Ukufunda Manje Naphakade
UDOKOTELA ongumJalimane u-Ulrich Strunz wabhala uchungechunge lwezincwadi olunesihloko esithi Forever Young. Kulezi zincwadi wagomela ngokuthi ukuvivinya umzimba, ukudla okunomsoco nendlela yokuphila enhle kungathuthukisa impilo futhi mhlawumbe kwenze umuntu aphile isikhathi eside. Nakuba kunjalo, akazange athembise abafundi bezincwadi zakhe ukuthi bangaphila phakade uma belalela iseluleko sakhe.
Nokho, kunohlobo lolwazi olunaso isithembiso sokuphila phakade. Ngakolunye uhlangothi, uma ungaphila phakade, ungangenisa ulwazi olunenzuzo phakade. Ethandaza kuNkulunkulu, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Okokuqala ake sichaze amazwi athi “ukuphila okuphakade” bese sichaza nokuthi luquketheni lolu lwazi nokuthi ungaluthola kanjani.
NgokweBhayibheli, maduze uMdali uzoguqula umhlaba ube ipharadesi langempela, elizoba nezimo ezifanele ukuze siphile isikhathi eside. Ukulethwa kwalelo Pharadesi kuyohilela isinyathelo esinqala, esifana nesikaZamcolo wosuku lukaNowa. UMathewu isahluko 24, amavesi 37 kuya ku-39, ubonisa ukuthi uJesu wafanisa isikhathi sethu ‘nezinsuku zikaNowa,’ lapho abantu ‘bengasinakanga’ isimo esibucayi ababephila kuso. Futhi abazange bawunake umyalezo owawushunyayelwa uNowa. Kwaze kwafika “usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,” futhi uZamcolo wababhubhisa bonke abalwenqaba lolo lwazi. Kwasinda kuphela uNowa nalabo ababenaye emkhunjini.
UJesu wabonisa ukuthi “usuku” olufanayo luzofika nangesikhathi sethu. Labo abafundayo futhi baqaphele ulwazi oluphathelene nalesi senzakalo ngeke babe nethemba lokusinda kuphela kodwa nelokuphila phakade. Ngaphezu kwalokho, abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuselwa ekuphileni benethemba lokungaphinde bafe. (Johane 5:28, 29) Phawula indlela uJesu ayiveza ngayo le miqondo emibili. Lapho ekhuluma noMarta ngovuko lwabafileyo, wathi: “Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila; futhi wonke umuntu ophilayo abonise ukholo kimi akasoze afa.” Bonke ubufakazi bubonisa ukuthi lolu “suku” luseduze kakhulu, okusho ukuthi kungenzeka ‘ungafi.’—Johane 11:25-27.
UJesu wabe esebuza uMarta: “Uyakukholelwa lokhu?” Waphendula: “Yebo, Nkosi.” Uma uJesu ebengakubuza umbuzo ofanayo namuhla, ubungaphendula uthini? Mhlawumbe ubungakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi kungenzeka ungafi. Kodwa ngisho noma ubungasabela kanjalo, akungabazeki ukuthi ubungathanda ukukukholelwa. Cabanga ukuthi kungakanani ongakufunda uma ‘ungasoze wafa’! Zibone ufunda futhi wenza zonke izinto ozifisayo kodwa ongenasikhathi sazo manje. Futhi cabanga ngokuphinde uhlangane nabantu obathandayo abashona! Yiluphi ulwazi olungenza ukuba zonke lezi zinto zenzeke, futhi ungaluthola kanjani?
Singakwazi Ukuthola Ulwazi Olunikeza Ukuphila
Ingabe ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nangoKristu kungaphezu kwamandla ethu? Cha. Kuyiqiniso ukuthi ulwazi ngemisebenzi yoMdali alupheli. Nokho, lapho uJesu ehlanganisa “ulwazi” kanye ‘nokuphila okuphakade’ wayengabhekiseli kuyisayensi yokuhlolwa kwezinkanyezi noma kwenye isayensi. IzAga isahluko 2, amavesi 1 no-5, zibonisa ukuthi “amazwi” ‘nemiyalo’ okutholakala eBhayibhelini kuyisisekelo ‘solwazi ngoNkulunkulu.’ Futhi ngokuqondene noJesu, uJohane 20:30, 31 ubonisa ukuthi izinto ezalotshwa zanele ukuba ‘sibe nokuphila.’
