Kungani Kumelwe Uthethelele?
ISAZI esingumJuda nesingumlobi uJoseph Jacobs sake sachaza ukuthethelela ‘njengesifundo esiphakeme nesinzima ukwedlula zonke izifundo zokuziphatha.’ Ngempela, abaningi bakuthola kunzima kakhulu ukuthi “Ngiyakuxolela.”
Kubonakala sengathi ukuthethelela kufana kakhulu nemali. Ingasetshenziswa ngokukhululekile nangesihe ngokwenzuzo yabanye noma igodlwe ukuze isetshenziswe ngobugovu ezidingweni zomuntu siqu. Indlela yokuqala ingeyokwesaba uNkulunkulu. Kufanele sihlakulele imikhuba yokupha ngomusa ngokuphathelene nokuthethelela. Ngani? Ngoba uNkulunkulu uyakukhuthaza lokhu, nangenxa yokuthi umoya wokungathetheleli, wokuphindisela umane wenze izinto zibe zimbi kakhulu.
Abantu abaningi bathi: “Angithukutheli; ngimane ngiphindisele!” Ngokudabukisayo, lamazwi ayisimiso esibusa ukuphila kwabaningi namuhla. Ngokwesibonelo, omunye wesifazane wenqaba ukukhuluma nomkamfowabo iminyaka engaphezu kweyisikhombisa ngoba, njengoba lona wesifazane esho, “wangona kakhulu futhi angizange ngikwazi ukumxolela.” Kodwa ukugwema umuntu ngokungamkhulumisi okunjalo, lapho kusetshenziswa njengethuluzi lokwenza owonile axolise noma njengesikhali sokujezisa, cishe akusanelisi isifiso sokuphindisela. Kunalokho, kungamane kuqhubekisele phambili ingxabano, kubangele ukwakheka kwegqubu elikhulu. Uma lomjikelezo wobuhlungu ungenakuqedwa, ithonya elinamandla lempindiselo lingabonakalisa ubuhlobo ngisho nempilo yomuntu.
Ingozi Yomoya Wokungathetheleli
Lapho umuntu engathetheleli, ingxabano ewumphumela ibangela ukucindezeleka. Ngokulandelayo, ukucindezeleka kungaholela ekuguleni okungathi sína. UDkt. William S. Sadler wabhala: “Akekho ongaqaphela ngokugcwele njengodokotela inani eliphakeme ngokumangalisayo lamaphesenti ezifo nokuhlupheka kwabantu okubangelwa ukukhathazeka, ukwesaba, ingxabano, . . . imicabango engenampilo nokuphila okungahlanzekile.” Nokho, ungakanani ngempela umonakalo obangelwa ukuphazamiseka okungokomzwelo? Enye incwadi yezokwelapha iyaphendula: “Izibalo . . . zabonisa ukuthi izingxenye ezimbili kwezintathu zeziguli ezaya kudokotela zazinezimpawu zokugula ezazibangelwa noma zandiswa ukucindezeleka okungokwengqondo.”
Yebo, ukuthukuthela, ukubamba amagqubu nenzondo kunengozi. Lemizwa elimazayo ifana nokugqwala okudla umzimba wemoto kancane kancane. Ingaphandle lemoto lingase libonakale lilihle, kodwa ngaphansi kukapende kunenqubo eyonakalisayo eqhubekayo.
Okubaluleke ngisho nangaphezulu, ukwenqaba kwethu ukuthethelela lapho kunesisekelo sokubonisa isihe kungasilimaza nathi ngokomoya. Phambi kukaJehova uNkulunkulu, singafana nenceku emfanekisweni kaJesu. Lenceku yathethelelwa isikweleti esikhulu inkosi yayo. Nokho, lapho inceku ekanye nayo iyinxusa ukuba iyithethelele isikweleti esincane ngokuqhathaniswa, yayinonya futhi ingathetheleli. UJesu wakwenza kwacaca ukuthi uma nathi ngokufanayo singazimisele ukuthethelela, uJehova uyokwenqaba ukusithethelela izono zethu. (Mathewu 18:21-35) Ngakho, uma singathetheleli, singalahlekelwa unembeza wethu ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu silahlekelwe ngisho nayithemba lethu lesikhathi esizayo! (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 1:3.) Yini-ke esingayenza?
Funda Ukuthethelela
Ukuthethelela kweqiniso kusuka enhliziyweni. Kuhilela ukuxolela isono somenzi wobubi nokulahla noma isiphi isifiso sokuphindisela. Ngaleyondlela, ubulungisa bokugcina nempindiselo engaba khona kushiyelwa ezandleni zikaJehova.—Roma 12:19.
