Basha—Qinisani Isifiso Senu Sokukhonza UJehova
“Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho.”—UMSH. 12:1.
1. Yini abantwana kwa-Israyeli abamenywa ukuba bayenze?
EMINYAKENI engaba ngu-3 500 edlule, umprofethi kaJehova, uMose, wayala abapristi namadoda amadala akwa-Israyeli: “Butha abantu, amadoda nabesifazane nabancane . . . , ukuze balalele futhi bafunde, njengoba kumelwe bamesabe uJehova uNkulunkulu wenu baqaphele ukuwafeza wonke amazwi alo mthetho.” (Dut. 31:12) Phawula ukuthi obani abayalwa ukuba babe khona emibuthanweni yokukhulekela: amadoda, abesifazane nabantwana. Yebo, ngisho nabantwana babephakathi kwalabo abatshelwa ukuba balalele, bafunde futhi balandele isiqondiso sikaJehova.
2. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyayikhathalela intsha eyayisebandleni lamaKristu okuqala?
2 Ekhulwini lokuqala, uJehova waqhubeka ebonisa ukuthi wayeyikhathalela intsha emesabayo. Ngokwesibonelo, waphefumulela umphostoli uPawulu ukuba afake neziyalezo ezaziqondiswe ngokukhethekile entsheni kwezinye zezincwadi zakhe azithumela emabandleni. (Funda abase-Efesu 6:1; Kolose 3:20.) Intsha engamaKristu eyasisebenzisa leso seluleko yathuthuka ekwaziseni uYise osezulwini onothando futhi wayibusisa.
3. Intsha namuhla ibonisa kanjani ukuthi ifisa ukukhonza uNkulunkulu?
3 Ingabe intsha namuhla isamenywa ukuba ibuthanele ukukhulekela uJehova? Yebo! Ngenxa yalokho, kuletha injabulo kubo bonke abantu bakaNkulunkulu ukubona izinceku zikaJehova ezisencane eziningi kakhulu emhlabeni wonke zisebenzisa iseluleko sikaPawulu: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heb. 10:24, 25) Ngaphezu kwalokho, izingane eziningi zihlanganyela nabazali bazo ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Math. 24:14) Izinkulungwane eziningi zentsha minyaka yonke ziyabhapathizwa, zibonakalisa ukuthi zimthanda ngokujulile uJehova futhi zithola izibusiso ezitholakala ngokuba umfundi kaKristu.—Math. 16:24; Marku 10:29, 30.
Samukeleni Manje Isimemo
4. Intsha ingasamukela nini isimemo sikaNkulunkulu sokumkhonza?
4 UmShumayeli 12:1 uthi: “Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho.” Basha, nicabanga ukuthi kumelwe ukuba nibe badala kangakanani ukuze namukele lesi simemo sothando sokukhulekela uJehova nokumkhonza? ImiBhalo ayibaluli minyaka ethile yobudala. Ngakho-ke, ningazindeli, nicabange ukuthi nisebancane kakhulu ukuba nilalele uJehova futhi nimkhonze. Kungakhathaliseki ukuthi ningakanani, nikhuthazwa ukuba namukele lesi simemo ngaphandle kokulibala.
5. Abazali bangabasiza kanjani abantwana babo ukuba bathuthuke ngokomoya?
5 Abaningi kini basizwa oyedwa noma yibo bobabili abazali ukuba bathuthuke ngokomoya. Ngakho, bafana noThimothewu wezikhathi zeBhayibheli. Lapho esewusana nje, unina u-Evnike nogogo wakhe uLowisi bamfundisa imibhalo engcwele. (2 Thim. 3:14, 15) Cishe, abazali benu baniqeqesha ngendlela efanayo ngokutadisha iBhayibheli nani, ngokuthandaza nani, ngokuya nani emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emikhulu yabantu bakaNkulunkulu nasenkonzweni yasensimini. Empeleni, abazali bawunikwa uJehova ngokwakhe lo mthwalo wemfanelo obaluleke kakhulu wokunifundisa izindlela zakhe. Niyalwazisa yini uthando nokukhathalela kwabo?—IzAga 23:22.
6. (a) NgokweHubo 110:3, uJehova uthokoziswa ukukhulekela okunjani? (b) Yini esizoxoxa ngayo manje?
