Ukubonisa Uthando LobuKristu Kwasebekhulile
USAMUEL JOHNSON, umlobi wekhulu le-18, walandisa indaba yensizwa okwathi lapho ivakashele abangane bayo, yakhohlwa ukuthi isibekephi isigqoko sayo. Akekho owathi vù ngalokhu. “Kodwa uma lokhu kunganaki okufanayo kutholakala ekhehleni,” kuqhubeka uJohnson, “abantu bavele benyuse amahlombe bathi, ‘Ukuguga akumemezi.’”
Indaba kaJohnson ibonisa ukuthi asebekhulile, mhlawumbe njengabanye abantu abayiqembu elincane, babhekana nokucwaswa. Nakuba ukunakekela izidingo zasebekhulile kuyinselele, izinzuzo zitholwa yibo bonke abahilelekile. Ziyini izinselele nezinzuzo, futhi kungani lendaba ithinta abantu abaningi ngokwengeziwe?
Ngokwezibalo, amaphesenti angu-6 enani labantu emhlabeni aneminyaka engu-65 noma ngaphezulu ubudala, futhi emazweni athuthukile isilinganiso siphindwe kabili. EMphakathini WaseYurophu, owamisa u-1993 “NjengoNyaka WaseYurophu Wabantu Asebekhulile Nobunye Phakathi Kwezizukulwane,” umuntu oyedwa kwabathathu uneminyaka engaphezu kuka-50. Lapho, njengasemazweni amaningi athuthukile ngokwezimboni, ukuncipha kwabantu abazalwayo nokwenyuka kobude bokuphila kwenza umphakathi ube nabantu asebekhulile abaningi ngokweqile. Ukunakekela asebekhulile ngeminyaka ngaphansi kwezimo ezinjalo ngokusobala kuwumsebenzi onzima. Yeka ukuthi izinto sezahluka kanjani kwezezikhathi ezidlule zaseMpumalanga!
“Imitapo Yolwazi”
I-Handwörterbuch des Biblischen Altertums für gebildete Bibelleser (Incwadi Yangezikhathi ZeBhayibheli Zasendulo Yabafundi BeBhayibheli Abafundile) iveza ukuthi ezikhathini zasendulo eMpumalanga “asebekhulile babebhekwa njengabalondolozi bezindinganiso zokuhlakanipha zendabuko nolwazi oluphakeme kakhulu, okwakwenza abasha bakhuthazwe ukuba basondelane nabo futhi bafunde kubo.” I-Smith’s Bible Dictionary iyachaza: “Ekuphileni kwangasese [asebekhulile] babebhekwa njengemitapo yolwazi . . . [Abasha] babebavumela ukuba baveze imibono yabo kuqala.”
Ukuhlonipha asebekhulile kwaboniswa eMthethweni kaMose kuLevitikusi 19:32: “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.” Ngakho asebekhulile babenelungelo emphakathini futhi bebhekwa njengamagugu abalulekile. Lena ngokusobala indlela umMowabikazi uRuthe ayebheka ngayo uninazala ongumIsrayeli, uNawomi.
URuthe wanquma ngokuqinile ukuhamba noNawomi besuka kwaMowabi beya kwa-Israyeli, kamuva walalela iseluleko sikaNawomi ngokucophelela. Lapho nje sebeseBetlehema, nguNawomi owaphawula ukuthi isandla sikaJehova sasiqondisa izindaba futhi owayala uRuthe ngendlela okumelwe aziphathe ngayo. (Ruthe 2:20; 3:3, 4, 18) Ukuphila kukaRuthe kwakheka ngendlela engokwasezulwini njengoba ayefunda kuNawomi onokuhlangenwe nakho. Uninazala wabonakala ewumtapo wolwazi.
Ngendlela efanayo, abesifazane abasebasha abangamaKristu namuhla bangazuza ngokujwayelana nabesifazane asebekhulile ebandleni. Mhlawumbe udade ucabangela ukushada noma ulwa nenkinga yakhe siqu ephikelelayo. Yeka ukuthi kungaba ukuhlakanipha kanjani ukufuna isiyalo nokusekela kukadade osekhulile ovuthiwe onokuhlangenwe nakho kuleyondaba!