Nokho, kumelwe kuphawulwe ukuthi njengoba ‘inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi iyimbi,’ ayithambekele ngaso sonke isikhathi ekuthetheleleni ngisho nalapho kufanele yenze kanjalo. (Jeremiya 17:9) UJesu ngokwakhe wathi: “Enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.”—Mathewu 15:19.
Ngokujabulisayo, izinhliziyo zethu zingaqeqeshelwa ukwenza okulungile. Nokho, ukuqeqesha esikudingayo kumelwe kuvele emthonjeni ophakeme. Asinakukwenza sisodwa. (Jeremiya 10:23) Umhubi ophefumlelwe ngokwaphezulu wakuqaphela lokhu futhi wathandazela isiqondiso sikaNkulunkulu. Wanxusa uJehova ngomthandazo: “Ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho.”—IHubo 119:26, 27.
Ngokuvumelana nelinye ihubo, iNkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide yafinyelela ‘ekuqondeni indlela’ kaJehova. Yayibona mathupha futhi yafunda kuyo. Ngakho, yakwazi ukuthi: “UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.”—IHubo 103:8, 13.
Kudingeka sifunde njengoba kwenza uDavide. Ngosizo lomthandazo funda isibonelo esiphelele sikaNkulunkulu sokuthethelela, kanye naleso seNdodana yakhe. Ngaleyondlela, singafunda ukuthethelela ngokusuka enhliziyweni.
Nokho, abanye bangase babuze ngokufanelekile: Kuthiwani ngesono esingathi sína? Ingabe zonke izono kumelwe zithethelelwe?
Ukufuna Ukulinganisela
Lapho umuntu oniwe ngokungathi sína, ubuhlungu bungase bube bukhulu kakhulu. Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile uma othile eyisisulu esingenacala sesono esingathi sína. Abanye bangase bazibuze nokuzibuza, ‘Ngingamxolela kanjani othile oye wangiphatha ngonya olukhulu futhi wangilimaza?’ Endabeni yesono esingathi sína esingafanela ukususa ekuhlanganyeleni, kungase kudingeke ukuba isisulu sisebenzise iseluleko esikuMathewu 18:15-17.
Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, okuningi kungaxhomeka kumenzi wobubi. Kusukela esikhathini sokwenziwa kobubi, siye saba khona yini isibonakaliso sokuphenduka okuqotho? Ingabe isoni siye saphenduka, mhlawumbe saze sazama ngisho nokwenza ukulungisa okungokoqobo? Phambi kukaJehova ukuphenduka okunjalo kuyisihluthulelo sokuthethelelwa ngisho nasendabeni yezono ezimbi kakhulu. Ngokwesibonelo, uJehova wathethelela uManase, enye yamakhosi amabi kakhulu emlandweni wakwa-Israyeli. Ngasiphi isisekelo? UNkulunkulu wenza kanjalo ngoba ekugcineni uManase wazithoba futhi waphenduka ezindleleni zakhe ezimbi.—2 IziKronike 33:12, 13.
EBhayibhelini ukuphenduka kwangempela kuhilela ukushintsha okuqotho esimweni sengqondo, ukuzisola ngokusuka enhliziyweni nganoma ibuphi ububi obenziwe. Lapho kufaneleka khona futhi kungenzeka, ukuphenduka kuhambisana nomzamo wokunxephezela isisulu sokoniwa. (Luka 19:7-10; 2 Korinte 7:11) Lapho kungekho ukuphenduka okunjalo, uJehova akathetheleli.a Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu akalindele ukuba amaKristu athethelele labo abake bakhanyiselwa ngokomoya kodwa manje abenza ububi ngamabomu, bengaphenduki. (Heberu 10:26-31) Ezimweni ezeqisa kakhulu, ukuthethelela kungase kungafaneleki ngempela.—IHubo 139:21, 22; Hezekeli 18:30-32.
