Lithini IBhayibheli Ngokuphila Ngemva Kokufa?
“Ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”—GENESISE 3:19.
1, 2. (a) Kunamiphi imibono ehlukahlukene ngokuPhila Ngemva Kokufa? (b) Yini okudingeka siyihlole ukuze sibone lokho iBhayibheli elikufundisayo ngomphefumulo?
“INKOLELO-MBONO yokuhlushwa phakade ayihambisani nenkolelo yokuthi uNkulunkulu uyazithanda izinto ezidaliwe. . . . Ukukholelwa ekujezisweni komphefumulo phakade ngenxa yamaphutha eminyaka embalwa, ngaphandle kokuwunika ithuba lokuwalungisa, kuwukuphikisana nazo zonke izimiso zokuhluzeka,” kusho isazi sefilosofi esingumHindu uNikhilananda.
2 NjengoNikhilananda, abaningi namuhla abayenameli imfundiso yokuhlushwa phakade. Kanti abanye banobunzima bokuqonda izimfundiso ezinjengokufinyelela iNirvana neyokuba munye nemvelo. Ngisho nakulabo abathi izinkolelo zabo bazisekele eBhayibhelini, kunemibono ehlukahlukene ngokuthi umphefumulo uyini futhi kwenzekani kuwo lapho sifa. Kodwa lifundisani ngempela iBhayibheli ngomphefumulo? Ukuze sazi, kudingeka sihlole izincazelo zamagama esiHeberu nawesiGreki ahunyushwe ngokuthi “umphefumulo” eBhayibhelini.
Umphefumulo NgokweBhayibheli
3. (a) Yiliphi igama elihunyushwe ngokuthi “umphefumulo” emiBhalweni YesiHeberu, futhi lisho ukuthini leli gama ngokuyisisekelo? (b) UGenesise 2:7 ukuqinisekisa kanjani ukuthi elithi “umphefumulo” lingasho umuntu ewonke?
3 Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “umphefumulo” lithi neʹphesh, futhi livela izikhathi ezingu-754 emiBhalweni YesiHeberu. Lisho ukuthini elithi neʹphesh? Ngokwe-Dictionary of Bible and Religion, “ngokuvamile lisho isidalwa esiphilayo sisonke, umuntu ewonke.” Lokhu kuqinisekiswa yincazelo yeBhayibheli ngomphefumulo ekuGenesise 2:7: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.” Phawula ukuthi umuntu wokuqala “waba” umphefumulo. Okusho ukuthi, u-Adamu akazange abe nawo umphefumulo; wayeyiwo umphefumulo—njengoba nje nomuntu oba udokototela engudokotela. Khona-ke, igama elithi “umphefumulo” lapha lichaza umuntu ewonke.
4. Yiliphi igama elihunyushwe ngokuthi “umphefumulo” emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, futhi lisho ukuthini leli gama ngokuyisisekelo?
4 Igama elihunyushwe ngokuthi “umphefumulo” (psy·kheʹ) livela izikhathi ezingaphezu kwekhulu emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Njengelithi neʹphesh, leli gama ngokuvamile libhekisela kumuntu ewonke. Ngokwesibonelo, cabangela lezi zinkulumo ezilandelayo: “Umphefumulo wami ukhathazekile.” (Johane 12:27) “Yonke imiphefumulo yaqala ukwehlelwa ukwesaba.” (IzEnzo 2:43) “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” (Roma 13:1) “Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.” (1 Thesalonika 5:14) “Abantu abambalwa, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili, bathwalwa ngokuphepha emanzini.” (1 Petru 3:20) Kuyacaca ukuthi elithi psy·kheʹ, njengelithi neʹphesh, libhekisela kumuntu ewonke. Ngokwesazi uNigel Turner, leli gama “lichaza lokho okuwumuntu ngempela, umuntu uqobo lwakhe, umzimba oyinyama ophefumulelwe i-rûaḥ [umoya] kaNkulunkulu. . . . Kugcizelelwa umuntu ewonke.”
