“Ngenisani Konke Okweshumi Endlini Yengcebo”
‘Ngivivinyeni ngalokhu, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini.’—MALAKI 3:10.
1. (a) Ekhulwini lesihlanu leminyaka B.C.E., yisiphi isimemo uJehova asinikeza abantu bakhe? (b) Ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., yini eyaba umphumela wokuza kukaJehova ethempelini ezokwahlulela?
EKHULWINI lesihlanu leminyaka B.C.E., amaIsrayeli ayengathembekanga kuJehova. Ayekugodlile okweshumi futhi aletha izilwane ezingafanelekile ethempelini njengeminikelo. Nakuba kunjalo, uJehova wathembisa ukuthi uma ayengangenisa konke okweshumi endlini yengcebo, wayeyothulula isibusiso ngaphezu kokwanele. (Malaki 3:8-10) Eminyakeni engaba ngu-500 kamuva, uJehova, emelelwe uJesu njengesithunywa saKhe sesivumelwano, weza ethempelini laseJerusalema ezokwahlulela. (Malaki 3:1) UIsrayeli njengesizwe watholakala entula, kodwa labo bantu ababuyela kuJehova babusiswa ngokucebile. (Malaki 3:7) Bagcotshwa ukuze babe amadodana kaJehova angokomoya, indalo entsha, “uIsrayeli kaNkulunkulu.”—Galathiya 6:16; Roma 3:25, 26.
2. UMalaki 3:1-10 wayeyogcwaliseka nini okwesibili, futhi yini esimenywa ukuba siyenze ngokuqondene nalokhu?
2 Cishe eminyakeni engu-1 900 ngemva kwalokhu, ngo-1914, uJesu wabekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, futhi amazwi kaMalaki 3:1-10 aphefumlelwe ngokwaphezulu kwakumelwe abe nokugcwaliseka kwesibili. Ngokuphathelene nalesenzakalo esivusa amadlingozi, amaKristu namuhla amenywa ukuba angenise konke okweshumi endlini yengcebo. Uma senza kanjalo, nathi siyojabulela izibusiso ezingaphezu kokwanele.
3. Ubani owayeyisithunywa esasilungisa indlela phambi kukaJehova (a) ekhulwini lokuqala leminyaka? (b) ngaphambi kwempi yezwe yokuqala?
3 Ngokuphathelene nokuza kwakhe ethempelini, uJehova wathi: “Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami.” (Malaki 3:1) Njengokugcwaliseka kwalokhu kwekhulu lokuqala, uJohane uMbhapathizi weza kuIsrayeli eshumayela ukuphenduka ezonweni. (Marku 1:2, 3) Ingabe wawukhona umsebenzi wokulungiselela ngokuqondene nokuza kwesibili kukaJehova ethempelini lakhe? Yebo. Emashumini eminyaka ngaphambi kwempi yezwe yokuqala, AbaFundi BeBhayibheli babonakala ezweni befundisa imfundiso ehlanzekile yeBhayibheli futhi bedalula amanga ahlambalaza uNkulunkulu, njengemfundiso kaZiqu-zintathu neyesihogo somlilo. Baxwayisa nangokuphela okuzayo kweZikhathi Zabezizwe ngo-1914. Abaningi basabela kulabaphathi bokukhanya beqiniso.—IHubo 43:3; Mathewu 5:14, 16.
4. Yimuphi umbuzo okwadingeka uphendulwe phakathi nosuku lweNkosi?
4 Unyaka ka-1914 waqalisa lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘usuku lweNkosi.’ (IsAmbulo 1:10) Izenzakalo ezibalulekile zaziyokwenzeka phakathi nalolosuku, kuhlanganise nokubonakala ‘kwenceku ethembekileyo neqondayo’ kanye nokumiswa kwayo ‘phezu kwakho konke [okweNkosi].’ (Mathewu 24:45-47) Emuva ngo-1914, izinkulungwane zamasonto zazithi zingamaKristu. Yiliphi iqembu elaliyokwamukelwa yiNkosi, uJesu Kristu, njengenceku yayo ethembekileyo neqondayo? Lowombuzo kwakumelwe uphendulwe lapho uJehova efika ethempelini.
Ukuza Ethempelini Elingokomoya
5, 6. (a) Kukuliphi ithempeli uJehova eza kulo ezokwahlulela? (b) Yisiphi isahlulelo eLobukholwa elasithola kuJehova?
