Ukuphila Ngomthetho KaKristu
“Qhubekani nithwalelana imithwalo esindayo, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.”—GALATHIYA 6:2.
1. Kungani kungase kuthiwe umthetho kaKristu uyithonya elinamandla lokuhle namuhla?
ERWANDA, oFakazi BakaJehova abangamaHutu namaTutsi bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze bavikelane ekubulalaneni kwezinhlanga okusanda kubhuqa lelozwe. OFakazi BakaJehova eKobe, eJapan, abalahlekelwa amalungu emikhaya yabo ekuzamazameni komhlaba okubhubhisayo bafa olwembiza ngenxa yokulahlekelwa kwabo. Noma kunjalo, baphuthuma beyohlenga ezinye izisulu. Yebo, izibonelo ezijabulisayo ezivela kuwo wonke umhlaba zibonisa ukuthi umthetho kaKristu uyasebenza namuhla. Uyithonya elinamandla lokuhle.
2. ELobukholwa liye lalahlekelwa kanjani iphuzu lomthetho kaKristu, futhi siwugcwalisa kanjani lowo mthetho?
2 Ngesikhathi esifanayo, kugcwaliseka isiprofetho seBhayibheli esiphathelene nalezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi. Abaningi ‘banesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu’ kodwa ‘bazibonakalisa bengathembekile emandleni ako.’ (2 Thimothewu 3:1, 5) Ikakhulukazi kweLobukholwa, inkolo ngokuvamile iyindaba yokugcina icala, hhayi esuka enhliziyweni. Ingabe lokho kungenxa yokuthi kunzima kakhulu ukuphila ngomthetho kaKristu? Cha. UJesu wayengeke asinikeze umthetho ongalandeleki. ELobukholwa liye nje lalahlekelwa iphuzu lalowo mthetho. Liye lahluleka ukulalela lamazwi aphefumulelwe: “Qhubekani nithwalelana imithwalo esindayo, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.” (Galathiya 6:2) ‘Sigcwalisa umthetho kaKristu’ ngokuthwalelana imithwalo esindayo, hhayi ngokulingisa abaFarisi nangokunezela emithwalweni yabafowethu ngokungafanele.
3. (a) Yimiphi eminye imiyalo ehlanganisiwe emthethweni kaKristu? (b) Kungani kungaba yiphutha ukuphetha ngokuthi ibandla lobuKristu akufanele libe nemithetho ngaphandle kwemiyalo kaKristu eqondile?
3 Umthetho kaKristu uhlanganisa yonke imiyalo kaKristu Jesu—noma ngabe ukushumayela nokufundisa, ukugcina iso limsulwa futhi lilula, ukuzama ukugcina ukuthula nomakhelwane wethu, noma ukususa ukungahlanzeki ebandleni. (Mathewu 5:27-30; 18:15-17; 28:19, 20; IsAmbulo 2:14-16) Yebo, amaKristu anesibopho sokugcina yonke imiyalo eseBhayibhelini eqondiswe kubalandeli bakaKristu. Futhi kunokwengeziwe. Inhlangano kaJehova, kanye namabandla ngamanye, kufanele enze izimiso nezinqubo ezidingekile ukuze alondoloze ukuhleleka okuhle. (1 Korinte 14:33, 40) Phela, amaKristu abengeke akwazi ngisho nokuhlangana ndawonye ukube abengenazo izimiso zokuthi imihlangano enjalo kufanele iqhutshwe nini, kuphi, futhi kanjani! (Heberu 10:24, 25) Ukubambisana neziqondiso ezinengqondo ezinikezwa yilabo abanikezwe igunya enhlanganweni nakho kuyingxenye yokugcwalisa umthetho kaKristu.—Heberu 13:17.
