MaKristu—Ziqhenyeni Ngalokho Eniyikho!
“Oziqhayisayo, makaziqhayise ngoJehova.”—1 KORINTE 1:31.
1. Yisiphi isimo sengqondo esibonakala kubantu ngenkolo?
“UKUNGABI nandaba nenkolo.” Muva nje umhlaziyi wezindaba zenkolo usichaze ngalawo mazwi isimo sabantu abaningi mayelana nenkolo yabo. Uchaze kanje: “Into enkulu eyenzeka ezinkolweni zanamuhla empeleni ayikona neze ukukholwa—yisimo sengqondo ongasichaza kahle ngokuthi ‘ukungabi nandaba nenkolo.’” Uthe abantu abaningi “bayakholelwa kuNkulunkulu . . . ; ukuthi nje bamshaya indiva.”
2. (a) Kungani kungamangazi ukuthi abantu abasenandaba nenkolo? (b) Ukungabi nandaba kunayiphi ingozi kumaKristu eqiniso?
2 Lokhu kungabi nandaba akubamangazi abafundi beBhayibheli. (Luka 18:8) Kulindelekile ukuba abantu baphelelwe uthando ngenkolo iyonke. Sekuyisikhathi eside inkolo yamanga idukisa futhi idumaza isintu. (IsAmbulo 17:15, 16) Nokho, kumaKristu eqiniso, umoya owandile wokungabi namdlandla nantshiseko uyingozi. Asikwazi ukuzithela ngabandayo ngokuqondene nokholo lwethu, siphelelwe intshiseko yokukhonza uNkulunkulu futhi singabe sisalishisekela iqiniso leBhayibheli. UJesu waxwayisa ngalokho kuba sivivi lapho eluleka amaKristu ekhulu lokuqala ayehlala eLawodikeya: “Awubandi futhi awushisi. Ngifisa sengathi ngabe uyabanda noma uyashisa. . . . Usivivi.”—IsAmbulo 3:15-18.
Ukuzibona Ukuthi Singobani
3. Iziphi izici zobuKristu amaKristu angaziqhenya ngazo?
3 Ukuze alwe nokungabi nandaba nezinto ezingokomoya, amaKristu kudingeka kuwacacele kahle ukuthi angobani, futhi kumelwe aziqhenye ngokusesilinganisweni ngalokho ayikho. Njengezinceku zikaJehova nabafundi bakaKristu, eBhayibhelini sithola amagama asichazayo ukuthi singobani. Njengoba sixoxa nabanye ‘ngezindaba ezinhle’ ngenkuthalo, ‘singofakazi’ bakaJehova, “izisebenzi ezikanye noNkulunkulu.” (Isaya 43:10; 1 Korinte 3:9; Mathewu 24:14) Singabantu ‘abathandanayo.’ (Johane 13:34) AmaKristu eqiniso angabantu “okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Hebheru 5:14) ‘Siyizinkanyiso ezweni.’ (Filipi 2:15) Silwela ‘ukugcina ukuziphatha kwethu kukuhle phakathi kwezizwe.’—1 Petru 2:12; 2 Petru 3:11, 14.
4. Umkhulekeli kaJehova angakubona kanjani lokho angekhona?
4 Abakhulekeli bakaJehova beqiniso bayakwazi nalokho abangekhona. “Abayona ingxenye yezwe,” njengoba noMholi wabo, uJesu Kristu, ayengeyona. (Johane 17:16) Bazigcina behlukile ‘ezizweni ezisebumnyameni ngengqondo, futhi ezihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu.’ (Efesu 4:17, 18) Ngenxa yalokho, abalandeli bakaJesu ‘bayakulahla ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe, baphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto.’—Thithu 2:12.
