“Abalungileyo Bayokhanya Ngokukhazimulayo Njengelanga”
“Ngaleso sikhathi abalungileyo bayokhanya ngokukhazimulayo njengelanga embusweni kaYise.”—MATH. 13:43.
1. UJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze achaze ziphi izici ezihlukahlukene zoMbuso?
UJESU KRISTU wasebenzisa imifanekiso noma imizekeliso eminingi ukuze achaze izici ezihlukahlukene zoMbuso. “[Wakhuluma] ezixukwini ngemifanekiso. Ngempela, wayengakhulumi nazo ngaphandle komfanekiso.” (Math. 13:34) Emifanekisweni ephathelene nokuhlwanyela imbewu yeqiniso loMbuso, uJesu wagcizelela indima yesimo senhliziyo somuntu ekwamukeleni isigijimi, kanye nendima kaJehova ekubangeleni ukukhula okungokomoya. (Marku 4:3-9, 26-29) Waphinde wenza umfanekiso wokukhula okuvelele kwezithakazelo zoMbuso lapha emhlabeni ngisho noma ekuqaleni lokho kukhula kungabonakali njalo. (Math. 13:31-33) Ngaphezu kwalokho, waqokomisa ukuthi, empeleni, akubona bonke abasabela esigijimini soMbuso abayizikhonzi ezifanelekayo zawo.—Math. 13:47-50.a
2. Imelelani imbewu enhle esemfanekisweni kaJesu kakolweni nokhula?
2 Nokho, omunye wemifanekiso kaJesu ugxila ekubuthweni kwalabo abayobusa noJesu eMbusweni wakhe. Ngokuvamile ubizwa ngokuthi umfanekiso kakolweni nokhula futhi ukuMathewu isahluko 13. Nakuba komunye umfanekiso uJesu esitshela ukuthi imbewu ehlwanyelwayo ‘iyizwi lombuso,’ kulo mfanekiso usitshela ukuthi imbewu enhle imelela okuthile okuhlukile—“abantwana bombuso.” (Math. 13:19, 38) Laba abazona izikhonzi zoMbuso, kodwa, “bangamadodana,” noma izindlalifa, zoMbuso.—Roma 8:14-17; funda eyabaseGalathiya 4:6, 7.
Umfanekiso Kakolweni Nokhula
3. Chaza inkinga umuntu osemfanekisweni abhekene nayo nokuthi unquma ukuyisingatha kanjani.
3 Nanku lo mfanekiso: “Umbuso wamazulu uye waba njengomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe. Ngesikhathi abantu besalele, isitha sakhe safika sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni, sahamba. Lapho ikhaba lihluma futhi lithela, khona-ke kwabonakala nokhula. Ngakho izinceku zomninindlu zeza zathi kuye, ‘Nkosi, awuhlwanyelanga yini imbewu enhle ensimini yakho na? Khona-ke kwenzeka kanjani ukuba ibe nokhula?’ Wathi kuzo, ‘Lokhu kwenziwe yisitha, umuntu othile.’ Zathi kuye, ‘Khona-ke, uyafuna yini ukuba siphume siyolubutha?’ Wathi, ‘Cha; ukuze kungenzeki nangengozi ukuba, ngesikhathi nibutha ukhula, nisiphule nokolweni kanye nalo. Kuyekeni kukhule ndawonye kokubili kuze kube sekuvuneni; ngenkathi yokuvuna ngizotshela abavuni ngithi, Buthani ukhula kuqala nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela ukolweni enqolobaneni yami.’”—Math. 13:24-30.
4. (a) Ubani umuntu emfanekisweni? (b) UJesu waqala nini ukuhlwanyela le mbewu futhi kanjani?
