Shisekela Ukukhulekela Kweqiniso
“Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa.”—MATH. 9:37.
1. Ungakuchaza kanjani ukuphuthuma?
UPHETHE incwadi okudingeka ukuba umuntu othile abe eseyitholile ngasekupheleni kosuku. Wenzenjani? Uyiphawula ngokuthi “IYAPHUTHUMA!” Uphuthuma endaweni okufanele ufike kuyo ngesikhathi esinqunyiwe, kodwa usushiywe isikhathi. Wenzenjani? Utshela umshayeli, “Ngicela usheshe; angive NGIPHUTHUMA!” Yebo, lapho kunomsebenzi okumelwe uwenze futhi usushiywa isikhathi, uyacindezeleka futhi ube nexhala. Umzimba uqala ukukhipha i-hormone okuthiwa i-adrenaline abese usebenza ngokushesha nangamandla ngangokunokwenzeka. Ukuphuthuma-ke lokho!
2. Imuphi umsebenzi ophuthuma kakhulu kumaKristu eqiniso namuhla?
2 KumaKristu eqiniso namuhla, akukho okuphuthuma ngaphezu kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ecaphuna amazwi kaJesu, umfundi uMarku wabhala ukuthi lo msebenzi kumelwe wenziwe “kuqala,” okungukuthi, ngaphambi kokuba kufike ukuphela. (Marku 13:10) Empeleni yileyo ndlela okufanele kube ngayo. UJesu wathi: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa.” Ukuvuna akukwazi ukulinda; kumelwe kwenziwe ingakadluli inkathi yako.—Math. 9:37.
3. Abanye baye basabela kanjani esidingweni esiphuthumayo sokushumayela?
3 Ngenxa yokuthi umsebenzi wokushumayela ubaluleke kakhulu kithi, kuyafaneleka ukuba siwunike isikhathi sethu esiningi kakhulu namandla futhi siwunake kakhulu ngangokunokwenzeka. Kuyancomeka ukuthi yilokho kanye abaningi abakwenzayo. Abanye baye benza ukuphila kwabo kwaba lula ukuze bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele njengamaphayona noma izithunywa zevangeli noma bakhonze kwelinye lamakhaya aseBethel emhlabeni wonke. Ukuphila kwabo kumatasa kakhulu. Kungenzeka baye badela okuningi futhi kunezinselele eziningi ababhekene nazo. Noma kunjalo, uJehova ubabusisa ngokucebile. Sijabula nabo. (Funda uLuka 18:28-30.) Abanye, nakuba bengenakukwazi ukungena ezinhlwini zabamemezeli besikhathi esigcwele, banikela ngesikhathi esiningi ngangokunokwenzeka kulo msebenzi osindisa ukuphila, ohlanganisa nokusiza izingane zethu ukuze zisindiswe.—Dut. 6:6, 7.
4. Kungani abanye bengase bathambekele ekuphelelweni umuzwa wokuphuthuma?
4 Njengoba sibonile, ngokuvamile umuzwa wokuphuthuma uhlobene nenkathi enqunyiwe, usuku olubekiwe, umnqamula-juqu. Siphila esikhathini sokuphela, futhi kunensada yobufakazi—obungokomBhalo nobungokomlando—obuqinisekisa lokhu. (Math. 24:3, 33; 2 Thim. 3:1-5) Noma kunjalo, akekho owazi ngokuthe ngqo ukuthi ukuphela kuzofika nini. Lapho enikeza imininingwane ‘yesibonakaliso’ esiphawula ‘isiphelo sesimiso sezinto,’ uJesu washo ngokuqondile: “Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa nguBaba kuphela.” (Math. 24:36) Ngenxa yalokhu, abanye bangase bakuthole kunzima ukulondoloza umuzwa wokuphuthuma unyaka nonyaka, ikakhulukazi uma lokho sebekwenze isikhathi eside. (IzAga 13:12) Ingabe nawe uke uzizwe ngaleyo ndlela? Yini engasisiza ukuba sihlakulele noma silondoloze umuzwa wokuphuthuma ngomsebenzi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abafuna ukuba siwenze namuhla?
