Inetha Kanye Nezinhlanzi Kusho Ukuthini Ngawe?
“Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu.”—MATHEWU 13:11.
1, 2. Kungani kumelwe sibe nesithakazelo emifanekisweni kaJesu?
INGABE uyakujabulela ukwazi imfihlo noma ukuxazulula indida? Kuthiwani uma ukwenza kanjalo bekuyokusiza ukuba uyibone ngokucace ngokwengeziwe ingxenye onayo enjongweni kaNkulunkulu? Ngokujabulisayo, ungakuzuza ukuqonda okunjalo okuyilungelo ngomfanekiso owanikezwa uJesu. Wadida abaningi abawuzwa futhi uye wadida nabanye abaningi kakhulu kusukela ngalesosikhathi, kodwa wena ungawuqonda.
2 Phawula lokho uJesu akusho kuMathewu isahluko 13 ngokusebenzisa kwakhe imifanekiso. Abafundi bakhe babuza: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” (Mathewu 13:10) Yebo, kungani uJesu asebenzisa imifanekiso abantu abaningi ababengeke bayiqonde? Waphendula emavesini 11 kuya ku-13: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga. . . . Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.”
3. Ukuqonda imifanekiso kaJesu kungasilethela kanjani izinzuzo?
3 UJesu wabe esesebenzisa uIsaya 6:9, 10, owawuchaza abantu ababeyizithulu nezimpumputhe ngokomoya. Nokho, thina akudingeki sibe njalo. Uma siyiqonda imifanekiso yakhe futhi senza ngokuvumelana nayo, singajabula kakhulu—manje nasesikhathini esizayo esingenakuphela. UJesu usinikeza lesiqinisekiso esifudumele: “Abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.” (Mathewu 13:16) Leso siqinisekiso sihlanganisa yonke imifanekiso kaJesu, kodwa ake sigxile emfanekisweni omfushane wenetha, olotshwe kuMathewu 13:47-50.
Umfanekiso Onencazelo Ejulile
4. Yini eyalandiswa uJesu ngomfanekiso, njengoba kulotshwe kuMathewu 13:47-50?
4 “Umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; lithé seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. Kuyakuba-njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
5. Luhlobo luni lwemibuzo ephakamayo ngokuqondene nencazelo yomfanekiso wenetha?
5 Cishe wake wababona abantu bedoba ngenetha, mhlawumbe ebhayisikobho noma kuthelevishini, ngakho umfanekiso kaJesu akunzima ukuwubona ngeso lengqondo. Kodwa kuthiwani ngemininingwane nangencazelo? Ngokwesibonelo, uJesu wathi lomfanekiso uphathelene ‘nombuso wezulu.’ Nokho, ngokuqinisekile wayengasho ukuthi “zonke izinhlobo” zabantu, abahle kanye nabangafaneleki, noma ababi, ziyoba seMbusweni. Futhi, obani abadobayo? Ingabe lokhu kudoba nokuhlukanisa kwenzeka osukwini lukaJesu, noma ingabe kungenzeka ukuthi kwakuyokwenzeka esikhathini sethu kuphela, “ekupheleni kwezwe”? Ingabe uyazibona kulomfanekiso? Ungakugwema kanjani ukugcina usuphakathi kwalabo abakhalayo futhi bagedle amazinyo?
6. (a) Kungani kufanele sibe nesithakazelo esikhulu ekuqondeni umfanekiso wenetha? (b) Siyini isihluthulelo sokuwuqonda?
6 Imibuzo enjalo ibonisa ukuthi lomfanekiso awulula neze. Nokho, ungakhohlwa: “Abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.” Ake sibone ukuthi singakwazi yini ukuhlola incazelo yawo ukuze izindlebe zethu zingabi ezingezwa namehlo ethu angabi angakuboni ukubaluleka kwawo. Eqinisweni, sesinaso kakade isihluthulelo esiyisisekelo sokuthola incazelo yawo. Isihloko esandulelayo sikhulume ngoJesu emema abadobi baseGalile ukuba bawushiye lowomsebenzi futhi benze umsebenzi wokuba “abadobi babantu.” (Marku 1:17) Wathi kubo: “Kusukela manje [ni]zakubamba abantu [bephila].”—Luka 5:10, qhathanisa neNW.
7 .Wayefanekiselani uJesu lapho ekhuluma ngezinhlanzi?
