Bazali, Yondlani Imikhaya Yenu
“Uma umuntu engabondli abakubo, . . . uluphikile ukholo.”—1 THIMOTHEWU 5:8.
1, 2. (a) Kungani kukhuthaza ukubona imikhaya indawonye emihlanganweni yobuKristu? (b) Iziphi ezinye zezinselele imikhaya ebhekana nazo ukuze ifike ngesikhathi emihlanganweni?
LAPHO uqalaza ebandleni lobuKristu ngaphambi nje kokuba umhlangano uqale, ungase ubone izingane ezihlanzekile futhi ezigqoke kahle zihlala eduze kwabazali bazo. Akukuhle yini ukubona uthando olusobala kule mikhaya—uthando enalo ngomunye nomunye nangoJehova? Nokho, kulula ukukhohlwa ukuthi kuwumsebenzi ongakanani ukusiza umkhaya ukuba ufike ngesikhathi esifundweni.
2 Ezimweni eziningi, abazali baba matasa kakhulu usuku lonke. Ngezinsuku zemihlangano, umkhaya uba matasa nakakhulu. Kudingeka kuphekwe, kwenziwe imisebenzi yasekhaya, kwenziwe umsebenzi wesikole. Abazali yibona abathwala kakhulu, njengoba kudingeka baqiniseke ukuthi wonke umuntu ugezile, udlile, futhi umi ngomumo lapho kushaya isikhathi sokuhamba. Ezinganeni-ke kungenzeka noma yini ngesikhathi esibi. Omdala udatshukelwa ibhulukwe edlala. Omncane uzithela ngokudla. Abanye bayaxabana. (IzAga 22:15) Ungaba yini umphumela? Ngisho noma abazali bebehlele kahle, izinto zingonakala. Yize kunjalo, cishe njalo le mikhaya ifika eHholo LoMbuso kusenesikhathi ngaphambi kokuqala kwemihlangano. Yeka indlela okukhuthaza ngayo ukuyibona ikhona isonto nesonto, unyaka nonyaka, njengoba izingane zikhula zikhonza uJehova!
3. Sazi kanjani ukuthi uJehova uyazisa kakhulu imikhaya?
3 Nakuba umsebenzi wakho njengomzali uba nzima ngezinye izikhathi, uze ukhandle imbala, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyazisa kakhulu imizamo yakho. UJehova unguMsunguli womkhaya. Ngenxa yalokho, iZwi lakhe lithi yonke imikhaya ‘iqanjwe ngaye’—ikhona ngenxa yakhe. (Efesu 3:14, 15) Ngakho bazali, lapho nizama ukufeza indima yenu emkhayeni ngendlela efanele, nidumisa iNkosi EnguMbusi wendawo yonke. (1 Korinte 10:31) Akulona yini ilungelo elikhulu lelo? Kuyafaneleka-ke ukuba sixoxe ngesabelo uJehova asinike abazali. Kulesi sihloko, sizokhuluma ngokondla umkhaya. Ake sihlole izindlela ezintathu uNkulunkulu alindele ukuba abazali bawondle ngazo.
Ukondla Umkhaya Ngokwenyama
4. Emkhayeni, imaphi amalungiselelo uJehova awenzele ukondliwa kwezingane?
4 Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Lapho uPawulu ethi “umuntu” lapha, wayekhuluma ngobani? Ngenhloko yomkhaya, ngokuvamile ubaba. UNkulunkulu unikeza nenkosikazi indima ehloniphekile njengomsizi womyeni wayo. (Genesise 2:18) Ngezikhathi zeBhayibheli abesifazane babevamile ukusiza abayeni babo ekondleni umkhaya. (IzAga 31:13, 14, 16) Namuhla, imikhaya enomzali oyedwa ilokhu yanda.a AmaKristu amaningi angabazali abangabodwa ayondla ngendlela etusekayo imikhaya yawo. Kungcono kakhulu lapho bekhona bobabili abazali ekhaya, kuhola ubaba.
5, 6. (a) Iziphi ezinye zezinselele ababhekene nazo labo abazama ukondla imikhaya yabo ngokwenyama? (b) Ukulondoloza muphi umbono ngomsebenzi wokuziphilisa okuyosiza abondli abangamaKristu ukuba bakhuthazele?
