelula. Uma sasilithenga njalo iphepha ngobuningi, lokhu kwakuyodonsa ukunakekela kweziphathi-mandla. Ngakho-ke sasithi oFakazi ngabanye bathenge iphepha ngezilinganiso ezincane bese beliletha eqenjini lethu lesifundo seBhayibheli. Ukusuka lapho laliyiswa lapho okwakunyatheliswa khona omagazini. Khona-ke abanye oFakazi babesakaza omagazini asebeqediwe.
Njengoba izikhulu zazisola ukuthi ngangihilelekile ekunyatheliseni izincwadi, zazihlala zingiqaphile. Ngasekupheleni kuka-1965, ngaphawula ukuthi zazingilandela ngendlela engavamile futhi ngaba nomuzwa wokuthi kukhona ezazikuhlela. Ngokungazelele, zatheleka ekuseni kakhulu ngolunye usuku.
Ukusinda Ngokulambisa
Ngangisendleleni ngiya emsebenzini ngalolosuku ekuseni ebusika. Kwakusempondo zankomo, futhi ngangihlomele amakhaza ashubisa umnkantsha. Lapho ngisahamba, ngabona amakhanda amane ngenhla kothango lwezihlahla. Lamadoda ajika ekhoneni lomgwaqo eqonda ngalapho engangiya ngakhona. Kwangethusa ukubona ukuthi ayeyizikhulu zikahulumeni. Yini okwakumelwe ngiyenze?
Iqhwa elijulile lalisusiwe endleleni kwavuleka indledlana encane. Ngaqhubeka ngahamba. Ngigobise ikhanda, ngaphakamisa izinyawo amehlo ami engasuki emhlabathini. Ngasholo phansi umthandazo osheshayo. Lamadoda aya esondela ngokwengeziwe. Ingabe ayengibonile? Njengoba sasiphambana kulendledlana encane, angikukholelwanga okwakwenzeka. Ngaqhubeka ngihamba ngokushesha ngokwengeziwe. “Heyi,” kumemeza omunye wawo, “nguyena. Yima!”
Ngakhipha lonke ijubane. Ngijika ngokushesha ekhoneni, ngeqa uthango lwakwamakhelwane ngangena ngemuva egcekeni lakwami. Ngaziphonsa endlini, ngahluthulela umnyango ngavala nangomshudo. “Vukani nonke!” ngimemeza. “Naba bezongibopha.”
UMargarete wayesesesitezi esingezansi ngokuphazima kweso futhi wema ngasemnyango. Ngokushesha ngase ngisegunjini elingaphansi endlini ngihlokoza isitofu. Ngathatha wonke amarekhodi ebandla ayekimi ngawaphonsa emlilweni.
“Vula!” kubhodla indoda ethile. “Vula umnyango! Ngingumshushisi.”
UMargarete akazange athi nyaka njengoba ngangishisa yonke into ngiyiqothula. Ngabe sengiya lapho uMargarete ayekhona ngavuma ngekhanda ukuthi avule. Lamadoda angena etheleka.
“Ububalekelani?” ebuza.
Ngokushesha kwafika nezinye izikhulu zikahulumeni, futhi kwaseshwa yonke indlu. Engangikhathazeke ngakho kakhulu kwakuyigumbi elifihlekile lapho kwakuhlala khona umshini wethu wokunyathelisa kanye namaphepha angu-40 000. Kodwa umnyango osithekile awuzange ubonakale. Nakuba ukuphenywa kwaqhubeka amahora amaningi, uJehova wangisiza ukuba ngibeke umoya phansi. Lokho okuhlangenwe nakho kwasisondeza kuBaba wethu wasezulwini onothando futhi kwasiqinisa ukuba sikhuthazele.
