Indlela Ongazanelisa Ngayo Izidingo Zakho Ezingokomoya
“ESHUMINI leminyaka elidlule, izincwadi ezingaphezu kuka-300 ezikhuluma ngendima yengokomoya emsebenzini wokuziphilisa—kusuka kwethi Jesus CEO kuya kwethi The Tao of Leadership—ziye zanqwabelana ezitolo zezincwadi,” kusho i-U.S.News & World Report. Lokhu kuthambekela kumane nje kufakazela iqiniso lokuthi emazweni amaningi athuthukile ngokwezinto ezibonakalayo, kunesidingo esikhulayo sesiqondiso esingokomoya ekuphileni. Uphawula ngalokhu, umagazini wezamabhizinisi, i-Training & Development, uthi: “Esikhathini lapho ubuchwepheshe buzolawula khona zonke ezinye izici zokuphila kwethu, thina sisafuna injongo ekuphileni, nokwaneliseka okwengeziwe.”
Nokho, ungasitholaphi isiqondiso esingokomoya esanelisayo? Esikhathini esidlule, abantu babebheka enkolweni ehleliwe ukuze ibasize bathole “injongo” ekuphileni. Namuhla, abaningi baye bayifulathela inkolo ehleliwe. Ekuhlolweni kwezimenenja nezikhulu ezingu-90 ezisezingeni eliphezulu kwatholakala ukuthi “abantu bathi kunomahluko omkhulu phakathi kwenkolo nengokomoya,” kusho i-Training & Development. Labo abahlolwa baveza ukuthi babheka inkolo “njengengababekezeleli abanye nehlukanisayo,” kuyilapho ingokomoya belibheka “njengelihlanganisa wonke umuntu futhi lamukela wonke umuntu.”
Intsha eningi emazweni angayikhonzile inkolo, njengase-Australia, eNew Zealand, e-United Kingdom, naseYurophu, nayo ibona umahluko phakathi kwenkolo nengokomoya. Ebhala kumagazini othi Youth Studies Australia, uProfesa Ruth Webber, uyagomela: “Iningi lentsha liyakholelwa kuNkulunkulu, noma emandleni athile angaphezu kwawemvelo kodwa alibheki isonto njengelibalulekile noma eliwusizo ekuboniseni ingokomoya layo.”
Inkolo Yeqiniso Ikhuthaza Ingokomoya
Lo mbono wokungabaza inkolo uyaqondakala. Izinhlangano eziningi zenkolo zingene shí ebuqilini bezombusazwe nasekuziphatheni kobuzenzisi futhi zicwile egazini elingenacala elichitheka ezimpini zenkolo ezingenakubalwa. Nokho, njengoba belahla izinhlangano zenkolo ezingcoliswe ubuzenzisi nenkohliso, abanye baye benza iphutha lokulahla neBhayibheli, abacabanga ukuthi liyayivuna leyo mikhuba.
Eqinisweni, iBhayibheli liyabulahla ubuzenzisi nokwephula umthetho. UJesu wathi kubaholi benkolo bosuku lwakhe: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nifana namathuna acakiwe, ngaphandle abonakala emahle ngempela kodwa ngaphakathi agcwele amathambo abantu abafileyo nayo yonke inhlobo yokungcola. Ngaleyo ndlela nani, ngempela ngaphandle nibonakala nilungile kubantu, kodwa ngaphakathi nigcwele ubuzenzisi nokwephula umthetho.”—Mathewu 23:27, 28.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba angathathi hlangothi kuzo zonke izindaba zezombusazwe. Kunokunxusa amakholwa ukuba abulalane wodwa, liwayala ukuba azimisele ukufelana. (Johane 15:12, 13; 18:36; 1 Johane 3:10-12) Kunokuba ibe “engababekezeleli abanye nehlukanisayo,” inkolo yeqiniso, esekelwe eBhayibhelini, ‘yamukela wonke umuntu.’ Umphostoli uPetru wathi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
IBhayibheli—Isiqondiso Esinokwethenjelwa Sempilo Engokomoya
IBhayibheli lisitshela ukuthi abantu badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:26, 27) Nakuba lokhu kungasho ukuthi abantu banomzimba ofana nokaNkulunkulu, nokho bayakwazi ukubonisa izici zobuntu baKhe, kuhlanganise nekhono lokunaka izinto ezingokomoya, noma ukuba nengokomoya.
Uma kunjalo, kunengqondo ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu wayezosinika nezindlela zokwanelisa izidingo zethu ezingokomoya, kanye nesiqondiso esifanele esingahlukanisa ngaso phakathi kwalokho okungasizuzisa nalokho okungasilimaza ngokomoya. Njengoba nje uNkulunkulu adala imizimba yethu yaba nesimiso sokuzivikela esiklanywe ngokumangalisayo, esilwa nezifo futhi sisisize sihlale siyimiqemane, wasinika nonembeza ongasisiza sikwazi ukwenza izinqumo ezilungile futhi sigweme imikhuba elimazayo ngokwenyama nangokomoya. (Roma 2:14, 15) Njengoba sazi, ukuze isimiso semizimba yethu sokuzivikela sisebenze, kumelwe sondliwe ngokufanele. Ngokufanayo, ukuze unembeza wethu usebenze, kudingeka siwondle ngokudla okungokomoya okunempilo.
Eveza uhlobo lokudla oluyosigcina siyimiqemane ngokomoya, uJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Amazwi kaJehova alotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli, futhi “[a]nenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.” (2 Thimothewu 3:16) Ngakho-ke, kuxhomeke kithi ukwenza umzamo wokukudla lokho kudla okungokomoya. Izinga esilazi ngalo iBhayibheli nesizama ngalo ukusebenzisa izimiso zalo ekuphileni kwethu, liyizinga esiyozuza ngalo ngokomoya nangokwenyama.—Isaya 48:17, 18.
