Izenzo ZikaJehova Zokusindisa Manje
IBHAYIBHELI lisitshela lokhu ngoJehova: “Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke” nokuthi, “iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu.”—IHubo 34:19; 2 Petru 2:9.
UJehova ubasiza kanjani abantu bakhe lapho becindezelekile? Hhayi ngokuhlehlisa ngokuyisimangaliso amandla angokwemvelo noma ngesenzo esithile samandla angaphezu kwawemvelo, njengoba abantu abaningi becabanga ukuthi ufanele ukwenza kanjalo, kodwa ngamanye amandla abantu abaningi abangawaqondi ngempela—uthando. Yebo, uJehova uyabathanda abantu bakhe, futhi uye wafaka kubo uthando oluqinile ngomunye nomunye olunamandla kangangokuthi uyakwazi ukubenzela lokho okucishe kubonakale kuyisimangaliso.—1 Johane 4:10-12, 21.
Abanye bangase baphikise ngokuthi esikhathini esibucayi, okudingekayo ukudla, imithi yokwelapha, nezinto zokusebenza—hhayi uthando. Yiqiniso, ukudla, imithi yokwelapha, nezinto zokusebenza kubalulekile. Nokho, umphostoli uPawulu uphetha ngalendlela: “Noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.”—1 Korinte 13:2, 3.
Ngokuvamile sifunda ngezinto zokusiza ezihlezi ezikhumulweni zemikhumbi zibola noma zidliwa amagundwane kuyilapho abantu abantulayo bebulawa yizifo nendlala. Noma okubi nangaphezulu, izinto ezinjalo zingase zifikele kubantu abanobugovu nabangenazimiso abazenzela inzuzo yomuntu siqu ngazo. Ngakho, kungenye into ukuba nezinto zokusiza, kodwa kungehluke kakhulu futhi ukuqikelela ukuthi labo abacindezelekile bayazuza kuzo. Uthando loqobo nokukhathalela kungawenza umehluko.
Ukubonakaliswa Kothando
Ngo-September 1992, iSiphepho u-Iniki sagadla esiqhingini saseKauai eHawaii, esinabantu abangu-55 000. Njengoba umoya waso wawunesivinini samakhilomitha angu-210 ngehora nezivunguvungu ezibhenguza ngesivinini samakhilomitha angu-260 ngehora, sabulala abantu ababili futhi salimaza abangu-98, sacekela phansi amaphesenti angu-75 emizi, sashiya abantu abangu-8 000 bengenamakhaya, futhi sadala umonakalo olinganiselwa ku-$1 billion (izigidi eziyizinkulungwane ezintathu zamaRandi). Phakathi kwalabo abahlala kulesiqhingi esincane kwakunoFakazi BakaJehova abacishe babe ngu-800 emabandleni ayisithupha. Benze njani?
Ngaphambi kokuba u-Iniki agadle, abadala bamabandla, ngaphansi kokuqondisa kombonisi ojikelezayo, kakade base bethintene namalungu amabandla ukuze baqiniseke ukuthi ayephephile futhi elondekile, elindele lokho kuhlasela. Ukukhathalela okunjalo kothando kwasiza ekuvimbeleni ukulimala okungathi sína noma ukufa koFakazi.—Qhathanisa no-Isaya 32:1, 2.
Ngisho nakuba ukuxhumana nezinto zokuhamba kwakuphazamiseke kakhulu, abameleli abathathu behhovisi legatsha le-Watch Tower Bible and Tract Society eHonolulu babephakathi kwabokuqala abafika kulendawo ngemva kwesiphepho, ngemva kokuba izisebenzi zokuvikela umphakathi zibanikeze imvume ekhethekile yokuba baye eKauai ngendiza. Ngokushesha, bathintana noFakazi bendawo, futhi ekuseni ngosuku olulandelayo, kwahlelwa umhlangano ukuze kulungiselelwe izindlela zokunikeza usizo. Kwamiswa ikomiti yokunikeza usizo eyayizohlola izidingo futhi ithole izinto ezidingekayo ngehhovisi legatsha eHonolulu. Besebenza ubusuku nemini, baqondisa umsebenzi wokuyisa lezizinto zokusiza kulabo abantulayo nokulungisa imizi eyayonakele.
OFakazi bakwezinye iziqhingi basabela ngokushesha kubazalwane babo abantulayo. Ngokushesha nje lapho isikhumulo sezindiza saseKauai sesivuliwe, oFakazi abangu-70 batheleka ngezindiza bezosiza. Izinto zokusiza ezilinganiselwa ku-$100 000 (R300 000), ezihlanganisa izinjini zokuphehla ugesi, izitofu ezincane ezisebenza ngophalafini, izibani, nokudla, zathunyelwa ngomkhumbi. Elinye lamaHholo OMbuso kulesisiqhingi lasetshenziswa njengedepho; nokho, kwakwesatshwa ukuthi zingase ziphangwe. Khona-ke amaloli athile oMbutho angena endaweni yokupaka eHholo LoMbuso, futhi abashayeli bawo babuza ukuthi babengawapaka yini amaloli abo lapho. Amasosha ahlala ukuze avikele amaloli abuye anciphisa inkinga yokuphangwa kwezinto zokusiza.
