Ngingabasiza Kanjani Abantwana Bami Ukuba Bafunde Ngempela?
UKUFUNDISA umntwana kungase kufaniswe nohambo olujabulisayo nolunezinselele. Kuwuhambo oyoluthatha nabantwana bakho. Uyabakhuthaza futhi ngothando ubaqondise, ubasiza ukuba baqhubeke behamba endleleni yokuphila. Kuningi okufanele bakufunde!
Ukuze baphumelele futhi bajabule ngempela ekuphileni, abantwana kumelwe babe nezindinganiso zokuziphatha nezingokomoya, bafunde ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Uma sebemazi uJehova futhi bemthanda, imfundo yabo iyoba nomvuzo ngempela futhi iyohlala phakade. Njengomzali, unendima ebalulekile kulokho okufundwa abantwana bakho, endleleni abakwazisa ngayo nasendleleni abakuqonda ngayo.
Kunezinselele okumelwe nibhekane nazo kulolu hambo. Abantwana bayathatheka, futhi ngaphandle kwasekhaya, bangafunda izinto eziningi ezingezinhle. Siphila ezweni elibuswa uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Naye ufuna ukufundisa abantwana bakho, kodwa ngezizathu ezihluke ngokuphelele. USathane ungumfundisi onekhono nongumakad’ ebona—kodwa omubi ngempela. Nakuba ezenza “ingelosi yokukhanya,” ukukhanya akunikezayo kuyakhohlisa futhi kuyangqubuzana neZwi nentando kaJehova. (2 Korinte 4:4; 11:14; Jeremiya 8:9) UDeveli namademoni akhe bayizingcweti zokukhohlisa, bakhuthaza ubugovu, ukungathembeki nokuwohloka kokuziphatha.—1 Thimothewu 4:1.
Yini ongayenza ukuze uvikele abantwana bakho ukuba bangadukiswa? Ungabafundisa kanjani ukuba bamukele okuyiqiniso nokuyinzuzo? Isinyathelo esibalulekile siwukuba uzihlolisise ngokwakho. Kudingeka ubeke isibonelo esihle. Kubalulekile nokuba uwamukele umthwalo wakho wemfanelo wokuqeqesha abantwana bakho futhi uzinike isikhathi sokwenza lokho. Nokho, ngaphambi kokuba sixoxe ngala maphuzu, ake sithole isisekelo semfundo ezuzisayo.
Isisekelo Semfundo Yeqiniso
Singafunda enkosini yakwa-Israyeli uSolomoni, omunye wabantu abahlakaniphe kunabo bonke abake baphila. IBhayibheli lisitshela ukuthi: “UNkulunkulu waqhubeka enika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda ngesilinganiso esikhulu kakhulu nobubanzi benhliziyo, ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kunokuhlakanipha kwabo bonke abaseMpumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.” USolomoni “wayengakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu, izingoma zakhe zaba inkulungwane nesihlanu.” Wayenolwazi olujulile ngezitshalo nangokuphila kwezilwane. (1 AmaKhosi 4:29-34) INkosi uSolomoni yengamela nemisebenzi yokwakha yakwa-Israyeli, ehlanganisa nokwakhiwa kwethempeli likaJehova elihle kakhulu eJerusalema.
Amazwi uSolomoni awabhala, njengalawo asencwadini yomShumayeli, embula ukuthi wayebuqonda ngokujulile ubunjalo bomuntu. Wayephefumulelwe uNkulunkulu ukuba abonise isisekelo semfundo yeqiniso. USolomoni wathi: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kolwazi.” Le nkosi ehlakaniphile yabuye yathi: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, futhi ukuqonda kungukuba nolwazi ngoNgcwelengcwele.”—IzAga 1:7; 9:10.
Uma simesaba uNkulunkulu, siyamhlonipha futhi siyacophelela ukuba singamdumazi. Siyaqaphela ukuthi ungoPhakeme nokuthi kufanele sizithobe kuye. Labo abangamnaki lowo ukuphila kwethu okuncike kuye bangase babhekwe abantu njengabahlakaniphile, kodwa lokho kuhlakanipha “kungubuwula kuNkulunkulu.” (1 Korinte 3:19) Abantwana bakho badinga imfundo esekelwe ‘ekuhlakanipheni kwaphezulu.’—Jakobe 3:15, 17.
Ukwesaba ukudumaza uJehova kuhlobene kakhulu nokumthanda. UJehova ufisa ukuba izinceku zakhe zimesabe futhi zimthande. UMose wathi: “Israyeli, yini uJehova uNkulunkulu wakho ayicelayo kuwe ngaphandle kokuba wesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ukuze uhambe ezindleleni zakhe zonke, umthande futhi umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho; ukuba ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engikuyala ngazo namuhla, kube kuhle kuwe?”—Duteronomi 10:12, 13.
Uma sigxilisa kubantwana bethu ukwesaba uJehova okunenhlonipho, siyobe sibeka isisekelo semfundo eyokwenza abantwana bethu bahlakaniphe ngempela. Njengoba beqhubeka bakhela kuleso sisekelo, kuyokhula ukwazisa kwabo uMdali wabo, uMthombo walo lonke ulwazi lweqiniso. Lokhu kuyosiza abantwana bethu ukuba babe nombono ofanele ngabakufundayo, bangafinyeleli eziphethweni ezingalungile. Bayoba nekhono ‘lokuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Leso sisekelo siyobasiza nokuba bahlale bethobekile futhi bagweme ukwenza okubi.—IzAga 8:13; 16:6.
