UJehova, UMenzi Wezimangaliso
“Umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.”—IHUBO 86:10.
1, 2. (a) Izinto ezisungulwe abantu ziye zalithonya kanjani izwe? (b) Singalitholaphi ithemba lezinto ezingcono?
UMUNTU wanamuhla angase aqhoshe ngokuthi izinto azisungulile ziyizimangaliso—izinto zikagesi, ezokuxhumana nabantu abakude, ivideo, izimoto, ukuhamba ngezindiza ezinesivinini esikhulu, nobuchwepheshe obenziwa amacomputer. Lezinto ziye zashintsha izwe zalenza laba umphakathi owodwa. Kodwa yeka uhlobo lomphakathi okuyilo! Esikhundleni sokuthula, ukuchuma, nenala kubo bonke, isintu sihlushwa izimpi ezibhubhisayo, ubugebengu, ubuphekula, ukungcola, izifo, nobumpofu. Futhi izikhali zenuzi ezisakazeke emhlabeni wonke, nakuba sezincishisiwe ngenani, zisengabhubhisa isintu. Abadayisi bokufa, abakhiqizi bezikhali, bayaqhubeka beqhuba amabhizinisi amakhulu emhlabeni. Abacebile bayaqhubeka beceba ngokwengeziwe, futhi abampofu beba mpofu ngokwengeziwe. Ingabe umuntu angalithola ikhambi?
2 Yebo! Ngoba kukhona oThile oqinisekisa ukusikhulula, ‘omkhulu ngokwengeziwe kunomkhulu,’ uJehova uNkulunkulu. (UmShumayeli 5:8) Waphefumlela ukubhalwa kwamahubo, anikeza induduzo enkulu neseluleko esihlakaniphile sezikhathi zokucindezeleka. Phakathi kwawo kukhona iHubo 86, ngenhla kwalo okunombhalo olula: “Umkhuleko kaDavide.” Kuwumthandazo ongawenza ube owakho.
Ukuthembeka Naphezu Kokuhlupheka
3. Kulezikhathi, yisiphi isibonelo esikhuthazayo esinikezwa uDavide?
3 UDavide wabhala lelihubo lapho engaphansi kokuhlupheka. Thina namuhla, esiphila “ezinsukwini zokugcina” zesimiso sikaSathane, ‘lezikhathi ezinzima,’ sibhekene novivinyo olufanayo. (2 Thimothewu 3:1; bheka noMathewu 24:9-13.) Njengathi, uDavide wahlushwa izinkathazo nokucindezeleka ngenxa yezinkinga ezazimthinta. Kodwa akazange aluvumele lolovivinyo ukuba lwenze buthakathaka ukuthembela kwakhe okuqotho kuMdali wakhe. Wamemeza: “Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu. Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; wena-Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.”—IHubo 86:1, 2.
4. Kufanele sikubonise kanjani ukuqiniseka kwethu?
4 Singaqiniseka, njengoDavide, ukuthi “uNkulunkulu wenduduzo yonke,” uJehova, uyophendulela indlebe yakhe kulomhlaba futhi alalele imithandazo yethu yokuthobeka. (2 Korinte 1:3, 4) Lapho sithembela ngokuphelele kuNkulunkulu wethu, singalandela iseluleko sikaDavide: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.”—IHubo 55:22.
Ubuhlobo Obuseduze NoJehova
5. (a) Ezinye izinguqulo ezicophelelayo ziye zawalungisa kanjani amaphutha ababhali abangamaJuda? (b) Iyiphi indlela ihubo lama-85 nelama-86 adumisa ngayo uJehova? (Bheka umbhalo waphansi.)
5 EHutsheni lama-86, uDavide usebenzisa inkulumo ethi “Oh Jehova” (NW) izikhathi ezingu-11. Yeka indlela ongowentshiseko ngayo umthandazo kaDavide futhi yeka indlela obuseduze ngayo ubuhlobo bakhe noJehova! Kamuva, ukusetshenziswa okunjalo okuseduze kwegama likaNkulunkulu kwabacasula ababhali abangamaJuda, ikakhulukazi amaSopherim. Babenokwesaba okusekelwe ekukholelweni ezeni kokulisebenzisa kabi leligama. Bengalinaki iqiniso lokuthi umuntu wayedalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, benqaba ukuthi noNkulunkulu unazo izimfanelo nabantu abazibonisayo. Ngakho ezindaweni ezingu-7 kwezingu-11 elivela kuzo igama laphezulu embhalweni wesiHeberu walelihubo lodwa, bafaka isiqu esithi ʼAdho-naiʹ (Nkosi) esikhundleni segama elithi YHWH (Jehova). Singabonga ngokuthi iNew World Translation of the Holy Scriptures, kanye nezinye izinguqulo eziningi ezicophelelayo, ziye zalibuyisela igama laphezulu endaweni yalo efanelekile eZwini likaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, ubuhlobo bethu noJehova bugcizeleleka ngendlela okufanele kwenzeke ngayo.a
6. Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi igama likaJehova liyigugu kithina?