5. Sisikiselani isikhuthazo sokuba ‘siziqhayise ngoJehova’?
5 Ukubona ngokucacile ukuthi singobani nokuthi sinobuhlobo noMbusi Ophakeme wendawo yonke kusenza ‘siziqhayise ngoJehova.’ (1 Korinte 1:31) Luhlobo luni lokuziqhayisa lolu? NjengamaKristu eqiniso, siyaziqhenya ngokuthi uNkulunkulu wethu nguJehova. Silalela lesi sikhuthazo: “Ozigabisayo makazigabise ngenxa yale nto kanye, ukuba nokuqondisisa nokuba nolwazi ngami, ukuthi nginguJehova, Lowo obonisa umusa wothando, ubulungisa, nokulunga emhlabeni.” (Jeremiya 9:24) ‘Siyaziqhayisa’ ngelungelo lokwazi uNkulunkulu nokusetshenziswa nguye ekusizeni abanye.
Inselele
6. Kungani kunzima kwabanye ukuhlala bezibona ngokucacile ukuthi bangamaKristu?
6 Siyavuma ukuthi akulula ngaso sonke isikhathi ukuhlala sizibona ngokucacile ukuthi singamaKristu. Insizwa eyakhuliswa njengomKristu ikhumbula ukuthi yake yaba buthaka ngokomoya isikhathi esithile: “Ngezinye izikhathi, ngangingazi ukuthi kungani ngingomunye woFakazi BakaJehova. Ngangifundiswe iqiniso kusukela ngisewusana. Ngangibuye ngibone sengathi lena enye nje yezinkolo ezinkulu, ezivamile.” Abanye kungenzeka bavumelé ukuba umbono wabo ngalokho abayikho uthonywe ezokuzijabulisa, abemithombo yezindaba, nombono wokuphila okhona manje ongavumelani nezimiso zikaNkulunkulu. (Efesu 2:2, 3) Kwamanye amaKristu kungase kufike izinkathi zokuzingabaza nokuhlaziya izindinganiso nemigomo yawo.
7. (a) Ikuphi ukuzihlola okufanelekayo ezincekwini zikaNkulunkulu? (b) Yini eyingozi?
7 Ingabe ukuzihlola okusesilinganisweni kubi? Cha. Mhlawumbe uyakhumbula ukuthi umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba alokhu ezihlola: “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Lapha, umphostoli wayekhuthaza umzamo omuhle wokubona noma ibuphi ubuthakathaka obungokomoya okungenzeka buyaqala, ngenhloso yokuthatha izinyathelo ezifanele zokubulungisa. Lapho ehlola ukuthi usokholweni yini, umKristu kumelwe ahlole ukuthi amazwi nezenzo zakhe kuyavumelana yini nalokho athi uyakukholelwa. Nokho, uma kwenziwa ngomgomo ongafanele, ukuzihlola okusenza sifune ukuthi singobani, noma sifune izimpendulo, ngomqondo ongahlobene nobuhlobo bethu noJehova noma nebandla lobuKristu, lokho kuzihlola kuyoba yize futhi kungasibulala ngokomoya.a Asifuni neze ‘ukuphukelwa umkhumbi wokholo lwethu’!—1 Thimothewu 1:19.
Asigomekile Ezinseleleni
8, 9. (a) UMose wathini lapho eveza imizwa yakhe yokuzingabaza? (b) UJehova wathini lapho uMose ezingabaza? (c) Izindlela uJehova asiqinisekisa ngazo zikwenza uzizwe kanjani wena?
8 Ingabe amaKristu afikelwa ukuzingabaza kufanele azibone eyizehluleki? Lutho neze! Empeleni, kungawaduduza ukwazi ukuthi imizwa enjalo ayiqali ukuba khona. Nasezikhathini ezidlule ofakazi abathembekile bakaNkulunkulu babhekana nayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngoMose, owabonisa ukholo olungavamile, ubuqotho, nokuzinikela. Lapho enikwa isabelo esasibonakala singaphezu kwamandla akhe, uMose wabuza ngokuzeya: “Ngingubani mina?” (Eksodusi 3:11) Kusobala ukuthi ngaphakathi wayethi, ‘Angiyilutho!’ noma ‘Anginalo ikhono lokufeza lo msebenzi!’ Kuningana okwakungenza uMose azizwe engafaneleki: Wayengowesizwe sezigqila. Amanye ama-Israyeli ayengamfuni. Wayengelona iqaphuqaphu. (Eksodusi 1:13, 14; 2:11-14; 4:10) Wayengumalusi, umsebenzi owawunengeka kwabaseGibhithe. (Genesise 46:34) Shono ayezizwa engafaneleki ukuba umkhululi wabantu bakaNkulunkulu abagqilaziwe!