4. Yini engamandla ashukumisayo ekukhulekeleni okumsulwa?
4 Noma kunjalo, amaKristu eqiniso awakuvumeli ukukhulekela kwawo kube isimiso semithetho esingenangqondo. Awakhonzi uJehova ngenxa nje yokuthi umuntu noma inhlangano ethile iwatshela ukuba enze kanjalo. Kunalokho, amandla awashukumisayo ekukhulekeleni kwawo uthando. UPawulu wabhala: “Uthando lukaKristu luyasiphoqelela.” (2 Korinte 5:14, umbhalo waphansi we-NW) UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bathandane. (Johane 15:12, 13) Uthando lokuzidela luyisisekelo somthetho kaKristu, futhi luphoqelela noma lushukumise amaKristu eqiniso yonke indawo, kokubili emkhayeni nasebandleni. Ake sibone ukuthi kanjani.
Emkhayeni
5. (a) Abazali bangawugcwalisa kanjani umthetho kaKristu ekhaya? (b) Izingane zidingani kubazali bazo, futhi yiziphi izithiyo abanye abazali okumelwe bazinqobe ukuze bafeze leso sidingo?
5 Umphostoli uPawulu wabhala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) Lapho indoda ilingisa uKristu futhi iphatha umkayo ngothando nangokuqonda, igcwalisa isici esibalulekile somthetho kaKristu. Ngaphezu kwalokho, uJesu walubonisa obala uthando ngezingane ezincane, ezisingatha, ebeka izandla phezu kwazo, futhi ezibusisa. (Marku 10:16) Nabazali abagcwalisa umthetho kaKristu babonisa uthando ngezingane zabo. Yiqiniso, kunabazali abakuthola kuyinselele ukulingisa isibonelo sikaJesu kulokhu. Abanye ngokwemvelo abakwazi ukuveza imizwa yabo obala. Bazali, ningavumeli imicabango enjalo inivimbele ukuba nibonise izingane zenu uthando eniluzwayo ngazo! Akwanele ukuba kube yini enaziyo ukuthi niyazithanda izingane zenu. Nazo kumelwe zazi. Futhi ngeke zazi uma ningatholi izindlela zokubonisa uthando lwenu.—Qhathanisa noMarku 1:11.
6. (a) Ingabe izingane ziyayidinga imithetho yabazali, futhi kungani uphendula kanjalo? (b) Siyini isizathu esiyisisekelo semithetho yasekhaya izingane okudingeka zisiqonde? (c) Yiziphi izingozi ezigwenywayo lapho kunomthetho kaKristu ekhaya?
6 Ngesikhathi esifanayo, izingane zidinga imingcele, okusho ukuthi abazali bazo kudingeka bazibekele imithetho futhi ngezinye izikhathi bayigcizelele lemithetho ngesijeziso. (Heberu 12:7, 9, 11) Nakuba kunjalo, izingane kumelwe zisizwe njalo ukuba zibone isizathu esiyisisekelo salemithetho: abazali bazo bayazithanda. Futhi kumelwe zifunde ukuthi uthando luyisizathu esingcono kakhulu sokuba zilalele abazali bazo. (Efesu 6:1; Kolose 3:20; 1 Johane 5:3) Umgomo womzali oqondayo uwukufundisa izingane ukuba zisebenzise ‘amandla azo okucabanga’ ukuze ngokuhamba kwesikhathi zizenzele ngokwazo izinqumo ezinengqondo. (Roma 12:1; qhathanisa neyoku-1 Korinte 13:11.) Ngakolunye uhlangothi, imithetho akufanele ibe miningi kakhulu noma isijeziso siqine kakhulu. UPawulu uthi: “Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.” (Kolose 3:21; Efesu 6:4) Lapho kunomthetho kaKristu ekhaya, akwenzeki ukuba isijeziso sinikezwe ngentukuthelo engalawuleki noma ngamazwi okubhinqa alimazayo. Kulelo khaya, izingane zizizwa ziphephile futhi zakhiwa, azizizwa zicindezelwa noma zilulazwa.—Qhathanisa neHubo 36:7.