5 Ikuphi ukondla uPawulu ayekhuluma ngakho kweyoku-1 Thimothewu 5:8? Umongo usikisela ukuthi wayekhuluma ngokuqondile ngezidingo ezingokwenyama zomkhaya. Ezweni lanamuhla, ziningi izithiyo inhloko yomkhaya engase ibhekane nazo ukuze yondle umkhaya ngale ndlela. Izinkinga zezomnotho zandile emhlabeni wonke, ngokufanayo nokudilizwa, ukusweleka kwemisebenzi, kanye nokuphakama kwezindleko zokuphila. Yini engasiza umondli ukuba akhuthazele lapho ebhekene nalezi zinselele?
6 Umondli kuhle akhumbule ukuthi ufeza isabelo esivela kuJehova. Amazwi kaPawulu aphefumulelwe abonisa ukuthi indoda enawo amandla okulalela lo myalo kodwa yenqabe ukuwulalela ifana nomuntu ‘oluphikile ukholo.’ UmKristu uyokwenza konke angakwenza ukuze agweme ukuba sesimweni esinjalo phambi kukaNkulunkulu wakhe. Nokho, kuyadabukisa ukuthi abantu abaningi ezweni lanamuhla ‘abanalo uthando.’ (2 Thimothewu 3:1, 3) Empeleni, obaba abaningi bayawubalekela umthwalo wabo wemfanelo, bayishiye dengwane imikhaya yabo. Amadoda angamaKristu awanawo lowo mbono wokungabi nazwela nokungakhathali mayelana nokondla imikhaya yawo. Ngokungafani nabaningi emsebenzini, abondli abangamaKristu babheka ngisho nomsebenzi ophansi kakhulu njengohloniphekile nobalulekile, oyindlela yokujabulisa uJehova uNkulunkulu, ngoba ubenza bakwazi ukondla abathandekayo babo.
7. Kungani kufaneleka ukuba abazali bazindle ngesibonelo sikaJesu?
7 Izinhloko zemikhaya zingase zikuthole kuwusizo nokuzindla ngesibonelo esiphelele sikaJesu. Khumbula ukuthi esiprofethweni, iBhayibheli libiza uJesu ngokuthi uBaba wethu ongunaphakade. (Isaya 9:6, 7) Njengoba ‘engu-Adamu wokugcina,’ uJesu uyivala kahle kakhulu indawo ‘yomuntu wokuqala u-Adamu,’ abe uyise walabo ababonisa ukholo phakathi kwesintu. (1 Korinte 15:45) Ngokungafani no-Adamu, owaba ubaba onobugovu, ozicabangela yena, uJesu ungubaba omuhle kakhulu. IBhayibheli lithi ngaye: “Siye salwazi ngalokhu uthando, ngoba lowo wanikela umphefumulo wakhe ngenxa yethu.” (1 Johane 3:16) Yebo, ngokuzithandela uJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabanye. Nokho, nasekuphileni kwansuku zonke wayebeka izidingo zabanye kuqala kunezakhe nasezintweni ezincane. Bazali, nenza kahle ukulingisa lowo moya wokuzidela.
8, 9. (a) Yini abazali abangayifunda ezinyonini mayelana nokuzidela ekondleni izingane zabo? (b) Abazali abaningi abangamaKristu bawubonisa kanjani umoya wokuzidela?
8 Abazali bangafunda lukhulu mayelana nothando olungenabugovu emazwini uJesu awasho esizweni sikaNkulunkulu esasinhlanhlatha: “Yeka ukuthi kukaningi kangakanani ngifuna ukubuthela abantwana bakho ndawonye, ngendlela isikhukukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ndawonye ngaphansi kwamaphiko aso!” (Mathewu 23:37) Lapha uJesu wakhuluma ngesikhukukazi sivikela amatshwele aso ngamaphiko. Abazali bangafunda okuningi ngempela emzwelweni wemvelo inyoni engumama enawo wokuvikela amatshwele ayo, ingesabi ukuzifaka engozini. Nokho, kuyamangalisa nokubona lokho izinyoni ezingabazali ezikwenza nsuku zonke. Zehla zenyuka zindiza zifuna ukudla. Ngisho noma sezikhathele, zilokhu zifaka ukudla emilonyeni ekhamisile yamaphuphu azo, akugwinya abese ekhalela okunye. Izilwane eziningi uJehova azidalile zibonisa ukuthi “zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo” ngendlela ezinakekela ngayo izidingo zabantwana bazo.—IzAga 30:24.