6 Umthandazo kaDavide uyaqhubeka: “Yiba-nomusa kimi, [Oh Jehova, NW], ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke. Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuwena [Oh Jehova, NW] ngiwuphakamisela umphefumulo wami.” (IHubo 86:3, 4) Phawula ukuthi uDavide wayeqhubeka ebiza uJehova “usuku lonke.” Empeleni, ngokuvamile wayethandaza ubusuku bonke, njengalapho engumbaleki ehlane. (IHubo 63:6, 7) Ngokufanayo namuhla, abanye oFakazi lapho besongelwa ngokudlwengulwa noma ngokunye ukuhlaselwa kobugebengu baye bamemeza uJehova ngezwi eliphakeme. Ngezinye izikhathi baye bamangala ngokubona umphumela ojabulisayo.b Igama likaJehova liyigugu kithina, njengoba nje lalinjalo ‘kuJesu Kristu, indodana kaDavide,’ lapho esemhlabeni. UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandazele ukungcweliswa kwegama likaJehova futhi wabazisa ukuthi leligama limelelani.—Mathewu 1:1; 6:9; Johane 17:6, 25, 26.
7. Yiziphi izibonelo esinazo zokuphakamisa kukaJehova wona kanye umphefumulo wezinceku zakhe, futhi kufanele sisabele kanjani?
7 UDavide waphakamisela umphefumulo wakhe, ubuqu bakhe bonke, kuJehova. Usikhuthaza ukuba senze okufanayo, ethi kumaHubo 37:5: “Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.” Kanjalo isicelo sethu kuJehova sokuba enze umphefumulo wethu uthokoze siyophendulwa nakanjani. Izinceku eziningi zikaJehova ezigcina ubuqotho ziyaqhubeka zithola injabulo enkulu enkonzweni yakhe—naphezu kobunzima, ukushushiswa, nokugula. Abafowethu ezindaweni ezikhungethwe impi eAfrika, njengaseAngola, eLiberia, eMozambique, naseZaire, baye baqhubeka bebeka inkonzo kaJehova kuqala ekuphileni kwabo.c Ngempela uye wababangela ukuba bathokoze ngesivuno esingokomoya esiyinala. Njengoba beye bakhuthazela, kanjalo nathi kumelwe sikhuthazele. (Roma 5:3-5) Futhi njengoba sikhuthazela, siyaqinisekiswa: “Umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni . . . awuyikwephuza.” (Habakuki 2:3) Njengoba siqiniseka futhi sithembela ngokuphelele kuJehova, kwangathi nathi singaqhubeka ‘siphuthuma ekupheleni.’
Ubuhle BukaJehova
8. Yibuphi ubuhlobo obuseduze esingaba nabo noJehova, futhi uye wabubonisa kanjani ubuhle bakhe?
8 UDavide uyaqhubeka enza isicelo esivusa umzwelo: “Wena [Oh Jehova, NW] umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe. [Oh Jehova, NW], beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami. Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula.” (IHubo 86:5-7) “Oh Jehova”—ngokuphindaphindiwe sivukwa amadlingozi ngobuhlobo obuseduze obuboniswa yilenkulumo! Kuwubuhlobo obungase buhlakulelwe njalo ngomthandazo. UDavide wathandaza ngesinye isikhathi: “Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa [yobuhle, NW] bakho, Jehova.” (IHubo 25:7) UJehova uyibo kanye ubuhle obenziwe samuntu—ekulungiseleleni isihlengo sikaJesu, ekuboniseni isihe ezonini eziphendukile, nasekuboniseni umusa wothando koFakazi bakhe abathembekile nabanokwazisa.—IHubo 100:3-5; Malaki 3:10.