Sasisejele Kodwa Sikhululekile
Ngasekupheleni kwawo-1960, ngatshelwa ukuthi ngiyobhalisela ukuya empini. Njengoba ngangingenakukwenza ngenxa kanembeza, ngaphoqelelwa ukuba ngichithe izinyanga eziyisikhombisa ejele nasekamu lobugqila. KwakunoFakazi abangu-15 ekamu laseCottbus, eningizimu-mpumalanga yeBerlin. Sonke sasilapho ngenxa yokungathathi-hlangothi kwethu kobuKristu. (Isaya 2:2-4; Johane 17:16) Izinsuku zethu zomsebenzi zazizinde futhi umsebenzi unzima. Sasivuka ngo-4:15 ekuseni futhi siyiswe ngaphandle kwekamu siyosebenza emizileni yesitimela. Nokho, nakuba sasiboshiwe sasinamathuba okutshela abanye ngoMbuso kaJehova.
Ngokwesibonelo, kwakunababikezeli benhlanhla ababili ababekanye nathi eCottbus. Ngolunye usuku ngezwa ukuthi lona omncane kubo wayefuna ukungibona nakanjani ukuze akhulume nami. Ingabe wayefunani? Wangithululela isifuba. Ugogo wakhe wayengumbikezeli wenhlanhla, futhi naye waba namandla afanayo ngemva kokufunda izincwadi zikagogo wakhe. Nakuba lensizwa yayifuna kakhulu kangaka ukukhululeka kulamandla ayeyibusa, yayisaba ukujeziswa amademoni. Yakhala kakhulu. Kodwa-ke konke lokhu kwakuhlangene ngani nami?
Phakathi nengxoxo yethu, yachaza ukuthi ikhono layo lokubikezela ngesikhathi esizayo laliphazamiseka lapho iphakathi koFakazi BakaJehova. Ngachaza ukuthi kukhona imimoya emibi, noma amademoni, kanye nemihle, noma izingelosi ezilungile. Ngisebenzisa isibonelo salabo ababa amaKristu e-Efesu lasendulo, ngagcizelela isidingo sokulahla zonke izinto ezazihlobene nokubikezela inhlanhla noma nanoma imiphi eminye imikhuba yokusebenzisa imimoya. (IzEnzo 19:17-20) “Bese uthintana noFakazi,” ngiyitshela. “OFakazi bakhona kuyo yonke indawo.”
Lensizwa yahamba kulelikamu ngemva kwezinsuku ezimbalwa, futhi angiphindanga ngezwa lutho ngayo. Kodwa ukubona lowomuntu owayethukile futhi engaduduzeki owayelangazelela ukukhululeka kwajulisa uthando lwami ngoJehova. Thina oFakazi abangu-15 sasikulelikamu ngenxa yokholo lwethu, kodwa sasikhululekile ngendlela engokomoya. Leyonsizwa yayikhululiwe ejele, kodwa yayiseyisigqila ‘sikankulunkulu’ owayeyisabisa. (2 Korinte 4:4) Yeka indlela thina oFakazi okufanele siyazise ngayo inkululeko yethu engokomoya!
Abantwana Bethu Bavivinywa
Akubona abantu abadala kuphela okwadingeka bame beqinile ezinkolelweni zabo ezisekelwe eBhayibhelini kodwa kwaba njalo nangentsha. Yayicindezelwa ukuba ihlehle okholweni kokubili esikoleni nasemsebenzini. Bonke abantwana bethu abane kwadingeka bamelele izinkolelo zabo.
Njalo ngoMsombuluko kwakuba nomkhosi wokukhulekela ifulege esikoleni. Abantwana babema uhele egcekeni, bahlabelele ingoma, bese benza uphawu lukaThälmann njengoba kwakuphakanyiswa ifulege. UErnst Thälmann wayengumKhomanisi ongumJalimane owabulawa amaSS amaNazi ngo-1944. Ngemva kwempi yezwe yesibili, uThälmann waba iqhawe eMpumalanga Jalimane. Ngenxa yenkolelo yethu esekelwe eBhayibhelini leyonkonzo engcwele kufanele iyiswe kuJehova uNkulunkulu kuphela, mina nomkami safundisa abantwana bethu ukuba bame ngenhlonipho phakathi nemikhosi enjalo kodwa bangahlanganyeli kuyo.