9 Ngendlela efanayo, abazali abangamaKristu emhlabeni wonke babonisa umoya wokuzidela otusekayo. Ningakhetha ukuba kulimale nina kunokuba nivumele izingane zenu zilimale. Ngaphezu kwalokho, nizidela ngokuzithandela usuku ngalunye ukuze nondle imikhaya yenu. Abaningi benu bavuka ekuseni kakhulu baye emisebenzini ekhandlayo noma eyisicefe. Nisebenza kanzima ukuze imikhaya yenu ithole ukudla okunempilo. Niyashikashikeka ukuze niqiniseke ukuthi izingane zenu zinezingubo ezihlanzekile, indawo ekahle yokufihla ikhanda, nemfundo eyanele. Niqhubeka nikwenza lokhu usuku nosuku, unyaka nonyaka. Impela ukuzidela nokukhuthazela okunjalo kuyamjabulisa uJehova! (Hebheru 13:16) Nokho, ngesikhathi esifanayo niyakhumbula ukuthi kukhona izindlela ezibaluleke ngokwengeziwe zokondla imikhaya yenu.
Ukondla Ngokomoya
10, 11. Isiphi isidingo somuntu esibaluleke kunazo zonke, futhi yini okumelwe abazali abangamaKristu bayenze kuqala ukuze banelise lesi sidingo ezinganeni zabo?
10 Okubaluleke nangaphezu kokondla ngokwenyama ukondla ngokomoya. UJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4; 5:3) Yini eningayenza bazali ukuze nondle imikhaya yenu ngokomoya?
11 Kule ndaba, mhlawumbe ayikho indima yeBhayibheli ecashunwa kaningi ngaphezu kukaDuteronomi 6:5-7. Sicela uvule iBhayibheli lakho ufunde lawo mavesi. Phawula ukuthi kuthiwa abazali mabahlakulele ingokomoya labo kuqala, bakhe uthando ngoJehova futhi bawazise amazwi akhe. Yebo, kudingeka ube umfundi okhuthele weZwi likaNkulunkulu, ulifunde njalo iBhayibheli futhi uzindle ngalo, ukuze uziqonde futhi uzithande ngempela izindlela, izimiso, nemithetho kaJehova. Lokho kuyogcwalisa inhliziyo yakho ngamaqiniso eBhayibheli athakazelisayo ayokwenza uzizwe ujabula, umhlonipha futhi umthanda uJehova. Uyoba nenala yezinto ezinhle ongazabela izingane zakho.—Luka 6:45.
12. Abazali bangasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu mayelana nokugxilisa amaqiniso eBhayibheli ezinganeni zabo?
12 Abazali abaqinile ngokomoya bakulungele ukusebenzisa iseluleko esikuDuteronomi 6:7, ‘sokugxilisa’ amazwi kaJehova ezinganeni zabo ngawo wonke amathuba. ‘Ukugxilisa’ kusho ukufundisa nokugcizelela ngokuphindaphinda. UJehova wazi kahle ukuthi sonke—ikakhulu izingane—sidinga ukuphindaphindelwa ukuze sifunde. Ngakho, uJesu wakusebenzisa enkonzweni yakhe. Ngokwesibonelo, lapho efundisa abafundi bakhe ukuba babe abathobekile, bangaziqhayisi futhi bangancintisani, wathola izindlela ezihlukahlukene zokuphindaphinda isimiso esifanayo. Wabafundisa ngokuchaza, ngokufanekisa, ngisho nangokubonisa ngesenzo. (Mathewu 18:1-4; 20:25-27; Johane 13:12-15) Nokho, kuyaphawuleka ukuthi uJesu akazange nanini abonise ukuphelelwa isineke. Ngokufanayo, abazali kudingeka bathole izindlela zokufundisa izingane zabo amaqiniso ayisisekelo, baphindaphinde izimiso zikaJehova ngesineke kuze kube yilapho izingane ziziqonda futhi zizisebenzisa.
13, 14. Iziphi ezinye zezikhathi abazali abangagxilisa ngazo amaqiniso eBhayibheli ezinganeni zabo, besebenzisa ziphi izinto eziwusizo?
13 Izikhathi zesifundo somkhaya zingamathuba amahle kakhulu okufundisa ngale ndlela. Empeleni, isifundo seBhayibheli somkhaya esiqhutshwa njalo, esakhayo, nesijabulisayo siyisihluthulelo somkhaya oqinile ngokomoya. Imikhaya yamaKristu emhlabeni wonke iyazijabulela izifundo ezinjalo, isebenzise izincwadi ezilungiselelwa ngenhlangano kaJehova futhi ifanelanise isifundo nezidingo zezingane. Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu iye yaba isibusiso esiphawulekayo kulokhu, njengoba kunjalo nangencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.b Nokho, izingane akufanele zifundiswe ngesikhathi sesifundo somkhaya kuphela.