7 Ngokuvumelana nalokho, izinhlanzi kulomfanekiso zimelela abantu. Ngakho, lapho ivesi 49 likhuluma ngokuhlukaniswa kwababi nabalungileyo, alibhekiseli ezilwaneni zasemanzini ezilungile noma ezimbi, kodwa libhekisela kubantu abalungile noma ababi. Ngokufanayo, ivesi 50 akufanele lisenze sicabange ngezilwane zasolwandle ezikhalayo nezigedla amazinyo. Cha. Lomfanekiso uphathelene nokubuthelwa ndawonye kwabantu kanye nokuhlukaniswa kwabo kamuva, okungathi sína ngempela, njengoba umphumela ubonisa.
8. (a) Yini esingayifunda ngokuqondene nomphumela oyotholwa izinhlanzi ezingafaneleki? (b) Ngokwalokho okwashiwo ngezinhlanzi ezingafaneleki, yini esingaphetha ngayo ngokuqondene noMbuso?
8 Phawula ukuthi izinhlanzi ezingafaneleki, okungukuthi, ezimbi, ziyophonswa eziko lomlilo, lapho ziyokhala khona futhi zigedle amazinyo. Kwenye indawo uJesu wahlobanisa ukukhala nokugedla amazinyo okunjalo nokuba ngaphandle koMbuso. (Mathewu 8:12; 13:41, 42) KuMathewu 5:22 no-18:9 (IBhayibheli lesiZulu elidala), waze wakhuluma ngisho ‘nangeGehena lomlilo,’ ebhekisela ekubhujisweni kwaphakade. Ingabe lokho akubonisi yini ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthola incazelo yalomfanekiso nokwenza ngokufanelekile? Sonke siyazi ukuthi abekho futhi ngeke babe khona abantu ababi eMbusweni kaNkulunkulu. Ngakho, lapho uJesu ethi “umbuso wezulu ufana nenetha,” kumelwe ukuba wayesho ukuthi ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu, kunesici esinjengenetha elehliselwe ukubutha izinhlobo ezihlukahlukene zezinhlanzi.
9. Izingelosi zihileleke kanjani emfanekisweni wenetha?
9 Ngemva kokwehliswa kwenetha nokubuthwa kwezinhlanzi, kwakuzoba nomsebenzi wokuhlukanisa. Obani uJesu athi babehilelekile? UMathewu 13:49 wachaza labahlukanisi abangabadobi ngokuthi izingelosi. Ngakho uJesu wayesitshela ngokuqondisa kwezingelosi ithuluzi elisemhlabeni elisetshenziselwa ukuhlukanisa abantu—abahle nabafanelekela uMbuso wezulu, nabanye abangalufanelekeli lolobizo.
Ukudoba—Nini?
10. Kungasiphi isizathu singathola ukuthi ukudoba kwathatha isikhathi eside?
10 Umongo uyasisiza ukuba sithole ukuthi lokhu kwenzeka nini. Ngaphambi nje kwalokhu, uJesu wanikeza umfanekiso ophathelene nokuhlwanyelwa kwembewu enhle, kodwa kwabe sekuhlwanyelwa ukhula phezu kwayo ensimini, efanekisela izwe. KuMathewu 13:38 wachaza ukuthi imbewu enhle yayifanekisela “abantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi.” Lokhu kwakhula ndawonye emakhulwini amaningi eminyaka, kwaze kwaba sesikhathini sokuvuna ekupheleni kwesimiso sezinto. Khona-ke ukhula lwahlukaniswa namabele lwase luyashiswa. Uma siqhathanisa lokhu nomfanekiso wenetha, siyabona ukuthi ukubuthelwa kwezidalwa enetheni kwakuzothatha isikhathi eside.—Mathewu 13:36-43.
11. Umsebenzi wokudoba wezizwe zonke waqala kanjani ekhulwini lokuqala leminyaka?
11 Ngokomfanekiso kaJesu, izinhlanzi zaziyobuthwa ngokungakhethi, okuwukuthi, inetha lathatha kokubili izinhlanzi ezinhle nezingafaneleki. Ngesikhathi abaphostoli besaphila, izingelosi eziqondisa umsebenzi wokudoba zasebenzisa inhlangano kaNkulunkulu yamaKristu ukuze zibambe “izinhlanzi” ezaba amaKristu agcotshiwe. Ungase uthi ngaphambi kwePentekoste lika-33 C.E., ukudoba abantu kukaJesu kwadoba abafundi abangu-120. (IzEnzo 1:15) Kodwa lapho ibandla lamaKristu agcotshiwe selimisiwe, kwaqalisa ukudoba ngethuluzi eliyinetha, futhi kwabanjwa izinkulungwane zezinhlanzi ezinhle. Kusukela ngo-36 C.E., ukudoba kwasakazekela emanzini asezizweni zonke, njengoba abeZizwe babelethwa ebuKristwini futhi beba amalungu ebandla eligcotshiwe likaKristu.—IzEnzo 10:1, 2, 23-48.