Abazalwane bathatha izinjini zokuphehla ugesi baziyisa emzini ngamunye, benza ukuba ikhaya ngalinye lizisebenzise amahora amabili noma amathathu ukuze basize abantu bagcine iziqandisi zabo zisebenza. Amaqembu abazalwane athunyelwa emizini ehlukahlukene ukuze ayosiza ngokuhlanza nokulungisa umonakalo. Lapho esebenza endlini kadade omyeni wakhe wayemphikisa kakhulu esikhathini esidlule, lendoda yathinteka kangangokuthi okuwukuphela kwento eyayingayenza kwakuwukubukela futhi ikhale. Isivakashi esithile esivela ezwekazini esabona elinye iqembu loFakazi lisebenza sahlatshwa umxhwele ukuziphatha nokuhleleka kwalo kangangokuba sasondela kulo futhi sabuza ukuthi yini eyayilenza lihluke kangaka. Lapho umzalwane echaza ukuthi kwakuwuthando lwabo ngoNkulunkulu nangamaKristu abakanye nawo, lendoda yasabela: “Ngingamazi kanjani uNkulunkulu?” (Mathewu 22:37-40) Khona-ke yanezela: “Ngendlela enihleleke ngayo cishe nizolungiselela ukuba ngithole kunomuntu ongilindele ekhaya lapho ngiphindela eFlorida!”
Sekukonke, oFakazi BakaJehova basiza ekuhlanzeni nasekulungiseni imizi engu-295 eKauai. Kuleyomizi, engu-207 yayidinga ukulungiswa kancane, kodwa engu-54 yayonakele kakhulu, futhi engu-19 yayidilike ngokuphelele. Umsebenzi wabo wahlanganisa futhi ukuvakashela uFakazi ngamunye owaziwayo kulesiqhingi ukuze kuqinisekwe ukuthi ngamunye wayethole ukunakekelwa. Lapho izinto zokusiza zilethwa komunye udade, umakhelwane ongumBuddha waphawula ukuthi wayengazange athole ngisho nesikhwanyana setiye sivela eqenjini lakhe. Omunye wesifazane, iqembu loFakazi elahlanza indlu yakhe, wathi: “Benilokhu nifika kwami isikhathi eside, futhi benginithatha njengomakhelwane abahle, kodwa lokhu kubonakaliswa kothando lukamakhelwane kungibonisa lokho inhlangano yenu eyikho. Ngiyabonga ngawo wonke umsebenzi wenu wokuzikhandla.”
Ngaphandle kokunakekela izidingo zezinto ezibonakalayo zawo wonke amaKristu abakanye nawo, labo ababeqondisa umsebenzi wokusiza ngezinga elifanayo babekhathalela inhlala-kahle yawo engokomoya. Ezinsukwini ezingaphansi kwezimbili ngemva kwesiphepho, amabandla amaningana kakade ayeseqhuba imihlangano yawo. Ngokushesha, kwase kuqhutshwa izifundo zamaqembu amancane futhi. Abadala abayishumi abavela kwezinye iziqhingi beza eKauai bezosiza abadala bendawo ukuze kwenziwe ukuhambela kokwalusa kuFakazi ngamunye kulesisiqhingi. NgeSonto elilandelayo, wonke amabandla ayisithupha aba neSifundo Se-Nqabayokulinda, inkulumo yemizuzu engu-30 ephathelene nezinqubo zokusiza eyanikezwa ilungu leKomiti Yosizo, nenkulumo yokuphetha yemizuzu engu-30 eyanikezwa yilungu leKomiti Yegatsha elalifikele lenjongo livela eHonolulu. Umbiko womunye ufakazi wokuzibonela uthi: “Bonke baduduzwa ngesiqondiso esihle esanikezwa futhi bazizwa bekulungele ngokomoya ukubhekana nezinkinga zabo ezisele. Bambalwa kakhulu ababengakhali ezilalelini njengoba isimiso sasiphetha, futhi ukushaywa kwehlombe kwakuzenzekela.”
