ISirakhuse—Indawo UPawulu Ama Kuyo
CISHE ngonyaka ka-59 C.E., kunomkhumbi owasuka esiqhingini saseMelitha esiseMedithera ulibangise e-Italiya. Lowo mkhumbi wawunesithombe “samaDodana KaZeyusi,” onkulunkulu ababebhekwa njengabavikeli bamatilosi. Umlobi weBhayibheli uLuka uthi lowo mkhumbi wama “esikhumulweni saseSirakhuse” ogwini lwaseSisili oluseningizimu-mpumalanga futhi ‘wahlala izinsuku ezintathu’ lapho. (IzEnzo 28:11, 12) Kulowo mkhumbi kwakukhona uLuka, u-Aristarku nomphostoli uPawulu owayeyiswa eRoma eyoquliswa icala.—IzEnzo 27:2.
Asazi ukuthi uPawulu wavunyelwa yini ukwehla eSirakhuse. Uma yena nayehamba nabo behla, yini okungenzeka ukuthi bayibona?
Ngezikhathi zamaGreki namaRoma, iSirakhuse yayicishe ilingane ne-Athene neRoma. Kudume ukuthi yakhiwa abaseKorinte ngo-734 B.C.E. ISirakhuse yake yaduma futhi abantu abaningi basendulo abaziwayo bazalelwa khona, njengomlobi wezincwadi zamahlaya u-Epicharmus nesazi sezibalo u-Archimedes. Ngo-212 B.C.E., iSirakhuse yanqotshwa amaRoma.
Ukuvakashela leli dolobha namuhla kungase kukunike umbono wokuthi yayinjani iSirakhuse yosuku lukaPawulu. Leli dolobha lalihlukaniswe kabili—enye ingxenye isesiqhingini sase-Ortygia, indawo okungenzeka ukuthi wama kuyo umkhumbi owawuhamba oPawulu, enye ingxenye isezweni.
Namuhla, ungathola izinsalela zethempeli laseSisili elakhiwe ngendlela endala yamaDorian—ithempeli lika-Apholo elakhiwa ngekhulu lesithupha B.C.E. Kukhona nezinsika zethempeli elanikezelwa ku-Athena, elakhiwa ngekhulu lesihlanu B.C.E., kodwa ezahlanganiswa naleli thempeli.
Idolobha lanamuhla lona lisezweni futhi kulo ungavakashela indawo yokuvubukula eseNeyapholi. Eduze kwesango layo kukhona inkundla yemidlalo yeshashalazi yamaGreki. Ingenye yezinkundla zemidlalo yeshashalazi ezinhle kakhulu ezakhiwa amaGreki. Njengoba ibheke olwandle, yayiyindawo ekahle kakhulu yemidlalo. Engxenyeni eseningizimu yale ndawo kukhona ishashalazi elivulekile lemidlalo lamaRoma. Limise okweqanda futhi lingamamitha angu-140 ubude nangu-119 ububanzi futhi lingelesithathu ngobukhulu e-Italy.
Uma uzithola uvakashele eSirakhuse, ungahlala ebhentshini elibheke olwandle e-Ortygia, uvule iBhayibheli lakho kuzEnzo 28:12, bese umbona ngamehlo engqondo uPawulu esemkhunjini njengoba ungena kuleli theku.
[Umdwebo/Ibalazwe ekhasini 30]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IMelitha
ISisili
ISirakhuse
I-ITALIYA
IRegiyu
IPhutheyoli
IRoma
[Isithombe ekhasini 30]
Amanxiwa enkundla yemidlalo yeshashalazi yamaGreki eSirakhuse