‘Ukuhamba Ngokholo, Hhayi Ngokubona’
“Sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.”—2 KORINTE 5:7.
1. Kusho ukuthini ‘ukuhamba ngokholo’?
NJALO lapho sithandaza ngokuvumelana neziqondiso eziseZwini likaNkulunkulu, sibonisa ukuthi sinesilinganiso esithile sokholo. Lapho siqala ukufakaza kwabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, nalokhu kubonisa ukholo. Futhi lapho sinikezela ukuphila kwethu kuJehova, sinikeza ubufakazi bokuthi kuyisifiso sethu ‘ukuhamba ngokholo,’ okusho ukuthi, ukuphishekela inkambo yokuphila ebuswa ukholo.—2 Korinte 5:7; Kolose 1:9, 10.
2. Kungani ukuhlanganyela emisebenzini yebandla kungebona ngaso sonke isikhathi ubufakazi bokuthi umuntu unokholo?
2 Uma ngempela sizophila ngaleyo ndlela, sidinga ukholo oluqinile. (Heberu 11:1, 6) Abantu abaningi bakhangwa oFakazi BakaJehova ngenxa yezindinganiso zokuziphatha eziphakeme nothando abalubona koFakazi. Isiqalo esihle leso, kodwa akusho ukuthi abantu abanjalo banokholo. Abanye kungenzeka banomngane womshado noma umzali oqinile okholweni, futhi bangase bahlanganyele kweminye imisebenzi eyenziwa yilowo abamthandayo. Ukuba nethonya elinjalo emzini wakho kuyisibusiso ngempela, kodwa nalokhu akwenzi kungabe kusadingeka ukuba umuntu abe nothando lwakhe siqu ngoNkulunkulu kanye nokholo lwakhe siqu.—Luka 10:27, 28.
3. (a) Ukuze sibe nokholo oluqinile, yini thina ngokwethu okumelwe siqiniseke ngayo ngokuqondene neBhayibheli? (b) Kungani abanye abantu begculiseka ngokushesha kunabanye ngokuthi iBhayibheli liphefumulelwe?
3 Labo abahamba ngokholo ngempela bagculiseké ngokuphelele ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Kunenqwaba yobufakazi bokuthi imiBhalo Engcwele “iphefumulelwe uNkulunkulu” ngempela.a (2 Thimothewu 3:16) Obungakanani balobu bufakazi umuntu okumelwe abuhlole ukuze agculiseke? Lokho kungase kuye ngesizinda sakhe. Okwanelisa omunye umuntu ngokugcwele kungase kungamanelisi omunye. Kwezinye izimo, ngisho noma umuntu eboniswa inqwaba yobufakazi obungenakuphikiswa, angase aqhubeke esenqaba isiphetho obuholela kuso. Ngani? Ngenxa yezifiso ezisekujuleni kwenhliziyo yakhe. (Jeremiya 17:9) Ngakho, nakuba umuntu engase athi unesithakazelo enjongweni kaNkulunkulu, inhliziyo yakhe ingase ilangazelele ukwamukelwa izwe. Angase angafuni ukuyeka indlela yokuphila engqubuzana nezindinganiso zeBhayibheli. Nokho, uma umuntu elilambele ngempela iqiniso, uma ethembekile kuye ngokwakhe, futhi ethobekile, ngokuhamba kwesikhathi uyoqaphela ukuthi ngempela iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu.
4. Kudingekani kumuntu ukuze abe nokholo?
4 Ngokuvamile, ngezinyanga ezimbalwa nje, abantu abasizwa ukuba batadishe iBhayibheli bayaqonda ukuthi basuke sebebone ubufakazi obuningi ngokwanele bokuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Uma lokhu kubashukumisela ukuba bavule izinhliziyo zabo ukuze bafundiswe uJehova, khona-ke imicabango yabo ejulile, izifiso zabo, nezisusa zabo kuyololongwa kancane kancane yilokho abakufundayo. (IHubo 143:10) EyabaseRoma 10:10 ithi umuntu ubonisa ukholo “ngenhliziyo.” Ukholo olunjalo luveza indlela umuntu azizwa ngayo ngempela, futhi luyobonakala enkambweni yakhe yokuphila.
UNowa Wenza Ngokholo Oluqinile
5, 6. Lwalusekelwephi ukholo lukaNowa?
