Madoda, Ingabe Niyazithoba Ebunhlokweni BukaKristu?
“Inhloko yawo onke amadoda nguKristu.”—1 KOR. 11:3.
1. Yini ebonisa ukuthi uJehova unguNkulunkulu ohlelekile?
ISAMBULO 4:11 sithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” Ngenxa yokuthi wadala zonke izinto, uJehova uNkulunkulu unguMbusi Ophakeme wendawo yonke futhi ungaphezu kwayo yonke indalo yakhe. Ukuthi uJehova “unguNkulunkulu wokuthula, akayena owesiyaluyalu,” kungabonakala endleleni umkhaya wakhe wezingelosi ohlelwe ngayo.—1 Kor. 14:33; Isaya 6:1-3; Heb. 12:22, 23.
2, 3. (a) Ubani indalo kaJehova yokuqala? (b) INdodana eyizibulo inasiphi isikhundla uma iqhathaniswa noYise?
2 UNkulunkulu wayeyedwa iminyaka eminingi ngaphambi kokuba aqale ukudala. Indalo yakhe yokuqala ngqá kwaba isidalwa somoya esibizwa ngokuthi “uLizwi” ngoba sasinguMkhulumeli wakhe. Zonke izinto zaba khona ngoLizwi. Kamuva weza emhlabeni njengomuntu ophelele futhi waziwa ngokuthi uJesu Kristu.—Funda uJohane 1:1-3, 14.
3 Ithini imiBhalo ngesikhundla sikaNkulunkulu neseNdodana yakhe eyizibulo? Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu uthi: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.” (1 Kor. 11:3) UKristu ungaphansi kobunhloko bukaYise. Ubunhloko nokuzithoba kubalulekile ukuze kube nokuthula nokuhleleka phakathi kwezidalwa ezihlakaniphile. Ngisho nalowo ‘zonke ezinye izinto ezadalwa ngaye’ kudingeka azithobe ebunhlokweni bukaNkulunkulu.—Kol. 1:16.
4, 5. UJesu wayezizwa kanjani ngesikhundla sakhe sokuba ngaphansi kukaJehova?
4 UJesu wayezizwa kanjani ngokuzithoba ebunhlokweni bukaJehova nangokuza emhlabeni? ImiBhalo ithi: ‘Nakuba uKristu Jesu ayephila ngesimo sikaNkulunkulu, akazange acabangele ukuqhwaga, okungukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu. Cha, kodwa wazidela, wathatha isimo senceku wafana nabantu. Ngaphezu kwalokho, lapho ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.’—Fil. 2:5-8.
5 Ngaso sonke isikhathi, uJesu wayezithoba entandweni kaYise. Wathi: “Angikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kimi ngokwami; . . . isahlulelo engisikhiphayo silungile, ngoba angifuni intando yami, kodwa intando yalowo ongithumile.” (Joh. 5:30) Wabuye wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo [uBaba].” (Joh. 8:29) Ngasekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni, wathandaza kuYise: “Ngikukhazimulisile emhlabeni, njengoba ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.” (Joh. 17:4) Kusobala ukuthi uJesu akazange abe nenkinga ngokuqaphela nangokwamukela ubunhloko bukaNkulunkulu.
Ukuzithoba KuBaba Kuzuzisa INdodana
6. Iziphi izimfanelo ezinhle kakhulu ezaboniswa uJesu?
6 Lapho esemhlabeni, uJesu wabonisa izimfanelo eziningi ezinhle kakhulu. Enye yazo uthando olukhulu ngoYise. Wathi: “Ngiyamthanda uBaba.” (Joh. 14:31) Wabonisa uthando olukhulu nangabantu. (Funda uMathewu 22:35-40.) UJesu, wayenomusa futhi ecabangela, akazange abe nokhahlo noma acindezele. Wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Math. 11:28-30) Abantu abanjengezimvu abadala nabancane, ikakhulukazi labo ababecindezelekile bathola induduzo enkulu ebuntwini bukaJesu obuqabulayo nasesigijimini sakhe esikhuthazayo.
7, 8. UMthetho wawumbekela miphi imingcele owesifazane onomopho, kodwa uJesu wamphatha kanjani?
7 Cabanga ngendlela uJesu asebenzelana ngayo nabesifazane. Kuwo wonke umlando, amadoda amaningi aye abaphatha kabi abesifazane. Benza okufanayo nabaholi benkolo bakwa-Israyeli wasendulo. Kodwa uJesu wabaphatha ngenhlonipho abesifazane. Lokhu kubonakala kahle endleleni asebenzelana ngayo nowesifazane owayeseneminyaka engu-12 enomopho. Odokotela “babemzwise ubuhlungu kaningi” futhi esebenzise yonke ingcebo yakhe ukuze aphile. Naphezu kwayo yonke leyo mizamo, “isimo sakhe sasibe sibi kakhulu.” NgokoMthetho, wayebhekwa njengongcolile. Wonke umuntu omthintayo naye wayebhekwa njengongcolile.—Lev. 15:19, 25.