Cabanga Ngesibonelo Sethu, UJesu
5. UJesu wabonisa ngaziphi izindlela ukuthi wayenomuzwa wokuphuthuma ngenkonzo yakhe?
5 Ngokuqinisekile, uJesu Kristu uyisibonelo esivelele kubo bonke abantu abaye babonisa umuzwa wokuphuthuma enkonzweni yabo kuNkulunkulu. Esinye isizathu sokuba kwakhe nomuzwa wokuphuthuma sasiwukuthi kwakukuningi okwakumelwe akwenze phakathi neminyaka emithathu nengxenye kuphela. Noma kunjalo, uJesu wafeza okwengeziwe ngokuphathelene nokukhulekela kweqiniso kunalokho okwake kwenziwa yinoma ubani omunye. Wazisa abantu ngegama nenjongo kaYise, washumayela izindaba ezinhle zoMbuso, wadalula ubuzenzisi nezimfundiso zamanga zabaholi benkolo futhi walwela ubukhosi bukaJehova kwaze kwaba sekufeni. Wazikhandla edabula lonke izwe—efundisa, esiza futhi ephulukisa abantu. (Math. 9:35) Akekho owake wafeza okuningi kangaka ngesikhathi esifushane kangako. UJesu wazikhandla ngaphezu kwanoma ubani omunye.—Joh. 18:37.
6. Ukuphila kukaJesu kwakugxilephi?
6 Yini eyashukumisela uJesu ukuba asebenze ngokuzikhandla phakathi nayo yonke inkonzo yakhe? Kungenzeka ukuthi, ngenxa yalokho okwashiwo esiprofethweni sikaDaniyeli, wayazi ukuthi wayesalelwe isikhathi esingakanani sokwenza intando kaJehova. (Dan. 9:27) Ngakho, njengoba kuphawuliwe, inkonzo yakhe yasemhlabeni yayizophela “engxenyeni yesonto,” noma ngemva kweminyaka emithathu nengxenye. Ngemva nje kokungena kwakhe kokunqoba eJerusalema entwasahlobo ka-33 C.E., uJesu wathi: “Selifikile ihora lokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe.” (Joh. 12:23) Nakuba uJesu ayazi ukuthi wayesezokufa, akazange avumele ukuba ukuphila kwakhe kugxile kulokho, akwenze kube yisona sizathu sokuzikhandla kwakhe. Kunalokho, wagxila ekusebenziseni wonke amathuba ekwenzeni intando kaYise nasekuboniseni uthando kwabanye abantu. Lolo thando lwamshukumisela ukuba abuthe futhi aqeqeshe abafundi, abathume emikhankasweni yokushumayela. Wenza lokhu ngenjongo yokuba basale beqhubekisela phambili umsebenzi ayewuqalile futhi bafeze ngisho nemisebenzi emikhulu kuneyakhe.—Funda uJohane 14:12.
7, 8. Abafundi basabela kanjani ekuhlanzeni kukaJesu ithempeli, futhi yini eyayimshukumisa?
7 Esinye isenzakalo esenzeka ekuphileni kukaJesu sayibonisa ngokunamandla intshiseko ayenayo. Senzeka ekuqaleni kwenkonzo yakhe, ngenkathi yePhasika lika-30 C.E. UJesu nabafundi bakhe beza eJerusalema futhi babona “ababethengisa izinkomo nezimvu namajuba ethempelini nabashintshi bemali besezihlalweni zabo.” Wasabela kanjani uJesu, futhi lokho kwabathinta kanjani abafundi bakhe?—Funda uJohane 2:13-17.