9. Yisiphi isiqinisekiso izoni eziphendukile okufanele zisicabangele ngokungathi sína?
9 Ingabe kumelwe sikhathazeke ngamaphutha esikhathi esidlule? Uma manje silungisa izindlela zethu, siyavuselelwa lapho sikhumbula isiqinisekiso somphostoli uPetru asinikeza abaphendukile sokuthi “izikhathi zokuhlunyelelwa” ziyakuza zivela kuJehova. (IzEnzo 3:20) Masihlale siseduze noJehova ngomthandazo ngoMhlengi wethu, uJesu, ngothando owathi: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.” Njengoba oFakazi abaqotho bethandaza kuJehova namuhla ngegama likaJesu eliyigugu, ngempela bayayithola impumuzo.—Mathewu 11:28, 29; Johane 15:16.
10. Iyiphi indlela incwadi yamaHubo ewuqokomisa ngayo umusa wothando kaJehova?
10 Incwadi yamaHubo ikhuluma ‘ngomusa wothando’ kaJehova izikhathi ezingaphezu kwekhulu. Umusa wothando onjalo ngokuqinisekile uyinala! Emavesini alo amane okuqala, iHubo le-118 (NW) linxusa izinceku zikaNkulunkulu ukuba zibonge uJehova, liphindaphinda izikhathi ezine ukuthi “umusa wakhe [wothando] umi phakade.” IHubo le-136 ligcizelela lemfanelo eyenza umuntu athandwe, ‘yomusa wakhe wothando,’ izikhathi ezingu-26. Kungakhathaliseki ukuthi sona ngaziphi izindlela—futhi njengoba uJakobe 3:2 esho, “sonke siyakhubeka ngokuningi”—kwangathi singakulungela ukufuna intethelelo kaJehova, siqiniseka ngesihe sakhe nomusa wothando. Umusa wakhe wothando uwukubonakaliswa kothando lwakhe oluqotho kithina. Uma siqhubeka ngobuqotho senza intando kaNkulunkulu, uyobonisa uthando lwakhe oluqotho ngokusiqinisa ukuze sibhekane nalo lonke uvivinyo.—1 Korinte 10:13.
11. Isinyathelo esithathwa abadala singasiza kanjani ekuqedeni imizwa yecala?
11 Kungase kube nezikhathi lapho sikhutshekiswa khona abanye. Ukuxhashazwa ngokomzwelo noma ngokomzimba ebuntwaneni kuye kwashiya abanye benemizwa yecala noma yokuba yize ngokuphelele. Isisulu esinjalo singase sibize uJehova, siqiniseka ukuthi uyophendula. (IHubo 55:16, 17) Umdala onomusa angase abonise isithakazelo ekusizeni umuntu onjalo ukuba amukele iqiniso lokuthi kwakungelona iphutha lesisulu. Kamuva, ukushaya ucingo kobungane ngezikhathi ezithile okwenziwa umdala kungasiza lowomuntu kuze kube yilapho ekugcineni esekwazi ‘ukuthwala lowomthwalo.’—Galathiya 6:2, 5.
12. Ukucindezeleka kuye kwanda kanjani, kodwa singabhekana kanjani nakho ngokuphumelelayo?
12 Kunezinye izimo eziningi ezicindezelayo abantu bakaJehova okumelwe balwe nazo namuhla. Kusukela ngeMpi Yezwe I ngo-1914, izinhlekelele ezinkulu zaqala ukuhlupha lomhlaba. Njengoba uJesu abikezela, ‘zaziwukuqala kwemihelo.’ Ukucindezeleka kuye kwanda njengoba siye sangena sajula ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3, 8, qhathanisa neNW) ‘Isikhathi esifushane’ sikaDeveli siyancipha sibheke ekupheleni kwaso okuwumvuthwandaba. (IsAmbulo 12:12) “Njengebhubesi elibhodlayo” elifuna isisulu, lesoSitha esikhulu sisebenzisa wonke amacebo atholakalayo ukuze sisehlukanise nomhlambi kaNkulunkulu futhi sisibhubhise. (1 Petru 5:8) Kodwa ngeke siphumelele! Ngoba, njengoDavide, sigxilisa ithemba lethu ngokuphelele kuNkulunkulu wethu oyedwa, uJehova.
13. Abazali nabantwana babo bangazenza kanjani batholakalele ubuhle bukaJehova?
13 Ngokungangabazeki, uDavide wafaka enhliziyweni yendodana yakhe uSolomoni isidingo sokuthembela ebuhleni bukaJehova. Ngakho, uSolomoni wayengayala indodana yakhe siqu: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. Ungabi-ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini.” (IzAga 3:5-7) Ngokufanayo abazali namuhla kufanele bafundise abantwana babo indlela yokuthandaza ngokuthembela kuJehova nendlela yokubhekana nokuhlasela kwezwe elinonya—njengokucindezela kontanga esikoleni nezilingo zokuhileleka ekuziphatheni okubi. Ukuphila ngokuvumelana neqiniso nabantwana bakho usuku ngalunye kungagcizelela ezinhliziyweni zabo ezisezincane uthando lwangempela ngoJehova nokuthembela kuye ngomthandazo.—Duteronomi 6:4-9; 11:18, 19.
