Ingabe Uyiphayona Elilinganiselayo?
UBUSO bukayise buyaqhakaza njengoba evule izingalo elinde ukuba indodakazi yakhe ithathe amagxathu ayo okuqala anokungabaza. Lapho ngokungazelele ivuma phansi, uyikhuthaza ukuba iphinde izame. Uyazi ukuthi ngokushesha izokwazi ukuzimela futhi ibe namandla.
Ngendlela efanayo, isikhonzi esisanda kuba yiphayona singase sidinge isikhathi nesikhuthazo ngaphambi kokuba sifinyelele ukulinganisela okudingekayo ukuze siphumelele njengommemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Amaphayona amaningi ayaqhubeka ekhonza ngenjabulo amashumi eminyaka. Ambalwa akhutshwa izinguquko ezingalindelekile ezimweni zawo. Amanye alahlekelwa ngisho nayinjabulo yawo. Kwelinye izwe, amaphesenti angu-20 alabo abaqala ukuphayona ayeka phakathi neminyaka emibili yokuqala esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Yini engase ikhiphe iphayona kulenkonzo ejabulisa kangaka? Ingabe kukhona okungenziwa ukuze kugwenywe lezi zithiyo?
Nakuba impilo ebuthaka, izidingo ezingokwezimali, nemithwalo yemfanelo yomkhaya kungase kubangele abanye ukuba bashiye inkonzo yesikhathi esigcwele, kwabanye isikhubekiso siye saba ukuhluleka ukulondoloza ukulinganisela okuhle phakathi kwezibopho ezihlukahlukene zobuKristu. Ukulinganisela kusikisela “isimo lapho kungekho ngxenye, isakhi, isici noma ithonya elisinda kakhulu kunelinye noma elingalingani namanye.”
UJesu Kristu wabonisa abafundi bakhe indlela umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi okwakumelwe wenziwe ngayo. Enkonzweni yakhe siqu, wabonisa nendlela ukulinganisela okulondolozwa ngayo. UJesu wabonisa ukuthi abaholi benkolo abangamaJuda babentula ukulinganisela, ebatshela: “Ninikela okukodwa eshumini kweminti nedile nekhumini, kodwa anizinakanga izindaba zoMthetho ezinesisindo esikhudlwana, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokukholeka. Lezizinto kwakuyisibopho ukuzenza, kodwa hhayi ukuba ningazinaki lezi ezinye izinto.”—Mathewu 23:23.
Lesi simiso sisebenza kahle ngendlela efanayo namuhla, ikakhulukazi enkonzweni yamaphayona. Beshukunyiswa intshiseko nezinhloso ezinhle, abanye baye bangenela ubuphayona bengazange babulungiselele ngokugcwele noma bacabangele konke obukuhilelayo. (Luka 14:27, 28) Abanye baye bagxila kakhulu enkonzweni yasensimini kangangokuthi baye bangazinaka ezinye izici ezibalulekile zobuKristu. Bangakufinyelela kanjani ukulinganisela futhi bakulondoloze?
Hlala Uqinile Ngokomoya!
UJesu akazange alidebeselele ingokomoya lakhe. Ngisho noma izixuku ezaziza kuye zizophulukiswa zazifuna isikhathi sakhe ngendlela engavamile, wahlela isikhathi sokuzindla ngomthandazo. (Marku 1:35; Luka 6:12) Nanamuhla ukuphayona okulinganiselayo kudinga ukuba umuntu awasebenzise ngokwanele wonke amalungiselelo okumgcina eqinile ngokomoya. UPawulu wathi: “Nokho, ingabe wena, ofundisa omunye, awuzifundisi wena?” (Roma 2:21) Ngokuqinisekile kungaba iphutha ngomuntu ukuba asebenzise sonke isikhathi sakhe ekushumayezeni abanye kuyilapho edebeselela ukuzinika isikhathi esanele sesifundo somuntu siqu nomthandazo wasikhathi sonke.
