Ukuthula Kweqiniso—Kuvela Kumuphi Umthombo?
“[UJehova] uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHUBO 46:9.
1. Yisiphi isithembiso esimangalisayo sokuthula esisithola esiprofethweni sika-Isaya?
“UMSEBENZI wokulunga uyakuba-ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe-ngukulondeka kuze kube-phakade. Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.” (Isaya 32:17, 18) Yeka isithembiso esihle! Yisithembiso sokuthula kweqiniso okulethwa uNkulunkulu.
2, 3. Chaza ukuthula kweqiniso.
2 Nokho, kuyini ukuthula kweqiniso? Ingabe kumane kuwukungabikho kwempi? Noma kuyinkathi nje izizwe ezilungiselela ngayo impi elandelayo? Ingabe ukuthula kweqiniso kuyiphupho nje? Leyo imibuzo esidinga izimpendulo ezinokwethenjelwa kuyo. Okokuqala, ukuthula kweqiniso kungaphezulu kakhulu kwephupho. Ukuthula okuthenjiswe uNkulunkulu kuyidlula kude lé noma yini engase icatshangwe yilelizwe. (Isaya 64:4) Akukhona ukuthula kweminyaka embalwa noma amashumi eminyaka ambalwa. Kuhlala phakade! Futhi akukhona ukuthula kwabambalwa abakhethiwe—kuhlanganisa izulu nomhlaba, izingelosi nabantu. Kufinyelela kubantu bazo zonke izizwe, amaqembu obuzwe, izilimi nemibala. Akunamingcele, akunazithiyo, akuhluleki.—IHubo 72:7, 8; Isaya 48:18.
3 Ukuthula kweqiniso kusho ukuthula nsuku zonke. Kusho ukuvuka njalo ekuseni ungacabangi ngempi, ungakhathazeki ngekusasa lakho, ikusasa lezingane zakho, ngisho nelabazukulu bakho. Kusho ukuthula kwengqondo okuphelele. (Kolose 3:15) Kusho ukungabikho kobugebengu, udlame, imikhaya ehlukene phakathi, abantu abangenamakhaya, abantu abalambayo noma abaqhuqhwa amakhaza nokungabikho kokuphelelwa ithemba nokukhungatheka. Okungcono nakakhulu, ukuthula kukaNkulunkulu kusho izwe elingenakho ukugula, ubuhlungu, usizi, noma ukufa. (IsAmbulo 21:4) Yeka ithemba elihle esinalo lokujabulela ukuthula kweqiniso phakade! Ingabe lolu akulona uhlobo lokuthula nenjabulo sonke esilulangazelelayo? Ingabe lolu akulona uhlobo lokuthula okufanele siluthandazele futhi silusebenzele?
Imizamo Yesintu Ehlulekile
4. Izizwe ziye zenza miphi imizamo yokuletha ukuthula, kwaba namiphi imiphumela?
4 Sekungamakhulu eminyaka abantu nezizwe bekhuluma ngokuthula, bephikisana ngokuthula, besayina amakhulu ezivumelwano zokuthula. Umphumela ube yini? Eminyakeni engu-80 edlule, cishe akukaze kube nesikhathi lapho bekungekho sizwe noma iqembu elingalwi. Ngokusobala, ukuthula kuye kwasiphunyuka isintu. Ngakho umbuzo uwukuthi, Kungani yonke imizamo yomuntu yokuletha ukuthula komhlaba wonke ihlulekile, futhi kungani umuntu ehluleka ukuletha ukuthula kweqiniso okuyohlala njalo?
5. Kungani imizamo yesintu yokuletha ukuthula iye yahluleka njalo?
5 Impendulo elula iwukuthi isintu asiphendukelanga emthonjeni ofanele wokuthula kweqiniso. Ngaphansi kwethonya likaSathane uDeveli, abantu baye bamisa izinhlangano eziba izisulu zobuthakathaka namaqhinga abo—ubugovu babo nesifiso sokuvelela nokuhahela kwabo ukubusa. Baye baya ezikhungweni zemfundo ephakeme bamisa nezinhlangano kanye nezikhungo ezicwaninga ngobuchwepheshe, eziye zaqhamuka nezindlela ezengeziwe zokucindezela nokubhubhisa. Abantu baye baqondiswa kumuphi umthombo? Baye babhekaphi?
