Ingabe Zonke Izindlela Zokukhulekela Ziyemukeleka KuNkulunkulu?
Izimpendulo ezivamile:
▪ “Zonke izinkolo ziyindlela eholela kuNkulunkulu.”
▪ “Akubalulekile ukuthi yini oyikholelwayo uma nje uyikholelwa ngobuqotho.”
Wathini uJesu?
▪ “Ngenani ngesango elincane; ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.” (Mathewu 7:13, 14) UJesu wayengakholelwa ukuthi zonke izindlela ziholela kuNkulunkulu.
▪ “Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho na?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.” (Mathewu 7:22, 23) Akubona bonke abathi balandela uJesu abamukelekayo kuye.
ABANTU abaningi abakholwayo bayazazisa izinkolelo namasiko abo. Kodwa kwenzekani uma lezi zimfundiso zingahambisani nalokho okutholakala eZwini likaNkulunkulu iBhayibheli? UJesu waveza ingozi yokulandela amasiko enziwe umuntu lapho etshela abaholi benkolo bangesikhathi sakhe ethi: “Nilenzé ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu.” Waqhubeka wacaphuma la mazwi kaNkulunkulu: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa inhliziyo yaso iqhelele kude nami. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.”—Mathewu 15:1-9; Isaya 29:13.
Ukuziphatha nakho kubalulekile, hhayi nje ukuba nezinkolelo. IBhayibheli lisho lokhu ngabathile abathi bakhulekela uNkulunkulu: “Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.” (Thithu 1:16) Empeleni, iBhayibheli lisho okulandelayo ngalabo abaphila esikhathini sethu: “Kunokuthanda uNkulunkulu, bayothanda injabulo. Nakuba beyobukisa ngokuba amakholwa, inkolo yabo iyobe ingeyona eyeqiniso. Ungazihlanganisi nabantu abanjalo.”—2 Thimothewu 3:4, 5, Contemporary English Version.
Ubuqotho bubalulekile, kodwa kudingeka okwengeziwe. Ngani? Ngenxa yokuthi umuntu angenza iphutha kodwa ngobuqotho ebe ekholelwa ukuthi wenza okulungile. Ngakho lubalulekile ulwazi olunembile ngoNkulunkulu. (Roma 10:2, 3) Ukungenisa lolu lwazi nokwenza ngokuvumelana nalokho iBhayibheli elikushoyo kuyosenza sithokozise uNkulunkulu. (Mathewu 7:21) Ngakho-ke ngokuqinisekile, inkolo efanele ihlanganisa nezisusa, izinkolelo, nezenzo ezifanele. Isenzo esifanele siwukwenza intando kaNkulunkulu nsuku zonke!—1 Johane 2:17.
Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngokuphathelene nalokho iBhayibheli elisitshela khona ngoNkulunkulu, xhumana noFakazi BakaJehova ukuze uthole isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Inkolo efanele ihlanganisa nezisusa, izinkolelo, nezenzo ezifanele