5 Nokho, kukuliphi ithempeli eza kulo? Ngokukhanyayo kwakungekhona ethempelini elingokoqobo laseJerusalema. Elokugcina lalawomathempeli labhujiswa emuva ngo-70 C.E. Nokho, uJehova unalo ithempeli elikhulu elalifanekiselwa yilelo elaliseJerusalema. UPawulu wakhuluma ngalelithempeli elikhulu futhi wabonisa indlela eliphakeme ngayo ngempela, linendawo engcwele ezulwini futhi igceke lilapha emhlabeni. (Heberu 9:11, 12, 24; 10:19, 20) Kukulelithempeli elikhulu elingokomoya uJehova eza kulo ngomsebenzi wokwahlulela.—Qhathanisa nesAmbulo 11:1; 15:8.
6 Kwenzeka nini lokhu? Ngokobufakazi obuqinisekile obutholakalayo, kwenzeka ngo-1918.a Waba yini umphumela? Ngokuqondene neLobukholwa, uJehova wabona inhlangano ezandla zayo zigcwele igazi, isimiso esingokwenkolo esingcolile esiye safeba nalelizwe, sizenza umngane nezicebi futhi sicindezela abampofu, sifundisa izimfundiso zobuqaba kunokuqhuba ukukhulekela okuhlanzekile. (Jakobe 1:27; 4:4) NgoMalaki, uJehova wayexwayisile: ‘Ngiyakuba ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane.’ (Malaki 3:5) ELobukholwa liye lenza konke lokhu nokubi kunakho. Ngo-1919 kwabonakala ngokukhanyayo ukuthi uJehova wayelilahlele ekubhujisweni kanye nalo lonke iBabiloni Elikhulu, isikhungo somhlaba wonke senkolo yamanga. Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, ubizo lwaya kwabanhliziyo-zilungile: “Phumani kulo, bantu bami.”—IsAmbulo 18:1, 4.
7. Obani uJesu abamukela njengenceku yakhe ethembekileyo neqondayo?
7 Khona-ke ubani owayeyinceku ethembekileyo neqondayo? Ekhulwini lokuqala, yaqala ngeqembu elincane elasabela emsebenzini wokufakaza kaJohane uMbhapathizi nokaJesu, isithunywa sesivumelwano. Ekhulwini lethu, kwakuyizinkulungwane ezimbalwa ezasabela emsebenzini wokulungiselela wabaFundi BeBhayibheli phakathi neminyaka eyaholela ku-1914. Laba bakhuthazelela uvivinyo olunzima phakathi nempi yezwe yokuqala, kodwa babonisa ukuthi inhliziyo yabo yayikuJehova.
Umsebenzi Wokuhlanza
8, 9. Emuva ngo-1918, kungaziphi izindlela inceku ethembekileyo neqondayo yayidinga ukuhlanzwa futhi yisiphi isithembiso uJehova asenza ngokuqondene nalokhu?
8 Nokho, ngisho naleliqembu lalidinga ukuhlanzwa. Abanye ababezihlanganise nalo bashintsha baba yizitha zokholo futhi kwadingeka ukuba basuswe. (Filipi 3:18) Abanye babengazimisele ukuthwala imithwalo yemfanelo ehilelekile ekukhonzeni uJehova futhi bakhukhuleka. (Heberu 2:1) Ngaphandle kwalokho, kwakunemikhuba yobuBabiloni eyayisasele okwadingeka ilahlwe. Futhi njengenhlangano inceku ethembekileyo neqondayo kwadingeka ihlanzwe. Ukuma okufanele kokungathathi-hlangothi kulelizwe kwadingeka kufundwe futhi kusetshenziswe. Futhi njengoba izwe laliqhubeka lonakala ngokwengeziwe, kwadingeka ilwe kanzima ukuze igcine ukungcola okungokokuziphatha nokungokomoya kungaphandle kwebandla.—Qhathanisa noJuda 3, 4.
9 Yebo, ukuhlanzwa kwakudingeka, kodwa ngothando uJehova wayethembisile ngokuphathelene noJesu obekwe esihlalweni sobukhosi: ‘Uyakuhlala ecwengisisa ehlanza isiliva, ahlambulule amadodana kaLevi, awahlanze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.’ (Malaki 3:3) Kusukela ngo-1918, uJehova, ngalesithunywa sesivumelwano, uye wagcwalisa isithembiso sakhe futhi wahlanza abantu bakhe.
