Ukuqeqeshwa KwaseGileyadi Okholweni Olungcwele Kakhulu
“ABAFUNDI bethu baye baqeqeshwa kahle okholweni olungcwele kakhulu.” Lawa kwaba amazwi okuvula esimisweni sokuthweswa iziqu kwekilasi lama-95 le-Watchtower Bible School of Gilead, esaqhutshwa ngeSonto, ngo-September 12, 1993. Ngalolosuku ekuseni izivakashi ezazimenyiwe kanye namalungu omkhaya waseBethel abangu-4 614 ababebuthene eHholo LoMhlangano eDolobheni laseJersey baholwa umzalwan’ uGeorge Gangas ngomthandazo wokuvula. UMzalwan’ uGangas usebe ilungu lomkhaya waseBethel iminyaka engu-65 futhi njengoba eneminyaka engu-97 uyilungu elidala kunawo wonke eNdikimba Ebusayo.
U-Albert Schroeder, naye ongoweNdikimba Ebusayo nowayengusihlalo wesimiso, wathi: “Izinyanga ezinhlanu imfundo yaseGileyadi ibisekelwe okholweni olungcwele kakhulu.” Kodwa luyini “ukholo olungcwele kakhulu”? Wachaza ukuthi ‘lolukholo olungcwele kakhulu,’ okukhulunywa ngalo kuJuda 20, yilo lonke iqiniso leBhayibheli. Ngakho imfundo yaseGileyadi isekelwe eZwini likaJehova, iBhayibheli, eliyincwadi yayo yokufunda eyinhloko.
Abafundi Bathola Imfundo Eyengeziwe
Isikhulumi sokuqala kwakunguJohn Stuefloten weKomiti YeWatchtower Farms, owakhuluma ngesihloko esithi “Ukuzuza Ethonyeni Labantu Abahlakaniphile.” IBhayibheli lithi labo ‘abahamba nabahlakaniphile bayakuhlakanipha.’ (IzAga 13:20) Phakathi nemfundo yaseGileyadi, abafundi bachitha amahora angaphezu kwangu-900 betadisha iBhayibheli. UMzalwan’ uStuefloten wabuza abafundi: “Ithonya likaJehova liyonithinta kanjani esikhathini esizayo? Niya emazweni angu-18 anenani labantu abayizigidi ezingu-170 esewonke. Ngakho niyoba nethonya elinjani kulabobantu?” Ngokubonakalisa ukuhlakanipha kukaJehova, izithunywa zevangeli ezintsha ziyokwazi ukusiza abanye ukuba babe abakhulekeli bakaJehova, uMthombo wokuhlakanipha okungenamkhawulo.
Esithi “Ukuba-Yikho Konke Kubo Bonke” sasiyisihloko senkulumo eyalandela, eyanikezwa uLloyd Barry weNdikimba Ebusayo. (1 Korinte 9:22) Eminyakeni engaba ngu-45 edlule, uMzalwan’ uBarry uqobo wayengumfundi ekilasini le-11 laseGileyadi. Manje ikilasi lama-95 lakwazisa ukuthola iseluleko esiwusizo sivela kowayeyisithunywa sevangeli oneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho kokusebenza ezweni okungesilo elakubo. Wakhuthaza abafundi ukuba basheshe bazifanelanise nabantu abasensimini yabo entsha ekwelinye izwe ngokufunda imikhuba yendawo nolimi lwendawo. Wathi lokhu kungenziwa kangcono kakhulu ngokuzihlanganisa kanye nangokusebenza nabantu bendawo nangokufunda amasiko abo futhi bawalandele noma nini lapho kufaneleka.