12. Yini eyenzeka ngemva kokufa kwabaphostoli?
12 Emakhulwini eminyaka ngemva kokufa kwabaphostoli, aqhubeka ekhona amaKristu ayelwela ukuthola iqiniso laphezulu nokubambelela kulo. Okungenani amanye awo ayevunyelwe uNkulunkulu, futhi wawagcoba ngomoya ongcwele. Noma kunjalo, ukufa kwabaphostoli kwasusa ithonya elivimbelayo, okwenza ukuba kube nokuhlubuka okusakazekile. (2 Thesalonika 2:7, 8) Kwakhula inhlangano eyayizisholo ngokungafanele ukuthi iyibandla likaNkulunkulu. Yazisholo ngamanga ukuthi iyisizwe esingcwele esigcotshwe ngomoya kaNkulunkulu ukuba sibuse noJesu.
13. Kungani kungathiwa eLobukholwa laba nendima ethile emsebenzini wenetha?
13 Ingabe ucabanga ukuthi abantu abangathembekile ababethi bangamaKristu babenayo ingxenye emfanekisweni wenetha? Empeleni, kunesizathu sokuphendula ngokuthi, yebo, baba nayo. Inetha elingokomfanekiso lalihlanganisa neLobukholwa. Yiqiniso, eminyakeni eminingi iSonto LamaKatolika lazama ukwenza iBhayibheli lingatholakali kubantu abavamile. Nokho, phakathi namakhulu eminyaka amalungu eLobukholwa aba nendima eyinhloko ekuhumusheni, ekukopisheni, nasekusakazeni iZwi likaNkulunkulu. Kamuva amasonto amisa futhi asekela izinhlangano zeBhayibheli, ezahumushela iBhayibheli ezilimini zasemazweni akude. Futhi athumela abavangeli bezokwelapha nabafundisi, abenza abantu baba amaKristu ngoba befuna ukunakekelwa. Lokhu kwabutha amanani amakhulu ezinhlanzi ezingafaneleki, ezazingenakho ukuvunyelwa uNkulunkulu. Kodwa okungenani kwenza izigidi zabangewona amaKristu ukuba zazi ngeBhayibheli futhi zakhe ubuKristu, nakuba babonakalisiwe.
14. Ukudoba izinhlanzi ezinhle kwasekelwa kanjani umsebenzi owenziwa amasonto eLobukholwa?
14 Phakathi naso sonke lesosikhathi, abathembekile ababesakazekile bebambelele eZwini likaNkulunkulu bazikhandla ngokusemandleni abo. Nganoma isiphi isikhathi, bebeyibandla likaNkulunkulu labagcotshiwe leqiniso emhlabeni. Futhi singaqiniseka ukuthi nabo babezibamba izinhlanzi, noma abantu, eziningi zazo uNkulunkulu ayeyozibheka njengezinhle futhi azigcobe ngomoya wakhe. (Roma 8:14-17) Labantu abahle ababethi bangamaKristu bakwazi ukuyisa iqiniso leBhayibheli kwabaningi ababeye baba amaKristu ngoba befuna ukunakekelwa noma ababezuze ulwazi olulinganiselwe lweBhayibheli emiBhalweni eyayihunyushelwe ezilimini zabo izinhlangano zeLobukholwa zeBhayibheli. Yiqiniso, ukubuthwa kwezinhlanzi ezinhle kwakuqhubeka, ngisho nakuba eziningi ezazibuthwa eLobukholwa zazingafaneleki ngokombono kaNkulunkulu.
15. Ngokusobala, yini emelelwa inetha lalomfanekiso?
15 Ngakho inetha limelela ithuluzi lasemhlabeni elithi liyibandla likaNkulunkulu futhi elibutha izinhlanzi. Liye lahlanganisa eLobukholwa kanye nebandla lamaKristu agcotshiwe, lelibandla liyaqhubeka libutha izinhlanzi ezinhle, ngaphansi kokuqondisa okungabonakali kwezingelosi, ngokuvumelana noMathewu 13:49.
Isikhathi Sethu Sikhethekile
16, 17. Kungani isikhathi esiphila kuso sibaluleke kangaka ekugcwalisekeni komfanekiso kaJesu wenetha?
