Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngesipho Esisha
1 Emakhulwini eminyaka abafundi beBhayibheli abaqotho baye balangazelela ukuqonda incwadi yesAmbulo. Kusukela ngo-1917, lapho kukhishwa iThe Finished Mystery, iNhlangano iye yanyathelisa izincwadi eziningi zokusiza abantu abesaba uNkulunkulu ukuba bayiqonde lencwadi yeBhayibheli. IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! inikeza incazelo ecace kahle kakhulu neqondakala kakhulu kuze kube manje yencwadi yeBhayibheli ephefumlelwe yesAmbulo.
2 Abantu bakaJehova ikakhulukazi banesithakazelo esikhulu esAmbulweni, nemibono yaso evusa amadlingozi ‘yezinto okumelwe zenzeke masinyane.’ (IsAm. 1:1) Ngakho incwadi entsha Umvuthwandaba WesAmbulo sayemukela ngenjabulo nokwazisa okukhulu eMhlanganweni Wesigodi “Wokulunga Kwaphezulu.” Ingabe ubuyifunda incwadi yakho? Phakathi nenyanga kaMarch, siyoba nethuba lokuhambisa lencwadi entsha kubo bonke esihlangana nabo.
IZICI EZAZISWAYO
3 Incwadi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! yaziswa ngokukhethekile ngoba inikeza ingxoxo yevesi ngevesi yayo yonke incwadi yesAmbulo. Lokhu kuyozibonakalisa kuwusizo olungenakuqhathaniswa esifundweni somuntu siqu nasekufundiseni abanye.
4 Ngokungangabazeki imifanekiso ehlaba umxhwele yalencwadi iye yadonsa ukunakekela kwakho. Iwusizo olukhulu ekuboneni ngengqondo imifanekiso echazwe uJohane. Sebenzisa lemifanekiso ngokuphumelelayo lapho uhambisa lencwadi enkonzweni yasensimini. Nakuba sifuna ukuqokomisa izibusiso zoMbuso ekushumayeleni izindaba ezinhle, sidinga futhi ukusiza abantu abathakazelayo ukuba baqaphele isigijimi esiphuthumayo esivela kuJesu Kristu esitholakala encwadini yesAmbulo. Njengoba isikhulumi emhlanganweni wesigodi sakhuthaza: “Yisebenziseni kahle lencwadi entsha . . . ekumemezeleni emhlabeni ukuthi iBabiloni Elikhulu lilahliwe, ukuthi izizwe manje zibhekene neArmagedoni, nanokuthi umvuthwandaba omkhulu uzofinyelelwa ekubuseni koMbuso kaJehova okukhazimulayo ngoKristu nangomlobokazi wakhe.”
UYOTHINI?
5 Ngemva kokuzethula, ungase uthi: “Abaningi baye bafisa sengathi bangaqonda incwadi yesAmbulo. Okubaluleke kakhulu ‘kuyihora lokwahlulela’ eliphawulwe kusAmbulo 14:7. [Funda.] Kungase kukumangaze kakhulu ukuthola ukuthi ubani lowo oye wathola isahlulelo sikaNkulunkulu esibuhlungu. [Funda isAmbulo 18:2a, 4.] Ingabe uke wawezwa lamazwi athi ‘iBabiloni Elikhulu’? [Lindela impendulo]. Abhekisela kuphi, futhi yini lena okudingeka siphume kuyo? [Mbonise incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo.] Okwenza lencwadi ithakazelise kangaka futhi ibe usizo kangaka kuwukuthi inikeza ukukhulumela okucacisayo ngevesi ngalinye lencwadi yeBhayibheli yesAmbulo. Ukwaziswa okunikezwe ezahlukweni 33-38 kubonisa lokho iBabiloni Elikhulu eliyikho futhi kusitshela nangembubhiso yalo eseduze kakhulu. [Qokomisa isihloko esiqondile osikhulumelayo noma umfanekiso encwadini.] Lokhu kwaziswa kuyoba usizo olukhulu ekukusizeni wena nabathandekayo bakho ukuba nithathe izinyathelo zokuzuza umusa kaNkulunkulu, kanjalo nigweme inhlekelele yeBabiloni Elikhulu. Ngikukhuthaza ukuba wamukele lencwadi, IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, ngo-R6,00 kuphela.”
6 Ukuze benze intshumayelo emfushane, abanye bangase bakhethe ukufunda isAmbulo 18:4 bese bephenya umfanekiso osekhasini 241, bephawula ukuthi lencwadi ichaza lokho iBabiloni Elikhulu elikufanekiselayo, lokho isilo esikufanekiselayo, nokuthi kungani kubaluleke kangaka ngathi ukuba silalele isixwayiso sikaNkulunkulu ngokuqondene nakho. Abamemezeli abasebasha noma abanokuhlangenwe nakho okuncane bangachaza umfanekiso osekhasini 302, besebenzisa isAmbulo 21:4 njengoba sicashunwe ekhasini 303.
7 Isingeniso namaphuzu akho owaqokomisayo kungahlukahluka kuye ngokwezimo nangokusebenzisa imiBhalo nokwaziswa okungaphansi kwesithi “IBabiloni Elikhulu,” emakhasini 54, no-56-8 encwadi Ukubonisana.
8 Siyamthanda uJehova futhi siyamthanda umakhelwane wethu. Lokhu kusishukumisela ukuba simemezele isigijimi sesahlulelo sikaNkulunkulu. Nakuba iBabiloni Elikhulu kumelwe lidalulwe ngokwengeziwe, abantu abanhliziyo-ziqotho kumelwe banikezwe ithuba ‘lokuphuma kulo’ futhi bamele iqiniso ngokuqinile. Kulokho siphakamisa amazwi ethu kanye kanye, sithi “Woza!” kulabo abomele “amanzi okuphila.”—IsAm. 22:17.