10. Luhlobo luni lomnikelo abantu bakaNkulunkulu abaluletha, futhi yisiphi isimemo uJehova abanika sona?
10 Abafowabo bakaKristu abagcotshiwe nesixuku esikhulu kamuva esahlanganyela nabo enkonzweni kaJehova bonke bazuza ekubeni kukaJehova umcwengisisi nomhlanzi wesiliva. (IsAmbulo 7:9, 14, 15) Njengenhlangano, beza, futhi namanje baseza, benikela umnikelo ngokulunga. Futhi iminikelo yabo “mihle kuJehova . . . njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.” (Malaki 3:4) Kwakuyilaba uJehova abamema ngokwesiprofetho: “Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube-ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu, usho uJehova-Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”—Malaki 3:10.
Iminikelo Nokweshumi
11. Kungani iminikelo ngokwesimiso soMthetho kaMose ingasadingeki?
11 Osukwini lukaMalaki abantu bakaNkulunkulu babeletha iminikelo engokoqobo nokweshumi, okunjengokusanhlamvu, izithelo, nemfuyo. Ngisho nasosukwini lukaJesu, amaIsrayeli athembekile ayenza iminikelo engokoqobo ethempelini. Nokho, ngemva kokufa kukaJesu konke lokho kwashintsha. UMthetho wapheliswa, kuhlanganise nomyalo wokwenza iminikelo ethile yezinto ezibonakalayo nokweshumi. (Efesu 2:15) UJesu wagcwalisa imifuziselo yeminikelo engokwesiprofetho eyayenziwa ngaphansi koMthetho. (Efesu 5:2; Heberu 10:1, 2, 10) Khona-ke, iyiphi indlela amaKristu angaletha ngayo iminikelo nokweshumi?
12. Luhlobo luni lweminikelo nemihlatshelo engokomoya amaKristu alwenzayo?
12 Ngawo, iminikelo iwuhlobo olungokomoya ngendlela ephawulekayo. (Qhathanisa noFilipi 2:17; 2 Thimothewu 4:6.) Ngokwesibonelo, uPawulu wakhuluma ngomsebenzi wokushumayela njengomnikelo lapho ethi: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.” Wabhekisela kolunye uhlobo olungokomoya lomnikelo lapho enxusa: “Maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.” (Heberu 13:15, 16) Lapho abazali bekhuthaza abantwana babo ukuba bangenele inkonzo yamaphayona, kungathiwa babanikela kuJehova, njengoba nje uJefta anikela ngendodakazi yakhe ‘njengomnikelo wokushiswa’ kuNkulunkulu, owayemnikeze ukunqoba.—AbAhluleli 11:30, 31, 39.
13. Kungani amaKristu kungadingekile ukuba anikele ingxenye yeshumi engokoqobo yenzuzo yawo?
13 Nokho kuthiwani ngokweshumi? Ingabe amaKristu anesibopho sokubekela eceleni ingxenye yokweshumi yenzuzo yawo yezinto ezibonakalayo futhi akunikele enhlanganweni kaJehova, into efana naleyo eyenziwa kwamanye amasonto eLobukholwa? Cha, lokho akudingekile. Awukho umbhalo obekela amaKristu umthetho onjalo. Lapho uPawulu eqoqa iminikelo yabaswele eJudiya, akazange asho isilinganiso esithile okwakufanele sinikelwe. Kunalokho, wathi: “Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.” (2 Korinte 9:7) Ekhuluma ngalabo abasezinkonzweni ezikhethekile, uPawulu wabonisa ukuthi nakuba abanye babesekelwa ngokufanelekile ngeminikelo yokuzithandela, wayezimisele ukusebenza futhi azinakekele. (IzEnzo 18:3, 4; 1 Korinte 9:13-15) Kwakungekho okweshumi okwakumiselwe lenjongo.
14. (a) Kungani ukuletha okweshumi kungameleli ukuzinikela kwethu okuphelele kuJehova? (b) Kumelelani okweshumi?
