Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“UNkulunkulu Akabheki Ubuso Bamuntu”
EMINYAKENI engu-1 900 edlule, umphostoli uPetru ophefumlelwe wabhala: “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Phakathi koFakazi BakaJehova kutholakala abantu abavela kuzo zonke izinhlanga nezizinda ezingokwenkolo. Bafuna ukulunga, futhi besaba uNkulunkulu. UJehova ubamukela bonke emphakathini wezwe elisha, njengoba ngokwesibonelo, enza komunye wesifazane eChad.
Lona wesifazane wayenganelisiwe inkolo yakhe. Eminyakeni eminingi ngaphambili wayamukele ikhophi yencwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo, enyatheliswe oFakazi BakaJehova, futhi wasazisa iseluleko esihle esikulencwadi. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi wayehlale eba khona lapho ezofundelwa. Nokho, lapho ekhuthazwa ukuba abe khona emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso, akazange asabele. Ngani? Nakuba umyeni wakhe ayengamelene nesifundo, wamenqabela ukuba aye emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso.
Lapho lenkosikazi ifuna ukuya emhlanganweni wesifunda, uFakazi owayeqhuba isifundo wabonisa indoda yayo isimiso, eqokomisa iseluleko esihle esasizonikezwa. Yavuma ukuba umkayo aye “kanye nje kuphela.” Waba khona futhi wasijabulela kakhulu isimiso. Ngemva kokuba ichazele umyeni wayo lokho ekufundile, akazange amelane nokuya kwayo kweminye imihlangano yebandla. Yahlabeka umxhwele ngeqiniso lokuthi ibandla lalinabantu bezinhlanga ezihlukahlukene ababekhathalelana ngokujulile. Kamuva yaya emhlanganweni wesigodi futhi yamangaliswa ukubona izingane zayo zigonwe oFakazi bakwamanye amazwe. OFakazi babedla kanye nazo futhi beziphatha njengamalungu omkhaya wabo. Lokhu kwashintsha ukuphila kwayo.
Kodwa kwalandela ukuphikisa. Nakuba yayinamahloni ngokwemvelo, yaqala ukuphendula emihlanganweni nokumelana nokugxekwa okwakwenziwa izihlobo nomakhelwane. Nakuba yayisihlale nomyeni wayo iminyaka eminingi, babeshade ngokwesiko nje bevumelene ngomlomo kuphela. Yayizoyethula kanjani indaba yokushada ngokomthetho? Ngemva kokuthandaza ngobuqotho kuJehova, yakhuluma nomyeni wayo, owathi usazoyihlola lendaba. Ekugcineni wakwenza, futhi lombhangqwana washada ngokomthetho.
Udadewabo wendoda owayehlala nabo wabangela izinkinga eziningi, kodwa indoda yaba ngasohlangothini lomkayo. Khona-ke uyise wendoda wafika ezovakasha. Wayala indodana yakhe ukuba yenze isehlukaniso nomkayo, njengoba ayeseshintshe inkolo yakhe. Uyise watshela indodana ukuthi uzomlobolela “inkosikazi engcono kakhulu.” Impendulo yendodana yayiwukuthi: “Cha, ngeke ngikwenze lokho. Uyinkosikazi ekahle. Uma yena efuna ukuhamba, lokho kwehlukile, kodwa mina ngeke ngimtshele ukuba ahambe.” Inkosikazi yabonisa ukuthobeka okukhulu kuyisezala, futhi waba namahloni ngenkambo yakhe. Nokho, lapho ebuyela emuva edolobhaneni ayehlala kulo, wabhalela indodana yakhe, manje eseyinqumela ugwayi katiki. Wathi uma indodana yakhe yenqaba ukuxosha umkayo, yayingaseyona indodana. Nakulokhu indodana yaba ngasohlangothini lomkayo. Cabanga ngenjabulo lenkosikazi eyaba nayo lapho ibona umyeni wayo ethatha ukuma okunjalo okuwujuqu.
Manje amadodana abo amabili amancane athanda ukuya eHholo LoMbuso nonina. Aze acela ngisho nothayi kuyise, njengoba ayebone bonke abazalwane abanikeza izinkulumo bebagqokile. Namuhla lona wesifazane ungudade obhapathiziwe.
Ungomunye woFakazi abangu-345 abajabulayo eChad abamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova futhi abakwazisayo ukuthi, ngempela, “uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu.”