Uthando Lwenu Lobuzalwane Maluqhubeke!
“Uthando lwenu lobuzalwane maluqhubeke.”—HEBERU 13:1.
1. Yini ongayenza ukuze ugcine umlilo uvutha ngobusuku obubandayo, futhi imuphi umthwalo wemfanelo ofanayo sonke esinawo?
NGAPHANDLE kubanda kabi, futhi izinga lokubanda lilokhu lehlile. Okuwukuphela komthombo wokushisa endlini yakho umlilo oqhuqhuza eziko. Ukuphila kuxhomeke ekuwugcineni uvutha. Ingabe uzomane uhlale ubukele amalangabi elotha namalahle abomvu ekhihlika aze abe mthuqu? Ngeke neze. Uyaqhubeka uwukhwezela ukuze uqhubeke uvutha. Ngomqondo othile, ngamunye wethu unomsebenzi ofanayo ngokuphathelene “nomlilo” obaluleke nakakhulu—okufanele uvuthe ezinhliziyweni zethu—uthando.
2. (a) Kungani kungase kuthiwe uthando seluye lwaphola kulezi zinsuku zokugcina? (b) Lubaluleke kangakanani uthando kumaKristu eqiniso?
2 Siphila esikhathini lapho uthando luphola phakathi kwamaKristu okuzisholo emhlabeni wonke, njengoba uJesu abikezela kudala. (Mathewu 24:12) UJesu wayebhekisela ohlotsheni lothando olubaluleke kunazo zonke, uthando ngoJehova uNkulunkulu nangeZwi lakhe, iBhayibheli. Nezinye izinhlobo zothando ziyancipha. IBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina,” abaningi babeyoba “abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo.” (2 Thimothewu 3:1-5) Yeka indlela okuyiqiniso ngayo lokhu! Umkhaya kufanele ube yindawo elondekile yothando lwemvelo, kodwa ngisho nakhona, ubudlova nokuxhashazwa—ngezinye izikhathi okunonya ngokwethusayo—kuye kwaba yinsakavukela. Nokho, esimweni salelizwe esibandayo, amaKristu awayalwa nje ukuba athandane kodwa ayalwa ukuba abe nothando lokuzidela ngomunye nomunye, acabangele abanye ngaphezu kwawo siqu. Lolu thando kufanele silubonise ngokucacile, kangangokuthi lubonakale kubo bonke, lube uphawu oluhlukanisa ibandla lobuKristu leqiniso.—Johane 13:34, 35.
3. Luyini uthando lobuzalwane, futhi kusho ukuthini ukulwenza luqhubeke?
3 Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba ayale: “Uthando lwenu lobuzalwane maluqhubeke.” (Heberu 13:1) Ngokwenye incwadi yesazi, igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi ‘uthando lobuzalwane’ (phi·la·del·phiʹa) “libhekisela othandweni olunokusondelana komzwelo, ukubonisa umusa, uzwela, ukunikeza usizo.” Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi uthando olunjalo kufanele silwenze luqhubeke? “Akufanele luphole,” kuphawula lencwadi efanayo. Ngakho akwanele ukuzwelana nabafowethu; kumelwe sikubonise. Ngaphezu kwalokho, lolu thando kumelwe silwenze luhlale njalo, singaluvumeli luphole. Ingabe kuyinselele? Yebo, kodwa umoya kaJehova ungasisiza ukuba sihlakulele ukusondelana kobuzalwane futhi sikulondoloze. Ake sicabangele izindlela ezintathu zokukhwezela umlilo walolu thando ezinhliziyweni zethu.
Bonisa Ukuzwelana Nabanye
4. Kuyini ukuzwelana nabanye?
4 Uma ufuna ukuba nothando olwengeziwe ngabafowenu nodadewenu abangamaKristu, kungase kudingeke uqale ubazwele, uzwelane nabo ekuvivinyweni nasezinseleleni ababhekana nazo ekuphileni. Umphostoli uPetru wasikisela lokho lapho ebhala: “Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninokusondelana kobuzalwane, ninobubele besisa, nithobekile engqondweni.” (1 Petru 3:8) Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha kwelithi ukubonisa “ukuzwelana” lisho “ukuhlupheka kanye [nomuntu].” Enye incwadi yesiGreki seBhayibheli ithi ngaleli gama: “Lichaza isimo sengqondo esiba khona lapho sizwelana nabanye njengokungathi siyibo.” Ngakho, kudingeka isihawu. Enye inceku kaJehova ekholekile eyayisikhulile yake yathi: “Isihawu siwukuzwa ubuhlungu obuzwayo enhliziyweni yami.”
