Benza Intando KaJehova
UDaniyeli Wakhonza UNkulunkulu Ngokungaguquguquki
AKUVAMILE ukuba umlando ushintshe ngobusuku obubodwa. Kodwa lokho kwenzeka ngo-539 B.C.E., lapho uMbuso WaseBabiloni ugumbuqelwa amaMede namaPheresiya ngamahora ambalwa nje. Ngalowo nyaka, kwase kuyiminyaka ecishe ibe ngu-80 umprofethi kaJehova uDaniyeli ehlala eBabiloni njengomJuda odingisiwe. Cishe ukuba eseseminyakeni yawo-90 ubudala, uDaniyeli wayesezobhekana nokunye kokuvivinywa okukhulu kobuqotho bakhe kuNkulunkulu.
Ngemva kokuwa kweBabiloni, kwaqale kwaba sengathi izinto zimhambela kahle uDaniyeli. Inkosi entsha kwakunguDariyu umMede, indoda eneminyaka engu-62 ubudala eyayinomusa kuDaniyeli. Esinye sezenzo zikaDariyu zokuqala njengenkosi saba ukumisa ama-satrap (ababusi basePheresiya yasendulo) angu-120 nokukhuphula amadoda amathathu abe sezikhundleni zokuba izikhulu eziphakeme.a UDaniyeli wayengenye yalawo madoda amathathu akhethwa. Eqaphela ikhono likaDaniyeli elingavamile, uDariyu wayezimisele ngisho nokumnika isikhundla sokuba undunankulu! Nokho, ngaso leso sikhathi kwenzeka okuthile okwashintsha amacebo enkosi ngokuzumayo.
Icebo Lobuqili
Izikhulu eziphakeme ezingozakwabo bakaDaniyeli, zikanye neqembu elikhulu lama-satrap, zaya enkosini nomqondo othakazelisayo. Zancenga uDariyu ukuba amise umthetho othi: “Yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe-nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.” (Daniyeli 6:7) Kungenzeka ukuthi kuDariyu kwabonakala sengathi lamadoda ayeqinisekisa ukwethembeka kwawo kuye. Kungenzeka nokuthi wacabanga ukuthi lomthetho wawuzomsiza ukuba abe negunya elinamandla kakhudlwana njengenhloko yalendawo, njengoba ayengumuntu wesinye isizwe.
Nokho, izikhulu eziphakeme nama-satrap zazingahlongozi lesi simemezelo ukuze kuzuze inkosi. ‘Zazifuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha azitholanga-lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga-siphosiso nacala kuye.’ Ngakho lamadoda anobuqili acabanga: “Asiyikuthola-lutho ngoDaniyeli, uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.” (Daniyeli 6:4, 5) Njengoba babazi ukuthi uDaniyeli wayethandaza kuJehova nsuku zonke, bafuna ukwenza lokhu kube icala lokufa.
Mhlawumbe lezi zikhulu eziphakeme nama-satrap zazimzonda uDaniyeli ngoba ‘wayebadlula, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.’ (Daniyeli 6:3) Ukwethembeka kukaDaniyeli kungenzeka kwavimbela ukukhohlakala nokuqola ngendlela engathandeki. Noma ngabe yikuphi, lamadoda athonya inkosi ukuba igunyaze lesi simemezelo, isenze sibe ingxenye ‘yomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.’—Daniyeli 6:8, 9.