Abantwana besikole babefundiswa nezingoma zobuKhomanisi. Mina noMargarete saya esikoleni abantwana bethu ababekuso futhi sachaza ukuthi kungani babengenakuzihlabelela izingoma ezinjalo zezombangazwe. Nokho, sasho ukuthi babengakujabulela ukufunda olunye uhlobo lwezingoma. Kanjalo, kusukela ebuntwaneni, abantwana bethu bafunda ukuma beqinile futhi behlukile kontanga yabo.
Ngasekupheleni kwawo-1970, indodakazi yethu endala yayifuna ukusebenza njengomuntu ofundiswayo ehhovisi. Nokho, umuntu ngamunye owayefundiswa kwakudingeka aqale athole ukuqeqeshwa okuthatha izinsuku ezingu-14 okwandulela okwasempini. Njengoba unembeza kaRenate wawungenakumvumela ukuba ahlanganyele kulokhu, wama eqinile futhi ekugcineni kwathiwa ngeke aphoqelelwe ukuthola ukuqeqeshwa okunjalo.
Phakathi nokufundiswa kwakhe, uRenate waya ekilasini atshelwa kulo ukuthi kumelwe abe khona lapho kuprakthizelwa ukudubula. “Renate, nawe uzoba khona kulokuprakthizela ukudubula,” kusho uthisha. Wayengakunaki ukwenqaba kwakhe. “Akudingeki ukuba udubule,” ethembisa. “Unganakekela iziphuzo.”
Ngalolosuku kusihlwa, saxoxa njengomkhaya. Saba nomuzwa wokuthi ukuba khona kukaRenate lapho kuprakthizelwa ukudubula kwakungalungile, ngisho nakuba ayengeke ahlanganyele ngokuqondile. Eqiniswe yingxoxo esaba nayo nomthandazo, akazange azivumele ukuba esatshiswe. Yeka isikhuthazo okwakuyiso kithi ukubona indodakazi yethu encane imelela izimiso zokulunga!
Ukwandisa Imisebenzi Yethu Yokushumayela Obala
Lapho ukuphikiswa komsebenzi wethu kuncipha ngasekupheleni kwawo-1970, eziningi zezincwadi zethu zobuKristu zaqala ukulethwa zivela eNtshonalanga. Nakuba lona kwakuwumsebenzi oyingozi, abazalwane abanesibindi bavuma ngokuzithandela ukuwenza. Sasizazisa kakhulu lezincwadi ezengeziwe kanye nemizamo yalabo ababezenza zitholakale. Lapho ushushiso lusenamandla phakathi neminyaka yokuqala yokuvinjelwa, umsebenzi wokushumayela indlu ngendlu wawuyinselele yangempela. Eqinisweni, ukwesaba ukujeziswa iziphathi-mandla kwaholela abanye ekubeni bawuyeke. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi umsebenzi wethu wokushumayela obala wanda ngokuphawulekayo. Ngawo-1960, amaphesenti angu-25 kuphela abamemezeli boMbuso ayehlanganyela njalo enkonzweni yendlu ngendlu. Nokho, inani lababehlanganyela njalo kulesosici senkonzo lase linyuke laba ngamaphesenti angu-66 ngasekupheleni kwawo-1980! Ngalesosikhathi iziphathi-mandla zazingasawunakile kangako umsebenzi wethu wokushumayela obala.