5. Ingabe izilwane ziyimiphefumulo? Chaza.
5 Ngokuthakazelisayo, eBhayibhelini, igama elithi “umphefumulo” alisebenzi kubantu kuphela kodwa nasezilwaneni. Ngokwesibonelo, lapho echaza ukudalwa kwezidalwa zasolwandle, uGeneise 1:20 uthi uNkulunkulu wayala: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane [“lwemiphefumulo,” NW] eziphilayo.” Futhi ngosuku lokudala olulandelayo, uNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane [“imiphefumulo,” NW] eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo.”—Genesise 1:24; qhathanisa noNumeri 31:28, NW.
6. Yini engase ishiwo ngokusebenzisa kweBhayibheli igama elithi “umphefumulo”?
6 Ngakho, ngokwendlela elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini, igama elithi “umphefumulo” libhekisela kumuntu noma esilwaneni, noma ekuphileni komuntu noma kwesilwane. (Bheka ibhokisi ngenhla.) Incazelo yeBhayibheli yomphefumulo ilula, ayiguquguquki futhi ayigcwele amafilosofi ayinkimbinkimbi nezinkolelo-ze zabantu. Njengoba kunjalo, umbuzo ophuthumayo okumelwe ubuzwe uwukuthi, NgokweBhayibheli, kwenzekani ngomphefumulo ekufeni?
Abafileyo Abazi Lutho
7, 8. (a) ImiBhalo yembulani ngesimo sabafileyo? (b) Nikeza izibonelo eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi umphefumulo ungafa.
7 Isimo sabafileyo sicacisiwe kumShumayeli 9:5, 10, lapho sifunda khona ukuthi: “Abafileyo abazi lutho . . . Akukho msebenzi, nacebo, nalwazi noma ukuhlakanipha, ethuneni.” (Moffatt) Ngakho-ke, ukufa kuyisimo sokungabibikho. Umhubi wabhala ukuthi lapho umuntu efa, ‘ubuyela emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.’ (IHubo 146:4) Abafileyo abazi lutho, abenzi lutho.
8 Lapho egweba u-Adamu, uNkulunkulu wathi: “Ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” (Genesise 3:19) Ngaphambi kokuba uNkulunkulu ambumbe ngothuli lomhlabathi futhi amnike ukuphila, u-Adamu wayengekho. Lapho efa, wabuyela kuleso simo. Isijeziso sakhe kwaba ukufa—hhayi ukuyiswa kwenye indawo. Kwabe sekwenzekani-ke ngomphefumulo wakhe? Njengoba eBhayibhelini igama elithi “umphefumulo” ngokuvamile lisho umuntu nje, uma sithi u-Adamu wafa, sisuke sithi umphefumulo ogama lawo lingu-Adamu wafa. Lokhu kungase kuzwakale kungajwayelekile kumuntu okholelwa ukuthi umphefumulo awufi. Nokho, iBhayibheli lithi: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4) ULevitikusi 21:1 (NW) ukhuluma “ngomphefumulo ofileyo” (“isidumbu,” Jerusalem Bible). Futhi amaNaziri ayeyalwe ukuba angasondeli ‘emphefumulweni ofileyo’ (“esidumbini,” IBhayibheli lesiZulu elivamile).—Numeri 6:6, NW.