7. Amakhaya aseBethel angaba kanjani isibonelo uma kuziwa ekubekeni imithetho ekhaya?
7 Abanye abaye bavakashela amakhaya aseBethel akuwo wonke umhlaba bathi lamakhaya ayizibonelo ezinhle zokulinganisela endabeni yemithetho yomkhaya. Nakuba zinabantu abadala, lezi zikhungo zisebenza njengemikhaya.a Imisebenzi yaseBethel ihlukahlukene futhi idinga imithetho eminingana—ngokuqinisekile engaphezu kweyomkhaya ovamile. Noma kunjalo, abadala abaholayo emisebenzini yasemakhaya aseBethel, emahhovisi, nasefektri bayazama ukusebenzisa umthetho kaKristu. Ababheki ukuhlela umsebenzi nje kuphela njengesabelo sabo kodwa futhi nokukhuthaza intuthuko engokomoya ‘nenjabulo kaJehova’ ezisebenzini abakanye nazo. (Nehemiya 8:10) Ngakho-ke, bazama ukwenza izinto ngendlela eyakhayo nekhuthazayo futhi bazame ukuba abacabangelayo. (Efesu 4:31, 32) Akumangalisi ukuthi imikhaya yaseBethel yaziwa ngomoya wayo wenjabulo!
Ebandleni
8. (a) Yini okufanele ihlale iwumgomo wethu ebandleni? (b) Kungaphansi kwaziphi izimo lapho abanye beye bacela ukuba kumiswe imithetho noma bazama ukuyimisa?
8 Ebandleni ngokufanayo kuwumgomo wethu ukwakhana ngomoya wothando. (1 Thesalonika 5:11) Ngakho wonke amaKristu kufanele aqaphele ukuba anganezeli emithwalweni esindayo yabanye ngokuba aphoqelele imibono yawo ezindabeni zokuzikhethela komuntu siqu. Ngezinye izikhathi abanye babhalela i-Watch Tower Society becela imithetho ezindabeni ezinjengombono okufanele babe nawo ngezithombe zebhayisikobho ezithile, izincwadi, ngisho namathoyizi. Nokho, iNhlangano ayinalo igunya lokucusumbula izinto ezinjalo bese yahlulela ngazo. Ezimweni eziningi, lezi izindaba umuntu ngamunye noma inhloko yomkhaya ngayinye okufanele izinqume, ngokusekelwe othandweni lwayo ngezimiso zeBhayibheli. Abanye banokuthambekela kokushintsha ukusikisela neziqondiso zeNhlangano kube imithetho. Ngokwesibonelo, kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 1996, kwakunesihloko esihle esasikhuthaza abadala ukuba benze ukuhambela kokwalusa kwasikhathi sonke emalungwini ebandla. Ingabe injongo kwakuwukumisa umthetho? Cha. Nakuba labo abakwaziyo ukulandela ukusikisela bethola izinzuzo eziningi, abanye abadala abekho esimweni sokwenza kanjalo. Ngokufanayo, isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 1995, saxwayisa ngokwehlisa isithunzi sesenzakalo sobhapathizo ngokweqisa okunjengokwenza indumezulu yomcimbi noma ukuhlela imigubho. Abanye baye beqisa kulesi seluleko esivuthiwe, baze benza ngisho nomthetho wokuthi ukuthumela ikhadi elikhuthazayo ngalesi senzakalo kungaba yiphutha!
