Imfundo YeBhayibheli Yakha Ukholo
OWAYEMELELE ikilasi le-122 le-Watchtower Bible School of Gilead ngosuku lokuthweswa iziqu waphawula: “Yeka ukuthi kube ilungelo elikhulu kangakanani ukuchitha izinyanga ezinhlanu ezidlule sigxile emicabangweni yoMdali wethu futhi sifunda ukubheka izinto njengaye!” U-March 10, 2007 uwusuku oluyohlale lukhunjulwa amalungu angu-56 aleli kilasi ayesezoqala inkonzo yawo yezithunywa zevangeli emazweni angu-26 abelwe kuwo.
Ngemva kokuzamukela ngokufudumele izilaleli ezingu-6 205, uTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo, wathi: “Siyaqiniseka ukuthi ukuba khona kwenu kulesi simiso sokuthweswa iziqu kuzoniqinisa ngokomoya futhi kunakhe okholweni.” Wazethula ngokulandelana izikhulumi ezine ezazizonikeza abafundi isikhuthazo neseluleko esifike ngesikhathi esisekelwe eBhayibhelini esizobasiza ukuba baphumelele ezabelweni zabo njengezithunywa zevangeli.
Amazwi Akhuthazayo Okwakha Ukholo Kwabanye
ULeon Weaver, ilungu leKomiti Yegatsha Lase-United States, wanikeza inkulumo ethi “Qhubeka Wenza Okuhle.” Wakhumbuza abafundi ukuthi ngokwesilinganiso ngamunye wayechithe iminyaka engu-13 enkonzweni yesikhathi esigcwele, esabalalisa imfundo yeBhayibheli eyakha ukholo. Wathi: “Le nkonzo iwumsebenzi omuhle ngoba ihilela ukusindisa ukuphila kwabantu, futhi okubaluleke nakakhulu ukuthi iwumsebenzi omuhle ngoba idumisa uBaba wethu osezulwini, uJehova.” UMfoweth’ uWeaver wabe esekhuthaza abafundi ukuba baqhubeke ‘behlwanyela benombono womoya’ futhi ‘bangayeki ukwenza okuhle.’—Galathiya 6:8, 9.
UDavid Splane, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza izikhumbuzo eziyinzuzo njengoba ayekhuluma ngesihloko esithi “Qiniseka Ukuthi Uzenzela Ugazi Zisuka.” UMfoweth’ uSplane wakhuthaza lezi zithunywa zevangeli ezintsha ukuba ziqale kahle ezabelweni zazo ngokwenza lokhu: “Londolozani isimo sengqondo esiqondile. Ningafinyeleli iziphetho ngokuphamazela. Hlalani nimomotheka. Ningagxeki. Thobekani futhi nihloniphe abazalwane bendawo.” Wabe esenezela: “Lapho nehla endizeni, zenzeleni ugazi zisuka, futhi kwangathi uJehova angazibusisa izinyawo zenu ezinhle lapho ziyisa kubantu ‘izindaba ezinhle zokuthile okungcono.’”—Isaya 52:7.
ULawrence Bowen, ofundisa eGileyadi, wanikeza inkulumo enesihloko esithi “Ifa Eliqinisekile.” UMfoweth’ uBowen wakhumbuza abafundi ukuthi iSikole SaseGileyadi sasungulwa phakathi neMpi Yezwe II ngoba abafowethu babethembela ngokuphelele ekugcwalisekeni kweZwi likaJehova eliyisiprofetho. (Hebheru 11:1; IsAmbulo 17:8) Kusukela ngaleso sikhathi, isikole saseGileyadi siye sanikeza abafundi ithuba lokuqinisa ukholo lwabo. Ukholo oluqinile lushukumisela abathweswe iziqu ukuba baqhubeke ngentshiseko bememezela iqiniso.
UMark Noumair, omunye ofundisa eGileyadi, wabeka inkulumo evusa amadlingozi enesihloko esithi “Ningikhumbuza Othile.” Wakhuluma ngesibonelo somprofethi u-Elisha, owabonisa ukholo nesibindi esabelweni sakhe. Esekela ayekusho kweyoku-1 AmaKhosi 19:21, uMfoweth’ uNoumair wathi: “U-Elisha wayezimisele ukwenza izinguquko ekuphileni kwakhe, enza izithakazelo zakhe zize kamuva, futhi amemezele injongo kaJehova.” Wancoma abathweswa iziqu ngokubonisa umoya ofanayo futhi wabakhuthaza ukuba baqhubeke bewubonisa nasezabelweni zabo ezintsha.