8 Kuyaqondakala ukuthi lokho uJesu akwenza futhi wakusho kuleso senzakalo kwakhumbuza abafundi amazwi ayisiprofetho elinye ihubo likaDavide: “Intshiseko ngendlu yakho ingidlile.” (IHu. 69:9) Ngani? Ngoba lokho uJesu akwenza kwakumfaka kwenkulu ingozi. Kakade, iziphathimandla zethempeli—abapristi, ababhali nabanye—zazilisekela ibhizinisi lokwenza imali elihlazisayo elaliqhutshwa lapho. Ngokudalula nangokuphazamisa icebo labo, uJesu wayeziqhatha nabaholi benkolo bosuku lwakhe. Kwakusobala ukuthi uJesu wayeqhutshwa ‘intshiseko ngendlu kaNkulunkulu,’ noma ukushisekela ukukhulekela kweqiniso, njengoba nabafundi baphetha kanjalo kufanele. Nokho, iyini intshiseko? Ihlukile yini emzweni wokuphuthuma?
Ukuqhathanisa Ukuphuthuma Nentshiseko
9. Intshiseko ingachazwa kanjani?
9 Esinye isichazamazwi sichaza “intshiseko” ngokuthi “ukulangazela nokuba nesithakazelo esivuthayo ekuphishekeleni okuthile,” futhi sinikeza amagama amqondo ofanayo anjengelithi ugqozi, isasasa nelithi umdlandla. Ngokuqinisekile inkonzo kaJesu ingachazwa ngawo wonke la magama. Yingakho i-Today’s English Version ihumusha leli vesi kanje: “Ukuzinikela kwami endlini yakho, O Nkulunkulu, kuvutha kimi njengomlilo.” Kuyathakazelisa ukuthi kwezinye izilimi zaseMpumalanga, igama elithi “intshiseko” lakhiwa amabizo amabili ngokwezwi nezwi asho ukuthi “ukuba nenhliziyo eshisayo,” ngokungathi inhliziyo iyavutha. Akumangalisi ukuthi abafundi bakhumbula amazwi kaDavide lapho bebona lokho uJesu akwenza ethempelini. Nokho, yini eyayenza inhliziyo kaJesu ivuthe, futhi eyayimfuqa noma imshukumisela ukuba enze ngaleyo ndlela?
10. Lisho ukuthini igama elithi “intshiseko” njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini?
10 Igama elithi “intshiseko” kuyihubo likaDavide lisuselwe egameni lesiHebheru ngokuvamile elihunyushwa ngokuthi “ukuba nomhawu” noma “umhawu” kwezinye izingxenye zeBhayibheli. INguqulo Yezwe Elisha ngezinye izikhathi ilihumusha ngokuthi ‘ukufuna ukuzinikela kuNkulunkulu kuphela.’ (Funda u-Eksodusi 20:5; 34:14; Joshuwa 24:19.) Esinye isichazamazwi seBhayibheli sithi ngaleli gama: “Livame ukusetshenziswa ngokuqondene nobuhlobo bomshado . . . Njengoba nje umhawu wendoda noma wenkosikazi uwukukhwelezela kakhulu into eyilungelo layo yodwa, kanjalo noJehova uyakukhwelezela futhi akulwele lokho okuyilungelo lakhe yedwa kulabo abayimpahla yakhe.” Ngakho, ngomqondo weBhayibheli intshiseko ingaphezu kokuba nesasasa noma umdlandla ngento ethile ephishekelwayo, njengalowo oboniswa abalandeli bomdlalo othile abawuthandayo. Intshiseko kaDavide yayiwumhawu ofanele, okungukuthi, ukungabekezeleli umbango noma isihlamba, umuzwa onamandla wokuvikela idumela elihle noma wokulungisa ukulinyazwa.
