UJehova Unakekela Izidingo Zethu Zansuku Zonke
“Yekani ukuhlala nikhathazekile; ngoba . . . uYihlo uyazi ukuthi niyazidinga lezi zinto.”—LUKA 12:29, 30.
1. UJehova uyondla kanjani indalo eyizilwane?
WAKE wawubukela yini undlunkulu noma enye inyoni iqhwandaqhwanda endaweni engathi yinhlabathi engenalutho? Cishe wadinga nje ukuthi izotholani oludlekayo ngokuqhwanda phansi. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wabonisa ukuthi singathola isifundo endleleni uJehova ondla ngayo izinyoni. Wathi: “Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?” (Mathewu 6:26) Ngezindlela ezimangalisayo, uJehova wondla zonke izidalwa zakhe.—IHubo 104:14, 21; 147:9.
2, 3. Iziphi izifundo ezingokomoya esingazithola ekusifundiseni kukaJesu ukuthandazela isinkwa sethu sansuku zonke?
2 Pho, kungani uJesu afaka lesi sicelo emthandazweni wakhe oyisibonelo: “Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku”? (Mathewu 6:11) Kunezifundo ezingokomoya ezijulile ezingatholakala kulesi sicelo esilula. Okokuqala, sisikhumbuza ukuthi uJehova unguMondli Omkhulu. (IHubo 145:15, 16) Abantu bangatshala bahlakule, kodwa nguNkulunkulu kuphela ongakhulisa izinto, ngokomoya nangokwenyama. (1 Korinte 3:7) Esikudlayo nesikuphuzayo kuyisipho esivela kuNkulunkulu. (IzEnzo 14:17) Ukumcela ukuba asiphe lokho esikudingayo usuku ngalunye kumbonisa ukuthi asiwathathi kalula lawo malungiselelo. Yebo, isicelo esinjalo asisho ukuthi akudingeki sisebenze uma sikwazi ukusebenza.—Efesu 4:28; 2 Thesalonika 3:10.
3 Okwesibili, ukucela kwethu ‘isinkwa salolu suku’ kubonisa ukuthi akufanele sikhathazeke ngokweqile ngekusasa. UJesu waqhubeka wathi: “Ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto. Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa. Ngakho, ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.” (Mathewu 6:31-34) Ukuthandazela ‘isinkwa salolu suku’ kunikeza isiqondiso sokuphila ukuphila okulula ‘kokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa.’—1 Thimothewu 6:6-8.
Ukudla Okungokomoya Usuku Ngalunye
4. Iziphi izenzakalo ekuphileni kukaJesu nokwama-Israyeli ezigcizelela ukubaluleka kokudla ukudla okungokomoya?
4 Ukuthandazela kwethu isinkwa sansuku zonke kufanele futhi kusikhumbuze ukuthi sidinga ukudla okungokomoya nsuku zonke. Nakuba ayelambe kakhulu ngemva kokuzila ukudla isikhathi eside, uJesu wasenqaba isilingo sikaSathane sokuba aphendule amatshe abe izinkwa, ethi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’” (Mathewu 4:4) UJesu lapha wacaphuna umprofethi uMose, owatshela ama-Israyeli: “[UJehova] wakuthobisa wakuyeka walamba futhi wakondla ngemana, owawungalazi wena noyihlo ababengalazi; ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa kodwa umuntu uphila nangawo wonke amazwi omlomo kaJehova.” (Duteronomi 8:3) Indlela uJehova ayeliletha ngayo imana yayingawaniki ama-Israyeli ukudla okungokwenyama nje kuphela kodwa nezifundo ezingokomoya. Kwakudingeka “abuthe yilowo nalowo isilinganiso sakhe sosuku nosuku.” Uma ayebutha ngaphezu kokwanele usuku, imana elisele laliqala ukunuka lizalele izibungu. (Eksodusi 16:4, 20) Kodwa lokhu kwakungenzeki ngosuku lwesithupha lapho kwakudingeka abuthe isilinganiso esiphindwe kabili kwesosuku, ebuthela iSabatha. (Eksodusi 16:5, 23, 24) Ngakho imana lagcizelela ezingqondweni zawo ukuthi kudingeka alalele nokuthi ukuphila kwawo akuxhomekile esinkweni nje kodwa kuxhomeke ‘kuwo wonke amazwi omlomo kaJehova.’