Ngokulandelayo, uDean Songer weKomiti YeFektri wakhuluma ngesihloko esishukumisayo esithi “Khululekani Kweminye Imisebenzi.” Ngemva kweminyaka engu-35 yenkonzo yesikhathi esigcwele, uMzalwan’ uSonger uyaqonda ukuthi kusho ukuthini ukuphila ukuphila okugxile emgomweni owodwa, okulula, okugxile emsebenzini okumelwe wenziwe, okungenakho ukukhathazeka ngezinto ezibonakalayo. Futhi yilokho okwakuwumongo weseluleko sakhe asinikeza abafundi. Abahlabeleli ethempelini likaJehova babekhululekile emisebenzini eyayivamile kwamanye amaLevi ukuze bazinikele ngokugcwele esabelweni sabo esikhethekile. (1 IziKronike 9:33) Ngokufanayo, izithunywa zevangeli zaseGileyadi ziye zakhululwa ezintweni ezivamile njengomsebenzi wokuziphilisa ukuze zikwazi ukugxila enkonzweni yazo ekhethekile. UMzalwan’ uSonger waphetha ngalesisiyalo: “Gcinani umbono wenu ugxile emgomweni owodwa nokuphila kwenu kulula. Umthwalo wenu wemfanelo njengabantu abakhululiwe kweminye imisebenzi uwukuba semsebenzini emini nasebusuku, nidumisa uJehova.”
Ilungu leNdikimba Ebusayo uDaniel Sydlik walandela ngesihloko esithi “Ukufundisa Abanye Indlela Yokuthola Okungcono Ekuphileni.” Wakhuthaza abafundi ukuba “bangafundisi nje kuphela izimfundiso kodwa babe nesibindi ngokwanele sokubonisa abantu lokho okufanele bakwenze ukuze bavumelanise ukuphila kwabo nentando kaNkulunkulu.” Othisha abahle kufanele bafake ugqozi futhi bashukumisele esenzweni. Wathi: “Qikelelani ukuba nihlakulele izimfanelo zobuKristu kunokumane nje nifundise imithetho,” wabe esenezela ekuphetheni: “Phezu kwakho konke, bafowethu abathandekayo, zifundiseni nina nifundise nabanye indlela yokubonisa uthando, ngoba luyisibopho sokuphelela.”—1 Korinte 13:1-3; Kolose 3:14.
Ngemva kwezinyanga ezithile beqeqeshwa, abafundi babathanda ngokukhethekile othisha babo ababili baseGileyadi. UJack Redford, naye owayeyisithunywa sevangeli, waqale wakhuluma ngesihloko esithi “Nenze Ukukhetha Okuhle.” Ezweni lamaJuda lamandulo, ngaphambi kokuba abe umphostoli ongumKristu, uPawulu wayenesikhundla, udumo, ithonya, futhi elondekile ngokwezimali. Kodwa kweyabaseFilipi 3:8, uPawulu wachaza konke lokhu ngokuthi “inqwaba yezibi,” noma “imfucumfucu,” ngokwenguqulo ye-Phillips. Wayeyikhathalela kakhulu inkonzo, futhi wenza ukukhetha okuhle. Ngokuphambene, iningi labantu namuhla libonisa ngalokho elikukhethayo ekuphileni ukuthi libheka izinto ezibonakalayo elinazo njengezibaluleke kakhulu kunokuphila okuphakade. Izithunywa zevangeli zaseGileyadi zenze ukukhetha okuhle. UJack Redford waphetha ngokuthi: “Akukho lutho izwe likaDeveli elinganinikeza lona olufana nenkonzo yezithunywa zevangeli. Linakekeleni lelolungelo elingenakuqhathaniswa, futhi niyeke izwe linakekele udoti walo!”
Iminyaka engu-32 edlule, u-Ulysses Glass uye waba uthisha waseGileyadi. Wanikeza abafundi iseluleko sokuvalelisa esinesihloko esithi “UNkulunkulu Kuphela Ongenza Isihlahla,” esekela inkulumo yakhe kuyiHubo 1:3. Ubuchwepheshe banamuhla buhlulekile ukulingisa ukwakheka kwesihlahla, esaklanywa uNkulunkulu. Ngandlela-thile, amaKristu eqiniso anjengezihlahla, ezitshalwa futhi ziniselwe uJehova. UMzalwan’ uGlass waphawula ukuthi izinyanga ezinhlanu, abafundi “bebeniselwa njalo ngamanzi avela emthonjeni wamanzi anikeza ukuphila oyiZwi likaNkulunkulu,” njengezihlahla ezisensimini noma epharadesi elingokomoya. Nokho, njengezithunywa zevangeli, kufanele baqaphele “izimpande zabo ezingokomoya ukuba zingonakali.” Banxuswa ukuba ‘baqhubeke bephuza amanzi okuphila avela kuJehova ngoba uNkulunkulu kuphela ongenza isihlahla.’