14 Ngokucacile, kumaKristu okweshumi kufanekisela, noma kumelela okuthile. Njengoba kuyingxenye yeshumi futhi isibalo esiyishumi ngokuvamile sifanekisela ukuphelela kwasemhlabeni eBhayibhelini, ingabe okweshumi kufanekisela ukuzinikela kwethu okuphelele kuJehova? Cha. Lapho sizinikezela kuJehova futhi sibonakalisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi, kungalesosikhathi esizinikela ngaso ngokuphelele kuye. Kusukela esikhathini sokuzinikezela kwethu, asinalutho olungelona olukaJehova kakade. Nokho, uJehova uvumela abantu ngabanye ukuba babelane ngalokho okungokwabo. Ngakho okweshumi kumelela ingxenye yalokho okungokwethu esikuletha kuJehova, noma esikusebenzisa enkonzweni kaJehova, njengophawu lothando lwethu ngaye nokuqaphela kwethu iqiniso lokuthi singabakhe. Okweshumi kosuku lwanamuhla akukhona ukuthi kumelwe nakanjani kube yingxenye yeshumi. Kwezinye izimo kuyoba ngaphansi. Kwezinye kuyoba ngaphezulu. Umuntu ngamunye uletha lokho inhliziyo yakhe emshukumisela ukuba akulethe nalokho izimo zakhe ezikuvumelayo.
15, 16. Yini ehlanganisiwe kokweshumi kwethu okungokomoya?
15 Yini ehlanganisiwe kulokhu okweshumi okungokomoya? Phakathi kokunye, sinika uJehova isikhathi sethu namandla. Isikhathi esisisebenzisa emihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda neyesigodi, enkonzweni yasensimini, sonke lesikhathi singokuthile esikunika uJehova—ingxenye yethu yokweshumi. Isikhathi namandla esikusebenzisa sivakashela abagulayo futhi sisiza abanye—nalokhu, kuyingxenye yethu yokweshumi. Ukusiza ekwakheni amaHholo OMbuso nokuhlanganyela emsebenzini wokulondoloza nokuhlanza ihholo nakho ngokufanayo kuyingxenye.
16 Okweshumi kwethu kuhlanganisa futhi neminikelo yethu engokwezimali. Njengoba kunokwanda okumangalisayo kwenhlangano kaJehova eminyakeni yamuva, izibopho ezingokwezimali ziye zanda. Kudingeka amaHholo OMbuso amasha, kanye nezakhiwo ezintsha zamagatsha namaHholo Emihlangano amasha, kuhlanganise nokunakekelwa kwalawo asakhiwe kakade. Ukuhlangabezana nezindleko zalabo abaye bazenza batholakalela inkonzo ekhethekile—ngokuvamile abazidela kakhulu ngokomuntu siqu ukuze benze kanjalo—nakho kubeka inselele emangalisayo. Ngo-1991 izindleko zokusekela izithunywa zevangeli, ababonisi abajikelezayo, namaphayona akhethekile kuphela zafinyelela emaRandini angaphezu kwezigidi ezingu-110, zonke ezatholakala ngeminikelo yokuzithandela.
17. Yini ngempela okufanele siyinikele njengokweshumi kwethu okungokomoya?
17 Yini ngempela okufanele siyinikele njengokweshumi kwethu okungokomoya? UJehova akabeki isilinganiso esithile. Nakuba kunjalo, umuzwa wokuzinikezela, uthando oluqotho ngoJehova nabazalwane, kanye nomuzwa wokuphuthuma lapho siqaphela ukuthi kunokuphila okumelwe kusindiswe, kusikhuthaza ukuba silethe konke okweshumi kwethu okungokomoya. Sizizwa sishukunyiselwa ukuba sikhonze uJehova ngezinga elikhulu kakhulu esingenza ngalo. Uma sizinikela thina noma ngamandla ethu ngokuzigodla noma ngokukhononda, lokhu bekuyofana nokuphanga uNkulunkulu.—Qhathanisa noLuka 21:1-4.
Ukubusiswa Ngaphezu Kokwanele
18, 19. Abantu bakaJehova baye babusiswa kanjani ngokuletha konke okweshumi kwabo?
18 Kusukela ngo-1919, abantu bakaJehova baye basabela ngokuphana ngesikhathi sabo, amandla, nengcebo engokwezimali ezidingweni zomsebenzi wokushumayela. Ngempela baye baletha konke okweshumi endlini yengcebo. Ngenxa yalokho, uJehova uye wagcwalisa isithembiso sakhe futhi wathulula isibusiso kunokwaneleyo. Lokhu kuye kwabonakala ngendlela emangalisa kakhulu ekwandeni kwabo ngokwezibalo. Kusukela kwabagcotshiwe abayizinkulungwane ezimbalwa ababekhonza uJehova lapho eza ethempelini lakhe ngo-1918, baye banda kwaze kwaba yilapho namuhla abagcotshiwe kanye nabangane babo, ezinye izimvu, befinyelela ngaphezu kwezigidi ezine ngenani emazweni ahlukahlukene angu-211. (Isaya 60:22) Laba futhi baye babusiswa ngokwanda okuqhubekayo ekuqondeni iqiniso. Izwi lesiprofetho liye lenziwa laba eliqiniseke ngokwengeziwe kubo. Ukuqiniseka kwabo ngokugcwaliseka kwezinjongo zikaJehova kuye kwagxiliswa ngokuqinile. (2 Petru 1:19) Ngempela bangabantu ‘abafundiswe uJehova.’—Isaya 54:13.