5. UJehova usilungiselela kanjani ukudla okungokomoya kwansuku zonke?
5 Nathi ngokufanayo kudingeka sizondle nsuku zonke ngokudla okungokomoya okulungiselelwa uJehova ngeNdodana yakhe. Ukuze kwenzeke lokho, uJesu ubeke “inceku ethembekileyo neqondayo” ukuba iphe abendlu yokholo ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:45) Leso sigaba senceku ethembekileyo asigcini ngokulungiselela inala yokudla okungokomoya okuyizinsiza-kufunda zeBhayibheli kodwa futhi sisikhuthaza ukuba sifunde iBhayibheli nsuku zonke. (Joshuwa 1:8; IHubo 1:1-3) NjengoJesu, nathi singathola ukondleka ngokomoya ngokwenza umzamo nsuku zonke wokufunda ngentando kaJehova futhi siyenze.—Johane 4:34.
Ukuthethelelwa Kwezono
6. Amacala ethu afaniswa nani, futhi uJehova uzimisele ukuwasula ngamiphi imibandela?
6 Isicelo esilandelayo emthandazweni oyisibonelo sithi: “Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.” (Mathewu 6:12; Luka 11:4) Lapho sona, kuba njengokungathi sizidalela isikweletu kuJehova. Kodwa uNkulunkulu wethu onothando ukulungele ‘ukusisula’ leso sikweletu uma siphenduka ngobuqotho, ‘siguquke,’ simcele ukuba asithethelele ngesisekelo sokholo emhlatshelweni wesihlengo kaKristu.—IzEnzo 3:19; 10:43; 1 Thimothewu 2:5, 6.
7. Kungani kufanele sithandazele ukuthethelelwa nsuku zonke?
7 Uma sikubheka ngomunye umbono, siyona lapho sigeja uphawu lwezindinganiso zikaJehova zokulunga. Ngenxa yesono esisizuze njengefa, sonke siyona ngamazwi, ngezenzo nangemicabango, noma asikwenzi lokho okufanele sikwenze. (UmShumayeli 7:20; Roma 3:23; Jakobe 3:2; 4:17) Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi siyazi noma asazi ukuthi sonile ngalolo suku, emithandazweni yethu yansuku zonke kudingeka sifake nesicelo sokuthethelelwa izono zethu.—IHubo 19:12; 40:12.
8. Ukuthandazela ukuthethelelwa kufanele kusenze senzeni, okuyoba namuphi umphumela ozuzisayo?
8 Ukuthandazela ukuthethelelwa kufanele kuze ngemva kokuzihlola okuqotho, ukuphenduka, nokuvuma isono, ngokusekelwe ekubeni nokholo emandleni ahlengayo egazi likaKristu elachitheka. (1 Johane 1:7-9) Ukuze sibonise ubuqotho bomthandazo wethu, isicelo sethu sokuthethelelwa kumelwe sisisekele ‘ngemisebenzi efanele ukuphenduka.’ (IzEnzo 26:20) Khona-ke, singaba nokholo lokuthi uJehova ukulungele ukuthethelela izono zethu. (IHubo 86:5; 103:8-14) Umphumela uwukuthula kwengqondo okungenakuqhathaniswa, “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga,” okuyobe ‘sekulinda izinhliziyo zethu namandla ethu engqondo ngoKristu Jesu.’ (Filipi 4:7) Kodwa umthandazo kaJesu oyisibonelo usifundisa okwengeziwe mayelana nalokho okumelwe sikwenze ukuze sithethelelwe izono zethu.
Ukuze Sithethelelwe, Kumelwe Sithethelele
9, 10. (a) Imaphi amazwi uJesu awanezela emthandazweni oyisibonelo, futhi lokhu kwagcizelelani? (b) UJesu waqhubeka wasifanekisa kanjani isidingo sokuba sithethelele?
9 Ngokuthakazelisayo, isicelo sokuba ‘sithethelelwe amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi,’ siwukuphela kwengxenye yomthandazo oyisibonelo uJesu ayichaza. Ngemva kokuphetha lo mthandazo, wanezela: “Ngoba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; kanti uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele iziphambeko zenu.” (Mathewu 6:14, 15) Kanjalo, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi ukuthethelelwa kwethu nguJehova kuxhomeke ekuzimiseleni kwethu ukuthethelela abanye.—Marku 11:25.
10 Ngesinye isikhathi, uJesu walandisa umfanekiso obonisa isidingo sokuba sithethelele uma silindele ukuba uJehova asithethelele. Waxoxa ngenkosi eyasula ngomusa isikweletu esikhulu senceku ethile. Kamuva le nkosi yayijezisa kanzima leyo nceku lapho yenqaba ukusula isikweletu esincane kakhulu senye inceku. UJesu waphetha umfanekiso wakhe ngokuthi: “UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka enhliziyweni.” (Mathewu 18:23-35) Isifundo sicacile: Isikweletu esiyisono uJehova asithethelele ngamunye wethu sikhulu kakhulu kunanoma isiphi isiphambeko umuntu angase asenze kithi. Ngaphezu kwalokho, uJehova usithethelela nsuku zonke. Ngakho, kufanele sikwazi ukuthethelela izono eziqabukelayo abanye abazenza kithi.