9. Lisho ukuthini iBhayibheli lapho lithi umphefumulo kaRaheli ‘wawusuzophuma’?
9 Nokho, kuthiwani ngamazwi akuGenesise 35:18 aphathelene nenhlekelele yokufa kukaRaheli, eyenzeka lapho ebeletha indodana yakhe yesibili? Lapho, sifunda ukuthi: “Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.” Ingabe leli vesi lisho ukuthi uRaheli wayenento engaphakathi eyaphuma lapho efa? Lutho neze. Khumbula, igama elithi “umphefumulo” lingasho nokuphila umuntu anakho. Ngakho kule ndaba, uma kuthiwa “umphefumulo” kaRaheli kwakumane kushiwo “ukuphila” kwakhe. Yingakho ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha amazwi athi “usuzakuphuma umphefumulo wakhe” ngokuthi “ukuphila kwakhe sekuncipha” (Knox), “esephefumula okokugcina” (JB) nangokuthi “ukuphila kwakhe sekusuka kuye” (Bible in Basic English). Akukho okubonisa ukuthi ingxenye ethile kaRaheli engaqondakali yasinda lapho efa.
10. Umphefumulo wendodana yomfelokazi eyayivusiwe “wabuyela kuyo” ngayiphi indlela?
10 Kungokufanayo nangokuvuswa kwendodana yomfelokazi, okukweyoku-1 AmaKhosi isahluko 17.Evesini 22, sifunda ukuthi lapho u-Eliya ethandazela lo mfanyana, “uJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.” Nalapha, igama elithi “umphefumulo” lisho “ukuphila.” Ngakho, i-New American Standard Bible ifundeka kanje: “Ukuphila kwengane kwabuyela kuyo futhi yaphila.” Yebo, ukuphila okwabuyela kumfana, hhayi into ethile esasithunzi. Lokhu kuvumelana nalokho u-Eliya akutshela unina womfana: “Bheka, indodana yakho [umuntu ewonke] isiyaphila.”—1 AmaKhosi 17:23.
Kuthiwani Ngomoya?
11. Kungani igama elithi “umoya” lingenakubhekisela engxenyeni ethile yomuntu ehlukene nomzimba esindayo ekufeni?
11 IBhayibheli lithi lapho umuntu efa, “umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe.” (IHubo 146:4) Ingabe lokhu kusho ukuthi umoya ohlukene nomzimba uphuma ngokoqobo bese uyaqhubeka uphila ngemva kokufa komuntu? Akunakuba njalo, ngoba ngemva kwalokho umhubi uthi: “Ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela” (“konke ukucabanga kwakhe kuyaphela,” The New English Bible). Khona-ke, uyini umoya, futhi ‘uphuma’ kanjani kumuntu lapho efa?
12. Asho ukuthini amagama, elesiHeberu nelesiGreki, ahunyushwe ngokuthi “umoya” eBhayibhelini?
12 EBhayibhelini amagama ahunyushwe ngokuthi “umoya” (elesiHeberu elithi ruʹach; elesiGreki elithi pneuʹma) ngokuyisisekelo asho “umoya ophefumulwayo.” Ngakho, esikhundleni sokuthi “umoya wakhe uyaphuma,” inguqulo kaR. A. Knox isebenzisa inkulumo ethi “umoya ophefumulwayo uyawushiya umzimba.” (IHubo 145:4) Kodwa igama elithi “umoya” lisikisela okungaphezulu kakhulu kwesenzo sokuphefumula. Ngokwesibonelo, lapho echaza ngokubhujiswa kwabantu nezilwane ngesikhathi sikaZamcolo wembulunga yonke, uGenesise 7:22 (NW) uthi: “Yonke into eyayinomoya ophefumulwayo wamandla [noma, umoya; ngesiHeberu, ruʹach] okuphila usebenza emakhaleni ayo, okungukuthi, konke okwakusemhlabathini owomile, kwafa.” Ngakho elithi “umoya” lingasho amandla okuphila asebenza kuzo zonke izidalwa eziphilayo ezisekelwa ukuphefumula, abantu nezilwane.
