Uyini Umoya Ongcwele?
UJESU wake wabuza abafundi bakhe: “Yimuphi ubaba phakathi kwenu othi indodana yakhe icela inhlanzi, ayinike mhlawumbe inyoka esikhundleni senhlanzi? Noma, uma icela iqanda, ayinike ufezela na?” (Luka 11:11, 12) Izingane zaseGalile zazikujabulela ukudla amaqanda nenhlanzi; zazikwazi ezazikufuna.
UJesu wathi kufanele siqhubeke siwucela ngokungaphezi umoya ongcwele njengengane elambile ecela ukudla. (Luka 11:9, 13) Ukwazi ukuthi umoya ongcwele uyini kuzosisiza ukuba siqonde indima ebalulekile ongaba nayo ekuphileni kwethu. Ngakho-ke, masiqale ngokuhlola lokho esikufundiswa yiBhayibheli ngomoya ongcwele.
“Amandla OPhezukonke”
ImiBhalo iyacacisa ukuthi umoya ongcwele ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo ukufeza intando yakhe. Lapho ingelosi uGabriyeli imemezela ukuthi uMariya wayezozala indodana nakuba ayeyintombi, yathi kuye: “Umoya ongcwele uzokwehlela phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele. Ngenxa yaleso sizathu, lokho okuzelwe kuyobizwa ngokuthi kungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.” (Luka 1:35) Ngokwamazwi kaGabriyeli, kunokuhlobana phakathi komoya ongcwele ‘namandla oPhezukonke.’
Kunamanye amavesi eBhayibheli akhuluma ngephuzu elifanayo. Umprofethi uMika wathi: “Mina ngigcwele amandla, ngomoya kaJehova.” (Mika 3:8) UJesu wathembisa abafundi bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu.” (IzEnzo 1:8) Umphostoli uPawulu naye wakhuluma “ngamandla omoya ongcwele.”—Roma 15:13, 19.
Ngokwalokhu esesixoxe ngakho, yini esingaphetha ngayo? Kunokuhlobana phakathi komoya ongcwele namandla kaNkulunkulu. Umoya ongcwele uyindlela uJehova abonakalisa ngayo amandla akhe, futhi lawo mandla aweve emangalisa! Ngeke siwaqonde amandla adingekayo ukuze kudalwe izulu nomhlaba. Ngomprofethi u-Isaya, uJehova wathi sizindle ngalokhu okulandelayo: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto? YiLowo okhipha ibutho lazo ngisho nangesibalo, zonke azibize ngisho nangamagama. Ngenxa yobuningi bamandla ashukumisayo, kwazise futhi unamandla amakhulu, ayikho neyodwa kuzo entulekayo.”—Isaya 40:26.
IBhayibheli libonisa ukuthi ukuhleleka nokusebenzelana kwendawo yonke kungenxa ‘yamandla ashukumisayo’ kaNkulunkulu uMninimandla onke. Kusobala ukuthi amandla kaNkulunkulu makhulu futhi ukuba khona kwethu kuxhomeke kuwo.—Bheka ibhokisi elithi “Ukusebenza Komoya Ongcwele.”
UJehova angasebenzisa umoya wakhe ekwenzeni izinto ezinkulu, njengoba enza lapho edala izulu nomhlaba. Angawusebenzisa futhi ukuze kuzuze izidalwa zakhe ezingabantu. IBhayibheli linezibonelo eziningi ezibonisa indlela izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni ezawathola ngayo amandla akhe asebenzayo.
“Umoya KaJehova Uphezu Kwami”
Inkonzo kaJesu isinika umbono omuhle wendlela umoya ongcwele kaNkulunkulu ongazinika ngayo amandla izinceku zaKhe. UJesu watshela abantu baseNazaretha: “Umoya kaJehova uphezu kwami.” (Luka 4:18) Yini eyafezwa uJesu ‘ngamandla omoya’? (Luka 4:14) Welapha zonke izifo, wathulisa amagagasi olwandle oluthukuthele, wapha izinkulungwane zabantu ukudla waze wavusa nabafileyo. Umphostoli uPetru wachaza uJesu ngokuthi “umuntu uNkulunkulu ambonisa obala . . . ngemisebenzi yamandla nezimangaliso nezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye.”—IzEnzo 2:22.
Umoya ongcwele awusazenzi izimangaliso ezinjalo esikhathini sethu. Noma kunjalo, ungasenzela okukhulu. UJehova ubapha ngesihle abakhulekeli bakhe umoya ongcwele, njengoba nje uJesu aqinisekisa abafundi bakhe. (Luka 11:13) Yingakho umphostoli uPawulu athi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Ingabe umoya ongcwele ungenza okufanayo ekuphileni kwakho? Isihloko esilandelayo sizophendula lo mbuzo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]
Izizathu Ezibonisa Ukuthi Umoya Ongcwele Awuyena Umuntu
IBhayibheli lifanisa umoya ongcwele namanzi. Lapho ethembisa abantu bakhe izibusiso zesikhathi esizayo, uNkulunkulu wathi: “Ngizothululela amanzi kowomileyo, nemifudlana egeleza kahle endaweni eyomile. Ngizothululela umoya wami enzalweni yakho, nesibusiso sami kwabozalo lwakho.”—Isaya 44:3.
Izinceku zikaNkulunkulu ‘zigcwala umoya ongcwele’ lapho uthululelwa phezu kwazo. Sitshelwa ukuthi uJesu, uJohane uMbhapathizi, uPetru, uPawulu, uBarnaba nabafundi ababendawonye ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. bonke bagcwala umoya ongcwele.—Luka 1:15; 4:1; IzEnzo 4:8; 9:17; 11:22, 24; 13:9.
Cabanga ngalokhu: Umuntu ‘angathululelwa’ yini kubantu abaningi abahlukahlukene? Ungasho yini ukuthi umuntu oyedwa ‘angagcwala’ iqembu labantu? Lokho akunangqondo. IBhayibheli liyakhuluma ngabantu lithi bagcwele ukuhlakanipha, ukuqonda, ngisho nolwazi olunembile, kodwa alilokothi lithi umuntu angagcwala komunye umuntu.—Eksodusi 28:3; 1 AmaKhosi 7:14; Luka 2:40; Kolose 1:9.
Igama lesiGreki elithi pneuʹma elihunyushwa ngokuthi “umoya” lidlulisela umqondo wamandla angabonakali. Ngokwe-Expository Dictionary of New Testament Words kaVine, igama elithi pneuʹma “ngokuyinhloko lisho umoya ovunguzayo . . . liphinde lisho umoya ophefumulwayo; kodwa lisho ngokukhethekile umoya ongcwele, ofana nomoya ovunguzayo ngoba awubonakali, kodwa unamandla.”
Kusobala-ke ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi, “Iqiniso NgoYise, INdodana, NoMoya Ongcwele,” emakhasini 201-204, encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Umthombo]
Photodisc/SuperStock