5. Sazi kanjani ukuthi uJehova uyazwelana nabantu?
5 Ingabe uJehova unalo uzwela olunjalo? Ngokuqinisekile. Ngokwesibonelo, ngokuqondene nokuhlupheka kwabantu bakhe, u-Israyeli, siyafunda: “Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye.” (Isaya 63:9) UJehova wayengagcini ngokubona izinkathazo zabo; wayebazwela laba bantu. Izinga azwela ngalo liboniswa amazwi kaJehova ngokwakhe kubantu bakhe, alotshwe kuZakariya 2:8, athi: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso [lami, NW].”a Ngokuqondene naleli vesi omunye umhlaziyi uphawula kanje: “Iso lingesinye sezitho eziyinkimbinkimbi nezibucayi kakhulu emzimbeni womuntu; futhi inhlamvu yeso—isikhadlana okungena ngaso ukukhanya kwezulu ngenjongo yokubona—iyingxenye ezwela kakhulu, nebaluleke kakhulu yaleso sitho. Ayikho into engawudlulisela kahle kunalokhu umqondo wokukhathalela okunesisa kukaJehova ngalabo abathandayo.”
6. UJesu Kristu uye wakubonisa kanjani ukuzwelana nabanye?
6 UJesu naye ngaso sonke isikhathi uye wabonisa ukuzwelana nabanye ngokujulile. Ngokuphindaphindiwe “waba nesihawu” ngokuhlupheka kwabantu ayephila nabo ababegula noma benezinkathazo. (Marku 1:41, 6:34) Wabonisa ukuthi lapho noma ubani ehluleka ukuphatha abalandeli bakhe abagcotshiwe ngomusa, uzizwa njengokungathi nguye ophathwa ngaleyo ndlela. (Mathewu 25:41-46) Futhi njengoba ‘engumpristi wethu ophakeme’ wasezulwini namuhla, ‘angazwelana nobuthakathaka bethu.’—Heberu 4:15.
7. Ukuzwelana nabanye kungasisiza kanjani lapho umzalwane noma udade esicasula?
7 ‘Angazwelana nobuthakathaka bethu’—akuwona yini umqondo oduduzayo lowo? Khona-ke, ngokuqinisekile sifuna ukwenza okufanayo komunye nomunye. Yiqiniso, kulula kakhulu ukufuna ubuthakathaka bomunye. (Mathewu 7:3-5) Kodwa lapho umzalwane noma udade ekucasula ngokulandelayo, kungani ungazami lokhu? Zicabange usesimweni salowo muntu, unesizinda anaso, ubuntu, namaphutha omuntu siqu okumelwe ulwe nawo. Ungaqiniseka yini ukuthi ubungeke uwenze amaphutha afanayo—noma amabi nakakhulu? Esikhundleni sokulindela okukhulu ngokweqile kwabanye, kufanele sibonise ukuzwelana nabo, okuyosisiza sibe abacabangelayo njengoJehova, ‘okhumbula ukuthi siluthuli.’ (IHubo 103:14; Jakobe 3:17) Uyakwazi ukulinganiselwa kwethu. Akalindeli ukuba senze okungaphezu kwalokho esingakwenza ngokunengqondo. (Qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 19:5-7.) Sonke masibonise ukuzwelana kwethu okunjalo nabanye.