UKumiko useneminyaka engamashumi amabili eyiphayona. Nakuba enezingane ezintathu nomyeni ongakholwa, uye wafunda kokuhlangenwe nakho ukuthi isikhathi esingcono kakhulu ngaye sokufunda nokutadisha iBhayibheli esangaphambi nje kokuba alale. Njengoba etadisha, uphawula ikakhulukazi amaphuzu angawasebenzisa enkonzweni yasensimini ukuze agcine inkonzo yakhe yansuku zonke iyintsha futhi ithakazelisa. Amanye amaphayona aphumelelayo avuka ngaphambi kokuba wonke umkhaya uvuke ukuze ajabulele ukuvuselelwa ngokomoya kusesekuseni futhi kuthule. Ungase ube nezinye izikhathi ezifanelekayo ozibekele eceleni ukuze ulungiselele imihlangano futhi uhambisane nezincwadi zamaKristu zamuva. Uma ufisa ukulondoloza injabulo yenkonzo, isifundo somuntu siqu asinakujahwa noma sidebeselelwe.
Ukulinganisela Imithwalo Yemfanelo Yomkhaya
Abazali abaphayonayo nabo kudingeka bakhumbule ukuthi ingxenye enkulu ‘yentando kaJehova’ ngabo ihilela ukunakekela izidingo ezingokomzimba, ezingokomzwelo, nezingokomoya zemikhaya yabo siqu. (Efesu 5:17; 6:1-4; 1 Thimothewu 5:8) Ngezinye izikhathi ngisho nomngane womshado namalungu omkhaya akholwayo besaba ukuthi ngeke bathole usizo nokusekela kunkosikazi noma umama uma eseqale ukuphayona. Imizwa enjalo ibangela ukuba bangasenameli isifiso sakhe sokuba iphayona. Nokho, ngokuhlela okuhle, nokucabanga kusengaphambili, ukulinganisela kungalondolozwa.
Amaphayona amaningi azama ukwenza wonke umsebenzi wawo wokushumayela lapho amalungu omkhaya engekho ekhaya. UKumiko, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uba nomkhaya wakhe lapho udla ukudla kwasekuseni, avalelise umyeni wakhe nezingane zakhe lapho behamba ekuseni, futhi abe sekhaya ngaphambi kokuba babuye. Njalo ngoMsombuluko upheka ukudla okuningi kusengaphambili ukuze akwazi ukuphumula futhi adle nomkhaya wakhe kunokuba abe matasa ekhishini. Ukwenza umsebenzi ongaphezu kowodwa ngesikhathi, njengokwenza omunye umsebenzi wasendlini ebe elungisa ukudla, nakho kuyasiza. Ngaleyo ndlela, uKumiko uthola ngisho nesikhathi sokumema abangane bezingane zakhe futhi abenzele izibiliboco.
Njengoba izingane zingena eminyakeni yokweva eshumini nambili, ngokuvamile zidinga ukunakekela kwabazali okwengeziwe ukuze zibhekane nemizwelo, izifiso, ukungabaza, nokwesaba okusha okuzikhungathekisayo. Lokhu kudinga ukuqapha nokuhlelwa kabusha kwesimiso somzali oyiphayona. Cabangela uHisako, umama ophayonayo onezingane ezintathu. Yini ayenza lapho indodakazi yakhe endala iqala ukubonisa ukuntula injabulo nentshiseko ngemihlangano yobuKristu nenkonzo yasensimini ngenxa yethonya labangane bezwe basesikoleni? Okwakudingeka ngempela kwakuwukuba indodakazi yakhe yenze iqiniso libe elayo futhi iqiniseke ngokugcwele ukuthi ukuhluka ezweni kuyinkambo engcono kakhulu.—Jakobe 4:4.
UHisako uthi: “Nganquma ukuphinda ngifunde naye izimfundiso eziyisisekelo ezisencwadini ethi Ungaphila Phakade nsuku zonke. Ekuqaleni sasikwazi ukufunda imizuzu embalwa kuphela, indodakazi yami ikhala njalo ngesisu nekhanda elibuhlungu kakhulu lapho sekuyisikhathi sesifundo. Kodwa ngangisiqhuba njalo isifundo. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, isimo sayo sathuthuka kakhulu, kwaholela ekubeni ngemva kwesikhashana izinikezele futhi ibhapathizwe.” Manje uHisako ujabulela inkonzo yesikhathi esigcwele kanye nendodakazi yakhe.