UDaniyeli Uhlala Eqotho
Ingabe ngemva kokuzwa lomthetho omusha uDaniyeli wayeka ukuthandaza kuJehova? Lutho neze! Eguqe ekamelweni elisophahleni lwendlu yakhe, wayethandaza kuNkulunkulu kathathu ngosuku, “njengalokho enzile kuqala.” (Daniyeli 6:10) Ngenkathi ethandaza, izitha zakhe ‘zabuthana, zamfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.’ (Daniyeli 6:11) Lapho ziyethula enkosini lendaba, uDariyu wakhathazeka ngokuthi umthetho ayewugunyazile wawuhilele uDaniyeli. Ukulandisa kusitshela ukuthi, ‘wazama ukumophula kwaze kwaba-sekushoneni kwelanga.’ Kodwa ngisho nenkosi yayingenakuwuhoxisa umthetho eyayiwumisile. Ngakho-ke uDaniyeli wayiswa emphandwini wezingonyama, ngokusobala okwakuyindawo ewumgodi noma engaphansi komhlaba. Inkosi yaqinisekisa uDaniyeli ngokuthi: “UNkulunkulu wakho omkhonza [ngokungaguquguquki, NW] uyakukukhulula.”—Daniyeli 6:12-16.
Ngemva kokuqwasha nokuzila ukudla, uDariyu waphuthuma emphandwini. UDaniyeli wayephila futhi engenamyocu! Inkosi ayibange isapholisa maseko. Yenza ukuba izitha zikaDaniyeli nemikhaya yazo ziphonswe emphandwini wezingonyama njengempindiselo. UDariyu wenza kwaziwa kuyo yonke indawo ukuthi “ekubuseni konke kombuso wami abantu [kumelwe] bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli.”—Daniyeli 6:17-27.
Isifundo Kithi
UDaniyeli wayeyisibonelo esihle sokukholeka. Ngisho nenkosi, eyayingamkhulekeli uJehova, yaphawula ukuthi uDaniyeli wayemkhonza “ngokungaguquguquki” uJehova. (Daniyeli 6:16, 20, NW) Igama lesi-Aramu eliwumsuka elihunyushwe ngokuthi “ukungaguquguquki” ngokuyisisekelo lisho “ukuhamba wenze isiyingi.” Lisikisela ukuqhubeka njalo. Yeka indlela lokhu okubuchaza kahle ngayo ubuqotho bukaDaniyeli kuJehova obungaphulwanga!
UDaniyeli wakha isimiso sokungaguquguquki ngaphambili kakhulu kokuba aphonswe emphandwini wezingonyama. Njengesithunjwa esisesincane eBabiloni, wenqaba ukudla ukudla noma ukuphuza okwakwenqatshelwe uMthetho kaMose noma okwakungcoliswe amasiko obuqaba. (Daniyeli 1:8) Kamuva, wamemezela isigijimi sikaNkulunkulu ngesibindi enkosini yaseBabiloni uNebukadinesari. (Daniyeli 4:19-25) Emahoreni ambalwa nje ngaphambi kokuwa kweBabiloni, uDaniyeli wamemezela ngokungesabi isahlulelo sikaNkulunkulu eNkosini uBelishasari. (Daniyeli 5:22-28) Ngakho lapho uDaniyeli ebhekene nomphandu wezingonyama, waqhubeka nenkambo yokukholeka ayeseyiqalile.
Nawe ungamkhonza uJehova ngokungaguquguquki. Ingabe ungumuntu osemusha? Khona-ke thatha isinyathelo manje sokuba wakhe isimiso sokungaguquguquki ngokwenqaba ukuzihlanganisa nabangane ababi balelizwe nokuziphatha okonakalisayo. Uma usunesikhathi esithile ukhonza uNkulunkulu, londoloza isimiso sokukhuthazela ngokwethembeka. Ungayeki, ngoba ukuvivinywa ngakunye esibhekana nakho kusinikeza ithuba lokubonisa uJehova ukuthi sizimisele ukumkhonza ngokungaguquguquki.—Filipi 4:11-13.
[Umbhalo waphansi]
a Igama elithi “satrap” (elisho “umvikeli woMbuso” ngokwezwi nezwi) libhekisela kumbusi omiswe inkosi yasePheresiya ukuba akhonze njengombusi oyinhloko esifundeni. Njengommeleli wenkosi osemthethweni, wayenomthwalo wemfanelo wokuqoqa intela nokuthumela lenkokhiso enkantolo yasebukhosini.