6 Noma kunjalo, njengoba nikhula, uJehova ufuna ukuba “nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo” njengoba kwenza uThimothewu. (Roma 12:2) Uma nenza kanjalo, ngeke nihlanganyele emisebenzini yebandla ngoba kufuna abazali benu, kodwa niyokwenza ngoba nifuna ukwenza intando kaNkulunkulu. Uma nikhonza uJehova ngomoya ovumayo, kuyomthokozisa lokho. (IHu. 110:3) Ningabonisa kanjani-ke ukuthi nifuna ukuqinisa isifiso senu sokulalela uJehova nokulandela isiqondiso sakhe? Sizocabangela izindlela ezintathu ezibalulekile eningakwenza ngazo lokhu: ukutadisha, ukuthandaza nokuziphatha. Ake sizihlole ngayinye ngesikhathi.
Yazini UJehova NjengoMuntu
7. UJesu wasibeka kanjani isibonelo sokuba umfundi wemiBhalo, futhi yini eyamsiza ukuba enze kanjalo?
7 Indlela yokuqala enibonisa ngayo ukuthi nifuna ukujulisa isifiso senu sokukhonza uJehova iwukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Ninganelisa isidingo senu esingokomoya futhi nizuze ulwazi oluyigugu lweBhayibheli ngokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo. (Math. 5:3) UJesu wanibekela isibonelo. Ngesinye isikhathi lapho eneminyaka engu-12, abazali bakhe bamthola ethempelini “ehlezi phakathi kwabafundisi ebalalele futhi ebabuza.” (Luka 2:44-46) Nakuba ayesemncane, uJesu wayesakhe ukulangazelela imiBhalo nokuyiqonda. Yini eyamsiza ukuba enze kanjalo? Akungabazeki ukuthi unina uMariya nosingayise uJosefa baba neqhaza elibalulekile. Babeyizinceku zikaNkulunkulu ezafundisa uJesu ngoNkulunkulu esewusana.—Math. 1:18-20; Luka 2:41, 51.
8. (a) Abazali kufanele baqale nini ukugxilisa uthando ngeZwi likaNkulunkulu ezinganeni zabo? (b) Landisa okuhlangenwe nakho okufakazela ukuthi kuyazuzisa ukuqala ukuqeqesha izingane zisencane.
8 Nanamuhla, abazali abesaba uNkulunkulu baqaphela ukubaluleka kokugxilisa ezinhliziyweni zabantwana babo ukulangazelela iqiniso leBhayibheli besebancane. (Dut. 6:6-9) Yilokho uRubi, udade ongumKristu, akwenza ngemva nje kokuzalwa kwendodana yakhe yokuqala, uJoseph. Nsuku zonke wayemfundela incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Njengoba ekhula, wayemsiza ukuba abambe ngekhanda imiBhalo ehlukahlukene. Ingabe uJoseph wazuza kulokho kuqeqeshwa? Ngemva nje kokuba eqale ukukhuluma, wakwazi ukulandisa izindaba eziningi zeBhayibheli ngamazwi akhe. Lapho eseneminyaka emihlanu, wanikeza inkulumo yakhe yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
9. Kungani ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalokho okufundayo kubalulekile?
9 Basha, ukuze niqhubeke nithuthuka ngokomoya, kufanele nenze ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kube umkhuba eniyonamathela kuwo nize nibe badala. (IHu. 71:17) Kungani ukufunda iBhayibheli kuyonisiza ukuba nithuthuke? Phawulani lokho uJesu akusho lapho ethandaza kuYise: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Joh. 17:3) Ngempela, njengoba nifaka ulwazi olwengeziwe ngoJehova, niyolokhu nimbona ngokucace ngokwengeziwe njengoMuntu ongokoqobo futhi uthando lwenu ngaye luyojula. (Heb. 11:27) Ngakho-ke, isikhathi ngasinye lapho nifunda ingxenye ethile yeBhayibheli, sebenzisani lelo thuba ukuze nifunde okwengeziwe ngoJehova. Zibuzeni: ‘Lokhu kulandisa kungifundisani ngoJehova njengoMuntu? Le ngxenye yeBhayibheli ibonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu uyangithanda futhi uyangikhathalela?’ Ukuzinika isikhathi sokuzindla ngemibuzo enjalo kuyonisiza ukuba nazi indlela uJehova acabanga futhi azizwa ngayo nalokho akulindele kini. (Funda izAga 2:1-5.) NjengoThimothewu osemncane, ‘niyothonyelwa ukuba nikukholelwe’ lokho enikufunda emiBhalweni, futhi niyoshukumiseleka ukuba nikhulekele uJehova ngenhliziyo evumayo.—2 Thim. 3:14.
Indlela Ukuthandaza Okujulisa Ngayo Uthando Lwenu NgoJehova
10, 11. Ukuthandaza kunisiza kanjani ukuba niqinise isifiso senu sokukhonza uNkulunkulu?