11. Yini eyashukumisela uJesu ukuba azikhandle ngentshiseko?
11 Abafundi bakaJesu babengenzi phutha ngokuhlobanisa amazwi kaDavide nalokho ababona uJesu ekwenza ethempelini. UJesu wayengazikhandli ngoba nje ayenesikhathi esilinganiselwe kodwa yingoba wayeshisekela igama likaYise nokukhulekela okuhlanzekile noma enomhawu ngako. Lapho ebona igama likaNkulunkulu lihlanjalazwa, washiseka noma waba nomhawu ngokufanele wabe esethatha isinyathelo ukuze alungise leso simo. Lapho ebona abantu abathobekile becindezelwa futhi bexhashazwa abaholi benkolo, intshiseko yakhe yamshukumisela ukuba abalethele impumuzo futhi asho amazwi aqatha alahla labo baholi benkolo abacindezelayo.—Math. 9:36; 23:2, 4, 27, 28, 33.
Shisekela Ukukhulekela Kweqiniso
12, 13. Namuhla, yini abaholi benkolo beLobukholwa abaye bayenza ngokuphathelene (a) negama likaNkulunkulu? (b) noMbuso kaNkulunkulu?
12 Isimo senkolo esisizungezile namuhla siyefana, uma kungekhona ukuthi sedlulele kuleso esasikhona osukwini lukaJesu. Ngokwesibonelo, khumbula ukuthi into yokuqala uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bayithandazele iphathelene negama likaNkulunkulu: “Malingcweliswe igama lakho.” (Math. 6:9) Abaholi benkolo, ikakhulukazi abefundisi beLobukholwa, bayabafundisa yini abantu ukuba bazi igama likaNkulunkulu futhi balingcwelise noma balidumise? Ngokuphambene, baye bamelela kabi uNkulunkulu ngezimfundiso zamanga ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo womuntu nesihogo somlilo, benza uNkulunkulu abonakale eyinqaba, engaqondakali, enonya futhi ejatshuliswa ngisho nawukuhlukumeza abantu. Baye bahlambalaza uNkulunkulu ngezinto ezingamanyala abazenzayo nangobuzenzisi babo. (Funda amaRoma 2:21-24.) Ngaphezu kwalokho, baye benza konke okusemandleni ukuze bafihle igama likaNkulunkulu, baze balisusa nasezinguqulweni zabo zeBhayibheli. Ngale ndlela bavimbela abantu ukuba basondele kuNkulunkulu futhi babe nobuhlobo naye.—Jak. 4:7, 8.
13 UJesu wafundisa abalandeli bakhe nokuba bathandazele uMbuso kaNkulunkulu: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Math. 6:10) Nakuba abaholi benkolo beLobukholwa bevame ukuwuphindaphinda lo mthandazo, baye bagqugquzela abantu ukuba basekele ezombangazwe nezinye izinhlangano zabantu. Ngaphezu kwalokho, bababukela phansi labo abazama ukushumayela futhi banikeze ubufakazi ngalo Mbuso. Ngenxa yalokho, phakathi kwabaningi abathi bangamaKristu, uMbuso kaNkulunkulu awuseyona neze into okuxoxwa ngayo, ingasaphathwa eyokukholelwa kuwo.
14. Abefundisi beLobukholwa baye balilulaza kanjani iZwi likaNkulunkulu?
14 Lapho ethandaza kuNkulunkulu, uJesu washo ngokucacile: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Joh. 17:17) Ngaphambi kokuya ezulwini, uJesu wabonisa ukuthi wayeyomisa “inceku ethembekileyo neqondayo” ukuze ilungiselele abantu bakhe ukudla okungokomoya. (Math. 24:45) Nakuba beshesha ukuzisholo ukuthi bangabaphathi beZwi likaNkulunkulu, ingabe abefundisi beLobukholwa bazibonakalise bethembekile kulokho iNkosi yabo ebaphathise kona? Lutho. Bathambekele ekubizeni lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuthi izinganekwane. Kunokuba bondle umhlambi wabo ngokudla okungokomoya, kanjalo bawulethele induduzo nokukhanyiselwa, abefundisi baye bakitaza izindlebe zamakholwa ngamafilosofi abantu. Ngaphezu kwalokho, baye bazithela ngamanzi izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha ukuze bamukele lokho okuthiwa ukuziphatha kwesimanje.—2 Thim. 4:3, 4.