6, 7. (a) INhlangano Yezizwe iye yazenzela muphi umlando? (b) Uyini umlando weZizwe Ezihlangene?
6 Emuva ngo-1919 izizwe zabeka ithemba lazo eNhlanganweni Yezizwe ukuba ilethe ukuthula okuhlala njalo. Lelo themba lashabalala lapho uMussolini ehlasela iTopiya ngo-1935 nalapho kugqashuka impi yombango eSpain ngo-1936. LeNhlangano yashabalala lapho kugqashuka iMpi Yezwe II ngo-1939. Lokho okwakuthiwa ukuthula akuhlalanga ngisho neminyaka engu-20.
7 Kuthiwani ngenhlangano yeZizwe Ezihlangene? Ingabe iye yalinikeza ithemba langempela lokuthula okuhlala njalo emhlabeni? Lutho. Kuye kwalwiwa izimpi ezingaphezu kuka-150 kusukela zasungulwa ngo-1945! Akumangalisi ukuthi uGwynne Dyer waseCanada, oyisazi sezempi nomsuka wazo, wachaza i-UN ngokuthi “iyinhlangano yabazingeli bezilwane abangemthetho abaphenduke abalondolozi bezilwane, hhayi inhlangano yabangcwele,” futhi “iyinhlangano engenamandla eyande nje ngomlomo.”—Qhathanisa noJeremiya 6:14; 8:15.
8. Naphezu kokukhuluma kwazo ngokuthula, yini izizwe ebeziyenza? (Isaya 59:8)
8 Naphezu kokukhuluma kwazo ngokuthula, izizwe ziyaqhubeka zisungula futhi zikhiqiza izikhali. Amazwe axhasa izingqungquthela zokuthula ngokuvamile yiwona angongqó shishilizi ekukhiqizeni izikhali. Inzuzo enkulu yezentengiselwano kulamazwe ibangela ukukhiqizwa kwezikhali ezibulalayo, kuhlanganise neziqhumane ezigqitshwa phansi ezibulala noma zigoge abantu abadala nezingane abangaba ngu-26 000 unyaka ngamunye. Ashukunyiswa ubugovu nokukhohlakala. Ukufumbathisa nokugwaza kuyingxenye yokuhweba ngezikhali emhlabeni wonke. Ezinye izikhulu zezombangazwe ziceba ngalendlela.
9, 10. Yini ochwepheshe bezwe abaye bayiphawula ngezimpi nemizamo yabantu?
9 Ngo-December 1995, isazi sesayensi yemvelo sasePoland esazuza uMklomelo Wokuthula KaNobel uJoseph Rotblat sacela izizwe ukuba ziyeke ukuncintisana ngezikhali. Sathi: “Okuwukuphela kwendlela yokuvimbela [ukuncintisana ngezikhali okusha] ukuqeda impi ngokuphelele.” Ucabanga ukuthi lokhu kungenzeka? Kusukela ngo-1928 kuqhubeke, izizwe ezingu-62 zamukela i-Kellogg-Briand Pact (ISivumelwano SikaKellogg NoBriand) esasilahla umbono wokuthi impi iyindlela yokuqeda ukungezwani. IMpi Yezwe II yabonisa ngokucacile ukuthi lesi sivumelwano sasingasho lutho.
10 Akunakuphikwa ukuthi impi ibilokhu iyisikhubekiso emlandweni wesintu. Njengoba uGwynne Dyer abhala, “impi iyinto eyinhloko empucukweni yomuntu, futhi inomlando omude njengowesintu.” Yebo, cishe sonke isintu nombuso kuye kwaba namaqhawe ako ezempi ahlonishwayo, amabutho ahlala emi ngomumo, izimpi ezidumile, izikole ezingcwele zokufundela ukulwa, nenqwaba yezikhali. Nokho, ikhulu lethu leminyaka liye laba nempi ukudlula noma iliphi elinye, kokubili ngokubhubhisa nangokulahleka kokuphila.