8. Kufanele sisabele kanjani lapho umzalwane noma udade ebhekene nobunzima obuthile?
8 UPawulu wabhala ukuthi ibandla linjengomzimba onamalungu ahlukene okumelwe asebenze ndawonye ngobunye. Wanezela: “Uma ilungu elilodwa lihlupheka, wonke amanye amalungu ahlupheka kanye nalo.” (1 Korinte 12:12-26) Kudingeka sihlupheke kanye nabo, noma sibahawukele labo ababhekene nosizi oluthile. Abadala bayahola ekwenzeni kanjalo. UPawulu futhi wabhala: “Ubani obuthakathaka, ngingabi buthakathaka nami? Ubani okhutshekiswayo, ngingavuthi ngolaka mina?” (2 Korinte 11:29) Abadala nababonisi abajikelezayo balingisa uPawulu kulokhu. Ezinkulumweni zabo, emsebenzini wabo wokwalusa, ngisho nalapho besingatha izindaba zokwahlulela, bazama ukubonisa ukuzwelana nabanye. UPawulu watusa: “Khalani nabantu abakhalayo.” (Roma 12:15) Lapho izimvu zizwa ukuthi abelusi bayazizwela ngempela, bayakuqonda ukulinganiselwa kwazo, futhi bayazwelana nazo ebunzimeni ezibhekana nabo, ngokuvamile zizimisela ngokwengeziwe ukwamukela iseluleko, isiqondiso nesiyalo. Ziyakushisekela ukuba khona emihlanganweni, ziqiniseka ukuthi ‘zizotholela imiphefumulo yazo ukuqabuleka.’—Mathewu 11:29.
Ukubonisa Ukwazisa
9. UJehova ukubonisa kanjani ukuthi uyakwazisa okuhle okukithi?
9 Indlela yesibili yokukhwezela uthando lobuzalwane iwukwazisa. Ukuze sibazise abanye, kumelwe sigxile ezimfanelweni zabo ezinhle nemizamo yabo futhi siyibheke njengebalulekile. Lapho senza kanjalo, silingisa uJehova uqobo. (Efesu 5:1) Nsuku zonke usithethelela izono eziningi ezingatheni. Uthethelela ngisho nezono ezingathi sína uma nje kunokuphenduka okuqotho. Khona-ke uthi angazithethelela izono zethu, angabe esanamathela kuzo. (Hezekeli 33:14-16) Umhubi wabuza: “Uma wena-Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?” (IHubo 130:3) Lokho uJehova agxila kukho yizinto ezinhle esizenzayo lapho simkhonza.—Heberu 6:10.
10. (a) Kungani kuyingozi ngabantu abashadile ukuba balahlekelwe ukwazisana? (b) Kufanele enzenjani umuntu oselahlekelwa ukwazisa ngomngane wakhe womshado?
10 Kubaluleke ngokukhethekile ukulandela lesi sibonelo ekhaya. Lapho abazali bebonisa ukuthi bayazisana, babekela umkhaya isibonelo. Kulenkathi yemishado echitheka ngokushesha, kulula kakhulu ukumthatha kalula oshade naye, wenze ihaba ngokushiyeka kwakhe futhi ululaze izimfanelo ezinhle. Ukucabanga okunjalo kokugxila emaphutheni kulimaza umshado, kuwuphendule umthwalo ongajabulisi. Uma ukwazisa kwakho umngane wakho womshado kuncipha, zibuze, ‘Ingabe engishade naye ngempela akanazo izimfanelo ezinhle?’ Zikhumbuze izizathu ezanenza nathandana futhi nashada. Ingabe zonke lezo zizathu zokuthanda lomuntu ongafani namuntu sezishabalele ngempela? Ngokuqinisekile akunjalo; ngakho kusebenzele kanzima ukwazisa okuhle kumngane wakho womshado, futhi mtshele ukuthi uyamazisa.—IzAga 31:28.
11. Ukuze uthando lwabashadile lungabi nabuzenzisi, yimiphi imikhuba okumelwe igwenywe?
11 Ukwazisa futhi kusiza abangane bomshado bagcine uthando lwabo lungenabuzenzisi. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 6:6; 1 Petru 1:22.) Uthando olunjalo, olushukunyiswa ukwazisa okusuka enhliziyweni, ngeke lusivumele isihluku ngasese, ngeke luwavumele amazwi alimazayo nalulazayo, ngeke lukuvumele ukuqudulelana lapho kungadlula izinsuku ngaphandle kokukhulumisana ngamazwi anomusa, futhi ngokuqinisekile ngeke lukuvumele ukubekana isandla. (Efesu 5:28, 29) Indoda nomfazi abazisana ngempela bayahloniphana. Abenzi kanjalo kuphela lapho bephakathi kwabantu kodwa noma nini lapho bebonwa uJehova—ngamanye amazwi, ngaso sonke isikhathi.—IzAga 5:21.