11. Isiphi iseluleko esanikezwa umphostoli uPawulu esiyosilalela uma silindele ukuba uJehova asithethelele, futhi kube namiphi imiphumela emihle?
11 Umphostoli uPawulu wabhala: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efesu 4:32) Ukuthethelelana kwakha ukuthula phakathi kwamaKristu. UPawulu waqhubeka wanxusa: “Njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandwayo, gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:12-14) Konke lokhu kumumethwe umthandazo uJesu asifundisa wona: “Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.”
Ukuvikelwa Lapho Silingwa
12, 13. (a) Yini okungenakwenzeka ishiwo isicelo esandulela esokugcina emthandazweni oyisibonelo? (b) Ubani uMlingi omkhulu, futhi kusho ukuthini ukuthandazela kwethu ukuba singangeniswa esilingweni?
12 Isicelo esandulela esokugcina emthandazweni kaJesu oyisibonelo sithi: “Ungasingenisi esilingweni.” (Mathewu 6:13) Ingabe uJesu wayesho ukuthi kufanele sicele uJehova ukuba angasilingi? Akunakuba njalo, ngoba umfundi uJakobe waphefumulelwa ukuba abhale: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ngaphezu kwalokho, umhubi wabhala: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?” (IHubo 130:3) UJehova akabheki wonke amaphutha ethu, futhi akalokothi azame ukusikhuba. Isho ukuthini-ke le ngxenye yomthandazo oyisibonelo?
13 Umuntu ozama ukusikhuba, ukusiwisa ngamaqhinga nokusishwabadela imbala, uSathane uDeveli. (Efesu 6:11) Nguye onguMlingi omkhulu. (1 Thesalonika 3:5) Ngokuthandazela ukuba singangeniswa esilingweni, sicela uJehova ukuba angavumi siwe lapho silingwa. Simcela ukuba asisize “singaphanjwa uSathane,” singanqotshwa izilingo. (2 Korinte 2:11) Sithandazela ukuhlala ‘sisendaweni esithekile yoPhezukonke,’ sithola isivikelo esingokomoya esinikwa labo abaqaphela ubukhosi bukaJehova kukho konke abakwenzayo.—IHubo 91:1-3.
14. Umphostoli uPawulu usiqinisekisa kanjani ukuthi uJehova ngeke asishiye uma sibheka kuYe lapho silingwa?
14 Singaqiniseka ukuthi uma lokho kuyisifiso sethu esiqotho, esisiveza emithandazweni nasezenzweni zethu, uJehova akasoze asishiya. Umphostoli uPawulu uyasiqinisekisa: “Asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. Kodwa uNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13.
“Usikhulule Komubi”
15. Kungani kubaluleke kakhulu kunanini ukuthandazela ukukhululwa komubi?
15 Ngokwemibhalo yesandla enokwethenjelwa kakhulu yemiBhalo YamaKristu YesiGreki, umthandazo kaJesu oyisibonelo uphetha ngala mazwi: “Usikhulule komubi.”a (Mathewu 6:13) Ukuvikelwa kuDeveli kubaluleke nakakhulu kulesi sikhathi sokuphela. USathane namademoni akhe balwa nensali yabagcotshiwe, ‘egcina imiyalo kaNkulunkulu futhi enomsebenzi wokufakaza ngoJesu,’ futhi balwa nanabangane bensali ‘abayisixuku esikhulu.’ (IsAmbulo 7:9; 12:9, 17) Umphostoli uPetru wayala amaKristu: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela. Kodwa melanani naye, niqinile okholweni.” (1 Petru 5:8, 9) USathane angathanda ukuwumisa umsebenzi wethu wokushumayela, futhi esebenzisa amanxusa akhe emhlabeni—okungaba awenkolo, awezentengiselwano, noma awezombusazwe—uzama ukusesabisa. Kodwa uma sima siqine, uJehova uyosikhulula. Umfundi uJakobe wabhala: “Ngakho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—Jakobe 4:7.