13. Umoya ubuyela kanjani kuNkulunkulu lapho umuntu efa?
13 Pho, usho ukuthini umShumayeli 12:7 uma ethi lapho umuntu efa, “umoya [ubuyela] kuNkulunkulu owawunikayo”? Ingabe lokhu kusho ukuthi umoya unqamula ngokoqobo emkhathini uye lapho kukhona khona uNkulunkulu? Akukhona neze lokho okushiwoyo. Njengoba umoya ungamandla okuphila, ‘ubuyela kuNkulunkulu’ ngomqondo wokuthi noma yiliphi ithemba lokuphila kwesikhathi esizayo lalo muntu selikuNkulunkulu kuphela. NguNkulunkulu kuphela ongabuyisela umoya, noma amandla okuphila, enze umuntu aphinde aphile. (IHubo 104:30) Kodwa ingabe uNkulunkulu unayo injongo yokwenza kanjalo?
“Uzovuka”
14. UJesu wathini futhi wenzani ukuze akhulule futhi aduduze odadewabo kaLazaru ngemva kokushonelwa umfowabo?
14 Emzaneni waseBethaniya, ongaba semakhilomitheni amathathu ukuya empumalanga yeJerusalema, uMariya noMarta babelilela ukufa komfowabo uLazaru kungazelelwe. UJesu wayedabuke njengabo, ngoba wayemthanda uLazaru nawodadewabo. UJesu wayengabaduduza kanjani odadewabo kaLazaru? Hhayi ngokubatshela indaba ethile eyinkimbinkimbi, kodwa ngokubatshela iqiniso. UJesu wamane wathi: “Umfowenu uzovuka.” UJesu wabe eseya ethuneni, wafika wamvusa uLazaru—wabuyisela ukuphila endodeni eyayisinezinsuku ezine ifile!—Johane 11:18-23, 38-44.
15. UMarta wasabela kanjani kulokho uJesu akusho nalokho akwenza?
15 Ingabe uMarta ammangaza amazwi kaJesu okuthi uLazaru “uzovuka”? Kusobala ukuthi awazange ammangaze, ngoba waphendula: “Ngiyazi ukuthi uyovuka ovukweni ngosuku lokugcina.” Wayenokholo kakade esithembisweni sovuko. UJesu wabe esemtshela: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” (Johane 11:23-25) Isimangaliso sokubuyiselwa kukaLazaru ekuphileni saqinisa ukholo lukaMarta futhi senza nabanye bakholwa. (Johane 11:45) Kodwa lisho ukuthini ngempela igama elithi “uvuko”?
16. Lisho ukuthini igama elithi “uvuko”?
16 Igama elithi “uvuko” lihunyushwa lisuselwa kwelesiGreki elithi a·naʹsta·sis, ngokwezwi nezwi elisho “ukuphinda usukume.” Abahumushi besiGreki abangamaHeberu baye bahumusha elithi a·naʹsta·sis ngamazwi asho “ukuvuswa kwabafileyo” (ngesiHeberu, techi·yathʹ ham·me·thimʹ).a Ngakho, uvuko luhilela ukuvusa umuntu esimweni sokufa esingenakuphila—ukubuyisela nokuvuselela indlela yokuphila yalowo muntu.
17. (a) Kungani ukuvusa abantu kungeke kube yinkinga kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu? (b) Yisiphi isithembiso esenziwa uJesu ngokuqondene nabasemathuneni ayisikhumbuzo?
17 Njengoba ukuhlakanipha kukaJehova uNkulunkulu kungenamkhawulo nenkumbulo yakhe iphelele, angamvusa kalula umuntu. Ukukhumbula indlela yokuphila yabantu abafileyo—izici zabo zobuntu, umlando wabo kanye nayo yonke imininingwane ephathelene nabo—akuyona inkinga kuyena. (Jobe 12:13; qhathanisa no-Isaya 40:26.) Ngaphezu kwalokho, njengoba lokho okwenzeka kuLazaru kubonisa, uJesu Kristu uzimisele futhi uyakwazi ukuvusa abafileyo. (Qhathanisa noLuka 7:11-17; 8:40-56.) Eqinisweni, uJesu Kristu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume.” (Johane 5:28, 29) Yebo, uJesu Kristu wathembisa ukuthi bonke abasenkumbulweni kaJehova bayovuswa. Kusobala ukuthi ngokweBhayibheli umphefumulo uyafa, futhi ikhambi lokufa liwuvuko. Kodwa kunezinkulungwane zezigidi zabantu abaye baphila futhi bafa. Obani phakathi kwabo abasenkumbulweni kaNkulunkulu, abalindele uvuko?