4 Ubani lo muntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe? UJesu unikeza impendulo kamuva lapho echazela abafundi bakhe: “Umhlwanyeli wembewu enhle yiNdodana yomuntu.” (Math. 13:37) Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni yeminyaka emithathu nengxenye, uJesu, “iNdodana yomuntu,” walungisa insimu ukuze ihlwanyelwe. (Math. 8:20; 25:31; 26:64) Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke, waqala ukuhlwanyela imbewu enhle—“abantwana bombuso.” Kubonakala sengathi ukuhlwanyela kwenziwa ngesikhathi uJesu, njengommeleli kaJehova, eqala ukuthululela umoya ongcwele kubafundi, kanjalo ebagcoba njengabantwana bakaNkulunkulu.b (IzE. 2:33) Imbewu enhle yakhula yaze yaba ukolweni ovuthiwe. Ngakho injongo yokuhlwanyela imbewu enhle yayiwukuba ekugcineni kubuthwe inani eligcwele lalabo abayoba izindlalifa nababusi abakanye noJesu eMbusweni wakhe.
5. Ubani isitha emfanekisweni, futhi ukhula lumelela obani?
5 Ubani isitha, futhi ukhula lumelela obani? UJesu usitshela ukuthi isitha “uDeveli.” Ukhula luchazwa ngokuthi “abantwana bomubi.” (Math. 13:25, 38, 39) Ngomqondo ongokoqobo, ukhula uJesu ayekhuluma ngalo cishe kwakuwuhlobo oluthile lotshani okuthiwa i-bearded darnel. Lobu tshani obunobuthi bucishe bufane nokolweni lapho busebuncane. Yeka ukuthi buwafanekisela kahle kanjani amaKristu-mbumbulu athi angabantwana boMbuso kodwa ebe engatheli izithelo ezinhle! La maKristu angabazenzisi azibiza ngabalandeli bakaKristu, empeleni ayingxenye ‘yenzalo’ kaSathane uDeveli.—Gen. 3:15.
6. Lwaqala nini ukuvela ukhula, futhi abantu ‘babelele’ ngamuphi umqondo ngaleso sikhathi?
6 Avela nini la maKristu anjengokhula? UJesu uthi: “Ngesikhathi abantu besalele.” (Math. 13:25) Kwenzeka nini lokhu? Impendulo siyithola emazwini umphostoli uPawulu awabhalela abadala base-Efesu: “Ngiyazi ukuthi ngemva kokuhamba kwami kuzongena izimpisi ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngozwela umhlambi, naphakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzE. 20:29, 30) Waqhubeka wakhuthaza labo badala ukuba bahlale bephapheme ngokomoya. Ngemva kokuba abaphostoli ‘ababenjengento evimbela’ ukuhlubuka, sebeqale ukulala ekufeni, amaKristu amaningi alala ngokomoya. (Funda eyesi-2 Thesalonika 2:3, 6-8.) Yilapho-ke kwaqala khona ukuhlubuka okukhulu.
7. Ingabe omunye ukolweni waphenduka ukhula? Chaza.
7 UJesu akazange athi ukolweni wawuyoba ukhula kodwa wathi ukhula lwaluhlwanyelwe phakathi kukakolweni. Ngakho, lo mfanekiso awukhulumi ngamaKristu eqiniso ahlubukayo eqinisweni. Kunalokho, ubhekisela emzamweni kaSathane wangamabomu wokonakalisa ibandla lobuKristu ngokungenisa abantu ababi kulo. Ngesikhathi umphostoli wokugcina, uJohane, esegugile, lokhu kuhlubuka kwase kubonakala ngokucacile.—2 Pet. 2:1-3; 1 Joh. 2:18.
“Kuyekeni Kukhule Ndawonye Kokubili Kuze Kube Sekuvuneni”
8, 9. (a) Kungani iziqondiso iNkosi eyazinikeza izinceku zayo zaziyoba nengqondo ezilalelini zikaJesu? (b) Ekugcwalisekeni kwalo mfanekiso, ukolweni nokhula kwakhula kanjani ndawonye?