9 UJehova wamqinisekisa uMose ngokumnika izithembiso ezimbili ezinamandla: “Ngizoba nawe, futhi yilesi isibonakaliso kuwe sokuthi yimi engikuthumile: Ngemva kokuba usubakhiphile abantu eGibhithe, niyokhonza uNkulunkulu weqiniso kule ntaba.” (Eksodusi 3:12) UNkulunkulu wayetshela inceku yakhe engazethembi ukuthi uzohlala enayo. Ngaphezu kwalokho, uJehova wayeveza ukuthi nakanjani uzobakhulula abantu bakhe. Kuwo wonke amakhulu eminyaka, uNkulunkulu uye wanikeza izithembiso ezifanayo zokusiza izinceku zakhe. Ngokwesibonelo, lapho isizwe sakwa-Israyeli sesizongena eZweni Lesithembiso, wasebenzisa uMose wathi kuso: “Yibani nesibindi niqine. . . . UJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nawe. Ngeke akulahle noma akushiye ngokuphelele.” (Duteronomi 31:6) UJehova waqinisekisa noJoshuwa: “Akekho oyokuma aqine phambi kwakho zonke izinsuku zokuphila kwakho. Ngizoba nawe . . . Ngeke ngikulahle noma ngikushiye ngokuphelele.” (Joshuwa 1:5) NamaKristu uyawathembisa: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” (Hebheru 13:5) Ukusekelwa umuntu onamandla kangaka kufanele kusenze siziqhenye ngokuba amaKristu!
10, 11. UmLevi u-Asafa wasizwa kanjani ukuba akubone ngombono ofanele ukubaluleka kokukhonza kwakhe uJehova?
10 Eminyakeni engaba ngu-500 ngemva kokufa kukaMose, umLevi othembekile okuthiwa u-Asafa wabhala ngobuqotho ngokungabaza kwakhe ukuthi ukuphishekela inkambo yobuqotho kuyasiza. Kwathi lapho u-Asafa ezama kanzima ukukhonza uNkulunkulu naphezu kwezinhlupheko nezilingo, wabona abanye ababemhleka usulu uNkulunkulu bedlondlobala futhi bechuma. Wathinteka kanjani u-Asafa? Wavuma: “Mina, kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke, kusale kancane ukuba izinyathelo zami zishelele. Ngoba ngaba nomona ngabaziqhayisayo, lapho ngibona ukuthula kwabantu ababi.” Waqala ukungabaza ukuthi ukuba umkhulekeli kaJehova kuyazuzisa. Wacabanga: “Impela inhliziyo yami ngiyihlanzé ngeze nezandla zami ngizigezelé ize ngobumsulwa. Ngahlushwa usuku lonke.”—IHubo 73:2, 3, 13, 14.
11 U-Asafa wabhekana kanjani nale mizwelo ephazamisayo? Ingabe wayiziba? Cha. Wayiveza kuNkulunkulu ngomthandazo, njengoba sibona kumaHubo 73. Ukuya kuka-Asafa endaweni engcwele yethempeli kwasishintsha isimo sakhe. Ngenkathi elapho, wabona ukuthi akukho okudlula ukuzinikela kuNkulunkulu. Sekuvuselelekile ukwazisa kwakhe izinto ezingokomoya, waqonda ukuthi uJehova uyabuzonda ububi nokuthi ngesikhathi esifanele ababi bayojeziswa. (IHubo 73:17-19) Kanjalo, u-Asafa waphinde wazibona ngokucacile ukuthi uyinceku kaJehova enelungelo eliphakeme. Wathi kuNkulunkulu: “Nginawe njalo; usibambile isandla sami sokunene. Uyongihola ngeseluleko sakho, kamuva uyongithatha ungiyise ngisho nasenkazimulweni.” (IHubo 73:23, 24) U-Asafa wagcina eseziqhenya ngoNkulunkulu wakhe futhi.—IHubo 34:2.