Inkulumo yokugcina yanikezwa uCarey Barber, ilungu leNdikimba Ebusayo. Ngemva kweminyaka engu-70 yenkonzo yesikhathi esigcwele, uMzalwan’ uBarber wayengakhuluma ngokuqiniseka ngesihloko esithi “Nikeza UJehova Ukuzinikela Okukhethekile.” Iningi lesintu alimnikezi uJehova ukuzinikela okukhethekile. (Duteronomi 5:9) Nokho, njengoba uMzalwan’ uBarber abonisa, naphezu kokungapheleli kwethu, “kungenzeka ukuzinikela ngokuphelele kuNkulunkulu.” Wanezela: “Akekho ngempela umuntu ongathi: ‘UDeveli ongenzise lokho.’” Kodwa uDeveli angasinqoba uma sihluleka ukumelana naye. (Jakobe 4:7) Ukuzigcina simatasa emsebenzini kaJehova kuyindlela eyinhloko yokumelana noSathane nezwe lakhe futhi sinikeze uJehova ukuzinikela okukhethekile.
Ukumiswa Njengezithunywa Zevangeli
Isimiso sasekuseni saphetha ngokumiswa ngokomthetho kwabo bonke abafundi abangu-46 njengezithunywa zevangeli. Imibhangqwana engu-23 yathola ama-diploma ngokwengxenye ayephawula ukuthi abathweswe iziqu “bakufanelekela ngokukhethekile ukuhlanganyela emsebenzini wokufundisa, bathuthukise inhliziyo enhle futhi basebenzele ukuthula okuhlala njalo kanye nomthetho wohlelo oluphelele nokulunga phakathi kwabo bonke abantu.” Ikilasi lama-95 laseGileyadi ngokuqinisekile liyozama ukufeza lokhu kuthunywa okuphakeme emazweni angu-18 elabelwe kuwo. Izabelo zifinyelela wonke umhlaba futhi zihlanganisa amazwe ase-Asia, e-Afrika, eYurophu, eLatin America, naseCaribbean.
Ntambama, ngemva kweSifundo Se-Nqabayokulinda esifushanisiwe esaqhutshwa uCharles Woody weKomiti YoMnyango Wenkonzo, abafundi abasha abathweswe iziqu zaseGileyadi baletha isimiso sabo sabafundi, esasinesihloko esithi “IGileyadi Isihlomisele Ukushumayela Njengezithunywa Zevangeli.” Isimiso saphetha ngedrama ethi “Ukukhetha Esibhekene Nakho.”
Ngemva kwalesisimiso esivusa amadlingozi, izithunywa zevangeli ezintsha manje zase zimi ngomumo ukuba zithunyelwe emagumbini amane omhlaba ukuze zihlanganyele nabanye “ukholo olungcwele kakhulu.”
[Ibhokisi ekhasini 26]
Izibalo Zekilasi
Inani lamazwe abawamelele: 7
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 18
Inani labafundi: 46
Inani lemibhangqwana eshadile: 23
Isilinganiso seminyaka yobudala: 30,06
Isilinganiso seminyaka yabo beseqinisweni: 12,92
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 9,4
[Isithombe ekhasini 26]
Ikilasi Lama-95 Elithweswa Iziqu Le-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Buelow, D.; Donzé, V.; Innes, S.; Fulk, N.; Billingsby, M.; Hoddinott, L.; Nygren, B.; Eriksson, L. (2) Boker, J.; Thomas, M.; Stedman, S.; Billingsby, D.; Waugh, I.; Purves, M.; Luttrell, M. (3) Jacobsen, T.; Boker, J.; Martínez, L.; Nilsson, E.; Purves, P.; Holt, L.; Larsen, M.; Jones, L. (4) Numminen, P.; Numminen, H.; Buelow, M.; Olson, W.; Holt, S.; Donzé, G.; DesJardins, C.; DesJardins, D. (5) Larsen, K.; Martínez, D.; Nygren, P.; Waugh, P.; Jones, D.; Hoddinott, J.; Thomas, G. (6) Innes, B.; Fulk, R.; Eriksson, A.; Nilsson, S.; Stedman, J.; Olson, K.; Jacobsen, F.; Luttrell, J.