18. Obani abayovuswa?
18 Labo abaye balandela inkambo yokulunga njengezinceku zikaJehova bayovuswa. Kodwa abanye abantu abayizigidi baye bafa bengazange babonise ukuthi bangazivumelanisa yini nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga noma cha. Kungenzeka babengazazi izimfuneko zikaJehova noma abasitholanga isikhathi esanele sokwenza izinguquko ezidingekayo. Nalaba basenkumbulweni kaNkulunkulu futhi ngenxa yalokho bayovuswa, ngoba iBhayibheli liyathembisa: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
19. (a) Yimuphi umbono wovuko owatholwa umphostoli uJohane? (b) Yini ‘ejikijelwa echibini lomlilo,’ futhi kusho ukuthini lokho?
19 Umphostoli uJohane wathola umbono ovusa amadlingozi wabavusiwe bemi phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Ewuchaza, waloba: “Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho, futhi bahlulelwa umuntu ngamunye ngokwezenzo zabo. Futhi ukufa neHayidese kwajikijelwa echibini lomlilo. Lokhu kusho ukufa kwesibili, ichibi lomlilo.” (IsAmbulo 20:12-14) Cabanga nje ukuthi kusho ukuthini lokho! Bonke abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayokhululwa eHayidese, noma eSheoli, ithuna elivamile lesintu. (IHubo 16:10; IzEnzo 2:31) Khona-ke “ukufa neHayidese” kuyojikijelwa kulokho okuthiwa ‘ichibi lomlilo,’ elifanekisela ukubhujiswa okuphelele. Ithuna elivamile lesintu ngeke lisaba khona.
Ithemba Eliyingqayizivele!
20. Izigidi ezifile njengamanje ziyovuselwa endaweni enjani?
20 Lapho izigidi zivuswa ngesikhathi sovuko, ngeke zibuyiselwe ekuphileni emhlabeni ongenalutho. (Isaya 45:18) Ziyovukela endaweni elungiswe kahle futhi ziyothola ukuthi zilungiselelwe izindawo zokuhlala, izingubo zokugqoka nensada yokudla. (IHubo 67:6; 72:16; Isaya 65:21, 22) Obani abayokwenza wonke lawa malungiselelo? Kusobala ukuthi kuyodingeka kube nabantu abaphila emhlabeni omusha ngaphambi kokuqala kovuko lwasemhlabeni. Kodwa bangobani?
21, 22. Yiliphi ithemba eliyingqayizivele elilindele labo abaphila ‘ezinsukwini zokugcina’?
21 Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina’ zalesi simiso sezinto.b (2 Thimothewu 3:1) Maduze nje, uJehova uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zabantu futhi asuse ububi emhlabeni. (IHubo 37:10, 11; IzAga 2:21, 22) Ngaleso sikhathi, kuyokwenzekani kulabo abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka?
22 UJehova ngeke abhubhise abalungileyo kanye nababi. (IHubo 145:20) Akakaze ayenze into enjalo, futhi ngeke ayenze nalapho esehlanza umhlaba esusa bonke ububi. (Qhathanisa noGenesise 18:22, 23, 26.) Eqinisweni, incwadi yokugcina yeBhayibheli ikhuluma ‘ngesixuku esikhulu okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi,’ siphuma “osizini olukhulu.” (IsAmbulo 7:9-14) Yebo, isixuku esikhulu siyosinda osizini olukhulu lapho kuyophela khona leli lizwe lamanje elonakele, bese singena emhlabeni omusha kaNkulunkulu. Kuwo, isintu esilalelayo singazuza ngokugcwele emalungiselelweni kaNkulunkulu amahle okukhulula isintu esonweni nasekufeni. (IsAmbulo 22:1, 2) Ngakho, “isixuku esikhulu” ngeke nanini kusadingeka sibhekane nokufa. Yeka ithemba eliyingqayizivele!