Kwakubacacela Kahle Ukuthi Bangobani
12, 13. Nikeza izibonelo zabantu abaseBhayibhelini ababeziqhenya ngobuhlobo babo noNkulunkulu.
12 Enye indlela esingawuqinisa ngayo umuzwa wethu wokuthi singamaKristu ukuhlola nokulingisa ukholo lwabakhulekeli abaqotho, ababeziqhenya ngempela ngobuhlobo babo noNkulunkulu naphezu kosizi. Cabanga ngoJosefa, indodana kaJakobe. Esemncane, wakhelwa uzungu wathengiswa njengesigqila wayiswa eGibhithe, kude noyise owesaba uNkulunkulu, kude nakubo, ekhaya elifudumele nelinokusekelana. Lapho eseGibhithe, uJosefa wayengenamuntu ayengaya kuye ukuze athole iseluleko esivumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu, futhi kwadingeka abhekane nezinselele ezavivinya ukuziphatha nokuthembela kwakhe kuNkulunkulu. Nokho, kusobala ukuthi wazama kakhulu ukungazikhohlwa ukuthi uyinceku kaNkulunkulu, waqhubeka enamathele kulokho ayekwazi ukuthi kulungile. Wayeziqhenya ngokuba umkhulekeli kaJehova ngisho nasendaweni engamphethe kahle, futhi wayengesabi ukuveza ukuthi uzizwa kanjani.—Genesise 39:7-10.
13 Eminyakeni engaba ngu-800 kamuva, intombazanyana ethunjiwe yakwa-Israyeli eyayiyinceku kajenene waseSiriya, uNahamani, ayizikhohlwanga ukuthi ingumkhulekeli kaJehova. Lapho kuvela ithuba, yafakaza kahle nangesibindi ngoJehova, yaveza ukuthi u-Elisha ungumprofethi kaNkulunkulu weqiniso. (2 AmaKhosi 5:1-19) Ngemva kweminyaka, uJosiya inkosi esencane waqala ukuvuselela ukukhulekelwa kukaJehova okwakuzoqhubeka isikhathi eside, walungisa ithempeli likaNkulunkulu, futhi wabuyisela isizwe kuJehova, naphezu kokuba ayesendaweni egcwele ukukhohlakala. Wayeziqhenya ngokholo lwakhe nangokukhulekela kwakhe uJehova. (2 IziKronike, izahluko 34, 35) Lapho beseBhabhiloni, uDaniyeli nabangane bakhe abathathu abangamaHebheru abazange nanini bazikhohlwe ukuthi bayizinceku zikaJehova. Ngisho nalapho becindezelwa belingwa, bagcina ubuqotho babo. Kusobala ukuthi babeziqhenya ngokuba izinceku zikaJehova.—Daniyeli 1:8-20.
Ziqhenye Ngalokho Oyikho
14, 15. Yini ehilelekile ekuziqhenyeni ngokuba kwethu amaKristu?
14 Lezi zinceku zikaNkulunkulu zaphumelela ngoba zahlakulela ukuziqhenya okufanele ngesimo sazo phambi kukaNkulunkulu. Kuthiwani ngathi namuhla? Yini ehilelekile ekuziqhenyeni ngokuba kwethu amaKristu?
15 Ngokuyinhloko, lokhu kuhlanganisa ukukwazisa ngokujulile ukuthi ungomunye wabantu ababizwa ngegama likaJehova, uthola izibusiso nomusa wakhe. UNkulunkulu akangabazi ukuthi obani abangabakhe. Umphostoli uPawulu, owayephila ngesikhathi sokudideka okukhulu enkolweni, wabhala: “UJehova uyabazi abangabakhe.” (2 Thimothewu 2:19; Numeri 16:5) UJehova uyaziqhenya ngalabo “abangabakhe.” Uthi: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami.” (Zakariya 2:8) Kusobala ukuthi uJehova uyasithanda. Nathi-ke, ubuhlobo bethu naye kufanele sibusekele othandweni olujulile ngaye. UPawulu wathi: “Uma umuntu emthanda uNkulunkulu, lowo uyaziwa nguye.”—1 Korinte 8:3.