16 Manje ake sicabangele indaba yesikhathi. Emakhulwini amaningi eminyaka ithuluzi eliyinetha labutha izinhlanzi ezinhle kanye neziningi ezingafaneleki, noma ezimbi. Khona-ke kwafika isikhathi lapho izingelosi zahileleka khona ekwenzeni umsebenzi obalulekile wokuhlukanisa. Nini? Nokho, ivesi 49 lisho ngokucacile ukuthi kwenzeka phakathi ‘nesiphelo sezwe.’ Lokhu kufana nalokho uJesu akusho emfanekisweni wezimvu nezimbuzi: “Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi.”—Mathewu 25:31, 32.
17 Ngakho, ngokuvumelana noMathewu 13:47-50 (NW), umsebenzi obalulekile wokuhlukanisa owenziwa ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi ubulokhu uqhubeka kusukela ‘isiphelo sesimiso sezinto’ saqala ngo-1914. Lokhu kwaba sobala ikakhulukazi ngemva kuka-1919, lapho insali yabagcotshiwe ikhululwa ebugqilini besikhashana obungokomoya, noma ekuthunjweni, futhi iba ithuluzi eliphumelela ngokwengeziwe lokufeza umsebenzi wokudoba.
18. Izinhlanzi ezinhle ziye zabuthelwa kanjani ezitsheni?
18 Kwakuzokwenzekani ezinhlanzini ezinhle ezihlukanisiwe? Ivesi 48 lithi abahlukanisi abangabadobi “babuthela [izinhlanzi] ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.” Lezizitsha ziyizinto ezivikelayo okufakwa kuzo izinhlanzi ezinhle. Ingabe lokhu kuye kwenzeka esikhathini sethu? Ngokuqinisekile. Njengoba izinhlanzi ezingokomfanekiso ziye zabanjwa ziphila, ziye zabuthelwa emabandleni amaKristu eqiniso. Lamabandla anjengezitsha aye asiza ekuzivikeleni nasekuzilondolozeleni inkonzo engokwaphezulu, ingabe awuvumi? Nokho, omunye umuntu angase acabange, ‘Kuyezwakala, kodwa lokhu kuhlangene ngani nokuphila kwami kwamanje nekusasa lami?’
19, 20. (a) Kungani kubalulekile namuhla ukuthola umqondo walomfanekiso? (b) Yimuphi umsebenzi wokudoba obalulekile oye wenziwa kusukela ngo-1919?
19 Ukufezeka kwalokho okwakufanekiselwa lapha akugcinanga emakhulwini eminyaka aphakathi kwesikhathi sabaphostoli no-1914. Phakathi naleyonkathi, ithuluzi eliyinetha labuthela ndawonye abantu ababethi bangamaKristu kokubili abamanga nabeqiniso. Yebo, lalibuthela ndawonye izinhlanzi ezingafaneleki nezinhlanzi ezinhle. Ngaphezu kwalokho, umsebenzi wokuhlukanisa owenziwa izingelosi awuzange uphele emuva ngawo-1919. Lutho neze. Ezicini ezithile lomfanekiso wenetha usasebenza nasesikhathini sethu. Kuhileleke thina kanye nekusasa lethu elingekude. Kubalulekile ukuba siqonde indlela nesizathu sokuba kube njalo uma sifuna lamazwi asebenze kithi: “Abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa” ngokuqonda.—Mathewu 13:16.
20 Cishe uyazi ukuthi ngemva kuka-1919 insali egcotshiwe yaba matasa emsebenzini wokushumayela ibambisene nezingelosi, eziqhubeka zisebenzisa inetha elingokomfanekiso lokudobela izinhlanzi ogwini, ukuze zihlukanise ezinhle kwezingafaneleki. Izibalo ezakhishwa ngaleyonkathi zibonisa ukuthi ukubanjwa kwezinhlanzi ezinhle ukuze zigcotshwe ngomoya kaNkulunkulu kwaqhubeka njengoba abokugcina babangu-144 000 babebuthelwa ndawonye ngenetha elingokomfanekiso. (IsAmbulo 7:1-4) Kodwa maphakathi nawo-1930, ngokuyisisekelo ukubuthwa kwezinhlanzi ezinhle ukuze zigcotshwe ngomoya ongcwele kwaphela. Ingabe ibandla lensali egcotshiwe lase lizolilahla inetha, ngomqondo ongokomfanekiso, bese lihlala lingenzi lutho, lilindele umvuzo walo wasezulwini? Lutho neze!