8 Izinceku zeNkosi ziyitshela ngale nkinga bese zibuza: “Khona-ke, uyafuna yini ukuba siphume siyolubutha [ukhula]?” (Math. 13:27, 28) Impendulo yayo ingase ibonakale imangaza. INkosi izitshela ukuba ziyeke ukolweni nokhula kukhule ndawonye kuze kube isikhathi sokuvuna. Lowo myalo wawuyoba nengqondo kubafundi bakaJesu. Babeyokwazi ukuthi kunzima kanjani ukuhlukanisa ukolweni okhuleni lwe-darnel. Labo ababenolwazi oluthile kwezolimo babeyokwazi nokuthi izimpande zalolu khula zivame ukuthandelana nezikakolweni.c Yingakho iNkosi iyala ukuba zilinde!
9 Ngendlela efanayo, phakathi namakhulu eminyaka amahlelo ahlukahlukene eLobukholwa aye athela ukhula oluningi—lwaqala kumaRoma Katolika nasemasontweni obu-Orthodox kwathi kamuva kwaba semaqenjini ahlukahlukene amaProthestani avela. Ngesikhathi esifanayo, kwahlwanyelwa imbewu embalwa kakolweni wangempela ensimini eyizwe. Umninindlu emfanekisweni walinda ngesineke phakathi nesikhathi eside sokukhula kwayo kwaze kwafika isikhathi esifushane sokuvuna.
Isikhathi Sokuvuna Okwase Kuyisikhathi Silindelwe
10, 11. (a) Sinini isikhathi sokuvuna? (b) Ukolweni ongokomfanekiso ulethwa kanjani enqolobaneni kaJehova?
10 UJesu uyasitshela: “Ukuvuna yisiphelo sesimiso sezinto, abavuni yizingelosi.” (Math. 13:39) Ukuhlukaniswa kwenzeka phakathi nezinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto esibi—kumelwe kubuthwe abantwana boMbuso bahlukaniswe kwabanjengokhula. Ngokuphathelene nalokhu, umphostoli uPetru uyasitshela: “Yisikhathi esimisiwe sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu. Uma kuqala ngathi kuqala, kuyoba yini ukuphela kwalabo abangazilaleli izindaba ezinhle zikaNkulunkulu?”—1 Pet. 4:17.
11 Ngemva nje kokuqala kwezinsuku zokugcina, noma “isiphelo sesimiso sezinto,” ukwahlulela kwaqala kulabo abathi bangamaKristu eqiniso—kungakhathaliseki ukuthi ‘babengabantwana bombuso’ ngempela noma “abantwana bomubi.” ‘Kwaqala’ ngokuwa kweBhabhiloni elikhulu, ‘kwase’ kulandela ukubuthelwa ndawonye kwabantwana boMbuso ekuqaleni kokuvuna. (Math. 13:30) Kodwa ukolweni ongokomfanekiso ulethwa kanjani enqolobaneni kaJehova namuhla? Ngokuthi abavuniwe balethwe ebandleni lobuKristu elibuyiselwe lapho bethola khona umusa nesivikelo sikaNkulunkulu, noma ngokunikwa umvuzo wabo wasezulwini.
12. Ukuvuna kuthatha isikhathi esingakanani?
12 Kuthatha isikhathi esingakanani ukwahlulela? UJesu wabhekisela ekuvuneni ‘njengenkathi,’ ngakho kuqhubeka isikhathi eside. (IsAm. 14:15, 16) Ukwahlulelwa kwelungu ngalinye eligcotshiwe kuyaqhubeka phakathi naso sonke isikhathi sokuphela. Kuyoqhubeka kuze kufike isikhathi sokubekwa kwabo uphawu lokugcina.—IsAm. 7:1-4.
