Ubunye Buwuphawu Lokukhulekela Kweqiniso
“Ngiyobamisa ngobunye, njengomhlambi esibayeni.”—MIKA 2:12.
1. Indalo ikufakazela kanjani ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?
UMHUBI wababaza: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha. Umhlaba ugcwele imikhiqizo yakho.” (IHu. 104:24) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala endleleni izigidi zezinhlobonhlobo zezitshalo, izinambuzane, izilwane namagciwane okuncike ngayo kokunye nokunye esimisweni esiyinkimbinkimbi sezinto eziphilayo emhlabeni. Nasemzimbeni wakho kunezinkulungwane zezinqubo kusukela kwezenzeka ezithweni ezinkulu zomzimba kuya ezingxenyeni ezincane zamangqamuzana, zonke zisebenzelana ngobunye ukuze ube umuntu ophelele nowumqemane.
2. Njengoba kuboniswe ekhasini 13, kungani ubunye bamaKristu babubonakala buyisimangaliso?
2 UJehova wadala abantu ngendlela yokuthi bancike komunye nomunye. Abantu ababukeki ngendlela efanayo futhi banobuntu namakhono angafani. Ngaphezu kwalokho, wadala abantu bokuqala benezimfanelo ezifana nezakhe ezaziyobenza babambisane futhi bancike komunye nomunye. (Gen. 1:27; 2:18) Noma kunjalo, manje izwe lesintu lihlukanisiwe noNkulunkulu futhi, lilonke, alikaze libe nobunye. (1 Joh. 5:19) Ngakho-ke, kumelwe ukuba ubunye bebandla lobuKristu lekhulu lokuqala babonakala buyisimangaliso uma sicabanga ngokuthi lalinabantu abahlukahlukene abahlanganisa izigqila zase-Efesu, abesifazane abangamaGreki abadumile, amadoda angamaJuda ayizifundiswa nabantu ababekhulekela izithombe.—IzE. 13:1; 17:4; 1 Thes. 1:9; 1 Thim. 6:1.
3. IBhayibheli libuchaza kanjani ubunye bamaKristu, futhi yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?
3 Ukukhulekela kweqiniso kwenza abantu babambisane njengoba kwenza amalungu omzimba. (Funda eyoku-1 Korinte 12:12, 13.) Ezinye izici esizozihlola kulesi sihloko yilezi: Ukukhulekela kweqiniso kubahlanganisa kanjani abantu? Kungani kunguJehova kuphela ongenza izigidi zabantu abavela kuzo zonke izizwe babe nobunye? Iziphi izithiyo zobunye uJehova asisiza ukuba sizinqobe? Endabeni yobunye, ubuKristu beqiniso buhluke kanjani kweLobukholwa?
Ukukhulekela Kweqiniso Kubahlanganisa Kanjani Abantu?
4. Ukukhulekela kweqiniso kubahlanganisa kanjani abantu?
4 Abantu abaqhuba ukukhulekela kweqiniso bayaqaphela ukuthi uJehova unguMbusi ofanele wendawo yonke ngoba wadala zonke izinto. (IsAm. 4:11) Ngakho, nakuba amaKristu eqiniso ehlala emiphakathini eminingi nangaphansi kwezimo ezihlukahlukene, wonke alalela imithetho efanayo kaNkulunkulu futhi aphila ngezimiso ezifanayo zeBhayibheli. Bonke abakhulekeli beqiniso babiza uJehova ngokufanele ngokuthi “uBaba.” (Isaya 64:8; Math. 6:9) Ngakho, bonke bangabafowabo abangokomoya bomunye nomunye futhi banobunye obuhle umhubi abuchaza kanje: “Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye!”—IHu. 133:1.
5. Iyiphi imfanelo enomthelela ebunyeni babakhulekeli beqiniso?
5 Nakuba amaKristu eqiniso engaphelele, akhulekela ndawonye ngobunye ngoba aye afunda ukuthandana. UJehova kuphela owafundisa ukuthandana. (Funda eyoku-1 Johane 4:7, 8.) IZwi lakhe lithi: “Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kol. 3:12-14) Lesi sibopho esiphelele sobunye—uthando—siyimfanelo eyinhloko ebonakalisa amaKristu eqiniso. Kumelwe ukuba nawe ububonile lobu bunye obuyisici esiwuphawu lokukhulekela kweqiniso, akunjalo?—Joh. 13:35.