16, 17. Kungani amaKristu abo bonke ubudala eziqhenya ngefa lawo elingokomoya?
16 Intsha ekhuliswe yaba oFakazi BakaJehova kuhle ihlole ukuthi ingabe kuya kuyicacela yini ukuthi ingamaKristu, ngenxa yobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Ayikwazi ukuthembela okholweni lwabazali bayo nje kuphela. Ekhuluma ngenceku kaNkulunkulu ngayinye, uPawulu wabhala: “Ima noma iwe enkosini yayo siqu.” UPawulu waqhubeka: “Ngakho-ke, ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.” (Roma 14:4, 12) Kusobala ukuthi ukumane nje ulandele isiko lomkhaya akukwazi ukukugcina unobuhlobo obuseduze nobuhlala njalo noJehova.
17 Kuwo wonke umlando kuye kwaba nohide lofakazi bakaJehova. Lolo hide luqala ngo-Abela othembekile—eminyakeni engaba ngu-6 000 edlule—luzofika ‘esixukwini esikhulu’ soFakazi banamuhla, ludlulele ezixukwini zabakhulekeli bakaJehova abayojabulela ikusasa elingenasiphelo. (IsAmbulo 7:9; Hebheru 11:4) Thina siyiqembu lamuva kulolu hide olude lwabakhulekeli abathembekile. Yeka ifa elicebile elingokomoya esinalo!
18. Izindinganiso zethu zisenza kanjani sihluke ezweni?
18 Ukuba kwethu ngamaKristu kuhlanganisa nokuba nezindinganiso, izimfanelo, nezici ezisenza sibe amaKristu. ‘KuyiNdlela,’ ukuphela kwendlela ephumelelayo yokuphila neyokujabulisa uNkulunkulu. (IzEnzo 9:2; Efesu 4:22-24) AmaKristu ‘aqiniseka ngazo zonke izinto’ futhi ‘abambelela aqinise kokuhle’! (1 Thesalonika 5:21) Siwuqonda ngokucacile umehluko omkhulu ophakathi kobuKristu nezwe elihlukaniswe noNkulunkulu. UJehova uwenza ukhanye bhá umehluko phakathi kokukhulekela kweqiniso nokwamanga. Ngomprofethi wakhe uMalaki, wathi: “Ngokuqinisekile niyobuye nibone umehluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongazange amkhonze.”—Malaki 3:18.
19. Yini engasoze yenzeka kumaKristu eqiniso?
19 Njengoba ukuziqhayisa ngoJehova kubaluleke kangaka kuleli zwe elididekile neliphithene, yini engasisiza ukuba sihlale siziqhenya ngokufanele ngoNkulunkulu wethu futhi sizibona ngokucacile ukuthi singamaKristu? Isihloko esilandelayo sinamacebiso awusizo. Lapho ucabanga ngawo, ungaqiniseka ngalokhu: AmaKristu eqiniso awasoze abanjwa ugibe ‘lokungabi nandaba nenkolo.’
[Umbhalo waphansi]
a Lapha kukhulunywa ngalokho esiyikho ngokomoya kuphela. Kwabambalwa abanezinkinga zengqondo, kungase kudingeke belashwe odokotela.
Uyakhumbula?
• AmaKristu ‘angaziqhayisa kanjani ngoJehova’?
• Ufundeni esibonelweni sikaMose nesika-Asafa?
• Ibaphi abantu abaseBhayibhelini ababeziqhenya ngokukhonza uNkulunkulu?
• Yini ehilelekile ekuziqhayiseni ngokuba kwethu amaKristu?
[Isithombe ekhasini 14]
Kwake kwaba nesikhathi lapho uMose ayezingabaza khona
[Izithombe ekhasini 15]
Izinceku zikaJehova eziningi zasendulo zaziziqhenya ngalokho eziyikho