Ukuphila Okungenakho Ukufa
23, 24. Uma ufuna ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni yini okufanele uyenze?
23 Ingabe singabambelela kuleli themba elimangalisayo? Ngokuqinisekile! UJesu Kristu uqobo wabonisa ukuthi siyoba khona isikhathi lapho abantu beyophila bangafi nhlobo. Ngaphambi nje kokuvusa umngane wakhe uLazaru, uJesu watshela uMarta: “Wonke umuntu ophilayo futhi abonise ukholo kimi akasoze afa.”—Johane 11:26.
24 Uyafuna ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni? Uyafisa yini ukuphinde ubone abathandekayo bakho? Umphostoli uJohane uthi: “Izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Manje yisikhathi sokufunda ukuthi intando kaNkulunkulu iyini futhi uzimisele ukuphila ngokuvumelana nayo. Khona-ke wena, kanye nezigidi zabanye asebeyenza kakade intando kaNkulunkulu, ningaphila phakade ePharadesi emhlabeni.
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba igama elithi “uvuko” lingekho emiBhalweni YesiHeberu, ithemba lovuko livezwe ngokucacile kuJobe 14:13, kuDaniyeli 12:13 nakuHoseya 13:14.
b Bheka ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 98-107.
Uyakhumbula?
◻ Asho ukuthini amagama ezilimi zokuqala ahunyushwe ngokuthi “umphefumulo”?
◻ Kwenzekani ngomphefumulo ekufeni?
◻ NgokweBhayibheli, liyini ikhambi lokufa?
◻ Yiliphi ithemba eliyingqayizivele elilindele abathembekile namuhla?
[Ibhokisi ekhasini 15]
“Umphefumulo” Owukuphila Kwesidalwa
Ngezinye izikhathi igama elithi “umphefumulo” libhekisela ekuphileni komuntu noma kwesilwane. Lokhu akuyishintshi incazelo yeBhayibheli yokuthi umphefumulo ungumuntu noma isilwane. Ngokwesibonelo: Siye sithi umuntu uyaphila, sisho ukuthi ungumuntu ophilayo. Singase sithi futhi unokuphila. Ngendlela efanayo, umuntu ophilayo ungumphefumulo. Nokho, ngesikhathi esaphila, kungakhulunywa ‘ngomphefumulo’ njengokuthile anakho.
Ngokwesibonelo, uNkulunkulu watshela uMose: “Sebafa abantu bonke [“abebezingela umphefumulo wakho,” NW].” Ngokusobala, izitha zikaMose zazifuna ukumbulala. (Eksodusi 4:19; qhathanisa noJoshuwa 9:24; IzAga 12:10.) UJesu wasebenzisa leli gama ngendlela efanayo lapho ethi: ‘INdodana yomuntu yezela ukunikela umphefumulo wayo ube isihlengo esenana abaningi.’ (Mathewu 20:28; qhathanisa no-10:28.) Esimweni ngasinye kulezi, elithi “umphefumulo” lisho “ukuphila kwesidalwa.”
[Izithombe ekhasini 15]
Konke kuyimiphefumulo
[Umthombo]
Hummingbird: U.S. Fish and Wildlife Service, Washington, D.C./Dean Biggins
[Isithombe ekhasini 17]
UJesu wabonisa ukuthi ikhambi lokufa liwuvuko
[Isithombe ekhasini 18]
“Wonke umuntu ophilayo futhi abonise ukholo kimi akasoze afa.”—Johane 11:26