12. Kungani abazali kufanele bazwakalise ukwazisa ngokuhle okusezinganeni zabo?
12 Izingane nazo zidinga ukuba nomuzwa wokwaziswa. Akukhona ukuthi abazali kumelwe bazithophe ngokuzikhohlisa, kodwa kufanele bancome izimfanelo ezitusekayo nezinto ezinhle ngempela ezizenzayo. Khumbula isibonelo sikaJehova lapho ezwakalisa ukwamukela kwakhe uJesu. (Marku 1:11) Khumbula nesibonelo sikaJesu ‘eyinkosi’ emfanekisweni. Wazitusa ngokulinganayo ‘izigqila ezinhle nezikholekile’ ezimbili, nakuba ngasinye sasinikwe okungalingani nokwesinye futhi nalokho ngasinye esakukhiqiza kwakushiyana. (Mathewu 25:20-23; qhathanisa noMathewu 13:23.) Ngokufanayo abazali abahlakaniphile bathola izindlela zokubonisa ukwazisa ngezimfanelo ezihlukile zengane ngayinye, amakhono nezinto ezifezayo. Ngesikhathi esifanayo, bazama ukuba bangagcizeleli ukuphumelela kangangokuthi izingane zihlale zizizwa ziphoqelekile ukuba zivelele. Abafuni ukuba izingane zabo zikhule zinentukuthelo noma zidangele.—Efesu 6:4; Kolose 3:21.
13. Obani abaholayo ekuboniseni ukwazisa ngelungu ngalinye lebandla?
13 Ebandleni lobuKristu, abadala nababonisi abajikelezayo bayahola ekuboniseni ukwazisa ngelungu ngalinye lomhlambi kaNkulunkulu. Isimo abakuso sinzima, njengoba benanomthwalo wemfanelo osindayo wokuyala ekulungeni, ukulungisa abonayo ngomoya wobumnene, nokunikeza iseluleko esinamandla kulabo abasidingayo. Balinganisela kanjani kulemithwalo yemfanelo engafani?—Galathiya 6:1; 2 Thimothewu 3:16.
14, 15. (a) UPawulu wakubonisa kanjani ukulinganisela endabeni yokunikeza iseluleko esinamandla? (b) Ababonisi abangamaKristu bangalinganisela kanjani phakathi kwesidingo sokulungisa amaphutha nesidingo sokutusa? Bonisa.
14 Isibonelo sikaPawulu siwusizo olukhulu. Wayengumfundisi ovelele, umdala nomalusi. Kwakudingeka asebenzelane namabandla ayenezinkinga ezinzima, futhi akazange agodle iseluleko esinamandla ngokwesaba lapho sidingeka. (2 Korinte 7:8-11) Ukuhlola inkonzo kaPawulu kusikisela ukuthi wayeqabukela ekhuza ngolaka—kwakuba yilapho isimo sikwenza kudingeke noma kufaneleke kuphela. Kulokhu wayebonisa ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu.
15 Uma inkonzo yomdala phambi kwebandla ifaniswa nomculo, khona-ke ukukhuza ngolaka nokusola kungafana nenothi elilodwa eliphakathi kwamanye. Lelo nothi likahle uma lisendaweni yalo. (Luka 17:3; 2 Thimothewu 4:2) Cabanga ngengoma enalelo nothi elilodwa kuphela, lilokhu liphindaphindwa. Ingasidina ngokushesha. Ngomqondo ofanayo, abadala abangamaKristu bazama ukuphelelisa ukufundisa kwabo futhi bakunonge ngezici ezihlukahlukene. Abakwenzi kube ukulungisa izinkinga kuphela. Kunalokho, isimo sako sisonke siyakha. NjengoJesu Kristu, abadala abanothando baqala ngokufuna okuhle abangakutusa, hhayi iphutha abangaligxeka. Bayawazisa umsebenzi onzima amaKristu abakanye nawo awenzayo. Bayaqiniseka ukuthi ngokuyinhloko, omunye nomunye wenza konke angakwenza ekukhonzeni uJehova. Futhi abadala abanqikazi ukuveza lowo muzwa ngamazwi.—Qhathanisa neyesi-2 Thesalonika 3:4.
