Sondela KuNkulunkulu
“Phakamisa Indodana Yakho”
UKUFELWA ingane kuphakathi kwezinto ezibuhlungu kakhulu umzali angabhekana nazo. UJehova uNkulunkulu unamandla okuvusa izingane. Siyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso ngoba wanikeza amadoda ambalwa ngezikhathi zeBhayibheli amandla okuvusa abafileyo. Indaba ekweyesi-2 AmaKhosi 4:8-37 ilandisa ngokuvusa kukamprofethi u-Elisha umfanyana.
Lokhu kwenzeka emzini waseShunemi. Owesifazane oyinyumba nomyeni wakhe babebonisa u-Elisha umusa, njalo nje bemupha ukudla nendawo yokufihla ikhanda. Suku lumbe, lo mprofethi onokwazisa watshela owesifazane: “Ngalesi sikhathi esimisiwe ngonyaka ozayo uyobe ugone indodana.” Nempela lwafika lolo suku ayengacabangi ukuthi luyofika. Njengokusho kuka-Elisha, wazala indodana. Okudabukisayo ukuthi leyo njabulo yaba eyesikhashana ngoba indodana yakhe esencane yaphathwa ikhanda elibi kakhulu ngesikhathi isemasimini futhi yaphuthunyiswa ekhaya. Nokho, yafa ‘unina eyigonile.’ (Amavesi 16, 19, 20) Egajwe usizi, unina wayiphakamisa ingane yakhe esishonile wayibeka embhedeni owawuvame ukulala umprofethi.
Wacela kumyeni wakhe ukuya ku-Elisha, futhi ngaphandle kokupholisa amaseko wangena indlela, wahamba amakhilomitha angaba ngu-30 eya eNtabeni iKarmeli. Lapho embona akazange akhale, abangalase noma enze noma yini ebonisa usizi olujulile. Ingabe lokhu kwakubangelwa ukuthi wayezwile ukuthi u-Eliya, umprofethi owandulela u-Elisha, wayevuse indodana yomfelokazi othile? (1 AmaKhosi 17:17-23) Ingabe lona wesifazane waseShunemi wayenokholo lokuthi u-Elisha wayengayivusa nendodana yakhe? Kunoma ikuphi, wenqaba ukubuyela ekhaya uma u-Elisha ayengavumi ukuhamba naye.
Lapho sebeseShunemi, u-Elisha wangena yedwa ekamelweni ayevame ukulala kulo, wabona isidumbu “phezu kombhede.” (Ivesi 32) Umprofethi wathandaza kuJehova wamnxusa. Njengoba u-Elisha ayelele phezu komntwana, “kancane kancane inyama [yakhe] yafudumala.” Inhliziyo yakhe eyayisithule yaqala ukushaya! U-Elisha wabiza unina wamtshela okuthile okwashintsha usizi lwaba yinjabulo engachazeki: “Phakamisa indodana yakho.”—Amavesi 34, 36.
Indaba yokuvuswa kwendodana yowesifazane waseShunemi isinika ithemba nenduduzo. UJehova uyabuqonda ubuhlungu obuzwiwa abazali abashonelwe izingane. Ngaphezu kwalokho, ulangazelela ukuzivusa. (Jobe 14:14, 15) Uvuko olwenziwa u-Elisha nabanye ngezikhathi zeBhayibheli lubonisa lokho okuyokwenziwa uJehova ngezinga elikhulu kakhulu ezweni lakhe elisha lokulunga elizayo.a
Isithembiso seBhayibheli sovuko asibuqedi ubuhlungu bokushonelwa umuntu omthandayo. Indoda ethile ethembekile engumKristu eyashonelwa uzinyo-bulala wayo yathi: “Ubuhlungu buyophela ngokuphelele mhla ngiphinde nganga indodana yami futhi.” Cabanga nje ngokuphinde ubone abantu obathandayo abashona. Ukucabanga nje ngokuthi uzokwazi ukuphinde ubange kwenza ubuhlungu bubekezeleleke. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoNkulunkulu osinika leli themba eliyigugu?
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngesithembiso sikaNkulunkulu sovuko, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.