9. Kungani kubalulekile ukuba sigweme ukugxekana ngokweqile nokwahlulelana?
9 Cabangela nokuthi uma “umthetho ophelele ongowenkululeko” kufanele uchume phakathi kwethu, kumelwe sikwamukele ukuthi akekho umKristu ononembeza ofana ncamashí nowomunye. (Jakobe 1:25) Ingabe kufanele sithukuthele uma abantu bezenzela ukukhetha okungephuli izimiso ezingokomBhalo? Cha. Uma senza kanjalo siyobangela ukuhlukana. (1 Korinte 1:10) Lapho uPawulu esixwayisa ngokwahlulela umKristu esikanye naye, wathi: “Uma noma awe enkosini yakhe siqu. Impela uyomiswa, ngoba uJehova angammisa.” (Roma 14:4) Uma sigxekana ngezindaba okufanele zishiyelwe kunembeza womuntu ngamunye sizifaka engozini yokudumaza uNkulunkulu.—Jakobe 4:10-12.
10. Obani ababelwe ukunakekela ibandla, futhi kufanele sibasekele kanjani?
10 Masikhumbule futhi, ukuthi abadala babelwe ukunakekela umhlambi kaNkulunkulu. (IzEnzo 20:28) Bakhona ukuze basize. Kufanele sizizwe sikhululekile ukuya kubo sicele iseluleko, ngoba bangabafundi beBhayibheli futhi bajwayelene nalokho okuye kwaxoxwa ngakho ezincwadini ze-Watch Tower Society. Lapho abadala bebona ukuziphatha okungenzeka kuholele ekwephuleni izimiso ezingokomBhalo, abesabi ukunikeza iseluleko esidingekile. (Galathiya 6:1) Amalungu ebandla alalela umthetho kaKristu ngokubambisana nalabelusi abathandekayo, abaholayo phakathi kwawo.—Heberu 13:7.
Abadala Basebenzisa Umthetho KaKristu
11. Abadala bawusebenzisa kanjani umthetho kaKristu ebandleni?
11 Abadala bayakushisekela ukugcwalisa umthetho kaKristu ebandleni. Bayahola ekushumayeleni izindaba ezinhle, bafundise ngeBhayibheli ukuze bafinyelele izinhliziyo futhi njengabelusi abanothando nabamnene, bakhulume “nemiphefumulo ecindezelekile.” (1 Thesalonika 5:14) Bayazigwema izimo zengqondo ezingebona ubuKristu ezisezinkolweni eziningi zeLobukholwa. Yiqiniso, lelizwe liwohloka ngokushesha, futhi njengoPawulu, abadala bangase bazizwe bekhathazeka ngenxa yomhlambi; kodwa bayalinganisela njengoba benza ngokuvumelana nokukhathazeka okunjalo.—2 Korinte 11:28.
12. Lapho umKristu ecela usizo kumdala, umdala angasabela kanjani?
12 Ngokwesibonelo, umKristu angase afise ukukhuluma nomdala ngendaba ebalulekile engekho emBhalweni othile oqondile noma edinga ukuba kuvunyelaniswe izimiso zobuKristu ezihlukene. Mhlawumbe emsebenzini uye wanyuselwa esikhundleni esithile esineholo elengeziwe kodwa esinomthwalo wemfanelo omkhudlwana. Noma, kungenzeka ukuthi uyise ongakholwa womKristu osemusha ufuna endodaneni yakhe izinto ezingathinta inkonzo yayo. Ezimweni ezinjalo umdala uyakugwema ukunikeza umbono womuntu siqu. Kunalokho, cishe uyovula iBhayibheli asize lowo muntu ukuba acabange ngezimiso eziphathelene naleyo ndaba. Angase asebenzise i-Watch Tower Publications Index, uma itholakala, ukuze abone lokho “isigqila esikholekile nesiqondayo” esiye sakusho ngaleyo ndaba emakhasini e-Nqabayokulinda nakwezinye izincwadi. (Mathewu 24:45) Kuthiwani uma ngemva kwalokho umKristu enza isinqumo esingabonakali sihlakaniphile kumdala? Uma leso sinqumo singazephuli ngokuqondile izimiso noma imithetho yeBhayibheli, lomKristu uyothola ukuthi umdala uyalihlonipha ilungelo lakhe lokwenza isinqumo esinjalo, azi ukuthi “yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.” Nokho, umKristu kufanele akhumbule ukuthi “noma yini umuntu ayihlwanyelayo uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:5, 7.