14 Njengoba uDuteronomi 6:7 ebonisa, ziningi izikhathi nina bazali eningaxoxa ngazo ngezinto ezingokomoya nezingane zenu. Kungakhathaliseki ukuthi nisohambweni nazo, nenza nazo imisebenzi yasekhaya, noma niphumule nazo, ningase nithole amathuba okondla izingane zenu ngokomoya. Yebo, akudingeki nihlale “nizishumayeza” njalo ngamaqiniso eBhayibheli. Kunalokho, zamani ukwenza izingxoxo zomkhaya zibe ezakhayo, zibe ezingokomoya. Ngokwesibonelo, umagazini i-Phaphama! unezihloko eziningi ezikhuluma ngezindaba eziningi ezihlukahlukene. Izihloko ezinjalo zingase zivule amathuba ezingxoxo eziphathelene nendalo kaJehova eyizilwane, izindawo zemvelo ezinhle ezisemhlabeni wonke, nokuhlukahluka okumangalisayo kwamasiko abantu nezindlela zabo zokuphila. Izingxoxo ezinjalo zingase zishukumisele intsha ukuba izifunde ngokwengeziwe izincwadi zesigaba senceku ethembekileyo neqondayo.—Mathewu 24:45-47.
15. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zibheke inkonzo yobuKristu njengethakazelisayo neletha imivuzo?
15 Ukuba nezingxoxo ezakhayo nezingane zenu kuyonisiza ekwaneliseni esinye futhi isidingo esingokomoya. Izingane zamaKristu kudingeka zifunde ukuxoxa nabanye ngokuphumelelayo ngenkolo yazo. Njengoba nixoxa ngephuzu elithile elithakazelisayo elikuyi-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! ningase nifune amathuba okuhlobanisa leyo ndaba nenkonzo yasensimini. Ngokwesibonelo, ningase nibuze: “Bekungeke yini kube kuhle uma nabanye abantu bebengase bakwazi lokhu ngoJehova? Nicabanga ukuthi singamenza kanjani umuntu athande ukuzwa le ndaba?” Izingxoxo ezinjalo zingase zisize intsha ukuba ibe nesithakazelo esengeziwe sokuxoxa nabanye ngalokho ekufundayo. Kuyobe sekuthi lapho izingane zenu zihamba nani ensimini, zinibone nikwenza ngokoqobo lokho ebenixoxa ngakho. Zingase zifunde nokuthi inkonzo iwumsebenzi othakazelisayo nojabulisayo, oletha ukwaneliseka nenjabulo enkulu.—IzEnzo 20:35.
16. Yini izingane ezingayifunda ngokulalela imithandazo yabazali bazo?
16 Abazali bondla izingane zabo ngokomoya nalapho bethandaza. UJesu wafundisa abafundi bakhe indlela yokuthandaza, futhi wathandaza kaningi nabo. (Luka 11:1-13) Cabanga nje ukuthi kuningi kangakanani abakufunda ngokuhlanganyela emthandazweni neNdodana kaJehova uqobo lwayo! Ngokufanayo, izingane zenu zingafunda okuningi emithandazweni yenu. Ngokwesibonelo, zingafunda ukuthi uJehova ufuna sikhulume naye ngokusuka enhliziyweni, sikhululeke, simtshele noma yini esikhathazayo. Yebo, imithandazo yenu ingasiza izingane zenu ukuba zifunde leli qiniso elingokomoya elibalulekile: Zingaba nobuhlobo noYise wasezulwini.—1 Petru 5:7.
Ukondla Umkhaya Ngokomzwelo
17, 18. (a) IBhayibheli likuveza kanjani ukubaluleka kokubonisa izingane uthando? (b) Obaba kufanele bamlingise kanjani uJehova ekuboniseni izingane zabo ukuthi bayazithanda?
17 Yebo, izingane zinanezidingo ezibalulekile ezingokomzwelo. IZwi likaNkulunkulu litshela abazali indlela okubaluleke ngayo ukondla umkhaya ngale ndlela. Ngokwesibonelo, abesifazane abasebasha bakhuthazwa ukuba “bathande abantwana babo.” (Thithu 2:4) Ukwenza kwabo kanjalo kuhlobene nokusangulukiswa kwalabo mama abasebasha. Ngempela, kunengqondo ukubonisa ingane uthando. Kuyifundisa ukuthanda, futhi kuyizuzisa kukho konke ukuphila kwayo. Ngakolunye uhlangothi, ukungayibonisi ingane uthando akunangqondo. Kubangela ubuhlungu obukhulu futhi kuwukungalingisi uJehova, osibonisa uthando olukhulu yize singaphelele.—IHubo 103:8-14.