16. Yini uJehova angayisebenzisa noma nini ukuze asize izinceku zakhe ezilingwayo?
16 UJehova wavuma ukuba iNdodana yakhe ilingwe. Kodwa ngemva kokuba uJesu emelene noDeveli, esebenzisa iZwi likaNkulunkulu njengesivikelo, uJehova wathumela izingelosi ukuba ziyomqinisa. (Mathewu 4:1-11) Ngokufanayo, uJehova usebenzisa izingelosi zakhe ukuze asisize uma sithandaza ngokholo futhi simenza isiphephelo sethu. (IHubo 34:7; 91:9-11) Umphostoli uPetru wabhala: “UJehova uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, kodwa agcinele abantu abangalungile usuku lokwahlulelwa ukuze banqunywe.”—2 Petru 2:9.
Ukukhululwa Ngokugcwele Kuseduze
17. Ngokusinika umthandazo oyisibonelo, uJesu wazilandelanisa kanjani izinto ngokubaluleka kwazo?
17 Emthandazweni oyisibonelo, uJesu ulandelanisa izinto ngokubaluleka kwazo. Into esiyikhathalela kakhulu kufanele kube ukungcweliswa kwegama likaJehova elikhulu nelingcwele. Njengoba ithuluzi lakhe lokufeza lokhu kunguMbuso KaMesiya, sithandazela ukuba lo Mbuso uze uzobhubhisa yonke imibuso, noma ohulumeni, abangaphelele babantu, futhi uqiniseke ukuthi kwenzeka intando kaNkulunkulu ngokugcwele emhlabeni njengasezulwini. Ithemba lethu lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi lixhomeke ekungcwelisweni kwegama likaJehova nasekuqashelweni kobukhosi bakhe obulungile emhlabeni nasezulwini. Ngemva kokuthandazela lezi zinto ezibaluleke kakhulu, singathandazela izidingo zethu zansuku zonke, ukuthethelelwa kwezono zethu, nokukhululwa ezilingweni nasemaqhingeni omubi, uSathane uDeveli.
18, 19. Umthandazo kaJesu oyisibonelo usisiza kanjani ukuba sihlale siphapheme futhi senze ithemba lethu ‘lingaxegi kuze kube sekupheleni’?
18 Ukukhululwa kwethu ngokuphelele komubi nasesimisweni sakhe sezinto esonakele kuyasondela. USathane wazi kahle ukuthi “unesikhathi esifushane” sokuba abhodlele emhlabeni, ikakhulu ezincekwini ezithembekile zikaJehova, njengoba “ethukuthele kakhulu.” (IsAmbulo 12:12, 17) Esibonakalisweni esiyinhlanganisela “sesiphelo sesimiso sezinto,” uJesu wabikezela izenzakalo ezivusa amadlingozi, ezinye zazo eziseza. (Mathewu 24:3, 29-31) Njengoba sizibona zenzeka, ithemba lethu lokukhululwa lizokhanya nakakhulu. UJesu wathi: “Njengoba lezi zinto ziqala ukwenzeka, yimani niqonde futhi niphakamise amakhanda enu, ngoba ukukhululwa kwenu kuyasondela.”—Luka 21:25-28.
19 Umthandazo oyisibonelo ongande ngamazwi uJesu awunika abafundi bakhe usinika isiqondiso esinokwethenjelwa mayelana nalokho okufanele sikufake emithandazweni yethu njengoba ukuphela kusondela. Kwangathi singahlala siqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka kuze kube sekugcineni enakekela izidingo zethu usuku ngalunye, kokubili ezingokomoya nezingokwenyama. Ukuphaphamela kwethu umthandazo kuyosenza sikwazi ‘ukuqinisa ukubambelela kwethu ekuqinisekeni esasinakho ekuqaleni sikwenza kungaxegi kuze kube sekupheleni.’—Hebheru 3:14; 1 Petru 4:7.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amaBhayibheli amadala, njenge-King James Version, aphetha uMthandazo WeNkosi ngalokho okubizwa ngokuthi i-doxology (ihubo lokudumisa uNkulunkulu), ethi: “Ngokuba ungowakho umbuso, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.” I-Jerome Biblical Commentary ithi: “I-doxology . . . ayitholakali [emibhalweni yesandla] enokwethenjelwa kakhulu.”
Ukubukeza
• Kusikiselani ukucela kwethu ‘isinkwa salolu suku’?
• Chaza isicelo esithi “usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.”
• Kusho ukuthini ukucela kwethu uJehova ukuba angasingenisi esilingweni?
• Kungani kudingeka sithandazele ‘ukukhululwa komubi’?
[Izithombe ekhasini 15]
Kumelwe sithethelele abanye uma sifuna ukuthethelelwa
[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]
Lydekker