Ngaphezu kwalokho, indikimba yabadala ingazuza ngokuphanda okuhlangenwe nakho kwasebekhulile abaphakathi kwayo. Singafunda ekwehlulekeni kukaLoti ukwenza lokhu. Impikiswano eyayihilela abelusi bemihlambi ka-Abrahama nekaLoti yabizela ukuthi kwenziwe isinqumo esasiyothinta wonke umuntu. ULoti wenza ukukhetha kobuwula. Yeka ukuthi kwakuyoba ukuhlakanipha kanjani ukube wayecele iseluleko sika-Abrahama kuqala! ULoti ngabe wathola isiqondiso esivuthiwe futhi wanciphisela umkhaya wakhe usizi olwaba umphumela wokukhetha kwakhe kokuphamazela. (Genesise 13:7-13; 14:12; 19:4, 5, 9, 26, 29) Uyakulalela yini ngokucophelela lokho abadala abavuthiwe abakushoyo ngaphambi kokuba ufinyelele kwesakho isinqumo enkingeni ethile?
Asebekhulile abangenakubalwa banentshiseko engapheli ngomsebenzi kaJehova, njengoba kwenza uSimeyoni no-Ana ekhulwini lokuqala. (Luka 2:25, 36, 37) Kubonisa inhlonipho nesimo sengqondo sokubanakekela asebekhulile abanjalo ukubahilela emisebenzini yebandla ngokuvumelana namandla abo, ngisho nasebegugile impela. Mhlawumbe osemusha udinga usizo ekulungiseleleni isabelo seSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Umdala okhaliphile angase aphethe ngokuthi umqeqeshi okahle kungaba ilungu eselikhulile lebandla, eselivuthiwe ngolwazi, elinomusa, futhi elihlala linesikhathi.
Nokho, ukunakekela izidingo ezikhethekile zasebekhulile kuhilela okwengeziwe. Abanye bakhathazwa isizungu, ukwesaba ubugebengu, nezinkinga zezomnotho. Ngaphezu kwalokho, lapho asebekhulile bengasenamandla, lezizinkinga zikhuliswa impilo engeyinhle nokudunyazwa ukuncipha kwamandla abo. Khona-ke badinga ukunakwa okwengeziwe. Abantu ngabanye nalo lonke ibandla kufanele lisabele kanjani?
‘Hlakulela Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu’
Phakathi nekhulu lokuqala, uPawulu waloba ngaphansi kokuphefumlelwa kweyoku-1 Thimothewu 5:4, 16: “Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane‚ labo-ke mabafunde [ukuqhuba ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu endlini yakwabo siqu kuqala, NW], babuyisele okufaneleyo kubazali babo‚ ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu. Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi‚ makabasize‚ ibandla lingasindwa‚ ukuze lisize abafelokazi boqobo.” Ukunakekela osekhulile kwakuwumthwalo wemfanelo womkhaya. Uma ilungu eselikhulile lebandla laleswela ngemva kwayo yonke imizamo yomkhaya walo, umthwalo wemfanelo wawuba ngowebandla. Lezizimiso azikashintshi.
Yini esize amaKristu ukuba abonise uthando lobuKristu kwasebekhulile ngokuqhuba ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu emikhayeni yawo siqu? Phawula ukukhulumela okulandelayo koFakazi abaningana abaye baba nokuhlangenwe nakho kokunakekela labo asebekhulile ngeminyaka.
Ukunakekela Njalo Izidingo Ezingokomoya
“Ukucabangela ndawonye itekisi losuku kwakuwusizo olukhulu,” kukhumbula uFelix, owasiza ekunakekeleni abazali bomkakhe. “Okuhlangenwe nakho komuntu siqu nemigomo kwakuhlangene nezimiso zikaJehova.” Ngempela, lapho kuhlangatshezwana nenselele yokunakekela izihlobo esezikhulile, isici esiyinhloko siwukunaka ngokufanelekile ukondleka kwazo okungokomoya. Lokhu kunengqondo uma kucatshangelwa amazwi kaJesu kuMathewu 5:3: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (NW) Itekisi losuku linganezelwa ngesimiso sokufundwa kweBhayibheli, ngokuxoxa ngezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, nangomthandazo. “Kubonakala sengathi asebekhulile bayasithanda isilinganiso esithile sokungaguquguquki,” kuphawula uPeter.