16. Isimo sengqondo sikaPawulu sokwazisa nesesihawu saba namuphi umphumela kumaKristu ayekanye nawo?
16 Akungabazeki ukuthi iningi lamaKristu uPawulu ayewakhonza lalinomuzwa wokuthi uyawazisa futhi uyawazwela. Sikwazi kanjani lokhu? Bheka indlela ayezizwa ngayo ngoPawulu. Ayengamesabi, nakuba ayenegunya elikhulu. Cha, wayethandeka futhi engeneka. Phela, lapho esehamba kwenye indawo, abadala ‘bawela entanyeni yakhe bamanga ngesisa’! (IzEnzo 20:17, 37) Yeka indlela abadala—nathi sonke—okufanele babonge ngayo ngokuthi banesibonelo sikaPawulu sokusilingisa! Yebo, masibonise ukwazisana.
Izenzo Zomusa Wothando
17. Yimiphi eminye yemiphumela emihle ebangelwa yizenzo zomusa ebandleni?
17 Enye yezindlela eziphumelela kakhulu zokukhwezela uthando lobuzalwane yisenzo nje somusa. Njengoba uJesu asho, “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Kungakhathaliseki ukuthi sipha ngokomoya, ngokwezinto ezibonakalayo, noma ngesikhathi namandla ethu, asijabulisi nje abanye kuphela kodwa sizenza sijabule nathi. Ebandleni, umusa uyathelelana. Isenzo somusa esisodwa sibangela ezinye izenzo ezifanayo. Ngesikhashana, ukusondelana kobuzalwane kuyachuma!—Luka 6:38.
18. Usho ukuthini “umusa” okukhulunywe ngawo kuMika 6:8?
18 UJehova wanxusa abantu bakhe, u-Israyeli, ukuba babonise umusa. KuMika 6:8, siyafunda: “Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” Kusho ukuthini ‘ukuthanda umusa’? Igama lesiHeberu elisetshenziswe lapha kwelithi “umusa” (cheʹsedh) liye lahunyushelwa esiZulwini nangokuthi “isihe.” Ngokwe-Soncino Books of the Bible, leli gama “lisho okuthile okusebenza ukudlula igama lesiNgisi elingacacile elithi mercy [isihe]. Lisho ‘isihe esiboniswa ngezenzo,’ ukwenza komuntu izenzo zomusa wothando, hhayi nje kuphela kwabampofu nabaswele, kodwa kubo bonke omakhelwane bakhe.” Ngakho esinye isazi sithi elithi cheʹsedh lisho “uthando olubonakaliswa ngezenzo.”
19. (a) Singasithatha ngaziphi izindlela isinyathelo kuqala sokubonisa umusa kwabanye ebandleni? (b) Nikeza isibonelo sendlela oye waboniswa ngayo uthando lobuzalwane.
19 Uthando lwethu lobuzalwane alulona olucatshangwayo kuphela. Luyinto engokoqobo. Ngakho, funa izindlela zokwenzela abafowenu nodadewenu izenzo zomusa. Yiba njengoJesu, owayengalindeli nje ngaso sonke isikhathi ukuba abantu beze kuye bezocela usizo kodwa owayevame ukuthi yena athathe isinyathelo kuqala. (Luka 7:12-16) Cabanga ngokukhethekile ngalabo abaswele kakhulu. Ingabe umuntu othile osegugile noma ongaphilile udinga ukuvakashelwa noma mhlawumbe usizo lomuntu azomthuma? Ingabe ‘intandane’ ethile idinga ukunikezwa isikhathi nokunakekelwa? Ingabe umphefumulo ocindezelekile udinga ozowulalela noma amazwi aduduzayo? Ngezinga esingakwazi ngalo, masizinike isikhathi sezenzo ezinjalo zomusa. (Jobe 29:12; 1 Thesalonika 5:14; Jakobe 1:27) Ungalokothi ukhohlwe ukuthi ebandleni eligcwele abantu abangaphelele, esinye sezenzo zomusa ezibaluleke kakhulu ukuthethelela—ukudedela ukucasuka ngokukhululekile, ngisho nalapho kunesizathu esizwakalayo sokukhononda. (Kolose 3:13) Ukuzimisela ukuthethelela kugcina ibandla lingenakho ukuhlukana, amagqubu nezingxabano, okuyizinto ezicima umlilo wothando lobuzalwane.