18 UJehova uze athathe isinyathelo kuqala ekuthandeni izingane zakhe zasemhlabeni. Njengoba kusho eyoku-1 Johane 4:19, “yena wasithanda kuqala.” Nina bobaba ngokukhethekile kufanele nilingise isibonelo sikaJehova, nithathe isinyathelo kuqala sokwakha isibopho sothando nezingane zenu. IBhayibheli likhuthaza obaba ukuba bagweme ukuthukuthelisa abantwana babo, “ukuze bangadangali.” (Kolose 3:21) Zimbalwa izinto ezithukuthelisa izingane njengokunikezwa umuzwa wokuthi umzali wazo akazithandi noma akazazisi. Obaba abamanqikanqika ukubonisa imizwa yabo kuhle bakhumbule isibonelo sikaJehova. UJehova waze wakhuluma esezulwini ezwakalisa ukuthi uyayamukela futhi uyayithanda iNdodana yakhe. (Mathewu 3:17; 17:5) Yeka indlela okumelwe ukuba kwamkhuthaza ngayo lokho uJesu! Ngokufanayo, izingane zithola amandla nesibindi lapho zizwa abazali bazo bezitshela ngobuqotho ukuthi bayazithanda futhi bayazazisa.
19. Kungani isiyalo sibalulekile, futhi yini abazali abangamaKristu abazama ukulinganisela kuyo?
19 Yebo, uthando lwabazali alugcini ngamazwi. Uthando lubonakala ngezenzo ngokuyinhloko. Ukondla umkhaya ngokwenyama nangokomoya kungaba indlela abazali ababonisa ngayo uthando, ikakhulu lapho lokhu bekwenza ngendlela ebonisa ukuthi bashukunyiswa uthando ngokuyinhloko. Ngaphezu kwalokho, isiyalo siyindlela ebalulekile abazali ababonisa ngayo uthando. Yebo, “uJehova uyamyala lowo amthandayo.” (Hebheru 12:6) Ngakolunye uhlangothi, lapho abazali bengayiniki ingane isiyalo kubonisa ukuthi bayayizonda! (IzAga 13:24) Ngaso sonke isikhathi uJehova uyalinganisela, anikeze isiyalo “ngezinga elifanelekile.” (Jeremiya 46:28) Kubazali abangaphelele akulula njalo ukulinganisela kanjalo. Noma kunjalo, kufanele nizame okusemandleni ukuze nilinganisele. Isiyalo esiqinile sibe sinothando sisiza ingane ukuba ikhule ijabule futhi ifeze okuthile ekuphileni. (IzAga 22:6) Akukhona yini lokho bonke abazali abangamaKristu abakufunela izingane zabo?
20. Abazali bangazinika kanjani izingane zabo ithuba elihle kakhulu ‘lokukhetha ukuphila’?
20 Bazali, lapho niwenza umsebenzi obalulekile uJehova anabele wona—ukondla izingane zenu ngokwenyama, ngokomoya, nangokomzwelo—imivuzo iba mikhulu. Ngokwenza kanjalo ninikeza izingane zenu ithuba elingcono kakhulu ‘lokukhetha ukuphila,’ kanjalo ‘ziqhubeke ziphila.’ (Duteronomi 30:19) Izingane ezikhetha ukukhonza uJehova futhi zihlale endleleni eya ekuphileni njengoba zikhula zibalethela injabulo enkulu abazali bazo. (IHubo 127:3-5) Injabulo enjalo iyohlala phakade! Nokho, intsha yona ingamdumisa kanjani uJehova manje? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngaleyo ndaba.
[Imibhalo yaphansi]
a Kulesi sihloko, lapho kukhulunywa ngomondli ngokuvamile kushiwo ubaba. Nokho, izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nakomama abangamaKristu abangabondli abayinhloko.
b Zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
Yini abazali abangayenza ukuze bondle izingane zabo
• ngokwenyama?
• ngokomoya?
• ngokomzwelo?
[Isithombe ekhasini 18]
Izinyoni eziningi ziyashikashikeka zondla amaphuphu azo
[Isithombe ekhasini 20]
Abazali kumelwe baqale bahlakulele elabo ingokomoya
[Izithombe ekhasini 20, 21]
Abazali bangathola amathuba amaningi okufundisa izingane zabo ngoMdali
[Isithombe ekhasini 22]
Uma abazali bezazisa izingane zabo kuzinika amandla nesibindi