15. Uzizwa kanjani ngakho konke lokho abefundisi abaye bakwenza egameni likaNkulunkulu?
15 Ngenxa yakho konke lokho okuye kwenziwa—okuthiwa kwenziwa egameni likaNkulunkulu weBhayibheli—abantu abaningi abaqotho baye badumala noma baphelelwa ukholo kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Baye baba izisulu zikaSathane nesimiso sakhe sezinto esibi. Uzizwa kanjani lapho ubona futhi uzwa izinto ezinjalo zenzeka mihla namalanga? Njengenceku kaJehova, lapho ubona isihlamba esilethwa egameni likaNkulunkulu, awuzizwa yini ushukumiseleka ukuba wenze konke okusemandleni akho ukuba ulihlanze? Lapho ubona abantu abanhliziyo-qotho bekhohliswa futhi bexhashazwa, awuzizwa yini ushukumiseleka ukuba uyiduduze le miphefumulo ecindezelekile? Lapho uJesu ebona abantu bosuku lwakhe ‘bephundlekile futhi behlakazeke njengezimvu ezingenamalusi,’ akazange agcine ngokubahawukela. ‘Wabafundisa izinto eziningi.’ (Math. 9:36; Marku 6:34) Sinazo zonke izizathu zokushisekela ukukhulekela kweqiniso njengoba kwenza uJesu.
16, 17. (a) Yini okufanele isishukumisele ukuba sizikhandle enkonzweni? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
16 Lapho sibheka inkonzo yethu ngaleyo ndlela, amazwi omphostoli uPawulu akweyoku-1 Thimothewu 2:3, 4 aba nencazelo ekhethekile. (Funda.) Siyazikhandla enkonzweni hhayi ngoba nje sazi ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina kodwa nangenxa yokuthi siyaqaphela ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba abantu bafinyelele ekwazini iqiniso ukuze nabo bafunde ukumkhulekela nokumkhonza futhi babusiswe. Sishukunyiselwa ukuba sizikhandle enkonzweni, hhayi ngokuyinhloko ngoba sinesikhathi esilinganiselwe, kodwa ngoba sifuna ukudumisa igama likaNkulunkulu nokusiza abantu ukuba bazi intando yakhe. Sishisekela ukukhulekela kweqiniso.—1 Thim. 4:16.
17 Njengabantu bakaJehova, sibusiswe ngokwazi iqiniso ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu nangomhlaba. Siyakwazi okungasiza abantu ukuba bathole injabulo nethemba eliqinisekile ngekusasa. Singababonisa indlela yokuphepha lapho imbubhiso ifikela isimiso sezinto sikaSathane. (2 Thes. 1:7-9) Kunokuba sizizwe sikhungathekile noma sidangele ngoba usuku lukaJehova lubonakala lulibala, kufanele sijabule ngokuthi sisenesikhathi sokushisekela ukukhulekela kweqiniso. (Mika 7:7; Hab. 2:3) Singayihlakulela kanjani intshiseko enjalo? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.
Ungachaza?
• Yini eyayishukumisela uJesu ukuba asebenze ngokuzikhandla phakathi nayo yonke inkonzo yakhe?
• Ngomqondo weBhayibheli, lisho ukuthini igama elithi “intshiseko”?
• Yini esiyibonayo namuhla okufanele isishukumisele ukuba sishisekele ukukhulekela kweqiniso?
[Isithombe ekhasini 8]
UJesu wagxila ekwenzeni intando kaYise nasekuboniseni abanye abantu uthando
[Isithombe ekhasini 10]
Sinazo zonke izizathu zokushisekela ukukhulekela kweqiniso