13. Ukhula lukhubekisa kanjani, futhi lukwenza kanjani ukungabi namthetho?
13 Obani abayobuthwa bakhishwe eMbusweni, bakhubekisa kanjani futhi bakwenza kanjani ukungabi namthetho? (Math. 13:41) Abefundisi beLobukholwa abanjengokhula baye badukisa izigidi zabantu amakhulu eminyaka. Lokhu bakwenze ngezimfundiso ezihlambalaza uNkulunkulu, “izinto ezikhubekisayo,” ezinjengemfundiso yokuhlushwa phakade esihogweni somlilo nemfundiso eyindida kaZiqu-zintathu. Abaholi benkolo abaningi baye babekela imihlambi yabo isibonelo esibi ngokuphinga naleli zwe futhi ngezinye izikhathi ngokuziphatha kwabo okubi okuyingcaca. (Jak. 4:4) Ngaphezu kwalokho, eLobukholwa liye laqhubeka libekezelela ukuziphatha okubi emalungwini alo. (Funda uJude 4.) Naphezu kwazo zonke lezi zinto, liyaqhubeka lizishaya elingcwele nelesaba uNkulunkulu. Yeka ukuthi abantwana boMbuso bajabula kanjani ngokuthi bahlukanisiwe namathonya anjengokhula nezimfundiso ezonakele ezikhubekisayo!
14. Abanjengokhula bakhala futhi bawaququde kanjani amazinyo?
14 Abanjengokhula bakhala futhi bawaququde kanjani amazinyo? (Math. 13:42) “Abantwana bomubi” bezwa ubuhlungu ngoba “abantwana bombuso” beye basidalula isimo esinobuthi ngokomoya salaba abanjengokhula. Bakhaliswa nawukuncipha kokusekelwa kwabo amalungu amasonto abo nokuthi abasakwazi ukulawula imihlambi yabo.—Funda u-Isaya 65:13, 14.
15. Kungamuphi umqondo abanjengokhula beshiswa ngomlilo?
15 Ukhula lubuthwa futhi lushiswe ngomlilo ngamuphi umqondo? (Math. 13:40) Lokhu kubhekisela kulokho okuyogcina kwenzeke okhuleni. Ukuphonswa kwalo ngokomfanekiso esithandweni somlilo kubonisa ukuthi luyobhujiswa phakade. (IsAm. 20:14; 21:8) AmaKristu-mbumbulu anjengokhula, abazenzisi, azoqothulwa phakathi ‘nosizi olukhulu.’—Math. 24:21.
“Bayokhanya Ngokukhazimulayo Njengelanga”
16, 17. Yini uMalaki ayiprofetha ngethempeli likaNkulunkulu, futhi lokhu kwaqala nini ukugcwaliseka?
16 Abanjengokolweni ‘bakhanya’ nini “ngokukhazimulayo njengelanga”? (Math. 13:43) Ngokuphathelene nokuhlanzwa kwethempeli likaNkulunkulu, uMalaki waprofetha: “‘INkosi yeqiniso eniyifunayo iyofika kungazelelwe ethempelini laYo, nesithunywa sesivumelwano enijabula ngaso. Bheka! Iyofika ngokuqinisekile,’ kusho uJehova wamabutho. ‘Kodwa ngubani oyolumela usuku lokufika kwayo, futhi ngubani oyokuma lapho ibonakala? Ngoba iyoba njengomlilo womcwengi nanjengensipho yabahlanzi bezingubo. Iyohlala njengomcwengi nanjengomhlanzi wesiliva ihlanze amadodana kaLevi; iyowacwenga njengegolide nanjengesiliva, futhi kuJehova ayoba ngabantu abaletha umnikelo wesipho ngokulunga.’”—Mal. 3:1-3.
17 Ezikhathini zanamuhla, lesi siprofetho kubonakala saqala ukugcwaliseka ngo-1918 lapho uJehova ekanye “nesithunywa sesivumelwano,” uJesu Kristu, behlola ithempeli elingokomoya. UMalaki usitshela lokho okwenzeka lapho lokho kuhlanzwa sekuqediwe: “Ngokuqinisekile niyobuye nibone umehluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongazange amkhonze.” (Mal. 3:18) Ukudlondlobala komsebenzi wamaKristu eqiniso avuselelwe kubonisa ukuthi isikhathi sokuvuna saqala ngaleyo nkathi.
