Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Kuyokwenzekani Ezinkolweni?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Ingabe zonke izinkolo zilungile?
Izinkolo eziningi zinabantu abafuna ngobuqotho ukujabulisa uNkulunkulu. UJehova uyababona abantu abanjalo futhi uyabakhathalela. Nokho, ngokudabukisayo abanye abantu basebenzisa inkolo ngezinhloso ezimbi. Esikhathini esedlule, abaholi benkolo baye baze bahlukumeza ababaphikisayo. (2 Korinte 4:3, 4; 11:13-15) Namuhla, abezindaba babika ukuthi abanye abaholi benkolo bakhuthaza ubuphekula noma basekela izimpi noma baye bahlanganyela ekunukubezeni izingane.—Funda uMathewu 24:3-5, 11, 12.
IBhayibheli lifundisa ukuthi kunezinhlobo ezimbili zenkolo—inkolo yeqiniso nenkolo yamanga. Inkolo yamanga ayifundisi iqiniso ngoNkulunkulu. Noma kunjalo, uJehova uNkulunkulu ufuna ukuba abantu bafunde iqiniso ngaye.—Funda eyoku-1 Thimothewu 2:3-5.
2. Kuyokwenzekani ezinkolweni?
UNkulunkulu akafuni abantu bakhohliswe izinkolo ezithi ziyamthanda kodwa zibe zifundisa amanga ngaye. Empeleni abalandeli balezo zinkolo bayathanda ukuba abangane bezwe elilawulwa uSathane uDeveli. (Jakobe 4:4; 1 Johane 5:19) IZwi likaNkulunkulu lizifanisa nesifebe izinkolo ezisekela ohulumeni babantu kunokusekela uNkulunkulu. IBhayibheli libiza lesi sifebe ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu,” okuyigama lomuzi wasendulo lapho kwaqala khona inkolo yamanga ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa. Maduze, uNkulunkulu uzoqeda inkolo ekhohlisa futhi icindezele abantu.—Funda isAmbulo 17:1, 2, 5, 17; 18:8, 23, 24.
3. UNkulunkulu uyoyiletha kanjani injabulo emhlabeni wonke?
Isahlulelo esizayo enkolweni yamanga siyizindaba ezinhle. Siyokhulula umhlaba wonke ekucindezelweni. Inkolo yamanga ngeke iphinde idukise futhi ihlukanise abantu. Wonke umuntu ophilayo uyokhulekela okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.—Funda u-Isaya 11:9; isAmbulo 18:20, 21; 21:3, 4.
4. Kufanele benzeni abantu abaqotho?
UJehova akabakhohliwe abantu abaqotho abagcwele enkolweni yamanga esemhlabeni wonke. Manje, ubuthela abantu abanjalo ebunyeni ngokubafundisa iqiniso.—Funda uMika 4:2, 5.
UJehova uyabamukela labo abafuna ukumkhonza. Ngisho noma abangane nezihlobo zethu becasuka lapho siqala ukukhonza uJehova, sizuza kakhulu. Sizuza ubungane noNkulunkulu, “umkhaya” omusha onothando nethemba lokuthola ukuphila okuphakade.—Funda uMarku 10:29, 30; 2 Korinte 6:17, 18.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka izahluko 15 no-16 zencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
The Complete Encyclopedia of Illustration /J. G. Heck