5 UNowa ungomunye wababenokholo oluqinile. (Heberu 11:7) Wayenasiphi isisekelo salolo kholo? UNowa wayenezwi likaNkulunkulu, hhayi elilotshiwe, kodwa elalikhulunywa kuye. UGenesise 6:13 uthi: “UNkulunkulu wathi kuNowa: Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu.” [Omalukeke sizenzele.] UJehova wayala uNowa ukuba akhe umkhumbi, wamnikeza nemininingwane mayelana nokwakhiwa kwawo. UNkulunkulu wabe esenezela: “Mina, bheka, ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.”—Genesise 6:14-17.
6 Ingabe lalike lana ngaphambi kwalokhu? IBhayibheli alisho. UGenesise 2:5 uthi: “UNkulunkulu wayengakanisi imvula.” Kodwa lena yindlela uMose, owaphila emakhulwini eminyaka kamuva, abeka ngayo indaba lapho exoxa ngesikhathi esingaphambili kakhulu kosuku lukaNowa, hhayi lona. Njengoba kuboniswa kuGenesise 7:4, uJehova wakhuluma ngemvula kuNowa, futhi kusobala ukuthi uNowa wakuqonda ayekusho. Nokho, ukholo lukaNowa lwalungasekelwe entweni ayengayibona. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi uNowa ‘wanikwa isixwayiso saphezulu sezinto ezingakabonwa.’ UNkulunkulu watshela uNowa ukuthi wayezonisa “uzamcolo wamanzi” emhlabeni, noma “ulwandlekazi lwasezulwini,” njengoba kusho umbhalo waphansi we-New World Translation With References kuGenesise 6:17. Kuze kube yileso sikhathi, yayingakaze yenzeke into enjalo. Kodwa yonke indalo uNowa ayeyibona yayiwubufakazi obusobala bokuthi uNkulunkulu angawuletha ngempela uzamcolo onjalo obhubhisayo. Eshukunyiswa ukholo, uNowa wawakha umkhumbi.
7. (a) Wayedingani uNowa ukuze enze lokho uNkulunkulu ayemyale ngakho? (b) Sizuza kanjani ngokucabangela ukholo lukaNowa, futhi ukholo lwethu lungaba kanjani yisibusiso kwabanye?
7 UNkulunkulu wayengamnikezanga uNowa usuku lokuqala kukaZamcolo. Kodwa uNowa akakusebenzisanga lokho njengesaba sokuba nesimo sengqondo sokuthi sizolinda sibone, enze ukwakha umkhumbi nokushumayela kube yinto yesibili ekuphileni kwakhe. Kusenesikhathi esanele, uNkulunkulu watshela uNowa isikhathi sokungena emkhunjini. Phakathi naleso sikhathi, “uNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.” (Genesise 6:22) UNowa wayehamba ngokholo, hhayi ngokubona. Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi wenze njalo! Ngenxa yokholo lwakhe, siyaphila namuhla. Nakithi, ukholo esilubonisayo lungaba nomphumela omkhulu ekutheni ikusasa lisiphatheleni, hhayi thina sodwa kodwa nezingane zethu nabanye abantu esikanye nabo.
Ukholo Luka-Abrahama
8, 9. (a) U-Abrahama wayelusekelephi ukholo lwakhe? (b) UJehova ‘wabonakala’ ngayiphi indlela ku-Abrahama?
8 Cabangela esinye isibonelo—esika-Abrahama. (Heberu 11:8-10) Wayelusekelephi u-Abrahama ukholo lwakhe? Endaweni akhulela kuyo e-Uri lamaKaledi kwakukhonzwa izithombe futhi kuthandwa izinto ezibonakalayo. Kodwa kunamanye amathonya alolonga umbono ka-Abrahama. Ngokungangabazeki wakwazi ukuba nobudlelwane nendodana kaNowa, uShemi, eyaphila iminyaka engu-150 ngesikhathi sika-Abrahama. U-Abrahama wagculiseka ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba.’—Genesise 14:22.
9 Kunenye into futhi eyaba nethonya elikhulu ku-Abrahama. UJehova ‘wabonakala ku-Abrahama lapho eseMesopotamiya, ngaphambi kokuba ahlale eHarana, futhi wathi kuye, “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho uye ezweni engizokubonisa lona.”’ (IzEnzo 7:2, 3) UJehova “wabonakala” ngayiphi indlela ku-Abrahama? U-Abrahama akambonanga uNkulunkulu ubuso nobuso. (Eksodusi 33:20) Nokho, kungenzeka ukuthi uJehova wabonakala ku-Abrahama ephusheni, ngokubonakaliswa kwenkazimulo okungaphezu kokwemvelo, noma ngesithunywa, noma ummeleli oyingelosi. (Qhathanisa noGenesise 18:1-3; 28:10-15; noLevitikusi 9:4, 6, 23, 24.) Kungakhathaliseki ukuthi uJehova wabonakala ngayiphi indlela ku-Abrahama, leyo ndoda ekholekile yayiqiniseka ukuthi uNkulunkulu wayebeka ilungelo eliyigugu phambi kwayo. U-Abrahama wasabela ngokholo.