Obaba abaphayonayo nabo kudingeka baqaphele ukuthi abagxili kakhulu ekunakekeleni abathakazelayo ensimini nemisebenzi yabo yebandla baze bahluleke ukunikeza izingane zabo ezisakhula ukusekela okuqinile okungokomzwelo nesiqondiso esifanele. Lena akuyona into indoda okufanele iyigudluzele kumkayo. Omunye umdala ongumKristu omatasa osenesikhathi eside eyiphayona futhi oqhuba ibhizinisi elincane uzinika isikhathi sokufunda nengane yakhe ngayinye kwezine. (Efesu 6:4) Ngaphezu kwalokho, ulungiselela imihlangano yamasonto onke nomkhaya wakhe. Amaphayona alinganiselayo awayidebeseleli imikhaya yawo ngokwezinto ezibonakalayo noma ngokomoya.
Ukulinganisela Ngokwezimali
Umbono ofanele wezidingo zansuku zonke ungesinye isici amaphayona okufanele azame ukulondoloza ukulinganisela okuhle kuso. Nalapha futhi, singafunda okuningi esibonelweni naseselulekweni esihle sikaJesu. Waxwayisa ngokukhathazeka ngokweqile ngezinto ezibonakalayo. Kunalokho, wakhuthaza abafundi bakhe ukuba babeke uMbuso kuqala, ethembisa ukuthi uNkulunkulu wayeyobanakekela njengoba enakekela yonke enye indalo yakhe. (Mathewu 6:25-34) Ngokulandela lesi seluleko esihle, amaphayona amaningi aye akwazi ukuhlala iminyaka eminingi enkonzweni yesikhathi esigcwele, futhi uJehova uye wabusisa imizamo yawo yokuthola ‘isinkwa sosuku nosuku.’—Mathewu 6:11.
Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu ayekanye nawo ukuba enze ‘ukuba nengqondo kwawo kwaziwe yibo bonke abantu.’ (Filipi 4:5) Ngokuqinisekile, ukuba nengqondo kuyodinga ukuba siyinakekele ngendlela efanele impilo yethu. Amaphayona alinganiselayo enza wonke umzamo ukuze abonise ukuba nengqondo endleleni yawo yokuphila nasesimweni sawo sengqondo ngasezintweni ezibonakalayo, azi ukuthi abanye bayakuqaphela ukuziphatha kwawo.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:9.
Intsha engenela inkonzo yamaphayona kufanele igweme ukuwusebenzisa kabi umoya wokupha wabazali bayo. Uma ihlala emzini wabazali bayo, kuyoba ukubonisa ukulinganisela okuhle nokwazisa ukuhlanganyela emisebenzini yasendlini nokuba nomsebenzi wezikhathi ezithile ongayenza ikwazi ukuhlanganyela ezindlekweni zekhaya.—2 Thesalonika 3:10.
Amaphayona Alinganiselayo Ayisibusiso Sangempela
Kungenzeka uyiphayona elisebenza kanzima ukuze lilondoloze ukulinganisela okufanele. Qiniseka. Njengoba nje ingane encane idinga isikhathi ukuze ifunde ukuzimela futhi ihambe, amaphayona amaningi avuthiwe athi kwawathatha isikhathi ukuba afinyelele ukulinganisela ekunakekeleni yonke imisebenzi yawo.
Ukwenza isifundo somuntu siqu, ukunakekela amalungu omkhaya, nokwanelisa izidingo zawo siqu zezinto ezibonakalayo kuphakathi kwezici amaphayona alwela ukulinganisela kuzo. Imibiko ibonisa ukuthi amaphayona amaningi afeza imithwalo yawo yemfanelo kahle kakhulu. Ayisibusiso ngempela emphakathini nodumo kuJehova nasenhlanganweni yakhe.