Ukholo Lwenza Umuntu Abe Nenkululeko Yokukhuluma
Njengoba lezi zithunywa zevangeli zesikhathi esizayo zazakha ukholo lwazo phakathi nesikole, zazizisebenzisa kahle izimpelasonto ukuze zishumayele izindaba ezinhle kwabanye. Lokhu kwazenza zaba nokuhlangenwe nakho okuhle okwalandiswa futhi kwalingiswa enkulumweni eyanikezwa uWallace Liverance, omunye ofundisa eGileyadi. Isihloko senkulumo yakhe esasithi “Sibonisa Ukholo, Ngakho-ke Siyakhuluma,” sabakhumbuza amazwi omphostoli uPawulu atholakala kweyesi-2 Korinte 4:13.
Ngemva kwale nkulumo, uDaniel Barnes noCharles Woody, abangamalungu omkhaya waseBethel, baxoxa nabakhonza njengezithunywa zevangeli nabake bakhonza njengazo. Bagcizelela ukuthi uJehova uyabanakekela futhi uyababusisa labo abamkhonza ngokwethembeka. (IzAga 10:22; 1 Petru 5:7) Esinye isithunywa sevangeli sathi: “Imfundo esayithola eGileyadi yasenza mina nomkami sabona ngokuqinisekile ukuthi uJehova uyasinakekela. Yalwakha ngempela ukholo lwethu. Ukholo lubalulekile ngoba zonke izinceku zikaNkulunkulu, kuhlanganise nezithunywa zevangeli, zizobhekana nokulingwa, izinkinga nezinkathazo.”
Qhubeka Usabalalisa Imfundo YeBhayibheli Eyakha Ukholo
Njengoba kwase kuwumvuthwandaba wesimiso sokuthweswa iziqu, uSamuel Herd, oyilungu leNdikimba Ebusayo, waxoxa nezilaleli ngesihloko esithi “Qhubeka Wakha Abafowenu.” Yayiyini injongo yemfundo eyayitholwe abafundi? UMfoweth’ uHerd wathi: “Injongo yayo bekuwukunifundisa indlela yokusebenzisa ulimi lwenu ekudumiseni uJehova, ukuba nifundise abanye amaqiniso ensimini entsha eniyabelwe nokwakhana okholweni.” Nokho, wakhumbuza abafundi ukuthi ulimi lungabhebhethekisa nezinto ezingakhi. (IzAga 18:21; Jakobe 3:8-10) Wakhuthaza abafundi ukuba balingise isibonelo sikaJesu lapho besebenzisa ulimi. Ngesinye isikhathi, ngemva kokulalela uJesu, abafundi bakhe bathi: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini . . . njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?” (Luka 24:32) UMfoweth’ uHerd wathi: “Uma amazwi enu akha, ayozithinta izinhliziyo zabafowenu nodadewenu ezabelweni zenu.”
Ngemva kwalokho, abathweswa iziqu bathola ama-diploma abo. Kwabe sekufundwa incwadi yokubonga eyayibhalwe abafundi. Yayithi: “Sizizwa sinomthwalo wemfanelo omkhulu wokusebenzisa esikufundile ukuze sizifeze ngokwethembeka izabelo zethu njengezithunywa zevangeli. Njengoba sesikulungele ukuya emikhawulweni yomhlaba, sithandazela ukuba imizamo yethu ilethe udumo olukhulu kuMfundisi wethu Omkhulu, uJehova uNkulunkulu.” Izilaleli zasabela ngokushaya ihlombe ngokusuka enhliziyweni. Lesi simiso sokuthweswa iziqu salwakha ngempela ukholo lwabo bonke ababekhona.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 17]
“Uma amazwi enu akha, ayozithinta izinhliziyo zabafowenu nodadewenu ezabelweni zenu”
[Ibhokisi ekhasini 15]
IMINININGWANE YEKILASI
Inani lamazwe amelelwe: 9
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 25
Inani labafundi: 56
Isilinganiso seminyaka yobudala: 33,4
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16,8
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13
[Isithombe ekhasini 16]
Ikilasi Le-122 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesokunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Howitt, R.; Smith, P.; Martinez, A.; Pozzobon, S.; Kitamura, Y.; Laud, C. (2) Fiedler, I.; Beasley, K.; Matkovich, C.; Bell, D.; Lippincott, W. (3) Sites, W.; Andersen, A.; Toevs, L.; Fusano, G.; Rodríguez, C.; Yoo, J. (4) Sobomehin, M.; Thomas, L.; Gasson, S.; Dauba, V.; Bertaud, A.; Winn, C.; Dobrowolski, M. (5) Yoo, J.; Dauba, J.; Mixer, H.; Newton, M.; Rodríguez, F.; Mixer, N. (6) Laud, M.; Lippincott, K.; Martinez, R.; Haub, A.; Schamp, R.; Pozzobon, L.; Toevs, S. (7) Howitt, S.; Kitamura, U.; Newton, D.; Haub, J.; Sites, J.; Thomas, D. (8) Sobomehin, L.; Matkovich, J.; Fusano, B.; Winn, J.; Schamp, J.; Andersen, D.; Dobrowolski, J. (9) Fiedler, P.; Bell, E.; Beasley, B.; Smith, B.; Bertaud, P.; Gasson, M.