19 NgoMalaki, uJehova wabikezela esinye isibusiso: “Khona abamesaba uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.” (Malaki 3:16) Kuzo zonke izinhlangano ezithi zingamaKristu, oFakazi BakaJehova kuphela abacabanga ngegama lakhe futhi balikhulise phakathi kwezizwe. (IHubo 34:3) Yeka indlela abajabula ngayo ngokuqinisekiswa ukuthi uJehova uyakukhumbula ukwethembeka kwabo!
20, 21. (a) Yibuphi ubuhlobo obubusisiwe amaKristu eqiniso abujabulelayo? (b) Ngokuphathelene nobuKristu, yimuphi umehluko oya ukhanya ngokwengeziwe?
20 Insali egcotshiwe ingabantu bakaJehova abakhethekile, futhi isixuku esikhulu, esithutheleka ukuzohlanganyela kanye nayo, sivuna kanye nayo izibusiso zokukhulekela okuhlanzekile. (Zakariya 8:23) NgoMalaki, uJehova uyathembisa: “Bayakuba-ngabami, usho uJehova-Sebawoti, babe-yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.” (Malaki 3:17) Yeka isibusiso okuyiso ukuthi uJehova ubanakekela ngothando ngalendlela!
21 Ngempela, umehluko phakathi kwamaKristu eqiniso nawamanga uya ubonakala ngokwengeziwe. Njengoba abantu bakaJehova belwela ukugcina izindinganiso zakhe, eLobukholwa liya licwila ngokwengeziwe obishini lokungcola kwalelizwe. Ngempela, amazwi kaJehova aye abonakala eyiqiniso: “Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.”—Malaki 3:18.
22. Yiziphi izibusiso esingaqiniseka ukuthi siyozijabulela uma siqhubeka siletha konke okweshumi?
22 Ngokushesha, luzofika usuku lokwahlulelwa kwamaKristu amanga. “Bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba-ngamabibi; luyakubashisa lolosuku oluzayo, usho uJehova-Sebawoti.” (Malaki 4:1) Abantu bakaJehova bayazi ukuthi uyobavikela ngalesosikhathi, njengoba avikela isizwe sakhe esingokomoya emuva ngo-70 C.E. (Malaki 4:2) Yeka indlela abajabula ngayo ngokuba nalesosiqinisekiso! Ngakho, kuze kube yilesosikhathi, kwangathi ngamunye wethu angabonisa ukwazisa nothando ngoJehova ngokuletha konke okweshumi endlini yengcebo. Khona-ke singaqiniseka ukuthi uyoqhubeka esibusisa kunokwaneleyo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda kaJune 15, 1987, amakhasi 14-20.
Ungachaza?
◻ Ezikhathini zanamuhla, uJehova weza nini ethempelini nesithunywa sakhe sesivumelwano?
◻ Obani abayinceku ethembekileyo neqondayo, futhi yikuphi ukuhlanzwa ababekudinga ngemva kuka-1918?
◻ Luhlobo luni lweminikelo engokomoya amaKristu eqiniso aluletha kuJehova?
◻ Kuyini okweshumi amaKristu amenywa ukuba akulethe endlini yengcebo?
◻ Yiziphi izibusiso abantu bakaNkulunkulu abazijabulelayo ngokunikela okweshumi okungokomoya?
[Isithombe ekhasini 15]
Okweshumi kwethu okungokomoya kuhlanganisa ukunikela ngamandla ethu nengcebo ukuze kwakhiwe amaHholo OMbuso
[Isithombe ekhasini 16]
Ngenxa yesibusiso sikaJehova kubantu bakhe, kuye kwadingeka ukuba kwakhiwe kakhulu kuhlanganise namaHholo OMbuso namaHholo EMihlangano