10 Indlela yesibili eningaqinisa ngayo isifiso senu sokukhonza uJehova ngenhliziyo yonke iyimithandazo yenu. KumaHubo 65:2, sifunda lokhu: “O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.” Ngisho nangesikhathi u-Israyeli ayeyisizwe esasenze isivumelwano noNkulunkulu, abezinye izizwe ababeza ethempelini likaJehova babekwazi ukuthandaza kuye. (1 AmaKh. 8:41, 42) UNkulunkulu akakhethi. Labo abagcina imiyalo yakhe bayaqiniseka ukuthi uyobalalela. (IzAga 15:8) Ngokuqinisekile, “abantu bayo yonke inyama” bahlanganisa nani, basha.
11 Niyazi ukuthi isisekelo sanoma ibuphi ubuhlobo bangempela siwukukhulumisana okuhle. Cishe niyakujabulela ukuxoxa nomuntu ongumngane omkhulu ngezinto enizicabangayo, ezinikhathazayo nangemizwa yenu. Ngokufanayo, nixoxa noMdali wenu Omkhulu ngokuthandaza ngokusuka enhliziyweni. (Fil. 4:6, 7) Khulumani noJehova ngokungathi nithulula inhliziyo yenu kumzali onothando noma kumngane omkhulu. Eqinisweni, indlela enithandaza ngayo ihlobene kakhulu nendlela enizizwa ngayo ngoJehova. Niyoqaphela ukuthi lapho ubuhlobo benu noJehova bukhula, nemithandazo yenu iyoba nesisindo.
12. (a) Kungani kungewona amazwi kuphela enza imithandazo ibe nesisindo? (b) Yini eyonisiza ukuba nibone ukuthi uJehova useduze nani?
12 Nokho, hlalani nikhumbula ukuthi akuwona amazwi kuphela enza umthandazo ube nesisindo. Imizwa yenu esekujuleni ibalulekile. Imithandazo yenu mayibonise uthando olufudumele, inhlonipho ejulile nokwethembela ngokuphelele kuJehova. Njengoba nibona indlela uJehova aphendula ngayo imithandazo yenu, niyozibonela ngokwenu kunanini ngaphambili ukuthi “uJehova useduze nabo bonke abambizayo.” (IHu. 145:18) Yebo, uJehova uyosondela kini, aniqinise ukuba nimelane noDeveli futhi nenze izinqumo ezifanele ekuphileni.—Funda uJakobe 4:7, 8.
13. (a) Ukuba umngane kaNkulunkulu kwamsiza kanjani omunye udade? (b) Ukuba umngane kaNkulunkulu kukusiza kanjani ukuba unqobe ukucindezela kontanga?
13 Cabanga ngendlela uCherie athola ngayo amandla ngokuba nobuhlobo obuhle noJehova. Lapho efunda esikoleni esiphakeme, wayethola izindondo ngoba wayenza kahle kakhulu ezifundweni zakhe nasemidlalweni. Lapho eqeda esikoleni, wathenjiswa umfundaze owawuyomenza akwazi ukuthola imfundo ephakeme. UCherie uthi: “Ngalingeka ukuba ngiwuthathe lo mfundaze, futhi ababengiqeqesha kwezemidlalo nezingane engangifunda nazo babengicindezela kakhulu ukuba ngiwuthathe.” Nokho, waqaphela ukuthi uma ayengaphishekela imfundo ephakeme kwakuyodingeka asebenzise isikhathi esiningi etadisha futhi elungiselela imidlalo—asalelwe esincane sokukhonza uJehova. Wenzani? Uthi, “Ngemva kokuthandaza kuJehova, ngawenqaba lowo mfundaze futhi ngaqala ukukhonza njengephayona elivamile.” Njengamanje, useneminyaka emihlanu ephayona. Uthi, “Angizisoli nakancane. Kuyangithokozisa ukwazi ukuthi ngenze isinqumo esithokozisa uJehova. Ngempela, uma ubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala, zonke ezinye izinto uyozenezelelwa.”—Math. 6:33.
Ukuziphatha Okuhle Kwembula Ukuthi ‘Nihlanzekile Enhliziyweni’
14. Kungani ukuziphatha kwenu okuhle kubalulekile emehlweni kaJehova?
14 Indlela yesithathu eningabonisa ngayo ukuthi nikhonza uJehova ngenhliziyo evumayo iwukuziphatha kwenu. UJehova ubusisa intsha ehlale ihlanzekile ngokokuziphatha. (Funda amaHubo 24:3-5.) USamuweli osemncane wenqaba ukulandela ukuziphatha okubi kwamadodana omPristi Ophakeme u-Eli. Bakhona ababekuqaphela ukuziphatha okuhle kukaSamuweli. Umlando weBhayibheli uthi: “Sonke leso sikhathi umfana uSamuweli wayelokhu ekhula futhi ethandeka ngokwengeziwe kuJehova nakubantu.”—1 Sam. 2:26.