Ngakho, ulwazi ngoJehova nangoJesu Kristu olutholakala eBhayibhelini lwanele ukukubonisa indlela yokuthola ukuphila okuphakade. IBhayibheli liyincwadi eyingqayizivele. Ngomusa, uMdali waliphefumulela ngendlela eyenza nabantu abangafundile kangako bakwazi ukulifunda futhi bathole ulwazi olwanele ukuze baphile phakade. Ngokufanayo, umuntu osheshe abambe, onesikhathi esiningi futhi onemali, uyokwazi ukufunda okuthile okusha emiBhalweni ephefumulelwe. Ukukwazi ukufunda lesi sihloko kuwubufakazi bokuthi unekhono lokufunda, kodwa kufanele ulisebenzise kanjani lelo khono?
Izibonelo zabantu abaningi emhlabeni wonke ziye zabonisa ukuthi indlela engcono kakhulu yokuthola lolu lwazi iwukuba ufundelwe iBhayibheli umuntu oseyiqonda kakade leyo ndaba. Njengoba nje uNowa ayezama ukudlulisela ulwazi kubantu ayephila nabo, oFakazi BakaJehova bazimisele ukuza emzini wakho bazoxoxa nawe ngeBhayibheli. Bangase basebenzise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma incwadi enesihloko esifanelekayo esithi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.a Ngisho noma ukuthola kunzima ukukholelwa ukuthi emhlabeni oyiPharadesi abathembekile ‘abasoze bafa,’ ungafunda ukuthembela kulesi sithembiso ngokuba nezingxoxo zeBhayibheli. Ngakho uma ungathanda ukuphila phakade noma ufuna ukwazi ukuthi kunengqondo yini ukukholelwa ukuthi kungenzeka, yini okufanele uyenze? Kufanele ulibambe leli thuba lesifundo seBhayibheli.
Sizothatha isikhathi esingakanani? Incwajana enamakhasi angu-32 esanda kushiwo, etholakala ngamakhulu ezilimi, iqukethe izifundo ezimfushane ezingu-16. Noma, uma ungabekela eceleni isikhathi esiyihora ngesonto, uyodinga izinyanga ezimbalwa kuphela zokufunda ngezihloko ezibalulekile zeBhayibheli ezisencwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Lezi zincwadi ziye zasiza abaningi ukuba bathole ulwazi oluningi futhi babe nothando olujulile ngoNkulunkulu. UMdali uzobanika umvuzo labo abamthanda ngobuqotho, abavumele ukuba bathole ukuphila okuphakade.
Ngempela, singakwazi ukuthola ulwazi olunikeza ukuphila, futhi lutholakala kalula. Ngokwengxenye iBhayibheli seliye lahunyushelwa ezilimini ezingaphezu kwezingu-2 000. OFakazi BakaJehova emazweni angu-235 bangakujabulela ukukusiza futhi bakunikeze izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ukuze wandise ulwazi lwakho.
Ukuzifundela Uwedwa
Ubuhlobo bakho noNkulunkulu buyindaba ephakathi kwakho noMdali. Nguwe kuphela ongabulondoloza, ubuqinise, futhi nguye kuphela ongakunika ukuphila okuphakade. Ngakho-ke, kufanele uqhubeke uzifundela iZwi lakhe elilotshiwe. Uma othile ekuvakashela njalo emzini wakho, ungakuthola kulula ukubekela eceleni isikhathi sokufunda.
Njengoba iBhayibheli nezinsiza-kufunda zalo ziqukethe “ulwazi ngoNkulunkulu,” kubalulekile ukuba siziphathe kahle lezi zincwadi. (IzAga 2:5) Ngale ndlela zizohlala iminyaka. Uma uhlala ezweni elisathuthuka, kungenzeka ukuthi awuzange uzisebenzise izincwadi eziningi esikoleni. Ngokuyinhloko wafunda ngokulalela nangokubhekisisa. Ngokwesibonelo, eBenin kukhulunywa izilimi ezingaphezu kwezingu-50. Kuyinto evamile ukuba abantu bakhulume izilimi ezine noma ezinhlanu ngokushelelayo, nakuba bengakaze bayifunde incwadi ebhalwe ngalezo zilimi. Ikhono lakho lokufunda ngokulalela, ukubhekisisa nokugxilisa ingqondo liyisibusiso. Noma kunjalo uzothola ukuthi izincwadi zingakusiza kakhulu lapho ufunda.