Imisebenzi KaJehova Engenakuqhathaniswa
14, 15. Yimiphi eminye yemisebenzi kaJehova engenakuqhathaniswa?
14 Enokuqiniseka okujulile uDavide uthi: “Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe [Oh Jehova, NW]; akukho okunjengemisebenzi yakho.” (IHubo 86:8) Imisebenzi kaJehova mikhulu kakhulu, mihle kakhulu, iphakeme kakhulu, ngaphezu kwalokho umuntu angase akucabange nokukucabanga. Njengoba isayensi yanamuhla ike yayithi shazi, indawo yonke edaliwe—ubukhulu bayo, ukuvumelana kwayo, ubuhle bayo—iye yabonakala imangalisa ngokwedlulele kunoma yini uDavide ayibona. Nokho, ngisho naye washukunyiswa ukuba athi: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.”—IHubo 19:1.
15 Imisebenzi kaJehova iboniswa ngokuyisimangaliso futhi, endleleni amisa futhi walungisa ngayo umhlaba, elungiselela imini nobusuku, izinkathi zonyaka, isikhathi sokutshala nesokuvuna, kanye nokuningi okujabulisayo ukuze kujabulise umuntu esikhathini esizayo. Futhi yeka indlela thina ngokwethu esenziwe ngayo ngokumangalisayo futhi sahlonyiswa, ukuze sikwazi ukujabulela imisebenzi kaJehova esizungezile!—Genesise 2:7-9; 8:22; IHubo 139:14.
16. Yikuphi ukubonakaliswa okukhulu kunakho konke kobuhle bukaJehova, okuholela kumiphi eminye imisebenzi engenakuqhathaniswa?
16 Ngemva kokuba abazali bethu bokuqala bengamlalelanga uNkulunkulu, okwaqalisa ukucindezeleka okusahlupha umhlaba nanamuhla, uJehova ngenxa yothando lwakhe wenza umsebenzi omangalisayo ngokuthumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuze izomemezela ngoMbuso kaNkulunkulu futhi ife njengesihlengo sesintu. Futhi isimanga sezimanga! UJehova wamvusa uKristu ukuze abe yiNkosi ekhethiwe ekanye naye. (Mathewu 20:28; IzEnzo 2:32, 34) Phakathi kwabantu abaqotho uNkulunkulu wabuye wakhetha ‘nendalo entsha’ eyobusa noKristu ‘njengezulu elisha’ elinesihawu phezu komphakathi ‘womhlaba omusha’ oyohlanganisa nezigidigidi zabantu abavusiwe. (2 Korinte 5:17; IsAmbulo 21:1, 5-7; 1 Korinte 15:22-26) Kanjalo imisebenzi kaJehova iyoqhubekela emvuthwandaba okhazimulayo! Ngempela, singababaza: “Jehova, . . . yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo!”—IHubo 31:17-19.
17. Ngokuqondene nemisebenzi kaJehova, iHubo 86:9 ligcwaliseka kanjani manje?
17 Imisebenzi kaJehova yosuku lwanamuhla ihlanganisa lokho uDavide akuchaza kumaHubo 86:9: “Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, [Oh Jehova, NW], zidumise igama lakho.” Ngemva kokubiza esintwini abasasele bendalo yakhe entsha, ‘umhlambi omncane’ wezindlalifa zoMbuso, uJehova uye waqhubeka eqoqa “kuzo zonke izizwe” “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu,’ izigidi nazo ezibonisa ukholo egazini likaJesu elachitheka. Laba uye wabenza baba inhlangano enamandla, abawukuphela komphakathi wembulunga yonke wabathandi bokuthula emhlabeni namuhla. Zibona lokhu, izidalwa zasezulwini ziguqa phambi kukaJehova, zimemeza: “Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube-kuNkulunkulu wethu kuze kube-phakade naphakade.” Isixuku esikhulu naso sikhazimulisa igama likaJehova, simkhonza “imini nobusuku,” sinethemba lokusinda ekupheleni kwalelizwe futhi siphile phakade emhlabeni oyipharadesi.—Luka 12:32; IsAmbulo 7:9-17; Johane 10:16.