11. Yisiphi isici esiyisisekelo abaholi bezwe abaye basishaya indiva ekufuneni kwabo ukuthula?
11 Kusobala ukuthi abaholi bezwe baye bakushaya indiva ukuhlakanipha okubalulekile kukaJeremiya 10:23: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Uma uNkulunkulu eshiywa eceleni, ngeke kube khona ukuthula kweqiniso. Ingabe-ke konke lokhu kusho ukuthi impi ayinakugwenywa emphakathini ophucukile? Ingabe kusho ukuthi ukuthula—ukuthula kweqiniso—kuyiphupho elingenakufezeka?
Ukuthola Imbangela
12, 13. (a) IBhayibheli lembulani ngokuqondene nembangela yempi eyisisekelo, engabonakali? (b) USathane uye wakususa kanjani ukunaka kwesintu ekhambini langempela lezinkinga zezwe?
12 Ukuze siphendule leyo mibuzo, kudingeka siqonde izimbangela zempi. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi ingelosi eyahlubuka, uSathane, ‘ingumbulali wabantu’ wasekuqaleni ‘nomqambimanga’ nokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (Johane 8:44; 1 Johane 5:19) Yini eye yayenza ukuze ithuthukise amaqhinga ayo? Kweyesi-2 Korinte 4:3, 4 siyafunda: “Manje, uma izindaba ezinhle esizimemezelayo eqinisweni zigubuzelwe, zigubuzelwe phakathi kwalabo ababhubhayo, okuphakathi kwabo unkulunkulu walesisimiso sezinto aye waphuphuthekisa izingqondo zabangewona amakholwa, ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo ezimayelana noKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu.” USathane wenza konke angakwenza ukuze enze isintu singawunaki uMbuso kaNkulunkulu njengekhambi lezinkinga zezwe. Uphuphuthekisa futhi achezukise abantu ngezimpikiswano ezihlukanisayo zezenhlalo, ezombangazwe, nezenkolo, ukuze zibonakale zibaluleke ngaphezu kokubusa kukaNkulunkulu. Igagasi lamuva elimboze umhlaba wonke lobuzwe liyisibonelo salokhu.
13 USathane uDeveli ugqugquzela ubuzwe nobuhlanga, inkolelo yokuthi isizwe esithile, noma uhlanga, luphakeme kunezinye. Inzondo ejulile osekungamakhulu amaningi eminyaka icindezelwe, iyavuka idale izimpi nokungezwani okwengeziwe. UFederico Mayor, umqondisi-jikelele we-UNESCO, waxwayisa ngalokhu kuthambekela: “Ngisho nalapho ukubekezelelana kwakuyinsakavukela khona, ukwesatshwa kwezihambi sekusobala, futhi izinkulumo zabantu abashisekela ubuzwe noma abanobuhlanga ezase zibonakala ziphelile sezizwakala njalo.” Uye waba yini umphumela? Ukuceka okuhlasimulisayo eYugoslavia yangaphambili nokubulalana kwezizwe eRwanda kumane nje kuyizibonelo ezimbili eziye zaba sematheni zaleso simo.
14. IsAmbulo 6:4 siyichaza kanjani impi nomphumela wayo esikhathini sethu?
14 IBhayibheli labikezela ukuthi esikhathini sokuphela kwalesi simiso, ihhashi elinombala onjengomlilo, elifanekisela impi, liyogabavula emhlabeni wonke. KusAmbulo 6:4 siyafunda: “Kwaphuma elinye ihhashi, elinombala onjengomlilo; futhi lowo ohlezi phezu kwalo wanikwa ukususa ukuthula emhlabeni ukuze babulalane; futhi wanikwa inkemba enkulu.” Kusukela ngo-1914 siye sabona lomgibeli wehhashi ongokomfanekiso ‘esusa ukuthula,’ futhi izizwe ziye zaqhubeka zilwa.