13. Kunokunikeza izimpendulo eziqondile emibuzweni noma banikeze imibono yabo, kungani abadala besiza abanye ukuba bacabange ngendaba?
13 Kungani umdala onokuhlangenwe nakho enza ngalendlela? Okungenani ngenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala, uPawulu watshela ibandla elithile ukuthi wayengeyona ‘inkosi phezu kokholo lwalo.’ (2 Korinte 1:24) Lapho umdala esiza umfowabo ukuba acabange ngemiBhalo abese ezenzela isinqumo sakhe esisekelwe olwazini, ulingisa isimo sengqondo sikaPawulu. Uyaqaphela ukuthi igunya lakhe lilinganiselwe, njengoba noJesu aqaphela ukuthi igunya lakhe lalilinganiselwe. (Luka 12:13, 14; Jude 9) Ngesikhathi esifanayo, abadala abanqikazi ukunikeza iseluleko esingokomBhalo esiwusizo, ngisho nesiqinile lapho kudingeka khona. Okwesibili, uqeqesha umKristu akanye naye. Umphostoli uPawulu wathi: “Ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Heberu 5:14) Ngakho, ukuze sikhulele ekuvuthweni, kumelwe sisebenzise amandla ethu okuqonda, singathembeli ngaso sonke isikhathi kumuntu othile ukuba asinikeze izimpendulo. Ngokubonisa umKristu akanye naye indlela yokucabanga ngemiBhalo, umdala umsiza ukuba athuthuke.
14. Abantu abavuthiwe bangabonisa kanjani ukuthi bathembela kuJehova?
14 Singaba nokholo lokuthi uJehova uNkulunkulu ngomoya wakhe ongcwele uyothonya izinhliziyo zabakhulekeli beqiniso. Ngakho, amaKristu avuthiwe athinta izinhliziyo zabafowabo, ebanxusa, njengoba kwenza umphostoli uPawulu. (2 Korinte 8:8; 10:1; Filemoni 8, 9) UPawulu wayazi ukuthi ngokuyinhloko abantu abangalungile, hhayi abalungile, abadinga imithetho eningiliziwe ukuze ibagcine besendleleni. (1 Thimothewu 1:9) Akazange abonise ukubangabaza noma ukungabethembi abafowabo, kodwa ukuba nokholo kubo. Wabhalela elinye ibandla: “Sinokuqiniseka eNkosini ngokuqondene nani.” (2 Thesalonika 3:4) Ngokuqinisekile ukholo lukaPawulu, ukwethemba, nokuqiniseka kwaba nengxenye enkulu ekushukumiseni lawo maKristu. Namuhla, abadala nababonisi abajikelezayo banemigomo efanayo. Yeka indlela lamadoda akholekile aqabula ngayo njengoba elusa umhlambi kaNkulunkulu ngothando!—Isaya 32:1, 2; 1 Petru 5:1-3.
Ukuphila Ngomthetho KaKristu
15. Yimiphi eminye imibuzo esingazibuza yona ukuze sibone ukuthi siyawusebenzisa yini umthetho kaKristu ebuhlotsheni bethu nabafowethu?
15 Sonke kudingeka sizihlole njalo ukuze sibone ukuthi siphila ngomthetho kaKristu nokuthi siyawukhuthaza yini. (2 Korinte 13:5) Ngempela, sonke singazuza ngokubuza: ‘Ingabe ngiyakha noma ngiyagxeka? Ingabe ngiyalinganisela noma ngiyeqisa? Ingabe ngibonisa ukubacabangela abanye noma ngiphoqelela amalungelo ami?’ UmKristu akazami ukunquma ukuthi yisiphi isinyathelo umfowabo okufanele asithathe noma angasithathi ezindabeni ezingakhulunyelwe ngokuqondile eBhayibhelini.—Roma 12:1; 1 Korinte 4:6.