Ingabe Kuwufanele Umzamo?
Kuyavunywa, kuthatha isikhathi ukuthuthukisa impilo yethu engokomoya ngokutadisha iBhayibheli; futhi isikhathi sibonakala siba yindlala nakakhulu. Kodwa izinzuzo ziwufanele umzamo! Lalela abanye abanemisebenzi evelele bechaza ukuthi kungani ukuzinika isikhathi sokunakekela ingokomoya labo kubalulekile kubo.
UMarina, udokotela wezokwelapha, uthi: “Ngangingakaze ngicabange ngempela ngengokomoya lami kwaze kwaba yilapho ngiqala ukusebenza esibhedlela lapho ngaqala khona ukukuzwa ngokujulile ukuhlupheka kwabanye. Ngabe sengiqonda ukuthi kudingeka ngiqaphele isidingo sami esingokomoya futhi ngisanelise ukuze ngithole ukwaneliseka nokuthula kwangaphakathi, njengoba ukuphila nobunzima bokusebenza ngezinkathazo zabantu kungamkhungathekisa umuntu owenza lo msebenzi engiwenzayo.
“Manje ngifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lesi sifundo siyangisiza ngihlole izenzo nezisusa zami ngendlela eyakhayo futhi siqeqesha nokucabanga kwami ukuba kugxile ezintweni ezinhle, ukuze ngilondoloze umbono ofanele ngokuphila. Ngiyakuthola ukwaneliseka okukhulu emsebenzini wami wokuziphilisa. Kodwa yisifundo seBhayibheli esiye sathuthukisa impilo yami engokomzwelo, sangisiza ukulawula imizwa engafanele, ukunciphisa ukucindezeleka, nokuba ngibabekezelele futhi ngibahawukele kakhudlwana abantu. Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kuzuzise nomshado wami. Okubaluleke kakhulu, ngiye ngazi uJehova futhi ngazizwela, ngesilinganiso esincane, ukugeleza ngokukhululekile komoya wakhe, okuye kwenza ukuphila kwami kwaba nenjongo enkulu.”
UNicholas, umklami wezakhiwo, uthi: “Ngaphambi kokufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngangingenasithakazelo ezintweni ezingokomoya. Injongo yami eyinhloko ekuphileni yayiwukuphumelela emsebenzini engangiwukhethile. Isifundo seBhayibheli singifundise ukuthi kunokwengeziwe ekuphileni nokuthi ukwenza intando kaJehova kuletha injabulo yangempela nehlala njalo.
“Umsebenzi wami uyanginika ukwaneliseka okuthile, kodwa yiBhayibheli elingifundise ukubaluleka kokugcina ukuphila kulula ngokugxila ezintweni ezingokomoya. Ngokwenza kanjalo, mina nomkami siye sagwema ukucindezeleka okukhulu okubangelwa indlela yokuphila egxile ezintweni ezibonakalayo. Futhi siye senza abangane bangempela abaningi ngokuhlangana kwethu nalabo abanombono ofanayo ngengokomoya ekuphileni.”
UVincent, ummeli, uthi: “Umsebenzi okahle ungakulethela ukwaneliseka okusesilinganisweni esithile. Nokho, ngiye ngathola ukuthi kudingeka okwengeziwe ukuze uthole injabulo nokwaneliseka. Ngaphambi kokwazi lokho iBhayibheli elikufundisayo ngale ndaba, ngikhumbula ngithuswa ukungabi nanjongo kokuphila—uyazalwa, ukhule, ushade, usebenze ukuze ukhulise abantabakho futhi unakekele izidingo zabo ezingokwenyama, ubaqeqeshele ukulandela umjikelezo wokuphila ofana ncamashí, kuthi ekugcineni uguge futhi ufe.
“Kwaze kwaba ngemva kokufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova lapho ngathola khona izimpendulo ezanelisayo zemibuzo yami mayelana nenjongo yokuphila. Isifundo seBhayibheli siye sangenza ngazi uJehova njengomuntu futhi ngahlakulela uthando olujulile ngaye. Lokhu kunginika isisekelo sokugcina umbono ongokomoya onempilo njengoba ngizama kanzima ukuphila ngokuvumelana nalokho engikwazi kuyinjongo yakhe. Manje, mina nomkami sinokwaneliseka kokwazi ukuthi sisebenzisa ukuphila kwethu ngendlela enenjongo kakhulu esingakwenza ngayo.”
Nawe ungawuthola umuzwa wokuba nenjongo ekuphileni ngokutadisha iBhayibheli. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza. NjengoMarina, uNicholas, noVincent, nawe ungakuthola ukwaneliseka okuvela ekufundeni ngoJehova nangezinjongo zakhe ngesintu sisonke nangawe wedwa. Ngeke nje uthole injabulo yokwanelisa izidingo zakho ezingokomoya manje kodwa uyothola nethemba lokujabulela ukuphila okungapheli, unempilo engokomzimba ephelele—ithemba elivulekele kuphela labo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
Enye indlela esingalakha ngayo ingokomoya lethu iwukuthandaza. UJesu wazinika isikhathi sokufundisa abafundi bakhe indlela yokuthandaza, ebanika lokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi. Usho ukuthini lowo mthandazo kuwe namuhla? Ungazuza kanjani kuwo? Izimpendulo uzozithola ezihlokweni ezimbili ezilandelayo.
[Izithombe ekhasini 6]
UMarina
[Izithombe ekhasini 7]
UNicholas
[Izithombe ekhasini 7]
UVincent