10. UJehova waluqinisa kanjani ukholo luka-Abrahama?
10 Ukholo luka-Abrahama lwalungaxhomekile ekutholeni imininingwane ngezwe uNkulunkulu ayemyisa kulo. Lwalungaxhomekile ekwazini kwakhe ukuthi uzonikwa nini lelozwe. Wayenokholo ngoba wayazi uJehova njengoNkulunkulu uSomandla. (Eksodusi 6:3) UJehova watshela u-Abrahama ukuthi wayeyoba nenzalo, kodwa ngezinye izikhathi u-Abrahama wayezibuza ukuthi kwakuyokwenzeka kanjani lokho. Wayekhula. (Genesise 15:3, 4) UJehova waqinisa ukholo luka-Abrahama ngokumtshela ukuba abheke phezulu ezinkanyezini azibale uma engase akwazi. “Kuyakuba-njalo inzalo yakho,” kusho uNkulunkulu. U-Abrahama wathinteka ngokujulile. Kwakusobala ukuthi uMdali walezo zindikimba zasezulwini ezimangalisayo angakufeza ayekuthembisile. U-Abrahama “wakholwa nguJehova.” (Genesise 15:5, 6) U-Abrahama akakholwanga nje ngoba ekuthanda lokho ayekuzwa; wayenokholo olunesisekelo esiqinile.
11. (a) Lapho esondela eminyakeni eyikhulu ubudala, u-Abrahama wasabela kanjani esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi uSara owayesekhulile wayezozala indodana? (b) Luhlobo luni lokholo u-Abrahama abhekana ngalo novivinyo lokuya nendodana yakhe eNtabeni YaseMoriya ukuze anikele ngayo njengomhlatshelo?
11 Lapho u-Abrahama esondela eminyakeni eyikhulu ubudala, nomkakhe, uSara esondela kwengu-90, uJehova waphinda washo isithembiso sakhe sokuthi u-Abrahama uzoba nendodana kuSara. U-Abrahama wacabangela isimo sabo ngombono ongokoqobo. “Kodwa ngenxa yesithembiso sikaNkulunkulu akazange antengantenge ngokuntula ukholo, kodwa waba namandla ngokholo lwakhe, enika uNkulunkulu inkazimulo futhi eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho ayekuthembisile uyakwazi futhi nokukwenza.” (Roma 4:19-21) U-Abrahama wayazi ukuthi ngeke singafezeki isithembiso sikaNkulunkulu. Ngenxa yokholo lwakhe, kamuva walalela lapho uNkulunkulu emtshela ukuba athathe indodana yakhe u-Isaka aye ezweni laseMoriya anikele ngayo njengomhlatshelo. (Genesise 22:1-12) U-Abrahama wayeqiniseka ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu owayebangele ukuzalwa kwalendodana ngokuyisimangaliso wayengayibuyisela futhi ekuphileni ukuze kugcwaliseke ezinye izithembiso ayezenzile ngokuqondene nayo.—Heberu 11:17-19.
12. U-Abrahama waqhubeka isikhathi esingakanani ehamba ngokholo, futhi yimuphi umvuzo olindele yena namalungu omkhaya wakhe abonisa ukholo oluqinile?
12 U-Abrahama wabonisa ukuthi wayebuswa ukholo hhayi nje ngezikhathi ezithile kodwa kukho konke ukuphila kwakhe. Phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe, ayikho ingxenye yeZwe Lesithembiso u-Abrahama ayamukela njengefa kuNkulunkulu. (IzEnzo 7:5) Nokho, u-Abrahama akazange adikibale aphindele e-Uri lamaKaledi. Wahlala ematendeni ezweni ayelitshelwe uNkulunkulu iminyaka eyikhulu, kwaze kwaba sekufeni kwakhe. (Genesise 25:7) Ngokuqondene naye nomkakhe uSara, indodana yabo u-Isaka nomzukulu wabo uJakobe, eyamaHeberu 11:16 ithi: “UNkulunkulu akanamahloni ngabo, ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngoba ubalungiselele umuzi.” Yebo, uJehova ubabekele indawo emhlabeni eMbusweni wakhe wobuMesiya.