Ngisho noma uhlala emzini onabantu abaningi, zama ukuthola indawo efanelekayo yokubeka iBhayibheli lakho kanye nezincwadi ezisekelwe kulo. Zigcine endaweni lapho kulula khona ukuzithola, futhi lapho zingeke zonakale khona.
Ukufunda Nomkhaya Wakho
Uma ungumzali, kufanele ube nesithakazelo ekusizeni abantwana bakho ukuba bazuze olwazini olutholayo. Emazweni asathuthuka, abazali bajwayele ukufundisa izingane zabo amakhono amaningi adingekayo ekuphileni. Lokhu kungase kuhlanganise ukupheka, ukutheza, ukukha amanzi, ukulima, ukudoba nokuhweba emakethe. Ngempela, lena imfundo edingekayo ekuphileni. Nokho, kule mfundo abazali abaningi abalufaki ulwazi olungaholela ekuphileni okuphakade.
Kungakhathaliseki ukuthi ukusiphi isimo, kungenzeka ukuthi unomuzwa wokuthi awunaso isikhathi. NoMdali uyakuqaphela lokhu. Maqondana nokufundisa izingane izindlela zakhe, phawula lokho akusho kudala: “Kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:7) Usebenzisa lokhu kusikisela, kungani ungazami ukuqala eyakho indlela yokufundisa, enjengalokhu okulandelayo:
1. “Lapho uhleli endlini yakho”: Zama ukuba nezingxoxo zeBhayibheli njalo nabantwana bakho ekhaya, mhlawumbe masonto onke, ngendlela efanayo nalena okungenzeka waqhutshelwa ngayo isifundo. OFakazi BakaJehova bangakunikeza izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezifanelekayo zokufundisa abantwana babo bonke ubudala.
2. “Lapho uhamba endleleni”: Khuluma nabantwana bakho ngoJehova ngokwethukela, ngendlela efana naleyo oyisebenzisayo uma ubafundisa ngezidingo zokuphila noma lapho ubanikeza iziqondiso ngezikhathi ezithile.
3. “Lapho ulala”: Njalo kusihlwa thandaza nabantwana bakho.
4. “Lapho uvuka”: Imikhaya eminingi iye yathola imivuzo emihle ngokufunda nangokuxoxa ngevesi leBhayibheli njalo ekuseni. OFakazi BakaJehova basebenzisa incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonkeb lapho benza lokhu.
Emazweni asathuthuka, abazali abaningi benza umzamo omkhulu ukuze baqiniseke ukuthi eyodwa ezinganeni zabo ithola imfundo ephakeme. Ngaleyo ndlela lowo mntwana uyokwazi ukunakekela abazali lapho sebekhulile. Nokho, uma ufunda iBhayibheli futhi usiza bonke abantwana bakho ukuba benze okufanayo, uyothola ulwazi oluyokwenza ukuba wena nawo wonke umkhaya wakho niphile phakade.
Ingabe luyoke lufike usuku lapho siyokwazi yonke into? Cha. Njengoba umhlaba wethu uqhubeka nomjikelezo wawo emkhathini ongenamkhawulo, nathi siyoqhubeka sifunda. Ngempela, umShumayeli 3:11 uthi: “[UNkulunkulu] wenzé konke kwaba kuhle ngesikhathi sako. Ufake ngisho nobuphakade ezinhliziyweni [zabo], ukuze abantu bangawutholi nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.” Ukufunda kuyinjabulo engeke iphele nanini.
[Imibhalo yaphansi]
a Zombili zikhishwa oFakazi BakaJehova.
b Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi . . . ”
[Izithombe ekhasini 7]
Siza umkhaya wakho ukuba ufunde manje naphakade