Kungakhathaliseki ukuthi intethelelo ingenzeka noma cha, isisulu sokoniwa okungathi sína singase sifune ukucabangela omunye umbuzo: Ingabe kumelwe ngihlale nginokuphazamiseka kwemizwelo, ngizizwa ngilinyazwe kakhulu futhi ngithukuthele, kuze kube yilapho indaba isilungiswe ngokugcwele? Cabangela nasi isibonelo. INkosi uDavide yazizwa ilinyazwe kakhulu lapho ujenene wayo, uJowabe, ebulala u-Abineri no-Amasa, “amadoda amabili alungileyo amahle [kunoJowabe].” (1 AmaKhosi 2:32) UDavide wazwakalisa intukuthelo yakhe ngamazwi futhi ngokungangabazeki nangomthandazo kuJehova. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi imizwa kaDavide ejulile yendumalo cishe yashabalala. Akazange abuswe intukuthelo kwaze kwaba sekufeni. UDavide waqhubeka ngisho nokuqhubeka esebenza noJowabe, kodwa akazange amane nje amthethelele lombulali ongaphenduki. UDavide waqikelela ukuthi kwenziwa ubulungisa ekugcineni.—2 Samuweli 3:28-39; 1 AmaKhosi 2:5, 6.
Kungase kuthathe isikhathi nomzamo ngaphambi kokuba labo abalinyazwe izono ezingathi sína zabanye banqobe intukuthelo yabo yokuqala. Inqubo yokwelapha ingase ibe lula kakhudlwana lapho umenzi wobubi evuma ububi bakhe futhi ephenduka. Nokho, isisulu esingenacala sesono kufanele sikwazi ukuthola induduzo nenkululeko ebuhlungwini ngolwazi lwaso ngobulungisa nokuhlakanipha kukaJehova nasebandleni lobuKristu, kungakhathaliseki ukuthi iyini inkambo yomenzi wobubi.
Qaphela, futhi, ukuthi lapho uthethelela umenzi wobubi, lokhu akusho ukuthi uyekelela isono. NgomKristu, ukuthethelela kusho ukushiyela indaba ngokwethembeka ezandleni zikaJehova. UnguMahluleli olungile wendawo yonke, futhi uyokwenza ubulungisa ngesikhathi esifanele. Lokho kuyohlanganisa ukwahlulela “izifebe neziphingi” ezingathembekile.—Heberu 13:4.
Izinzuzo Zokuthethelela
Umhubi uDavide wahlabelela: “Ngokuba wena-Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.” (IHubo 86:5) Ingabe nawe “ungothethelelayo” njengoJehova? Kunezinzuzo eziningi.
Okokuqala, ukuthethelela abanye kuthuthukisa ubuhlobo obuhle. IBhayibheli linxusa amaKristu: “Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.”—Efesu 4:32.
Okwesibili, ukuthethelela kuletha ukuthula. Lokhu akukhona nje ukuthula nabantu esiphila kanye nabo kodwa ukuthula kwangaphakathi ngokufanayo.—Roma 14:19; Kolose 3:13-15.
Okwesithathu, ukuthethelela abanye kusisiza ukuba sikhumbule ukuthi nathi siyakudinga ukuthethelelwa. Yebo, “bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
Okokugcina, ukuthethelela abanye kuvula indlela yokuba izono zethu zithethelelwe uNkulunkulu. UJesu wathi: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.”—Mathewu 6:14.
Cabanga ngezinto eziningi okumelwe ukuba zazisengqondweni kaJesu ngentambama yosuku afa ngalo. Wayekhathazekile ngabafundi bakhe, umsebenzi wokushumayela, futhi ikakhulukazi ubuqotho bakhe kuJehova. Nokho, nakuba ayehlupheka kanzima esigxotsheni sokuhlushwa, yini akhuluma ngayo? Phakathi kwamazwi akhe okugcina kwakunamazwi athi, “Baba, bathethelele.” (Luka 23:34) Singasilingisa isibonelo sikaJesu esiphelele ngokuthethelela abanye ngokusuka enhliziyweni.
[Umbhalo waphansi]
a Nokho, uJehova ucabangela ezinye izici ekunqumeni ukuthi kufanele yini athethelele. Ngokwesibonelo, uma umenzi wobubi engazazi izindinganiso zikaNkulunkulu, lokho kungazi kunganciphisa ubunzima bokuba necala. Lapho uJesu ecela uYise ukuba athethelele labo abambulala, ngokusobala wayekhuluma ngamasosha amaRoma ambulala. ‘Ayengakwazi ayekwenza,’ engazi ukuthi wayengubani ngempela. Nokho, abaholi benkolo ababeshoshozela lokho kubulala bathwala icala elikhulu kakhulu—futhi ngabaningi babo, ukuthethelelwa kwakungenakwenzeka.—Johane 11:45-53; qhathanisa nezEnzo 17:30.
[Izithombe ekhasini 5]
Ingabe ulitholile iphuzu lomfanekiso kaJesu wenceku engathetheleli?
[Izithombe ekhasini 7]
Ukuthethelela abanye kuthuthukisa ubuhlobo obuhle kulethe nenjabulo