Ubuzalwane Bomhlaba Wonke
Uthando olunjalo nokukhathalela kuwuphawu lwabantu bakaJehova emhlabeni wonke. Lapho iSishingishane u-Val sigadla eNtshonalanga Samoa esikhathini esingangonyaka ngaphambili, sadala umonakalo omkhulu kakhulu, kodwa oFakazi BakaJehova bakwezinye izingxenye zomhlaba bafika ngokushesha bezosiza abafowabo lapho. Kamuva, lapho uhulumeni enikeza zonke izinkolo imali—kuhlanganise noFakazi BakaJehova—ukuze zilungise izakhiwo zazo, oFakazi baphindisela lemali emuva kanye nencwadi echaza ukuthi wonke umonakalo wabo wawusulungisiwe kakade, futhi lemali yayingasetshenziselwa ukulungisa ezinye zezakhiwo zikahulumeni. Isinyathelo sabo sabikwa ephephandabeni lendawo. Siphawula lokhu, isikhulu sikahulumeni satshela uFakazi othile ukuthi sinamahloni ngesonto laso siqu ngoba baye bayamukela imali eyayivela kuhulumeni ngisho nakuba zonke izakhiwo zabo ezazonakele phakathi nalesishingishane zase zilungiswe ngosizo lomshwalense.
Ngokufanayo, ngo-September 1992, lapho uMfula i-Ouvèze eningizimu-mpumalanga yeFrance ukhukhula futhi uchitha iVaison-la-Romaine nezindawo zemiphakathi engu-15 ezungezile, oFakazi basabela ngokushesha. Ngobusuku obubodwa, isikhukhula sase sibulale abantu abangu-40, sicekela phansi imizi engu-400, salimaza neminye eminingi, futhi sashiya izinkulungwane zemikhaya zingenawo amanzi noma ugesi. Ekuseni kakhulu ngosuku olulandelayo, oFakazi basemabandleni endawo baba ngabokuqala abafika bezosiza izisulu zesikhukhula. Labo ababedinga indawo yokukhosela babemukelwa ngothando imikhaya yoFakazi kulesisifunda. OFakazi abaningi bafika bevela nxazonke bezosiza. Kwamiswa ikomiti yosizo edolobheni eliseduze lase-Orange ukuze iqondise imisebenzi yamaqembu amane ezisebenzi zokuzithandela, ayekhipha udaka futhi ehlanza izindlu, ewasha inqwaba yezingubo ezazinodaka, futhi epheka aphinde alethe ukudla namanzi okuphuza kuzo zonke izindawo ezazithintekile. Lamaqembu aze avuma ngisho nangokuzithandela ukuhlanza isikole sendawo nezakhiwo eziningana zikamasipala. Imizamo yawo yokuzikhandla yaziswa abafowabo nomphakathi.
Kwezinye izindawo eziningi, oFakazi BakaJehova baye babhekana nezinhlekelele, ezinjengezikhukhula, izivunguvungu, nokuzamazama komhlaba, njengabo bonke abanye abantu. Njengoba beqonda ukuthi lena imiphumela yezimo ezingenakubonwa kusengaphambili noma ezingenakuvinjelwa, abamsoli uNkulunkulu noma ubani omunye. (UmShumayeli 9:11) Kunalokho, bayaqiniseka ukuthi uthando lokuzidela lwabakholwa kanye nabo luyobasiza kungakhathaliseki ukuthi behlelwa izimo ezicindezela kanjani. Izenzo ezinjalo zothando ziwumphumela wokholo abaluhlanganyelayo. Umfundi uJakobe uyachaza: “Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba-ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, kusho omunye kini kubo ukuthi: Hambani nibe-nokuthula, nifudumale, nisuthe, kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.”—Jakobe 2:15-17.
Umthombo Wesivikelo Seqiniso
Kunokulindela izimangaliso eziwukungenela kwaphezulu kohlobo oluthile, oFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi isivikelo kumelwe sitholakale ebuzalwaneni babo bomhlaba wonke. Eqinisweni, lokho lobobuzalwane obukwazi ukukufeza ezikhathini ezicindezelayo kucishe kufane nesimangaliso. Bakhumbula amazwi kaJesu atholakala kuMathewu 17:20: “Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kulentaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.” Yebo, izithiyo ezinjengezintaba ziyashabalala lapho ukholo lweqiniso lobuKristu, oluhambisana nothando, lubonakaliswa.
Abantu bakaJehova emhlabeni wonke bezwa isandla esivikelayo sikaNkulunkulu wabo kulezikhathi zesiyaluyalu neziyingozi. Bazizwa ngendlela umhubi azizwa ngayo: “Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena-Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.” (IHubo 4:8) Ngethemba, bagxilisa ukunakekela kwabo emsebenzini owenziwayo manje: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Futhi ngokuqiniseka babheke phambili ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaJehova sezwe elisha elinokuthula, nokulunga, abangenakuphinde babhekane nanoma yiziphi izinhlobo zezinhlekelele kulo, ezibangelwa umuntu noma ezingokwemvelo.—Mika 4:4.
[Izithombe ekhasini 12]
OFakazi bafika bevela nxazonke bezosiza izisulu zesikhukhula