15. Iziphi ezinye zezizathu zokuba nilondoloze ukuziphatha okuhle?
15 Siphila ezweni eligcwele abantu abazithandayo, abazidlayo, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abanolaka, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu—uma sibala izici ezimbalwa nje zabantu uPawulu akhuluma ngabo. (2 Thim. 3:1-5) Ngakho kungaba inselele ngempela ukulondoloza ukuziphatha okuhle naphezu kokuba nizungezwe yileli zwe elibi. Nokho, isikhathi ngasinye lapho nenza okulungile futhi nenqaba ukuhlanganyela ekuziphatheni okubi, nibonisa ukuthi ningasohlangothini lukaJehova empikiswaneni yobukhosi bendawo yonke. (Jobe 2:3, 4) Nithola nokwaneliseka ngokwazi ukuthi nenza ngokuvumelana nalokhu kunxusa kothando kukaJehova: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.” (IzAga 27:11) Ngaphezu kwalokho, ukwazi ukuthi uJehova uyanamukela kuyoniqinisa esifisweni senu sokumkhonza.
16. Omunye udade wayijabulisa kanjani inhliziyo kaJehova?
16 Udade ogama lakhe linguCarol wanamathela ezimisweni zeBhayibheli lapho esafunda isikole futhi abanye bakuqaphela ukuziphatha kwakhe okuhle. Kwabe sekwenzekani? UCarol wenziwa inhlekisa ayefunda nabo ngoba unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli wawungamvumeli ukuba ahlanganyele ekugubheni amaholidi nemikhosi yobuzwe. Ngalezo zikhathi, wayeke athole ithuba lokuchazela abanye ngezinkolelo zakhe. Ngemva kweminyaka eminingi, uCarol wathola ikhadi elalivela komunye wababefunda naye, owabhala: “Bengilokhu nginesifiso sokukubona ukuze ngikubonge. Ngangikuqaphela ukuziphatha kwakho okuhle nokuba kwakho isibonelo njengosemusha ongumKristu kanye nesibindi owawusibonisa ngokuphathelene namaholidi. Nguwe uFakazi KaJehova wokuqala engamazi.” Isibonelo sikaCarol samhlaba umxhwele kakhulu kangangokuba kamuva waqala ukufunda iBhayibheli. Wabhala ekhadini ukuthi wayeseneminyaka engaphezu kwengu-40 enguFakazi obhapathiziwe! NjengoCarol, nina basha eninamathela ngesibindi ezimisweni zeBhayibheli namuhla, ningase nishukumisele abantu abanhliziyo-qotho ukuba bazi uJehova.
Intsha Edumisa UJehova
17, 18. (a) Uzizwa kanjani ngentsha esebandleni lakini? (b) Intsha esaba uNkulunkulu ilindelwe ikusasa elinjani?
17 Sonke esisenhlanganweni kaJehova yomhlaba wonke sijabula kakhulu lapho sibona izinkulungwane eziningi zentsha eshisekayo zihlanganyela nathi ekukhulekeleni kweqiniso! Le ntsha iqinisa isifiso sayo sokukhulekela uJehova ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke, ngokuthandaza nangokuziphatha ngendlela evumelana nentando kaNkulunkulu. Intsha enjalo eyisibonelo iwumthombo wokuqabuleka kubazali bayo nakubo bonke abantu bakaJehova.—IzAga 23:24, 25.
18 Esikhathini esizayo, intsha ethembekile iyoba phakathi kwalabo abayosindela ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu. (IsAm. 7:9, 14) Lapho, iyojabulela izibusiso eziningi njengoba iqhubeka ijulisa ukwazisa kwayo ngoJehova, futhi iyokwazi ukumdumisa kuze kube nini nanini.—IHu. 148:12, 13.
Ingabe Ungachaza?
• Intsha ingahlanganyela kanjani ekukhulekeleni kweqiniso namuhla?
• Kungani kubalulekile ukuzindla ukuze nizuze lapho nifunda iBhayibheli?
• Ukuthandaza kunisondeza kanjani kuJehova?
• Ukuziphatha okuhle komKristu kunaliphi iqhaza?
[Isithombe ekhasini 5]
Ingabe kuwumkhuba wakho ukufunda iBhayibheli nsuku zonke?