Abantwana Bakho Bakubhekile!
Nokho, singabasiza kanjani abantwana bethu ukuba bathande uJehova futhi bamesabe? Impendulo yalowo mbuzo itholakala eMthethweni uJehova awunika abantu bakwa-Israyeli ngomprofethi uMose. Abazali abangama-Israyeli batshelwa: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho. La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho; kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:5-7.
Le ndima ifundisa abazali izifundo ezibalulekile. Esinye sazo yilesi: Njengoba ungumzali, kumelwe ube isibonelo esihle. Ukuze ufundise abantwana bakho ukuthanda uJehova, kumelwe wena ngokwakho umthande, futhi amazwi akhe kumelwe abe senhliziyweni yakho. Kungani lokhu kubaluleke kangaka? Ngoba nguwe ongumfundisi oyinhloko wabantwana bakho. Abakufunda esibonelweni sakho kuyoba nethonya elikhulu kubo. Futhi akukho okunethonya elinamandla ekuphileni komntwana kunesibonelo sabazali.
Izifiso zakho, izinhloso, izindinganiso nezinto ozithandayo azibonakali nje kulokho okushoyo kuphela kodwa nakulokho okwenzayo. (Roma 2:21, 22) Kusukela beseyizinsana, abantwana bafunda ngokubheka ngokucophelela abazali babo. Abantwana bayakwazi okubalulekile kubazali babo, futhi yilezi zinto ezivame ukuba ezibalulekile kubantwana. Uma umthanda ngempela uJehova, nabantwana bayokubona lokho. Ngokwesibonelo, bayobona ukuthi ukufunda iBhayibheli nokutadisha kubalulekile kuwe. Bayoqaphela ukuthi ubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni. (Mathewu 6:33) Ukuba khona kwakho njalo emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso kuyobabonisa ukuthi ukunikela inkonzo engcwele kuJehova kubaluleke kunazo zonke izinto.—Mathewu 28:19, 20; Hebheru 10:24, 25.
Thwala Umthwalo Wakho Wemfanelo
Esinye isifundo abazali abangasifunda kuDuteronomi 6:5-7 yilesi: Unomthwalo wemfanelo wokuqeqesha abantwana bakho. Phakathi kwabantu bakaJehova endulo, imfundo yabantwana yayinakekelwa abazali babo. Phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala, abazali baqhubeka befeza indima ebalulekile ekufundiseni abantwana babo. (2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15) Ebhalela amanye amaKristu, umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi obaba ngokukhethekile kwakufanele ‘baqhubeke bekhulisa abantwana babo ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’—Efesu 6:4.
Becindezelwa izidingo zanamuhla, umsebenzi nezinye izinto ezifuna isikhathi sabo, abazali bangase balingeke ukuba bawushiyele abanye lo msebenzi wokufundisa abantwana babo, njengothisha nezisebenzi zasenkulisa. Kodwa akekho ongangena esikhundleni somzali onothando nokhathalelayo. Ungakubukeli phansi ukubaluleka kwakho nethonya lakho. Uma udinga usizo, lukhethe ngokuhlakanipha, kodwa ungalokothi uwuyeke umsebenzi wakho ongcwele.
Chitha Isikhathi Uqeqesha Abantwana Bakho
Esinye futhi isifundo abazali abasifunda kuDuteronomi 6:5-7 yilesi: Ukuqeqesha abantwana kudinga isikhathi nomzamo. Abazali abangama-Israyeli kwakumelwe ‘bagxilise’ iqiniso likaNkulunkulu kubantwana babo. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘gxilisa’ lisho “ukuphindaphinda,” “ukusho into izikhathi eziningi.” Lokhu kwakumelwe kwenziwe phakathi nalo lonke usuku, yebo, kusukela ekuseni kuze kuhlwe, “endlini yakho” ‘nasendleleni.’ Kudinga umzamo nesikhathi ukufundisa abantwana nokulolonga isimo sabo sengqondo nokuziphatha kwabo ukuze bajabulise uNkulunkulu.
Ngakho, yini ongayenza ukuze usize abantwana bakho bafunde ngempela? Kuningi. Bafundise ukuthanda uJehova nokumesaba. Yiba yisibonelo esihle. Thwala umthwalo wakho wemfanelo wokufundisa abantwana bakho, futhi uzinike isikhathi esidingekayo sokubaqeqesha. Awuphelele, futhi uyowenza amaphutha njengoba ubafundisa. Kodwa uma uzama ngobuqotho ukwenza intando kaNkulunkulu, abantwana bakho cishe bayoyazisa imizamo yakho futhi bazuze kuyo. IzAga 22:6 zithi: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”
Imfundo iwuhambo oluthatha ukuphila konke. Uma wena nabantwana bakho nimthanda uNkulunkulu, iwuhambo eniyokwazi ukulujabulela kuze kube phakade. Lokhu kungoba kuyohlale kunokuningi esingakufunda ngoJehova nangendlela esingafeza ngayo injongo yakhe.—UmShumayeli 3:10, 11.
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe uyabafundela abantwana bakho iBhayibheli?
[Isithombe ekhasini 16]
Zinike isikhathi sokufundisa abantwana bakho ngoMdali