20. Sonke kumelwe siqhubeke sizihlola kanjani?
20 Sonke masizimisele ukugcina lomlilo obalulekile wothando uvutha ezinhliziyweni zethu. Masiqhubeke sizihlola. Ingabe siyakubonisa ukuzwelana nabanye? Ingabe siyakubonisa ukwazisa abanye? Ingabe siyabenzela abanye izenzo zomusa? Uma sikwenza, umlilo wothando uyofudumeza ubuzalwane bethu kungakhathaliseki ukuthi lelizwe libanda futhi alinaluzwela kangakanani. Khona-ke, ngazo zonke izindlela, “uthando lwenu lobuzalwane maluqhubeke”—manje naphakade!—Heberu 13:1.
[Umbhalo waphansi]
a Ezinye izinguqulo lapha zisikisela ukuthi lowo othinta abantu bakaNkulunkulu akathinti iso likaNkulunkulu, kodwa uthinta iso lika-Israyeli noma elakhe siqu imbala. Leli phutha lavela kubabhali abathile beNkathi Ephakathi abashintsha leli vesi bezama ngokungafanele ukulungisa izindima ababezibheka njengeziwukungahloniphi. Ngokwenze njalo bafiphaza ukujula kwesihawu sikaJehova.
Ucabangani?
◻ Luyini uthando lobuzalwane, futhi kungani kumelwe silwenze luqhubeke?
◻ Ukuzwelana nabanye kusisiza kanjani ukuba silondoloze uthando lwethu lobuzalwane?
◻ Ukwazisa kufeza yiphi indima othandweni lobuzalwane?
◻ Izenzo zomusa zilubangela kanjani uthando lobuzalwane ukuba luchume ebandleni lobuKristu?
[Ibhokisi ekhasini 16]
Ukubonakaliswa Kothando Ngokoqobo
Eminyakeni ethile edlule, umlisa owayeke wafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova isikhathi esithile wayesathanda ukulungabaza uthando lobuzalwane. Wayazi ukuthi uJesu wayethe: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” Kodwa kwakunzima kuye ukukukholelwa. Ngolunye usuku wabona uthando lobuKristu lubonakaliswa ngokoqobo.
Nakuba ehlala esesihlalweni sabakhubazekile, lomlisa wayesohambweni kude nasekhaya. EseBetlehema, kwa-Israyeli, waya emhlanganweni webandla. Lapho, uFakazi ongumArabhu wacela ngokuphikelelayo esinye isihambeli samazwe esinguFakazi ukuba siyolala kwakhe, futhi nalomfundi weBhayibheli wamenywa. Ngaphambi kokuyolala, lomfundi wacela kumninikhaya ukuphuma ekuseni aye kuvulandi ukuze abukele ukuphuma kwelanga. Umninikhaya wamxwayisa ngokuqinile ukuba angalokothi akwenze lokho. Ngakusasa lomzalwane ongumArabhu wachaza isizathu. Esebenzisa umhumushi, wathi uma omakhelwane bakhe bengase bazi ukuthi unezivakashi ezingamaJuda—njengoba kwakunjalo ngalomfundi weBhayibheli—babeyomshisa nomuzi wakhe nomkhaya wakhe babe umlotha. Edidekile, lomfundi weBhayibheli wambuza, “Pho, uzifakeleni engozini enjalo?” Ngaphandle komhumushi, lomzalwane wambuka emehlweni wamane wathi, “uJohane 13:35.”
Lomfundi weBhayibheli kwamhlaba umxhwele kakhulu ukuthi uthando lobuzalwane luyinto engokoqobo. Wabhapathizwa ngokushesha ngemva kwalokho.
[Isithombe ekhasini 18]
Isimo somphostoli uPawulu sokuba nobungane nokwazisa samenza waba ongenekayo