Yebo, ukungaguquguquki kubalulekile ezindabeni ezingokomoya. Abantu asebekhulile bayasithanda isimiso esingashintshashintshi hhayi ezindabeni ezingokomoya kuphela kodwa nasesimweni sokuphila kwansuku zonke. Ngisho nalabo abanokuxhwala okuncane bangakhuthazwa ngemfudumalo ukuba “bavuke bagqoke kahle usuku ngalunye,” kuphawula u-Ursula. Yebo, sifuna ukugwema umqondo wokubalawula asebekhulile. UDoris uyavuma ukuthi ngokudabukisayo imizamo eyayinenjongo enhle ngokuvamile yayibhuntsha. “Ngenza zonke izinhlobo zamaphutha. Ngolunye usuku ngacela ubaba ukuthi akoshintsha iyembe lakhe nsuku zonke. Umama wabe esengikhumbuza: ‘Phela usengumyeni wami!’ ”
Asebekhulile bake baba basha, kodwa kuwumsebenzi onzima ngabasha ukuba bazivumelanise nesimo sasebekhulile. Nokho, yileso isihluthulelo sokuqonda izidingo zabo ezikhethekile. Ukukhula kuletha ukukhungatheka. UGerhard uyachaza: “Umkhwe wami wayecasuka ngoba engasakwazi ukwenza zonke izinto ayekwazi ukuzenza. Ukwamukela lesosimo kwakubuhlungu kakhulu. Ubuntu bakhe bashintsha.”
Ngaphansi kwezimo eziguqukayo, akukhona okungavamile ngomuntu osekhulile ukuba azwakalise ukukhungatheka okugqibelene ngaphakathi kuye ngokugxeka abanye, ikakhulukazi labo abamnakekelayo. Isizathu sisobala. Ukumnakekela kwabo ngothando kumkhumbuza amandla akhe asenyamalala. Kufanele usabele kanjani kulokhu kugxekwa nokukhononda okungafanele?
Khumbula, imizwa enjalo engemihle ayibonisi indlela uJehova ayibheka ngayo imizamo yakho. Qhubeka wenza okuhle, futhi ulondoloze unembeza ohlanzekile, ngisho noma ungavuna amazwi angemahle ngezikhathi ezithile. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 2:19.) Ibandla lenu linganikeza ukusekela okukhulu.
Lokho Ibandla Elingakwenza
Amabandla amaningi kufanele abonge ngokujulile ngemizamo yesikhathi esidlule yabazalwane bethu nodade asebekhulile esibathandayo. Mhlawumbe yibona ababeka isisekelo salelobandla, belakha ngabamemezeli abambalwa emashumini amaningi eminyaka edlule. Ngabe likhona yini lelobandla ngaphandle komsebenzi wabo wentshiseko wesikhathi esidlule, mhlawumbe nokusekela kwabo ngezimali esikhathini samanje?
Uma ukunakekelwa okwengeziwe kuba okudingekile ngommemezeli osekhulile, akudingeki izihlobo zisale zodwa nalowomthwalo wemfanelo. Abanye bangasiza ngokubenzela abakudingayo, ukupheka, ukuhlanza, ukuphelezela osekhulile alule izinyawo, ukumthwala ngento yokuhamba ukuya emihlanganweni yobuKristu, noma nje ngokuxoxa naye eHholo LoMbuso. Wonke umuntu angahlanganyela, nakuba impumelelo nesimiso esingashintshi sifinyeleleka kangcono uma imizamo iqondiswe kahle.
Ukuqondisa kuyinto abadala abangahlala beyikhumbula njalo uma behlela ukuhambela kokwelusa. Amanye amabandla ayisibonelo esihle kulesisici, abadala baqinisekisa ukuthi asebekhulile nababuthaka benzelwa ukuhambela kokwelusa njalo, ngisho nalabo abanakekelwa kahle imikhaya yabo. Nokho, kubonakala sengathi amanye amabandla kusafanele asiqaphele kakhudlwana isibopho anaso kwasebekhulile.
Omunye umzalwane oqotho, owevile eminyakeni engu-80, wayenakekelwa indodakazi yakhe nomkhwenyana, abashiya eBethel ukuze bayokwenza lokho. Nokho, ukuvakashelwa amanye amalungu ebandla kwakusabalulekile kuye. “Ngesikhathi ngisabahambela abagulayo,” kububula lomzalwane, “ngangithandaza nabo. Kodwa akekho nakanye oseke wathandaza nami.” Ukunakekela kothando kwezihlobo akubakhululi abadala esibophweni ‘sokwalusa umhlambi kaNkulunkulu abaphathiswe wona.’ (1 Petru 5:2) Ngaphezu kwalokho, labo abanakekela asebekhulile badinga ukwakhiwa nokukhuthazwa ukuba baqhubeke nomsebenzi wabo omuhle.