6. Ithemba loMbuso lisisiza kanjani ukuba sibe nobunye?
6 Abakhulekeli beqiniso banobunye futhi ngoba babheka uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu. Bayazi ukuthi ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uyothathela ohulumeni babantu indawo futhi ubusise abantu abalalelayo ngokuthula kwangempela okungapheli. (Isaya 11:4-9; Dan. 2:44) Ngakho, amaKristu alalela lokho uJesu akusho ngabalandeli bakhe: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Joh. 17:16) AmaKristu eqiniso azigcina engathathi hlangothi ezingxabanweni zezwe; yingakho ejabulela ubunye ngisho noma abantu ahlala phakathi kwabo belwa.
Okuwukuphela Komthombo Wemfundo Engokomoya
7, 8. Imfundo yeBhayibheli isisiza kanjani ukuba sibe nobunye?
7 AmaKristu ekhulu lokuqala ayenobunye ngoba wonke ayethola isikhuthazo emthonjeni owodwa. Ayeqaphela ukuthi uJesu wayefundisa futhi eqondisa ibandla ngendikimba ebusayo eyayakhiwa abaphostoli namadoda amadala eJerusalema. La madoda ayezinikele ayesekela izinqumo zawo eZwini likaNkulunkulu futhi enababonisi abajikelezayo ababedlulisela iziyalezo zawo emabandleni emazweni amaningi. Ngokuphathelene nabanye balabo babonisi, iBhayibheli lithi: “Njengoba behamba bedabula imizi babenikeza labo abalapho izinqumo ezazinqunywe abaphostoli namadoda amadala eJerusalema ukuba bazigcine.”—IzE. 15:6, 19-22; 16:4.
8 Nanamuhla, iNdikimba Ebusayo eyakhiwa amaKristu agcotshwe ngomoya inesandla ebunyeni bebandla lomhlaba wonke. Inyathelisa izincwadi ezikhuthazayo ngokomoya ngezilimi eziningi. Lokhu kudla okungokomoya kusekelwe eZwini likaNkulunkulu. Ngakho, okufundiswayo akuveli kubantu kodwa kuvela kuJehova.—Isaya 54:13.
9. Umsebenzi esiwunikwe uNkulunkulu usisiza kanjani ukuba sibe nobunye?
9 Ababonisi abangamaKristu nabo bathuthukisa ubunye ngokuhola ekushumayeleni. Umoya wokubambisana ohlanganisa labo abasebenza ndawonye enkonzweni kaNkulunkulu unamandla kunomoya ohlanganisa abanye abantu ezweni abamane nje bachithe isikhathi ndawonye. Ibandla lobuKristu alilona iqembu likaqedisizungu kodwa elokudumisa uJehova nokwenza umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle, ukwenza abafundi nokwakha ibandla. (Roma 1:11, 12; 1 Thes. 5:11; Heb. 10:24, 25) Ngakho, umphostoli uPawulu wayengasho lokhu ngamaKristu: “Nimi niqinile emoyeni munye, ngomphefumulo munye nilulwela ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle.”—Fil. 1:27.
10. Iziphi ezinye izindlela esimunye ngazo njengabantu bakaNkulunkulu?
10 Ngakho, njengabantu bakaJehova, sinobunye ngoba samukela ubukhosi bukaJehova, sithanda abafowethu, sithembela eMbusweni kaNkulunkulu futhi siyabahlonipha labo uNkulunkulu abasebenzisayo ukuba basihole. UJehova usisiza ukuba sinqobe izimo zengqondo ezithile okungathi ngenxa yokungapheleli kwethu zisongele ubunye bethu.—Roma 12:2.