8 Lapho lona wesifazane ezwa ukuthi uJesu wayephulukisa abagulayo, wangena esixukwini esasimngungile, ethi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe yangaphandle, ngizophila.” Lona wesifazane wamthinta uJesu futhi waphila ngokushesha. UJesu wayazi ukuthi kwakungafanele athinte ingubo yakhe. Noma kunjalo, akamthethisanga, kunalokho wamphatha ngomusa. Wayazi indlela okumelwe ukuba wayezizwa ngayo ngemva kokugula yonke leyo minyaka futhi waqonda ukuthi wayeludinga kangakanani usizo. Ngozwela uJesu wathi kuye: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle.”—Marku 5:25-34.
9. UJesu wathini lapho abafundi bakhe bezama ukuvimba abantwana ukuba bangezi kuye?
9 Ngisho nabantwana babezizwa bekhululekile uma benoJesu. Ngesinye isikhathi, lapho abantu beletha abantwana babo kuye, abafundi bakhe babakhuza, cishe benomuzwa wokuthi wayengeke athande ukuphazanyiswa abantwana. Kodwa uJesu wayengazizwa ngaleyo ndlela. Ukulandisa kwemiBhalo kuyasitshela: “Lapho ebona lokhu uJesu wathukuthela wathi [kubafundi]: ‘Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.’” Ngemva kwalokho, “wabasingatha abantwana wababusisa, ebabeka izandla.” Akukhona nje ukuthi uJesu wayebabekezelela abantwana; kodwa wayebamukela ngothando—Marku 10:13-16.
10. Kwenzeka kanjani ukuba uJesu abonise izimfanelo ezinhle?
10 Kwenzeka kanjani ukuba uJesu abonise izimfanelo ezinhle ngesikhathi esemhlabeni? Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, waqaphelisisa uYise wasezulwini iminyaka eminingi futhi wafunda izindlela zakhe. (Funda izAga 8:22, 23, 30.) Esezulwini, wayeyibonile indlela uJehova ayesebenzisa ngayo ubunhloko ngothando kuzo zonke izidalwa zaKhe futhi wayithanda. Wayeyokwazi yini ukwenza lokho ukube wayengathobekile? Wayekujabulela ukuzithoba kuYise, futhi noJehova ekujabulela ukuba neNdodana enjengaye. Lapho esemhlabeni, uJesu wazibonakalisa ngokuphelele izimfanelo zikaYise osezulwini ezimangalisayo. Yeka ilungelo esinalo lokuzithoba kuKristu, uMbusi okhethwe uNkulunkulu woMbuso wasezulwini!
Lingisa Izimfanelo ZikaKristu
11. (a) Ubani okufanele sizikhandlele ukumlingisa? (b) Kungani kungamadoda ngokukhethekile ebandleni okufanele alwele ukulingisa uJesu?
11 Wonke amaKristu ebandleni, ikakhulukazi amadoda, kufanele aqhubeke ezikhandla ekulingiseni izimfanelo zikaKristu. Njengoba sekuphawuliwe kakade, iBhayibheli lithi: “Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu.” Njengoba uKristu alingisa iNhloko yakhe, uNkulunkulu weqiniso, namadoda angamaKristu kufanele alwele ukulingisa inhloko yawo—uKristu. Yilokho kanye umphostoli uPawulu akwenza lapho eba umKristu. Wanxusa amaKristu ayekanye nawo: “Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.” (1 Kor. 11:1) Umphostoli uPetru naye wathi: “Nabizelwa kule nkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Pet. 2:21) Kunesinye isizathu esenza kufaneleke ukuba amadoda abe nesithakazelo esikhethekile kulo myalo wokulingisa uKristu. Yiwo aba abadala nezinceku ezikhonzayo. Njengoba nje uJesu athola injabulo ngokulingisa uJehova, namadoda angamaKristu kufanele akujabulele ukulingisa uKristu nezimfanelo zakhe.
12, 13. Abadala kufanele baziphathe kanjani izimvu abaziphathisiwe?
12 Abadala ebandleni lobuKristu banesibopho sokufunda ukuba njengoKristu. UPetru wanikeza amadoda amadala, noma abadala, lesi sikhuthazo: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela; futhi kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.” (1 Pet. 5:1-3) Abadala kufanele bangabi omashiqela, izingqongqo, abangacabangeli noma abanokhahlo. Belingisa isibonelo sikaKristu, balwela ukuba nothando, ukucabangela, ukuthobeka nomusa lapho besebenzelana nezimvu abaziphathisiwe.