16. Singabasiza kanjani labo abanemibono ephambene ngabo ngokwabo, kanjalo sigcwalise isici esibalulekile somthetho kaKristu?
16 Kulezi zikhathi ezibucayi, kubalulekile ukuba sifune izindlela zokukhuthazana. (Heberu 10:24, 25; qhathanisa noMathewu 7:1-5.) Lapho sibheka abafowethu nodadewethu, izimfanelo zabo ezinhle azibalulekile yini kithi kunobuthakathaka babo? KuJehova, ngamunye uyigugu. Ngokudabukisayo, akubona bonke abazizwa ngaleyo ndlela, ngisho nangabo ngokwabo. Abaningi bathambekele ekuboneni ukushiyeka nokungapheleli kwabo kuphela. Ukuze sikhuthaze abanjalo—nabanye—singazama yini ukukhuluma nomuntu oyedwa noma ababili emhlanganweni ngamunye, sibatshele ukuthi kungani sikwazisa ukuba khona kwabo nengxenye ebalulekile abayifezayo ebandleni? Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukususa umthwalo wabo osindayo ngalendlela futhi kanjalo sigcwalise umthetho kaKristu!—Galathiya 6:2.
Umthetho KaKristu Uyasebenza!
17. Iziphi izindlela ezihlukene obona umthetho kaKristu usebenza ngazo ebandleni lenu?
17 Umthetho kaKristu uyasebenza ebandleni lobuKristu. Siwubona nsuku zonke—lapho oFakazi esikanye nabo behlanganyela nabanye izindaba ezinhle ngentshiseko, lapho beduduzana futhi bekhuthazana, lapho bezama ukukhonza uJehova naphezu kwezinkinga ezinzima kakhulu, lapho abazali bezama ukukhulisa izingane zabo ukuba zithande uJehova ngezinhliziyo ezijabulayo, lapho ababonisi befundisa iZwi likaNkulunkulu ngothando nangemfudumalo, beshukumisa umhlambi ukuba ube nentshiseko evuthayo yokukhonza uJehova kuze kube phakade. (Mathewu 28:19, 20; 1 Thesalonika 5:11, 14) Uma thina njengabantu ngabanye sisebenzisa umthetho kaKristu ekuphileni kwethu, ayive ijabula inhliziyo kaJehova! (IzAga 23:15) Ufuna ukuba bonke labo abathanda umthetho wakhe ophelele baphile phakade. EPharadesi elizayo, siyobona isikhathi lapho isintu siphelele, isikhathi esingenazo izephula-mthetho, nesikhathi lapho konke ukuthambekela kwezinhliziyo zethu kuyobe kulawuleka. Yeka umvuzo okhazimulayo wokuphila ngomthetho kaKristu!
[Umbhalo waphansi]
a Lawo makhaya awafani nezigodlo zezindela zeLobukholwa. Awekho ‘ama-abbot,’ noma “obaba,” ngalowo mqondo. (Mathewu 23:9) Abazalwane abanomthwalo wemfanelo bayahlonishwa, kodwa inkonzo yabo iqondiswa izimiso ezifanayo ezilawula bonke abadala.
Ucabangani?
◻ Kungani eLobukholwa liye lalahlekelwa iphuzu lomthetho kaKristu?
◻ Singawusebenzisa kanjani umthetho kaKristu emkhayeni?
◻ Ukuze sisebenzise umthetho kaKristu ebandleni, kumelwe sigwemeni, futhi kumelwe senzeni?
◻ Abadala bangawusebenzisa kanjani umthetho kaKristu ekusebenzelaneni kwabo nebandla?
[Isithombe ekhasini 23]
Ingane yakho inesidingo esikhulu sothando
[Isithombe ekhasini 24]
Yeka indlela abaqabula ngayo abelusi bethu abanothando!