‘Sebebadala Futhi Banelisiwe’
U-Alexander von Humboldt, isazi sesayensi esingumJalimane sekhulu le-19, sase sikhule impela ngeminyaka ngesikhathi omunye wesifazane osemusha esibuza ukuthi sasingakutholi yini ukuguga kudina kancane. “Uqinisile impela,” kuphendula lendoda eyisifundiswa. “Kodwa kuyiyona ndlela yokuphila isikhathi eside.” Ngomqondo ofanayo, abazalwane nodade abaningi namuhla babeka isibonelo esihle sokwamukela izingqinamba zokuguga ukuze bathole udumo lokuphila isikhathi eside. Babonisa isimo sika-Abrahama, u-Isaka, uDavide, noJobe, ‘abasebebadala futhi banelisiwe.’—Genesise 25:8; 35:29; 1 IziKronike 23:1; Jobe 42:17.
Ukuguga kuletha inselele yokwamukela usizo ngokuzithoba nokubonga ngobuqotho. Ukuhlakanipha kudinga ukuba lowo nalowo akuqaphele ukulinganiselwa kwamandla akhe. Nokho, lokho akumenzi osekhulile abe ohlalayo nje. UMaria wevile impela eminyakeni engu-90, kodwa usaya emihlanganweni yebandla futhi uyazinikeza izimpendulo khona. Ukwenza kanjani? “Angisakwazi ukufunda, kodwa ngilalela INqabayokulinda ekhasethini. Kungena ngapha kuphume ngapha nje, kodwa ngokuvamile ngiyakwazi ukunikeza impendulo.” NjengoMaria, ukuzigcina umatasa ngezindaba ezakhayo kusiza umuntu ahlale ekhuthele futhi alondoloze ubuntu bobuKristu.
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ukuguga ngeke kusaba khona. Ngalesosikhathi labo abagugele kulesisimiso futhi mhlawumbe baze bafa bayoba nezinkumbulo eziyigugu zokunakekelwa nokunakwa ababoniswa khona. Njengoba labo asebekhulile beyobe bebuyiselwa ukuphila namandla, ngokuqinisekile bayozizwa benothando olujulile ngoJehova futhi bebabonga ngokujulile labo ababewa nabo bevuka ngesikhathi sezinhlupheko zabo kulesisimiso esidala.—Qhathanisa noLuka 22:28.
Kuthiwani ngalabo abanakekela asebekhulile manje? Ngokushesha nje, lapho uMbuso usulawula ngokugcwele emhlabeni, bayobheka emuva ngenjabulo nangokuqabuleka ngokuthi abazange basibalekele isibopho sabo kodwa babonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ngokubonisa uthando lobuKristu kwasebekhulile.—1 Thimothewu 5:4.
[Ibhokisi ekhasini 30]
Asebekhulile Bayokwazisa Ukubavakashela Kwakho
Kuningi okuhle okungafezwa ngokuhlela ukuvakashela osekhulile ngemva komsebenzi wokushumayela, mhlawumbe imizuzu engu-15. Kodwa kungcono kakhulu ukungashiyeli lokhu kuvakasha kunoma isiphi isikhashana esiyovela njengoba lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa.
UBrigitte noHannelore babeshumayela ndawonye, bexoxa nelinye ikhehla emnyango wakwalo. Labodade bakhuluma nalo imizuzu emihlanu ngaphambi kokuthola ukuthi nalo linguFakazi KaJehova, liyilungu lebandla abakulo. Yeka amahloni! Kodwa lokhu okuhlangenwe nakho kwaphetha kahle. UHannelore wenza amalungiselelo ngokushesha okuba amhambele lomzalwane futhi amsize ukuba abe khona emihlanganweni yebandla.
Ingabe uyalazi igama nekheli lommemezeli ngamunye osekhulile ohlala ensimini yalapho ushumayela khona? Ungahlela ukumvakashela kafushane? Cishe lokhu kuyokwaziswa kakhulu.