13. Obani phakathi kwezinceku zikaJehova namuhla abanikeza ubufakazi bokuba nokholo olunjengoluka-Abrahama?
13 Phakathi kwezinceku zikaJehova namuhla kunalabo abanjengo-Abrahama. Baye bahamba ngokholo iminyaka eminingi. Ngamandla anikezwa uNkulunkulu, baye banqoba izithiyo ezingangezintaba. (Mathewu 17:20) Abantengantengi okholweni ngoba bengazi ukuthi uNkulunkulu uzobanika nini ngempela ifa abathembise lona. Bayazi ukuthi izwi likaJehova alisoze lingagcwaliseki, futhi bakubheka njengelungelo eliyigugu ukubalwa phakathi koFakazi bakhe. Ingabe uzizwa ngaleyo ndlela?
Ukholo Olwashukumisa UMose
14. Sabekwa kanjani isisekelo sokholo lukaMose?
14 Esinye isibonelo sokholo uMose. Sasiyini isisekelo sokholo lwakhe? Sabekwa esewusana. Nakuba indodakazi kaFaro yathola uMose esebhokisini lebungu eMfuleni iNayile futhi yamthatha waba indodana yayo, unina kaMose ongumHeberu, uJokobedi, wamncelisa umfana futhi wamnakekela eminyakeni yakhe yokuqala. Ngokusobala uJokobedi wamfundisa kahle, egxilisa uthando ngoJehova nokwazisa ngezithembiso uJehova ayezenze ku-Abrahama. Kamuva, njengelungu lomkhaya kaFaro, uMose “wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwamaGibithe.” (IzEnzo 7:20-22; Eksodusi 2:1-10; 6:20; Heberu 11:23) Nokho, naphezu kwesimo sokunethezeka uMose ayekuso, inhliziyo yakhe yayikubantu bakaNkulunkulu ababegqilaziwe.
15. Kwasho ukuthini ngoMose ukuziveza engomunye wabantu bakaJehova?
15 Lapho eneminyaka engu-40, uMose wabulala umGibithe ukuze asindise umIsrayeli owayephathwa kabi. Lesi senzakalo sabonisa indlela uMose ayebabheka ngayo abantu bakaNkulunkulu. Empeleni, “ngokholo uMose, lapho esekhulile, wenqaba ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro.” Kunokuba akhethe ‘injabulo yesikhashana esonweni’ njengelungu lasebukhosini baseGibithe, wayeshukunyiswe ukholo ukuba aziveze engomunye wabantu bakaNkulunkulu ababehlukunyezwa.—Heberu 11:24, 25; IzEnzo 7:23-25.
16. (a) UJehova wamthuma ukuba enzeni uMose, futhi uNkulunkulu wamsiza kanjani? (b) Lapho efeza ayekuthunyiwe, uMose walubonisa kanjani ukholo?
16 UMose wayeshisekela ukuthatha isinyathelo ukuze alethele abantu bakubo impumuzo, kodwa isikhathi sikaNkulunkulu sokukhululwa kwabo sasingakafiki. Kwadingeka ukuba uMose abaleke eGibithe. Kwaze kwaba ngemva kweminyaka engu-40 lapho uJehova, ngengelosi, athuma khona uMose ukuba aphindele eGibithe ayohola ama-Israyeli awakhiphe kulelozwe. (Eksodusi 3:2-10) Wasabela kanjani uMose? Akazange abonise ukungabaza ikhono likaJehova lokukhulula u-Israyeli, kodwa wazizwa engayifanelekeli indima uNkulunkulu ayembekele yona. Ngothando, uJehova wanikeza uMose isikhuthazo ayesidinga. (Eksodusi 3:11–4:17) Ukholo lukaMose lwaqina. Waphindela eGibithe futhi ngokuphindaphindiwe waxwayisa uFaro ubuso nobuso ngezinhlupho ezazizofikela elaseGibithe ngenxa yokuthi lowo mbusi wayengawadedeli ama-Israyeli ayokhulekela uJehova. UMose wayengenawo yena amandla okubangela lezo zinhlupho. Wayehamba ngokholo, hhayi ngokubona. Ukholo lwakhe lwalukuJehova nezwi lakhe. UFaro wamsongela uMose. Kodwa uMose wakhuthazela. “Ngokholo washiya iGibithe, kodwa engayesabi intukuthelo yenkosi, ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Heberu 11:27) UMose wayengaphelele. Wayewenza amaphutha. (Numeri 20:7-12) Nokho, ngemva kokuthunywa uNkulunkulu, yonke inkambo yokuphila kwakhe yayibuswa ukholo.