15, 16. (a) Iye yaba yini indima yenkolo ezimpini nasekubulaleni? (b) UJehova ukubheka kanjani okuye kwenziwa izinkolo?
15 Akumelwe siyishalazelele indima yenkolo kulezi zimpi nokubulalana. Umlando wesintu ogcwele igazi kungashiwo ukuthi, ngokwezinga elikhulu, ubangelwe ithonya elidukisayo lenkolo yamanga. Isazi sezenkolo esingumKatolika uHans Küng sabhala: “Akunakuphikwa ukuthi [izinkolo] ziye zaba neqhaza elibi nelibhubhisayo ekukhuthazeni impi futhi namanje zisenalo. Kufanele zilandise ngokulwa okungaka, ukungezwani okuchitha igazi, yebo ‘nezimpi ezingokwenkolo’; . . . futhi ziyolandisa nangezimpi zomhlaba ezimbili.”
16 UJehova uNkulunkulu uyibheka kanjani indima yenkolo yamanga ekubulaleni nasezimpini? Isahlulelo sikaNkulunkulu enkolweni yamanga esilotshwe kusAmbulo 18:5, sithi: “Izono zalo ziye zanqwabelana zaze zafika phezulu ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula izenzo zalo zokungabi nabulungisa.” Ukudlelana kwenkolo yamanga nababusi bezwe bezombangazwe kuye kwaphumela ecaleni legazi elinjalo, inqwaba yezono kangangokuba uNkulunkulu ngeke akwazi ukuyishalazelela. Maduze nje uzosisusa ngokuphelele lesi sikhubekiso esisendleleni ukuze alethe ukuthula kweqiniso.—IsAmbulo 18:21.
Indlela Eya Ekuthuleni
17, 18. (a) Kungani kungelona nje iphupho elingenakufezeka ukukholelwa ukuthi ukuthula kwaphakade kungaba khona? (b) Yini uJehova aseyenzile kakade ukuze aqinisekise ukuthi ukuthula kweqiniso kuyofika?
17 Uma abantu, ngezinhlangano ezinjengeZizwe Ezihlangene, bengakwazi ukuletha ukuthula kweqiniso nokuhlala njalo, ukuthula kweqiniso kuyovela kumuphi umthombo, futhi kanjani? Ingabe kumane kuyiphupho elingenakufezeka ukukholelwa ukuthi ukuthula kwaphakade kungaba khona? Akunjalo uma siphendukela emthonjeni ofanele wokuthula. Ungubani? IHubo 46:9 liphendula ngokusitshela ukuthi uJehova “uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.” Futhi uJehova useqalile kakade ukuqeda izimpi nokwenza kube nokuthula kweqiniso. Kanjani? Ngokubeka uKristu Jesu esihlalweni sakhe soMbuso esimfanele ngo-1914 nangokugqugquzela umkhankaso wemfundo yokuthula omkhulu kunayo yonke emlandweni wesintu. Amazwi angokwesiprofetho ka-Isaya 54:13 ayasiqinisekisa: “Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.”
18 Lesi siprofetho sibonisa isimiso sembangela nomphumela—okungukuthi, yonke imiphumela inembangela yayo. Kulendaba, ukufundisa kukaJehova—okuyimbangela—kushintsha abantu abayizilwi babe abantu abathanda ukuthula abasekuthuleni noNkulunkulu. Umphumela uwukushintsha kwenhliziyo okwenza abantu babe abathandi bokuthula. Lokhu kufundisa okushintsha izinhliziyo nezingqondo zabantu kwamanje kusakazeka emhlabeni wonke njengoba izigidi zilandela isibonelo ‘seNkosi yokuthula,’ uJesu Kristu.—Isaya 9:6.