13 Labo abaholayo ebandleni abaphelele futhi kufanele bahlale bekukhumbula ukulinganiselwa kwabo. (Roma 3:23) Ngakho, kumelwe bakulangazelele ukufunda ngoJesu futhi balingise uthando lwakhe. Kudingeka bazindle ngendlela uNkulunkulu noKristu abasebenzelana ngayo nabantu bese belwela ukubalingisa. UPetru uyasinxusa: “Nonke bhincani isimo sengqondo sokuthobelana, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”—1 Pet. 5:5.
14. Abadala kufanele babahloniphe ngezinga elingakanani abanye?
14 Amadoda amisiwe ebandleni kufanele abonise izimfanelo ezinhle lapho esebenzelana nomhlambi kaNkulunkulu. AmaRoma 12:10 athi: “Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.” Abadala nezinceku ezikhonzayo bayabazisa abanye. Njengawo wonke amaKristu, la madoda kufanele ‘angenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo kufanele abheke abanye njengabakhulu kunawo.’ (Fil. 2:3) Ngokuqinisekile, labo abaholayo kufanele babheke abanye njengabakhulu kunabo. Ngokwenza kanjalo, la madoda amisiwe ayobe elalela iseluleko sikaPawulu: “Nokho, thina esiqinile kufanele sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile, singazijabulisi thina. Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe ngento ezomakha. Ngoba ngisho noKristu akazijabulisanga yena.”—Roma 15:1-3.
‘Ukwazisa Omkawo’
15. Amadoda kufanele abaphathe kanjani omkawo?
15 Manje cabanga ngeseluleko sikaPetru asinikeza amadoda ashadile. Wabhala: “Nina madoda, qhubekani nihlala [nomkenu] ngendlela efanayo ngokolwazi, nibazisa njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane.” (1 Pet. 3:7) Ukwazisa umuntu kusho ukumbheka njengoyigugu. Ngakho uyoyicabangela imibono, izidingo nezinto azifunayo futhi ungase ukhethe ukwenza lokho akuthandayo uma kungangqubuzani nezimiso. Yileyo ndlela indoda okufanele imphathe ngayo umkayo.
16. Isiphi isixwayiso iZwi likaNkulunkulu elisinikeza amadoda endabeni yokwazisa omkawo?
16 Lapho uPetru etshela amadoda ukuba azise omkawo, wanezela lesi sixwayiso: “Ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.” (1 Pet. 3:7) Lokho kubonisa ngokucacile ukuthi uJehova uyibheka njengebaluleke kangakanani indlela indoda emphatha ngayo umkayo. Ukungamazisi umkayo kungathiya imithandazo yayo. Ngaphezu kwalokho, abafazi bavame ukubambisana kalula nabayeni babo uma bebazisa.
17. Indoda kufanele imthande ngezinga elingakanani umkayo?
17 Mayelana nokuthanda umkakho, iZwi liNkulunkulu liyeluleka: “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. . . . Ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla. . . . Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena.” (Efe. 5:28, 29, 33) Amadoda kufanele abathande ngezinga elingakanani omkawo? UPawulu wabhala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efe. 5:25) Yebo, indoda kufanele izimisele ngisho nokumfela umkayo, njengoba noKristu afela abanye. Lapho indoda engumKristu isebenzelana nomkayo ngomusa, ngokucabangela, imnaka, ingabi nabugovu, kuba lula ngomkayo ukuba azithobe ebunhlokweni bayo.
18. Yiluphi usizo amadoda angaluthola ukuze afeze imithwalo yawo yemfanelo emshadweni?
18 Ingabe ukwazisa abafazi ngale ndlela kuyinto engaphezu kwamandla emadodeni? Cha, uJehova ngeke athi amadoda awenze okuthile angeke akwazi ukukwenza. Ngaphandle kwalokho, abakhulekeli bakaJehova bangathola amandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke—umoya ongcwele kaNkulunkulu. UJesu wathi: “Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:13) Amadoda angathandazela ukuba uJehova awasize ngomoya wakhe ekusebenzelaneni nabanye, kuhlanganise namakhosikazi awo.—Funda izEnzo 5:32.
19. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Ngempela, amadoda anomthwalo wemfanelo omkhulu wokufunda ukuzithoba kuKristu futhi alingise ubunhloko bakhe. Kodwa abesifazane kufanele benzeni, ikakhulukazi abashadile? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngendlela okufanele babheke ngayo indima yabo elungiselelweni likaJehova.
Ingabe Uyakhumbula?
• Iziphi izimfanelo zikaJesu okufanele sizilingise?
• Abadala kufanele baziphathe kanjani izimvu?
• Indoda kufanele imphathe kanjani umkayo?
[Izithombe ekhasini 10]
Lingisa uJesu ngokwazisa abanye