17. Ukuhamba ngokholo kwaba namiphi imiphumela kuNowa, u-Abrahama, noMose, ngisho noma bengaphilanga baze babona izwe elisha likaNkulunkulu?
17 Sengathi ukholo lwakho lungafana nolukaNowa, u-Abrahama, noMose. Kuyiqiniso ukuthi abalibonanga izwe elisha likaNkulunkulu osukwini lwabo. (Heberu 11:39) Kwakungakabi yisikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe; kwakusenezinye izici zenjongo yakhe okwakusadingeka zifezeke. Kodwa ukholo lwabo ezwini likaNkulunkulu aluzange luntenge, futhi amagama abo asencwadini kaNkulunkulu yokuphila.
18. Ngalabo ababizelwe ekuphileni kwasezulwini, kungani kuye kwadingeka bahambe ngokholo?
18 ‘UNkulunkulu wasibonela kusengaphambili okuthile okungcono,’ kubhala umphostoli uPawulu. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu wababonela okuthile okungcono labo, njengoPawulu, abaye babizelwa ekuphileni kwasezulwini noKristu. (Heberu 11:40) Yilaba uPawulu ayecabanga ngabo ngokukhethekile lapho ebhala amazwi akweyesi-2 Korinte 5:7: “Sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.” Ngesikhathi kubhalwa lokho, akekho noyedwa kubo owayesethole umvuzo wakhe wasezulwini. Babengenakuwubona ngamehlo abo enyama, kodwa ukholo lwabo kuwo lwaluqinile. UKristu wayevusiwe kwabafileyo, ulibo lwalabo abayobusiswa ngokuphila kwasezulwini. Futhi wayebonwe ofakazi abangaphezu kuka-500 ngaphambi kokunyukela kwakhe ezulwini. (1 Korinte 15:3-8) Babenezizathu ezanele zokwenza yonke inkambo yokuphila kwabo ibuswe yilolo kholo. Nathi sinezizathu ezizwakalayo zokuhamba ngokholo.
19. Njengoba kuboniswe kweyamaHeberu 1:1, 2, uNkulunkulu uye wakhuluma nathi esebenzisa bani?
19 Namuhla, uJehova akakhulumi nabantu bakhe ngengelosi, njengoba enza kuMose esihlahleni esivuthayo. UNkulunkulu uye wakhuluma ngeNdodana yakhe. (Heberu 1:1, 2) Lokho uNkulunkulu akusho ngayo, wenza ukuba kulotshwe eBhayibhelini, eliye lahunyushelwa ezilimini zabantu emhlabeni wonke.
20. Isimo sethu singcono ngayiphi indlela kunesikaNowa, u-Abrahama, noMose?
20 Thina sinokuningi kakhulu kunalokho uNowa, u-Abrahama, noMose ababenakho. SineZwi likaNkulunkulu eliphelele—ingxenye enkulu yalo isigcwalisekile. Ngenxa yakho konke iBhayibheli elikushoyo ngamadoda nabesifazane abazibonakalisa bengofakazi bakaJehova abakholekile lapho bebhekene nokulingwa kwazo zonke izinhlobo, eyamaHeberu 12:1 iyanxusa: “Masilahleni konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.” Ukholo lwethu aluyona into esingayithatha kalula. ‘Isono esisithandela kalula’ siwukungabi nalukholo. Kudingeka silwe kanzima ukuze siqhubeke ‘sihamba ngokholo.’
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ithini Impendulo Yakho?
◻ Yini ehilelekile ‘ekuhambeni ngokholo’?
◻ Singazuza kanjani endleleni uNowa abonisa ngayo ukholo?
◻ Indlela u-Abrahama abonisa ngayo ukholo isisiza kanjani?
◻ Kungani iBhayibheli libhekisela kuMose njengesibonelo sokholo?
[Isithombe ekhasini 10]
U-Abrahama wayehamba ngokholo
[Isithombe ekhasini 10]
UMose no-Aroni babonisa ukholo lapho bephambi kukaFaro