19. UJesu wafundisani ngokuthula kweqiniso?
19 Yini uJesu ayifundisa ngokuthula kweqiniso? Akakhulumanga nje ngokuthula phakathi kwezizwe kodwa nangokuthula ebuhlotsheni babantu nangokuthula kwangaphakathi okuvela kunembeza omuhle. KuJohane 14:27, sifunda lamazwi kaJesu kubalandeli bakhe: “Nginishiyela ukuthula, ngininika ukuthula kwami. Angininiki kona ngendlela izwe elikunikeza ngayo. Ningavumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke noma nizivumele ukuba zishwabane ngokwesaba.” Ukuthula kukaJesu kwakuhluke kanjani kokwezwe?
20. UJesu uyokuletha ngayiphi indlela ukuthula kweqiniso?
20 Okokuqala, ukuthula kukaJesu kwakuhlobene eduze nesigijimi sakhe soMbuso. Wayazi ukuthi uhulumeni wasezulwini olungileyo, owakhiwa uJesu nababusi akanye nabo abangu-144 000, uyoqeda impi nabaphehli bayo. (IsAmbulo 14:1, 3) Wayazi ukuthi uyoletha izimo zepharadesi ezinokuthula azithembisa iselelesi esafa eduze kwakhe. UJesu akathembisanga lesi selelesi indawo eMbusweni wasezulwini, kodwa wathi: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyoba nami ePharadesi.”—Luka 23:43.
21, 22. (a) Yiliphi ithemba eliqinisa ngokumangalisayo elihlanganisiwe ekuthuleni kweqiniso? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sibone leso sibusiso?
21 UJesu wayazi nokuthi uMbuso wakhe uyoletha induduzo kubo bonke abakhalayo ababonisa ukholo kuye. Ukuthula kwakhe kuhlanganisa nethemba lovuko elimangalisayo elisiqinisayo. Khumbula amazwi akhe akhuthazayo atholakala kuJohane 5:28, 29: “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi layo futhi baphume, labo ababenze izinto ezinhle baphumele ovukweni lokuphila, labo ababezenze umkhuba izinto ezimbi ovukweni lokwahlulelwa.”
22 Ingabe ubheke phambili kuleso sikhathi? Ingabe uye wafelwa abathandekayo? Uyakulangazelela yini ukuphinde ubabone? Khona-ke, yamukela ukuthula uJesu akunikezayo. Yiba nokholo olufana nolukaMarta, udadewabo kaLazaru, owathi kuJesu: “Ngiyazi ukuthi uyovuka ovukweni ngosuku lokugcina.” Kodwa phawula impendulo kaJesu ejabulisayo kuMarta: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila; futhi wonke umuntu ophilayo futhi abonise ukholo kimi akasoze afa. Uyakukholelwa yini lokhu?”—Johane 11:24-26.
23. Kungani ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu lubalulekile ukuze sithole ukuthula kweqiniso?
23 Nawe ungakholelwa kuleso sithembiso futhi uzuze kuso. Kanjani? Ngokuthola ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu. Phawula indlela umphostoli uPawulu agcizelela ngayo ukubaluleka kolwazi olunembile: “[Asiyekanga] ukunithandazela futhi sicela ukuba nigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba niqhubeka nithela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi nanda olwazini olunembile ngoNkulunkulu.” (Kolose 1:9, 10) Lolu lwazi olunembile luyokuqinisekisa ukuthi uJehova uNkulunkulu ungumthombo wokuthula kweqiniso. Luyokutshela nalokho okumelwe ukwenze manje ukuze uhlanganyele nomhubi kulamazwi: “Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena-Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.”—IHubo 4:8.
Ungachaza?
◻ Kungani imizamo yabantu yokuletha ukuthula iye yahluleka njalo?
◻ Iyini imbangela yempi?
◻ Kungani ukuthula okuhlala njalo kungelona iphupho elingenakufezeka?
◻ Uyini umthombo wokuthula kweqiniso?
[Isithombe ekhasini 8]
Ukuthula kweqiniso akulona iphupho. Kuyisithembiso sikaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 10]
Kusukela ngo-1914 umgibeli ongokomfanekiso wehhashi elinombala onjengomlilo uye wasusa ukuthula emhlabeni
[Isithombe ekhasini 11]
Ingabe inkolo ne-UN kungakuletha ukuthula?
[Umthombo]
UN photo