Ubukhulu BukaJehova
18. UJehova uye wakubonisa kanjani ukuthi ‘nguyena yedwa uNkulunkulu’?
18 Ngokulandelayo uDavide uletha ukunakekela ekubeni kukaJehova uNkulunkulu, ethi: “Umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.” (IHubo 86:10) Kusukela endulo, uJehova ubebonisa ukuthi ‘nguyena yedwa’ ngempela ‘uNkulunkulu.’ KwakunguFaro ongumashiqela waseGibithe ngokwedelela owabekela uMose inselele: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke uIsrayeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova.” Kodwa ngokushesha kwadingeka afunde ukuthi uJehova mkhulu kangakanani! UNkulunkulu uMninimandla onke wabahlazisa onkulunkulu baseGibithe nabapristi abenza imilingo ngokuthumela izinhlupho ezibhubhisayo, wabulala amadodana angamazibulo aseGibithe, futhi waqothula uFaro nempi yakhe enamandla oLwandle Olubomvu. Ngempela, akekho onjengoJehova phakathi konkulunkulu!—Eksodusi 5:2; 15:11, 12.
19, 20. (a) Ingoma yesAmbulo 15:3, 4 iyoculwa nini ngendlela ezwakala kakhulu kunanini ngaphambili? (b) Singahlanganyela kanjani ngisho kwamanje emsebenzini kaJehova?
19 Njengoba enguNkulunkulu yena yedwa, uJehova uye waqhubeka enza izimangaliso njengoba elungiselela ukukhulula abakhulekeli bakhe abalalelayo eGibithe lanamuhla—izwe likaSathane. Useye wenza ukuba izahlulelo zakhe zaphezulu zimenyezelwe kuwo wonke umhlaba njengobufakazi esebenzisa umkhankaso wokushumayela omkhulu kakhulu kuwo wonke umlando, kanjalo egcwalisa isiprofetho sikaJesu kuMathewu 24:14. Ngokushesha, kumelwe kufike “ukuphela,” lapho uJehova eyobonisa khona ubukhulu bakhe ngezinga elingakaze libonwe ngokuqothula bonke ububi emhlabeni. (IHubo 145:20) Khona-ke ingoma kaMose nengoma yeWundlu ziyofinyelela umvuthwandaba: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, [Jehova, NW] Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile ziqinisile izindlela zakho wena-Nkosi yezizwe; ngubani ongayikwesaba, [Jehova, NW], adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele”—IsAmbulo 15:3, 4.
20 Kwangathi thina ngasohlangothini lwethu singashiseka ekutsheleni abanye ngalezinjongo ezinhle zikaNkulunkulu. (Qhathanisa nezEnzo 2:11.) UJehova uyoqhubeka enza izinto ezinkulu neziyizimangaliso osukwini lwethu futhi aqhubeke nasesikhathini esizayo, njengoba isihloko sethu esilandelayo sizochaza.
[Imibhalo yaphansi]
a Incwadi ekhulumela iBhayibheli ka-1874 icaphuna uAndrew A. Bonar ethi: “Kwakukhona okuningi, okuningi kakhulu, kobuntu obuvelele bukaNkulunkulu obungavamile, okwembulwa yigama lakhe elikhazimulayo ekupheleni kweHubo lokugcina [lama-85]. Lokhu kungase kube isizathu sokuba lilandelwe ngelinye, elithi ‘Umkhuleko KaDavide,’ cishe nalo ngokufanayo eligcwele ubuntu obuvelele bukaJehova. Isici esiyisisekelo saleliHubo [lama-86] igama likaJehova.”
b Bheka ikhasi 28 kuPhaphama! yesiNgisi kaJune 22, 1984, eyakhishwa yiWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
c Ukuze uthole imininingwane, bheka ishadi elithi “Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-1992 WoFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke,” elizovela kuNqabayokulinda kaJanuary 1, 1993.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani kufanele senze umthandazo weHubo 86 ube owethu?
◻ Singaba kanjani nobuhlobo obuseduze noJehova?
◻ UJehova ububonisa kanjani ubuhle bakhe kithina?
◻ Yimiphi eminye yemisebenzi kaJehova engenakuqhathaniswa?
◻ Kukanjani uJehova ‘kunguyena yedwa uNkulunkulu’ ngobukhulu?
[Isithombe ekhasini 10]
‘Emhlabeni omusha’ ozayo, imisebenzi emangalisayo kaJehova iyoqhubeka ifakazela inkazimulo nobuhle bakhe