18. Yini uDaniyeli aprofetha ukuthi yayiyokwenzeka osukwini lwethu?
18 Umprofethi uDaniyeli wayekhuluma ngosuku lwethu lapho ebikezela: “Abanokuqondisisa bayokhanya njengokukhanya komkhathi; nalabo abaletha abaningi ekulungeni, njengezinkanyezi kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.” (Dan. 12:3) Bangobani laba abakhanya ngokukhazimula kangaka? Abekho abanye ngaphandle kwamaKristu agcotshiwe, ukolweni wangempela uJesu ayekhuluma ngawo emfanekisweni wakhe kakolweni nokhula! Isixuku esande njalo sabanjengezimvu siye sakubona ngokucacile ‘ukubuthwa nokukhishwa’ kwamaKristu-mbumbulu anjengokhula. Ngokuzihlanganisa nensali ka-Israyeli ongokomoya, laba abazoba izikhonzi zoMbuso nabo benza ukukhanya kwabo kukhanye kuleli zwe elisebumnyameni.—Zak. 8:23; Math. 5:14-16; Fil. 2:15.
19, 20. Yini “abantwana bombuso” abayibheke ngabomvu, futhi sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Namuhla, “abantwana bombuso” bawubheke ngabomvu umvuzo wabo okhazimulayo wasezulwini. (Roma 8:18, 19; 1 Kor. 15:53; Fil. 1:21-24) Nokho, kuze kube yileso sikhathi, kumelwe bahlale bethembekile, baqhubeke bekhanya, futhi bahluke ‘kubantwana bomubi.’ (Math. 13:38; IsAm. 2:10) Yeka ukuthi sonke singajabula kanjani ngokuthi saba nelungelo lokubona imiphumela yalokhu ‘kubuthwa nokukhishwa’ kokhula okungokomfanekiso osukwini lwethu!
20 Kodwa, ikuphi ukuhlobana okukhona phakathi kwalaba bantwana boMbuso nesixuku esikhulu esilokhu sande njalo salabo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni njengezikhonzi zoMbuso? Isihloko esilandelayo sizowuphendula lo mbuzo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngale mifanekiso, bheka INqabayokulinda ka-July 15, 2008, amakhasi 12-21.
b Kulo mfanekiso, ukuhlwanyela akumeleli umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi, owawuyoletha abantu abasha ababeyoba amaKristu agcotshiwe. Ngokuphathelene nembewu enhle ehlwanyelwe ensimini, uJesu wathi: “Ngabantwana bombuso [akazange athi iyoba abantwana bombuso].” Ukuhlwanyela kubhekisele ekugcotshweni kwalaba bantwana bombuso ensimini eyizwe.
c Izimpande ze-bearded darnel zithandelana kakhulu nezimpande zikakolweni kangangokuthi ukulusiphula lolu khula ngaphambi kokuvuna kungabangela ukulahlekelwa ukolweni omningi.—Bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 1, ikhasi 1178.
Ingabe Uyakhumbula?
Emfanekisweni kaJesu kakolweni nokhula, lezi zinkulumo zimelelani?
• Imbewu enhle
• Umuntu owahlwanyela imbewu
• Ukuhlwanyela imbewu
• Isitha
• Ukhula
• Isikhathi sokuvuna
• Inqolobane
• Ukukhala nokuququda amazinyo
• Isithando somlilo
[Izithombe ekhasini 20]
Ukuhlwanyelwa kwembewu enhle kwaqala ngePhentekoste lika-33 C.E.
[Isithombe ekhasini 23]
Manje ukolweni ongokomfanekiso ulethwa enqolobaneni kaJehova
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.