Ukunqoba Ukuqhosha Nomhawu
11. Kungani ukuqhosha kuhlukanisa abantu, futhi uJehova usisiza kanjani ukuba sikunqobe?
11 Ukuqhosha kuhlukanisa abantu. Umuntu oqhoshayo uthanda ukuzibheka njengongcono kunabanye futhi uvame ukuthola injabulo ngokuziqhayisa. Kodwa ngokuvamile lokhu kuba yisithiyo sobunye; labo abezwa ukuziqhayisa kwakhe bangase babe nomhawu. Umfundi uJakobe usitshela ngokungagunci: “Konke ukuziqhenya okunjalo kubi.” (Jak. 4:16) Kuwukungabonisi uthando ukubukela abanye phansi. UJehova usibekela isibonelo esiphawulekayo sokuthobeka ngoba uyakwazi ukusebenzelana nabantu abangaphelele njengathi. UDavide wabhala: “Ngukuthobeka kwakho [Nkulunkulu] okungenza ngibe mkhulu.” (2 Sam. 22:36) IZwi likaNkulunkulu lisisiza ukuba sinqobe ukuqhosha ngokusifundisa ukuba sicabange ngendlela efanele. UPawulu waphefumulelwa ukuba abuze: “Ubani okwenza uhluke komunye? Ngempela, yini onayo ongazange uyamukele? Uma ngempela uyamukele, kungani uziqhayisa njengokungathi awuzange uyamukele?”—1 Kor. 4:7.
12, 13. (a) Kungani kulula ukuba nomhawu? (b) Uyini umphumela wokubheka abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo?
12 Umhawu ungesinye isithiyo sobunye esivamile. Ngenxa yokungapheleli esikuzuze ngefa, sonke ‘sithambekele emoneni,’ ngisho namaKristu asenesikhathi eside ekhonza uNkulunkulu ngezinye izikhathi angase abe nomhawu ngezimo, izinto ezibonakalayo, amalungelo noma amakhono abanye abantu. (Jak. 4:5) Ngokwesibonelo, umzalwane onomkhaya angase abe nomhawu ngamalungelo esikhonzi sesikhathi esigcwele, engaqapheli ukuthi naso lesi sikhonzi singase sibe nomhawu othile ngalo mzalwane onomkhaya nezingane. Singakugwema kanjani ukuba umhawu onjalo uphazamise ubunye bethu?
13 Ukuze sigweme umhawu, kufanele sikhumbule ukuthi iBhayibheli lifanisa amalungu agcotshiwe ebandla lobuKristu namalungu omzimba womuntu. (Funda eyoku-1 Korinte 12:14-18.) Ngokwesibonelo, nakuba iso lingase livelele kakhudlwana kunenhliziyo, zombili lezi zitho azibalulekile yini kuwena? Ngokufanayo, uJehova uyawazisa wonke amalungu ebandla ngisho noma amanye engase avelele kakhudlwana kunamanye. Ngakho-ke, masibheke abafowethu ngendlela uJehova ababheka ngayo. Kunokuba nomhawu ngabanye, singabakhathalela futhi sibe nesithakazelo kubo. Ngokwenza kanjalo, siba nesandla ekwenzeni amaKristu eqiniso ahluke kulabo abasemasontweni eLobukholwa.
ELobukholwa Liphawuleka Ngokwahlukana
14, 15. UbuKristu bezihlubuki bahlukana kanjani?
14 Ubunye bamaKristu eqiniso buhluke ngokuphelele embangweni okhona emasontweni eLobukholwa. Ngekhulu lesine, ubuKristu bezihlubuki babusakazeke kakhulu kangangokuba balawulwa umbusi wamaRoma oyiqaba, okwaba nomthelela ekwakhekeni kweLobukholwa. Emva kwalokho, ngenxa yezingxabano eziningi ezalandelana, imibuso eminingi yaqembuka embusweni wamaRoma futhi yazakhela amasonto emibuso yawo.
15 Eminingi yaleyo mibuso iye yalwa yodwa amakhulu eminyaka. Phakathi nekhulu le-17 nele-18, abantu baseBrithani, eFrance nase-United States bagqugquzela ukuzinikela emibusweni yabo kangangokuba ubuzwe baba njengenkolo. Phakathi nekhulu le-19 nelama-20, ubuzwe baqala ukulawula ukucabanga kwabantu abaningi. Ekugcineni amasonto eLobukholwa ahlukana aba amahlelo amaningi, iningi lawo elibuvumelayo ubuzwe. Abantu abasontayo baye balwa ngisho nanabantu abasonta nabo besinye isizwe. Namuhla eLobukholwa lihlukaniswe yizimfundiso zamahlelo nobuzwe.