Kwesinye isenzakalo umzalwane engangisebenza naye enkonzweni wayehamba nendodakazi yakhe encane. Ijatshuliswe ukuba khona kwalentombazanyana, intokazi ethile esikhulile esakhuluma nayo yasingenisa endlini yayo. Yayazisa intshumayelo yethu engokomBhalo futhi yavuma ukuba siphinde sibuye. Kamuva ngatshela umkami ukuba ayihambele, okuwuyena owaqalisa isifundo ngokushesha nalona wesifazane. Naphezu kokukhula ngeminyaka nempilo ebuthakathaka, lentokazi yaba udadewethu futhi iyaqhubeka ikhuthele enkonzweni kaJehova.
Ukulungisa Njengoba Inkululeko Yayisondela
UJehova wasilungiselela isikhathi lapho sasiyojabulela khona inkululeko eyengeziwe. Ngokwesibonelo: Ngokushesha ngaphambi kokuba ukuvinjelwa kususwe, satshelwa ukuba sishintshe indlela esasibizana ngayo emihlanganweni. Ngenxa yezizathu zokuphepha, sasiye sabizana ngamagama kuphela. Abaningi okwase kuyiminyaka eminingi bazana babengazani ngezibongo nabakholwa kanye nabo. Nokho, ukuze kulungiselelwe ukwamukela abaningi abengeziwe abathakazelayo emihlanganweni yethu sakhuthazwa ukuba sibizane ngezibongo. Kwabanye lokhu kwabonakala kungabhekiseli kumuntu ngokuqondile, kodwa labo abalalela leseluleko bashintsha kalula kamuva lapho sithola inkululeko yethu.
Sakhuthazwa nokuba siqalise imihlangano yethu ngengoma. Ngalendlela sajwayelana ngokwengeziwe nenqubo elandelwa amabandla akwezinye izindawo. Okunye ukulungisa kwaba sebukhulwini bamaqembu ezifundo zethu zencwadi. Anda kancane kancane kusuka kubantu abane ngawo-1950 kuya kwabayisishiyagalombili. Kamuva andiswa aba nabantu abayishumi futhi ekugcineni baba ngu-12. Ngaphezu kwalokho, kwenziwa ukuhlola ukuze kuqinisekwe ukuthi indawo yokuhlangana yebandla ngalinye yayisendaweni emaphakathi engafinyelelwa iningi loFakazi.
Ngezinye izikhathi sasibona ukuhlakanipha kokulungisa okusikiselwe lapho sekwenziwe. Yeka ukuthi ziningi kangakanani izikhathi uJehova aye wazibonisa ngazo enguBaba ohlakaniphile nocabangelayo! Kancane kancane, wasenza sahambisana nayo yonke inhlangano yakhe yasemhlabeni, futhi sazizwa siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke babantu bakhe ngokwengeziwe. Ngokuqinisekile, uJehova uNkulunkulu uye wabavikela ngothando abantu bakhe phakathi nayo yonke iminyaka ecishe ibe ngu-40 ababesebenza ngayo ngaphansi kokuvinjelwa eMpumalanga Jalimane. Yeka indlela esijabula ngayo manje ngokuthola ukuqashelwa okungokomthetho!
Namuhla, kunoFakazi BakaJehova abangu-22 000 noma ngaphezulu endaweni ngaphambili eyayaziwa ngokuthi iMpumalanga Jalimane. Bawubufakazi bokuqondisa ngokuhlakanipha nokunakekela kothando kukaJehova uNkulunkulu. Ukusekela kwakhe phakathi neminyaka yokuba kwethu ngaphansi kokuvinjelwa kubonisa ukuthi angasingatha noma isiphi isimo. Kungakhathaliseki ukuthi isiphi isikhali esenzelwa abantu bakhe, ngeke siphumelele. UJehova uhlala ebanakekela kahle labo abathembela kuye. (Isaya 54:17; Jeremiya 17:7, 8)—Njengoba ilandiswa uHorst Schleussner.
[Isithombe ekhasini 31]
UHorst noMargarete Schleussner endaweni yeNhlangano eMpumalanga Berlin