Ukuhileleka Kwakho Ekudobeni
21. Yikuphi okunye ukudoba okuye kwenzeka esikhathini sethu? (Luka 23:43)
21 Umfanekiso kaJesu wenetha wagxila ezinhlanzini ezinhle ezaziyothola umvuzo wokuba nendawo eMbusweni wamazulu. Nokho, ngaphandle kwalowomfanekiso, kunokunye ukudoba okungokomfanekiso okwenzeka ngesilinganiso esikhulu, njengoba nje kuboniswe esihlokweni esandulelayo. Lokhu kudoba, akukhona okwezinhlanzi ezinhle ezigcotshiwe okukhulunywe ngazo emfanekisweni kaJesu, kodwa okwezinhlanzi ezingokomfanekiso okumelwe zibanjwe ziphila futhi zinikezwe ithemba elimangalisayo lokuphila emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 7:9, 10; qhathanisa noMathewu 25:31-46.
22. Yimuphi umphumela omuhle esingawujabulela, futhi yini engenzeka uma kungenjalo?
22 Uma unalelothemba, khona-ke ungajabula ngokuthi uJehova uye wavumela umsebenzi wokudoba osindisa ukuphila ukuba uqhubeke kuze kube manje. Lokhu kuye kwenza kwaba nokwenzeka ngawe ukuba uthole ithemba elimangalisayo. Ithemba? Yebo, lelo igama elifanelekayo elingase lisetshenziswe, ngoba umphumela uyovumelana nokuqhubeka kwethu sithembekile kuLowo oqondisa umzamo oqhubekayo wokudoba. (Zefaniya 2:3) Khumbula ukuthi emfanekisweni akuzona zonke izinhlanzi ezidotshwa ngenetha ezithola umphumela omuhle. UJesu wathi ezingafaneleki, noma ezimbi, ziyohlukaniswa kwezilungileyo. Ube yini umphumela? KuMathewu 13:50, uJesu wachaza umphumela ongathi sína ezinhlanzini ezingafaneleki, noma ezimbi. Lezi ziyophonswa eziko lomlilo, okusho ukubhujiswa kwaphakade.—IsAmbulo 21:8.
23. Yini ebangela ukuba umsebenzi wokudoba namuhla ube obaluleke kangaka?
23 Ngokuqondene nezinhlanzi ezinhle ezigcotshiwe, kanye nezinhlanzi ezingokomfanekiso okungenzeka ziphile phakade emhlabeni, kunekusasa elikhazimulayo. Khona-ke, ngesizathu esihle izingelosi ziqikelela ukuba njengamanje kwenziwe umsebenzi wokudoba oyimpumelelo emhlabeni wonke. Futhi yeka ukuthi kubanjwa eziningi kangakanani! Uyobe awuphambukile uma ungathi, ngendlela yakho, kuwukubamba okuyisimangaliso njengalokho kwezinhlanzi zangempela okwajatshulelwa abaphostoli lapho behlisa amanetha abo lapho beqondiswa uJesu.
24. Yini okufanele sifune ukuyenza ngokuqondene nokudoba okungokomoya?
24 Ingabe uhlanganyela ngenkuthalo ngangokunokwenzeka kulomsebenzi osindisa ukuphila wokudoba okungokomoya? Kungakhathaliseki ukuthi siye sahlanganyela kakhulu kangakanani thina ngabanye kuze kube yilesikhathi, ngamunye wethu angazuza ngokubheka lokho okuye kwafezwa embulungeni yonke emsebenzini wokudoba okukhulu nosindisa ukuphila oqhubekayo njengamanje. Ukwenza kanjalo kufanele kusishukumisele ukuba sibe nentshiseko eyengeziwe ekwehliseni amanetha ukuze sibambe ezinsukwini ezisengaphambili!—Qhathanisa noMathewu 13:23; 1 Thesalonika 4:1.
Ingabe Uyawakhumbula Lamaphuzu?
◻ Yini emelelwa izinhlobo ezimbili zezinhlanzi emfanekisweni kaJesu wenetha?
◻ Kungamuphi umqondo amasonto eLobukholwa eye ahileleka emsebenzini owenziwa inetha?
◻ Kungani ukudoba okwenziwa esikhathini sethu kubaluleke kangaka?
◻ Umfanekiso wenetha kufanele ubangele ngamunye wethu ukuba enze luphi uhlobo lokuzihlola?
[Isithombe ekhasini 18]
Emakhulwini amaningi eminyaka kuye kwadotshwa oLwandle LwaseGalile
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.