16. Iziphi izimpikiswano ezihlukanisa labo abakweLobukholwa?
16 Ekhulwini lama-20, amanye ala mahlelo amaningi eLobukholwa asungula inhlangano yamasonto ukuze agqugquzele ubunye. Kodwa ngemva kokuzama amashumi eminyaka, ambalwa kakhulu amasonto aye ahlangana aba yinto eyodwa futhi abantu abasontayo basahlukaniswe izimpikiswano ezinjengokuziphendukela kwemvelo, ukukhipha isisu, ubungqingili nokugcotshwa kwabesifazane njengabefundisi. Kwezinye izingxenye zeLobukholwa, abaholi bamasonto bazama ukuhlanganisa abantu bamahlelo ahlukahlukene ngokuthalalisa izimfundiso ezaziwahlukanisa. Nokho, lokho kuzithalalisa kwenza abantu bangabi nokholo oluqinile futhi ngokuqinisekile lokhu akulenzi eLobukholwa elihlukene libe nobunye.
Kunqoba Ubuzwe
17. Kwabikezelwa ukuthi ukukhulekela kweqiniso kwakuyobahlanganisa kanjani abantu “engxenyeni yokugcina yezinsuku”?
17 Nakuba abantu manje behlukene kabuhlungu kangaka kunanini ngaphambili, ubunye buyaqhubeka bubonakalisa abakhulekeli beqiniso. Umprofethi kaNkulunkulu uMika wabikezela: “Ngiyobamisa ngobunye, njengomhlambi esibayeni.” (Mika 2:12) UMika wabikezela ukuthi ukukhulekela kweqiniso kwakuyophakama ngaphezu kwazo zonke izinhlobo zokukhulekela, kungakhathaliseki ukuthi ukukhulekela onkulunkulu bamanga noma imibuso. Waloba: “Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; izizwe zigobhozele kuyo. Ngoba zonke izizwe, ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso; kodwa thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu.”—Mika 4:1, 5.
18. Ukukhulekela kweqiniso kuye kwasisiza ukuba senze ziphi izinguquko?
18 UMika wachaza nendlela ukukhulekela kweqiniso okwakuyohlanganisa ngayo abantu ababeyizitha. Wathi: ‘Ngokuqinisekile abantu bezizwe eziningi bayohamba bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe ezindleleni zakhe.” Bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Ngeke baphakamise inkemba, isizwe simelane nesizwe, futhi ngeke besayifunda impi.’ (Mika 4:2, 3) Labo abayeka ukukhulekela onkulunkulu abenziwe abantu noma izizwe ukuze bakhulekele uJehova banobunye emhlabeni wonke. UNkulunkulu ubafundisa izindlela zothando.
19. Ukuhlanganiswa kwezigidi zabantu ekukhulekeleni kweqiniso kufakazelani ngokucacile?
19 Ubunye bomhlaba wonke bamaKristu eqiniso namuhla buyingqayizivele futhi buwubufakazi obucacile bokuthi uJehova uyaqhubeka eqondisa abantu bakhe ngomoya wakhe. Abantu ngabanye abavela kuzo zonke izizwe benziwa babe munye ngezinga elingakaze libonwe emlandweni wesintu. Lokhu kugcwalisa ngokuphawulekayo lokho okulotshwe encwadini yesAmbulo 7:9, 14, futhi kubonisa ukuthi maduze izingelosi zikaNkulunkulu zizodedela “imimoya” ezobhubhisa lesi simiso sezinto esibi. (Funda isAmbulo 7:1-4, 9, 10, 14.) Akulona yini ilungelo ukuba nobunye bobuzalwane bomhlaba wonke? Ngamunye wethu angaba kanjani nesandla kulobu bunye? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.
Ungaphendula Kanjani?
• Ukukhulekela kweqiniso kubahlanganisa kanjani abantu?
• Singagwema kanjani ukuba umhawu wonakalise ubunye bethu?
• Kungani ubuzwe bungabahlukanisi abakhulekeli beqiniso?
[Isithombe ekhasini 13]
AmaKristu ekhulu lokuqala ayenezizinda ezihlukahlukene
[Izithombe ekhasini 15]
Ukusiza kwakho lapho kusetshenzwa eHholo LoMbuso kubuthuthukisa kanjani ubunye?